Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 25

Thembela KuJehova Lapho Ucindezelekile

Thembela KuJehova Lapho Ucindezelekile

‘Ngicindezeleke kanzima emoyeni.’—1 SAM. 1:15.

INGOMA 30 UBaba, UNkulunkulu Wami, NoMngane

AMAZWIBELA *

1. Kungani kumelwe silalele isixwayiso sikaJesu?

ESIPROFETHWENI sakhe esimayelana nezinsuku zokugcina, uJesu wathi: “Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe . . . [izinkathazo] zokuphila.” (Luka 21:34) Kumelwe sisilalele lesi sixwayiso. Kungani? Okwamanje kumelwe sibhekane nezinkinga ezibangela ukucindezeleka bonke abantu ababhekana nazo.

2. Yiziphi izinkinga abafowethu nodadewethu ababhekana nazo?

2 Ngezinye izikhathi, kumelwe sibhekane nezinkinga ezicindezelayo eziningana ngesikhathi esisodwa. Cabanga ngalezi zibonelo. UJohn * onguFakazi, onesifo esibizwa ngokuthi yi-multiple sclerosis, washaqeka lapho eshiywa umkakhe ngemva kweminyaka engu-19 beshadile. Ngemva kwalokho, amadodakazi akhe amabili ayeka ukukhonza uJehova. UBob nomkakhe uLinda babhekana nezinselele ezithe ukwehluka. Bobabili baphelelwa imisebenzi, kamuva indlu yabo yadliwa. Ngaphezu kwalezo zinkinga, kwatholakala ukuthi uLinda unesifo esibulalayo senhliziyo, waphinde waba nesinye isifo esaqala ukuhlasela amasosha akhe omzimba.

3. NgokweyabaseFilipi 4:6, 7, yini esingaqiniseka ngayo?

3 Singaqiniseka ukuthi uMdali wethu noBaba wethu onothando, uJehova, uyayiqonda indlela ukucindezeleka okusithinta ngayo. Ufuna ukusisiza sibhekane nezinkinga. (Funda eyabaseFilipi 4:6, 7.) IZwi likaNkulunkulu linokulandisa okuningi okukhuluma ngezinselele izinceku zakhe ezabhekana nazo. Lisitshela nangendlela uJehova azisiza ngayo zabhekana nalezo zimo ezicindezelayo. Ake sihlole izibonelo ezimbalwa.

U-ELIYA—“UMUNTU ONEMIZWA EFANA NEYETHU”

4. Yiziphi izinselele u-Eliya abhekana nazo, futhi wayezizwa kanjani ngoJehova?

4 U-Eliya wakhonza uJehova phakathi nezikhathi ezinzima futhi wabhekana nezinselele ezinkulu. INkosi u-Ahabi, enye yamakhosi angathembekile emlandweni wakwa-Israyeli, yashada noJezebeli, isikhonzi esikhohlakele sikaBhali. Bobabili bagcwalisa izwe ngokukhulekela kukaBhali futhi babulala abaprofethi abaningi bakaNkulunkulu. U-Eliya wakwazi ukuphunyuka abaleke. Wasinda naphakathi nesomiso esikhulu ngokuncika kuJehova. (1 AmaKh. 17:2-4, 14-16) Ngaphezu kwalokho, u-Eliya wancika kuJehova lapho emelana nabaprofethi nabakhulekeli bakaBhali. Wanxusa ama-Israyeli ukuba akhonze uJehova. (1 AmaKh. 18:21-24, 36-38) U-Eliya wayenobufakazi obuningi bokuthi uJehova wayemsekela phakathi nalezo zikhathi ezicindezelayo.

UJehova wathumela ingelosi ukuba isize u-Eliya athole amandla (Bheka izigaba 5-6) *

5-6. Ngokweyoku-1 AmaKhosi 19:1-4, u-Eliya wayezizwa kanjani, futhi uJehova wabonisa kanjani ukuthi uyamthanda?

5 Funda eyoku-1 AmaKhosi 19:1-4. Nokho, u-Eliya waba nokwesaba lapho iNdlovukazi uJezebeli imsongela ngokumbulala. Ngakho wabalekela eBheri-sheba. Wazizwa edikibele kangangokuba waze wacela “ukuba umphefumulo wakhe ufe.” Yini eyamenza wazizwa kanjalo? U-Eliya wayengumuntu ongaphelele, “engumuntu onemizwa efana neyethu.” (Jak. 5:17) Kungenzeka wayezizwa ecindezelekile futhi ekhandlekile. Kubonakala sengathi wayecabanga ukuthi imizamo yakhe yokulwela ukukhulekela okuhlanzekile yayingazange iphumelele, ukuthi ayikho into eyayishintshile kwa-Israyeli nokuthi nguye yedwa isikhonzi sikaJehova esasisele. (1 AmaKh. 18:3, 4, 13; 19:10, 14) Ingase isimangaze indlela lo mprofethi othembekile asabela ngayo. Kodwa uJehova wayiqonda indlela u-Eliya ayezizwa ngayo.

6 UJehova akazange amthethise u-Eliya ngokuveza imizwa yakhe. Kunalokho, wamsiza wathola amandla. (1 AmaKh. 19:5-7) Kamuva, wakulungisa ngomusa ukucabanga kuka-Eliya ngokumbonisa amandla akhe amakhulu. UJehova wabe esemtshela ukuthi kwakusekhona abantu abangu-7 000 ababesele kwa-Israyeli abenqaba ukukhonza uBhali. (1 AmaKh. 19:11-18) Ngezindlela ezingokoqobo, wambonisa u-Eliya ukuthi uyamthanda.

INDLELA UJEHOVA AZOSISIZA NGAYO

7. Indlela uJehova amsiza ngayo u-Eliya isisiza siqiniseke ngani?

7 Ingabe ubhekene nesimo esicindezelayo? Kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova wayeyiqonda indlela u-Eliya ayezizwa ngayo! Lokhu kusiqinisekisa ngokuthi uyaziqonda izimo ezisicindezelayo. Uyakwazi esikwazi ukukwenza nesingenakukwazi ukukwenza futhi uyakwazi nalokho esikucabangayo nendlela esizizwa ngayo. (IHu. 103:14; 139:3, 4) Uma silingisa u-Eliya ngokuthembela kuJehova, uzosisiza sibhekane nezinkinga ezisenza sicindezeleke.—IHu. 55:22.

8. UJehova uzokusiza kanjani ubhekane nokucindezeleka?

8 Ukucindezeleka kungakwenza ufikelwe imicabango engemihle futhi kukudikibalise. Uma lokho kwenzeka, khumbula ukuthi uJehova uzokusiza ubhekane nokucindezeleka. Uzokusiza kanjani? Ukukhuthaza ukuba umtshele lokho okukukhathazayo. Uzoyiphendula imithandazo yakho yokukhalela usizo. (IHu. 5:3; 1 Pet. 5:7) Ngakho thandaza njalo kuJehova ngezinkinga zakho. Ngeke akhulume ngokuqondile nawe njengoba enza ku-Eliya, kodwa uzokhuluma nawe ngeZwi lakhe, iBhayibheli, nangenhlangano yakhe. Izindaba ozifunda eBhayibhelini zingakududuza futhi zikunike ithemba. Amanye amaKristu ebandleni nawo angakukhuthaza.—Roma 15:4; Heb. 10:24, 25.

9. Angasisiza kanjani umngane esimethembayo?

9 Ngesikhathi uJehova etshela u-Eliya ukuba adlulisele isabelo sakhe ku-Elisha, uJehova wayenikeza u-Eliya umuntu ayemdinga futhi akungabazeki ukuthi u-Elisha wamsiza wabhekana nokucindezeleka. Ngendlela efanayo, uma sithulula isifuba kumngane esimethembayo, angasisiza sithwale ubunzima esibhekene nabo. (2 AmaKh. 2:2; IzAga 17:17) Uma unomuzwa wokuthi akekho umuntu ongathululela isifuba kuye, thandaza kuJehova umcele akusize uthole umKristu ovuthiwe ongakuqinisa ngokomzwelo.

10. Okwenzeka ku-Eliya kusinika kanjani ithemba, futhi isithembiso esisencwadini ka-Isaya 40:28, 29 singasisiza kanjani?

10 UJehova wasiza u-Eliya ukuba abhekane nokucindezeleka futhi amkhonze ngokwethembeka iminyaka eminingi. Okwenzeka ku-Eliya kusinika ithemba. Nathi singase sibhekane nezikhathi zokucindezeleka ezisikhandlayo emzimbeni nangokomzwelo. Yize kunjalo, uma sithembela kuJehova, uzosinika amandla esiwadingayo ukuze siqhubeke simkhonza.—Funda u-Isaya 40:28, 29.

UHANA, UDAVIDE NOMHUBI BATHEMBELA KUJEHOVA

11-13. Yini eyabangela ezinye izinceku ezithembekile zikaNkulunkulu ukuba zicindezeleke?

11 Bakhona nabanye abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini ababhekana nokucindezeleka. Ngokwesibonelo, kwakumcindezela uHana ukungabi nabantwana nokugconwa owesifazane ayesesithenjini naye. (1 Sam. 1:2, 6) Ukucindezeleka kukaHana kwamenza wadangala kangangokuba wayekhala futhi engadli.—1 Sam. 1:7, 10.

12 Ngezinye izikhathi, iNkosi uDavide yayicindezeleka. Cabanga ngezinkinga eyabhekana nazo. UDavide wayenesazela ngamaphutha amaningi ayewenzile. (IHu. 40:12) Indodana yakhe ayeyithanda u-Absalomu yavukela futhi ekugcineni yafa. (2 Sam. 15:13, 14; 18:33) Omunye wabangane bakhe abakhulu wamjikela. (2 Sam. 16:23–17:2; IHu. 55:12-14) Amahubo amaningi abhalwa uDavide aveza imizwa yakhe yokudangala nokuthembela kwakhe kuJehova.—IHu. 38:5-10; 94:17-19.

Yini eyasiza umhubi ukuba aphinde athole injabulo? (Bheka izigaba 13-15) *

13 Kamuva omunye umhubi waqala ukufisa indlela yokuphila yabantu ababi. Kungenzeka wayengowozalo luka-Asafa umLevi futhi wayekhonza “endlini engcwele enkulu kaNkulunkulu.” Lo mhubi wacindezeleka ngokomzwelo, waphelelwa injabulo futhi wadikibala. Waze waqala ngisho nokungabaza izibusiso zokukhonza uNkulunkulu.—IHu. 73:2-5, 7, 12-14, 16, 17, 21.

14-15. Yini esiyifundayo ezibonelweni ezintathu eziseBhayibhelini ngokuthembela kuJehova?

14 Lezi zikhonzi zikaJehova ezintathu zonke zathembela kuJehova. Zathandaza ngobuqotho kuye zamtshela ngezinkathazo zazo. Zakhuluma naye ngokukhululekile ngokuthi kungani zazicindezelekile. Zaqhubeka ziya nasendaweni yokumkhulekela.—1 Sam. 1:9, 10; IHu. 55:22; 73:17; 122:1.

15 Ngothando uJehova wayiphendula imithandazo yazo. UHana waba nokuthula kwengqondo. (1 Sam. 1:18) UDavide wabhala: “Ziningi izinhlekelele zolungileyo, kodwa uJehova uyamkhulula kuzo zonke.” (IHu. 34:19) Umhubi kamuva wezwa sengathi uJehova “usibambile isandla [sakhe] sokunene,” uyamqondisa ngeseluleko sothando. Wathi: “Kepha mina, ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi. Isiphephelo sami ngisibeké eNkosini EnguMbusi uJehova.” (IHu. 73:23, 24, 28) Sifundani kulezi zibonelo? Ngezinye izikhathi, sizocindezelwa izinkinga. Kodwa singakwazi ukubhekana nazo uma sizindla ngendlela uJehova aye abasiza ngayo abanye, sincika kuye ngomthandazo futhi simlalela ngokwenza lokho akushoyo.—IHu. 143:1, 4-8.

THEMBELA KUJEHOVA UPHUMELELE

Udade uqala ukuzehlukanisa nabantu, kodwa izinto ziyashintsha lapho ebheka izindlela angasiza ngazo abanye (Bheka izigaba 16-17)

16-17. (a) Kungani kungafanele sizehlukanise nabanye? (b) Singawathola kanjani amandla lapho sicindezelekile?

16 Lezi zibonelo ezintathu zisifundisa esinye isifundo esibalulekile—akufanele sizehlukanise noJehova nabantu bakhe. (IzAga 18:1) UNancy, owacindezeleka kakhulu lapho eshiywa umyeni wakhe, uthi: “Zaziziningi izinsuku lapho ngangingafuni ukuba nabantu. Yize kunjalo, ukuzehlukanisa nabo kwakungizwisa ubuhlungu nakakhulu.” Izinto zashintsha lapho uNancy efuna izindlela zokusiza abanye ababenezinkinga. Uthi: “Ngangilalela lapho abanye bengitshela izinkinga zabo. Ngaqaphela ukuthi uma ngizwelana nabo, angibe ngisazidabukela.”

17 Lapho sicindezelekile, singathola amandla ngokuya emihlanganweni yebandla. Lapho siya emihlanganweni, sinikeza uJehova amathuba engeziwe ‘okusisiza nokusiduduza.’ (IHu. 86:17) Uyasiqinisa ngomoya wakhe ongcwele, iZwi lakhe nabantu bakhe. Imihlangano isinika ithuba ‘lokukhuthazana.’ (Roma 1:11, 12) USophia uthi: “UJehova nabafowethu nodadewethu bangisiza ngakhuthazela. Okwangisiza nakakhulu imihlangano yebandla. Ngithole ukuthi uma ngizikhandla kakhudlwana enkonzweni nasebandleni, ngikwazi kangcono ukubhekana nokucindezeleka kanye nokukhathazeka.”

18. Yini uJehova angasinika yona lapho sidikibele?

18 Lapho sidikibele, masikhumbule ukuthi uJehova akasithembisi kuphela ukuziqeda unomphela izinkinga zethu esikhathini esizayo kodwa usithembisa nokusisiza sibhekane nokucindezeleka kwamanje. Usinika amandla okunqoba imizwa yokucindezeleka nokuphelelwa ithemba.—Fil. 2:13.

19. EyabaseRoma 8:37-39 isiqinisekisa ngani?

19 Funda eyabaseRoma 8:37-39. Umphostoli uPawulu usiqinisekisa ngokuthi akukho okungasehlukanisa nothando lukaNkulunkulu. Singabasiza kanjani abafowethu nodadewethu abazama ukubhekana nokucindezeleka? Isihloko esilandelayo sizokhuluma ngendlela esingamlingisa ngayo uJehova ngokubonisa uzwela nangokusekela abafowethu nodadewethu lapho becindezelekile.

INGOMA 44 Umthandazo Womuntu Ophansi

^ isig. 5 Ukucindezeleka okukhulu noma okudonsa isikhathi eside kungasishiya sikhandlekile emzimbeni futhi kusilimaze ngokomzwelo. UJehova angasisiza kanjani? Sizoxoxa ngendlela uJehova amsiza ngayo u-Eliya ukuba abhekane nokucindezeleka. Kunezinye izibonelo eziseBhayibhelini ezizosibonisa indlela yokuncika kuJehova lapho sicindezelekile.

^ isig. 2 Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

^ isig. 53 INCAZELO YEZITHOMBE: Ingelosi kaJehova ivusa u-Eliya ebuthongweni imnike isinkwa namanzi.

^ isig. 55 INCAZELO YEZITHOMBE: Umhubi ongowozalo luka-Asafa ubhala amahubo futhi ucula namanye amaLevi.