Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

U-“Amen” Wakho Ubalulekile KuJehova

U-“Amen” Wakho Ubalulekile KuJehova

UJEHOVA uyakwazisa ukukhulekela kwethu. ‘Uyazinaka futhi azilalele’ izinceku zakhe futhi asikho isenzo sokumdumisa angasiboni, ngisho noma sisincane kangakanani. (Mal. 3:16) Ngokwesibonelo, cabanga ngegama esesilisho izikhathi eziningi. Igama elithi “amen.” Ingabe leli gama libalulekile kuJehova? Yebo. Ukuze sithole ukuthi kungani libalulekile, ake sihlole ukuthi lisho ukuthini nokuthi lisetshenziswe kanjani eBhayibhelini.

‘BONKE ABANTU KUMELWE BATHI “AMEN!”’

Igama elithi “amen” lisho ukuthi “makube njalo.” Livela egameni lesiHebheru elisho ukuthi “thembeka.” Ngezinye izikhathi lalisetshenziswa enkantolo. Ngemva kokuba umuntu efungile, wayethi “amen” ukuze aqinisekise ukuthi lokho akushilo kuyiqiniso nokuthi uyazibopha kunoma yini engaba umphumela walokho akushilo. (Num. 5:22) Uma efunga ngale ndlela, wayeba nesizathu esinamandla sokuligcina izwi lakhe.—Neh. 5:13.

Isibonelo esivelele sokusetshenziswa kwegama elithi “amen” sikuDuteronomi 27. Ngemva kokuba ama-Israyeli engene eZweni Lesithembiso, kwadingeka ahlangane phakathi kweNtaba i-Ebhali neNtaba iGerizimu ukuze alalele uMthetho lapho ufundwa. Ayengezelanga ukuzolalela kuphela kodwa ayezovuma nokuthi ayawamukela uMthetho. Akwenza lokho ngokuthi “Amen!” lapho kufundwa imiphumela yokungalaleli. (Dut. 27:15-26) Cabanga nje ukuhlokoma kwezinkulungwane zamadoda nabesifazane nezingane njengoba bephendula ngezwi elikhulu! (Josh. 8:30-35) Ngokuqinisekile abazange bawakhohlwe amazwi abawakhuluma ngalolo suku. Lawo ma-Israyeli athembeka ezwini lawo, ngoba ukulandisa kuthi: “U-Israyeli waqhubeka ekhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamadoda amadala aqhubeka ephila ngemva kukaJoshuwa futhi ayewazi wonke umsebenzi kaJehova awenzela u-Israyeli.”—Josh. 24:31.

UJesu wasebenzisa u-“amen” ukuze aqinisekise ukuthi lokho ayekusho kuyiqiniso, kodwa lokho wakwenza ngendlela ehlukile. Kunokuba athi “amen” ngemva kokulalela into eshiwo othile, uJesu wathi “amen” ngaphambi kokuba akhulume ukuze agcizelele ukuthi lokho ayezokusho kuyiqiniso. Ngezinye izikhathi, wayeliphinda kabili leli gama, athi “amen amen.” (Math. 5:18; Joh. 1:51) Ngaleyo ndlela, waqinisekisa izilaleli zakhe ngokuthi amazwi akhe ayeyiqiniso. UJesu wayekhuluma ngokuqiniseka okunjalo ngoba nguye owayegunyazwe ukuba agcwalise zonke izithembiso zikaNkulunkulu.—2 Kor. 1:20; IsAm. 3:14.

“ABANTU BATHI, ‘AMEN!’ BASHO NENDUMISO KUJEHOVA”

Ama-Israyeli ayesebenzisa u-“amen” nalapho edumisa futhi ethandaza kuJehova. (Neh. 8:6; IHu. 41:13) Ngokusho leli gama ngemva komthandazo, labo abalalele babebonisa ukuthi bayavumelana nomthandazo. Bonke ababekhona babethi “amen,” okwakwenza kube mnandi ukukhonza uJehova. Yilokho okwenzeka ngesikhathi iNkosi uDavide iletha uMphongolo kaJehova eJerusalema. Emkhosini owalandela, wenza umthandazo osangoma osuka enhliziyweni olotshwe kweyoku-1 IziKronike 16:8-36. Ababelapho bathintwa amazwi akhe kangangokuthi “bonke abantu bathi, ‘Amen!’ basho nendumiso kuJehova.” Lokho kwabangela ukuba balujabulele lolo suku.

AmaKristu angekhulu lokuqala nawo asebenzisa u-“amen” lapho edumisa uJehova. Ngokuvamile ababhali beBhayibheli babekufaka lokho ezincwadini zabo. (Roma 1:25; 16:27; 1 Pet. 4:11) Incwadi yesAmbulo ize ibonise nezidalwa zomoya ezulwini zidumisa uJehova ngokuthi: “Amen! Dumisani uJah!” (IsAm. 19:1, 4) AmaKristu okuqala ayevame ukuthi “amen” ngemva kwemithandazo eyayenziwa emihlanganweni yawo. (1 Kor. 14:16) Nokho, kwakungelona igama ayeliphindaphinda engacabanganga.

OKWENZA U-“AMEN” WAKHO UBALULEKE

Ngemva kokuhlola umlando nokusetshenziswa kwaleli gama elithi “amen,” siyabona ukuthi kungani kufaneleka ukuba kuphethwe ngalo emthandazweni. Lapho siwusho ekugcineni komthandazo wethu, sisuke sibonisa ukuthi siqinisile ngalokho esikushoyo. Lapho sivuma ngokuthi “amen,” ngisho buthule, emthandazweni owenziwa obala, sibonisa ukuthi siyavumelana nomthandazo. Nazi ezinye izizathu ezenza u-“amen” abaluleke.

Sisuke siphapheme futhi silalele lapho kuthandazwa. Lapho kuthandazwa sisuke sikhonza uJehova hhayi nje ngalokho esikushoyo kodwa nangendlela esenza ngayo. Isifiso sethu sokusho u-“amen” ngokusuka enhliziyweni singasisiza sihlale sinombono ofanele futhi silalele lapho kuthandazwa.

Uyasihlanganisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu. Imithandazo yasobala igxila kakhulu kulokho ibandla elizokuzwa. (IzE. 1:14; 12:5) Lapho sishukumiseleka ukuba sonke ebandleni sivume ngokuthi “amen,” siba nobunye. Kungakhathaliseki ukuthi siwusho enhliziyweni noma ngokuzwakalayo, u-“amen” wethu unikeza uJehova isizathu esengeziwe sokwenza ngokuvumelana nesicelo esisenze sonke njengebandla.

U-“amen” wethu udumisa uJehova

Sidumisa uJehova. UJehova uyaziqaphela izenzo zethu ezincane zokumkhonza. (Luka 21:2, 3) Uyazibona izisusa zethu nalokho okusezinhliziyweni zethu. Ngisho noma kudingeka silalele umhlangano ngocingo, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyawuzwa u-“amen” wethu esiwusho ngokuthobeka. Lapho sithi “amen” sisuke sihlanganyela nalabo abasuke beyile emhlanganweni ukuze bayodumisa uJehova.

U-“amen” wethu angase abonakale engabalulekile, kodwa akunjalo, ubaluleke kakhulu. Enye i-encyclopedia yeBhayibheli ithi izinceku zikaNkulunkulu “ngokusebenzisa leli gama elilodwa, zingabonisa ukuqiniseka, ukuvuma kanye nethemba eliqinile elisezinhliziyweni zazo.” Kwangathi u-“amen” esiwushoyo ungamjabulisa uJehova.—IHu. 19:14.