Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokuzivikela Esicuphweni SikaSathane

Indlela Yokuzivikela Esicuphweni SikaSathane

NJENGOBA ama-Israyeli asendulo elungiselela ukuwela uMfula iJordani angene ezweni uNkulunkulu ayewathembise lona, kwafika abantu abathile bezowavakashela. Laba bantu kwakungabesifazane besinye isizwe abafike bamemela amadoda akwa-Israyeli esidlweni. Leli kwakungase kubonakale kuyithuba eliyivelakancane nelihle. Ukwakha abangane abasha, ukudansa, ukudla kamnandi kwakungase kukhange ngempela. Ngisho noma amasiko nokuziphatha kwalaba besifazane kwakungavumelani noMthetho owawunikwe ama-Israyeli, kungenzeka amadoda athile akwa-Israyeli azitshela ukuthi, ‘Ngeke kwenzeke lutho. Sizoqapha.’

Kwenzekani? Ukulandisa kuyasitshela: “Abantu baqala ukuziphatha kabi namadodakazi akwaMowabi.” Empeleni laba besifazane babefuna amadoda akwa-Israyeli akhulekele onkulunkulu bamanga. Yilokho kanye okwenzeka! Ngenxa yalokho “intukuthelo kaJehova yaqala ukumvuthela u-Israyeli.”—Num. 25:1-3.

Lawo ma-Israyeli aphula uMthetho kaNkulunkulu ngezindlela ezimbili: Akhothamela izithombe futhi aziphatha kabi ngokocansi. Izinkulungwane zafa ngenxa yokungalaleli uMthetho kaNkulunkulu. (Eks. 20:4, 5, 14; Dut. 13:6-9) Okubuhlungu nakakhulu ukuthi lokhu kwenzeka sekusele kancane ama-Israyeli awele iJordani. Ukube lezo zinkulungwane zama-Israyeli azonanga, zaziyongena eZweni Lesithembiso.—Num. 25:5, 9.

Ngokuphathelene nalezo zenzakalo, uPawulu wabhala: “Lezi zinto zaqhubeka zibehlela njengezibonelo, futhi zalotshelwa ukuba zibe yisixwayiso kithi esesifikelwe ukuphela kwezimiso zezinto.” (1 Kor. 10:7-11) Akungabazeki ukuthi uSathane wayejabule lapho lawo ma-Israyeli enza isono esibi esabangela ukuba ahluleke ukungena eZweni Lesithembiso. Kuwukuhlakanipha ukufunda kulokhu kulandisa, sazi ukuthi uSathane angajabula kakhulu uma engasivimbela ukuba singene ezweni elisha esilithenjiswe uNkulunkulu!

ISICUPHO ESIYINGOZI

USathane uzingela amaKristu, usebenzisa amaqhinga abelokhu ewasebenzisa ngokuphumelelayo. Njengoba sibonile kuma-Israyeli, wasebenzisa ukuziphatha okubi ngokocansi. Nanamuhla ukuziphatha okubi ngokocansi kuseyisicupho esiyingozi kakhulu. Indlela esingabanjwa ngayo yilesi sicupho ukubuka izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi.

Namuhla izithombe namavidiyo anjalo ngokuvamile angabukwa ekusithekeni. Emashumini eminyaka edlule, umuntu owayefuna ukubuka izithombe namavidiyo anjalo kwakudingeka aye esinema ukuze abuke amamuvi angcolile noma aye esitolo esidayisa izincwadi namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi. Abantu abaningi babengayi kulezi zindawo ngenxa yamahloni nokusaba ukubonwa. Kodwa manje umuntu angangena ku-inthanethi abukele izithombe namavidiyo anjalo emsebenzini noma emotweni yakhe. Emazweni amaningi, indoda noma owesifazane angabuka izithombe namavidiyo anjalo emzini wakhe.

Akupheleli lapho. Omakhalekhukhwini namathebhulethi enza kube lula ukubukela izithombe namavidiyo anjalo. Njengoba abantu behamba emgwaqweni noma lapho besebhasini noma etekisini bangabuka izithombe namavidiyo angcolile komakhalekhukhwini babo.

Njengoba sekulula kangaka ukubukela izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi nokukufihla lokho kwabanye abantu, lezi zithombe namavidiyo kungalimaza abantu abaningi kakhulu kunakuqala. Izigidi zabantu ezibuka lezi zithombe namavidiyo zilimaza imishado yazo nonembeza wazo futhi ziyayeka nokuzihlonipha. Okubi nakakhulu ukuthi zibeka ubuhlobo bazo noNkulunkulu engozini. Iqiniso liwukuthi abantu ababukela izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi bayazilimaza. Ezimweni eziningi, kubangela izinkinga ezinkulu ngokomzwelo. La manxeba athatha isikhathi ukuphola futhi angashiya izibazi ezihlala njalo.

Nokho, uJehova uyasinika indlela yokuzivikela kulesi sicupho sikaSathane. Ukuze sithole lesi sivikelo sikaJehova, kumelwe senze lokho ama-Israyeli asendulo ahluleka ukukwenza—‘sililalelisise’ izwi likaNkulunkulu. (Eks. 19:5) Kudingeka siqaphele ukuthi uJehova uyazizonda izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi. Kungani sisho kanjalo?

KUZONDE NJENGOJEHOVA

Cabanga ngalokhu: Imithetho uNkulunkulu ayeyinike isizwe sakwa-Israyeli yayihlukile kweyezinye izizwe zasendulo. Njengodonga, yayiqhelisa ama-Israyeli kulezo zizwe nasemikhubeni yazo emibi. (Dut. 4:6-8) Leyo mithetho yayicacisa iqiniso elibalulekile: UJehova uyakuzonda ukuziphatha okubi ngokocansi.

Ekhuluma ngemikhuba ehlanekezelwe yezizwe, uJehova wathi kuma-Israyeli: “Akumelwe nenze izenzo zezwe laseKhanani enginiletha kulo . . . Izwe lingcolile, futhi ngiyoletha isijeziso phezu kwalo ngenxa yesiphambeko salo.” KuNkulunkulu wama-Israyeli ongcwele, indlela yokuphila yamaKhanani yayingcolile kangangokuthi ngisho nezwe ayehlala kulo lase lingcolile.—Lev. 18:3, 25.

Nakuba uJehova awajezisa amaKhanani, abanye abantu baqhubeka beziphatha kabi ngokocansi. Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-1 500, uPawulu wachaza izizwe amaKristu ayephila phakathi kwazo ngokuthi “zazingasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.” Empeleni “zazinikela ekuziphatheni okubi ukuze zenze zonke izinhlobo zokungcola ngokuhaha.” (Efe. 4:17-19) Nanamuhla abantu abaningi bazinikele ekuziphatheni okubi. Abakhulekeli beqiniso kumelwe bazigweme izenzo ezingcolile ezenziwa abantu baleli zwe.

Ukubukela izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi kubonisa ukungamhloniphi uNkulunkulu. Wadala abantu ngomfanekiso wakhe wabenza bafana naye futhi wasenza saba nekhono lokubona ukuthi into yimbi noma yinhle. Ngokuhlakanipha, uNkulunkulu wabeka imithetho ngokuya ocansini. Ucansi luhloselwe ukuba yinto ejatshulelwa abantu abashadile. (Gen. 1:26-28; IzAga 5:18, 19) Kodwa yini eyenziwa yilabo abenza noma abasakaza izithombe namavidiyo abantu abenza ucansi? Bayishaya indiva imithetho nezimiso zikaNkulunkulu zokuziphatha. Abantu abakhuthaza ukubukelwa kwalezi zithombe namavidiyo badelela uJehova. UNkulunkulu uyobahlulela labo abangayinaki imithetho nezimiso zakhe ngokwenza nangokukhuthaza izinto ezingcolile.—Roma 1:24-27.

Kodwa kuthiwani ngabantu abafunda noma ababukela ngamabomu izithombe namavidiyo abantu abenza ucansi? Abanye banomuzwa wokuthi lena yindlela yokuzijabulisa engalimazi. Nokho, empeleni basuke besekela labo abangayinaki imithetho nezimiso zikaJehova. Kungenzeka lena bekungeyona inhloso yabo lapho beqala ukubuka lezi zithombe namavidiyo. Noma kunjalo, kuyacaca ukuthi abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso kufanele bazizonde izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi. IBhayibheli liyasinxusa: “O nina enithanda uJehova, zondani okubi.”—IHu. 97:10.

Ngisho nalabo abafuna ukugwema ukubukela lezi zithombe namavidiyo bangakuthola kunzima ukwenza lokho. Asiphelele futhi kungase kudingeke ukuba silwe ukuze sinqobe izifiso ezingcolile zocansi. Ngaphezu kwalokho, inhliziyo yethu engaphelele ingazama ukusikhohlisa ukuze siphule umthetho kaNkulunkulu. (Jer. 17:9) Kodwa abaningi abaye baba amaKristu baye bayinqoba le mpi. Ukwazi lokhu kungakukhuthaza uma ulwa nenkinga efanayo. Phawula indlela iZwi likaNkulunkulu elingakusiza ngayo ugweme isicupho sikaSathane esiyizithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi.

UNGACABANGI IZINTO EZINGCOLILE

Njengoba kuveziwe ekuqaleni, ama-Israyeli amaningi avumela izifiso ezimbi ukuba ziwaholele enhlekeleleni. Kungenzeka into efanayo nanamuhla. Umfowabo kaJesu uJakobe wayichaza le ngozi: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono.” (Jak. 1:14, 15) Lapho isifiso esingcolile sikhula, ekugcineni siholela esonweni. Ngakho kumelwe siyeke ukucabanga izinto ezingcolile futhi singagxili kuzo.

Uma kwenzeka ufikelwa imicabango engcolile, thatha isinyathelo esiwujuqu ngokushesha. UJesu wathi: “Uma isandla sakho noma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume ululahle kude; . . . Futhi, uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe ulilahle kude.” (Math. 18:8, 9) UJesu wayengasho ukuthi sinqume ngokoqobo isandla noma unyawo lwakho. Wayemane nje efanekisa isidingo sokususa ngokushesha noma yini engasikhubekisa. Singasisebenzisa kanjani lesi seluleko ngokuphathelene nokubukela izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi?

Uma kwenzeka uzithela kulezi zithombe namavidiyo, musa ukuthi, ‘Ubala lolu.’ Balekisa amehlo ngokushesha. Yicishe ngaso leso sikhathi i-TV. Cisha ikhompyutha, umakhalekhukhwini noma ithebhulethi masinyane. Cabanga ngenye into ehlanzekile. Ukwenza lokho kuyokusiza ulawule ukucabanga kwakho kunokuba uvumele izifiso ezimbi zikulawule.

KUTHIWANI NGEZINTO OWAZIBUKA KUDALA OSAZIKHUMBULA?

Kuthiwani uma usuyekile ukubukela izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi kodwa ulokhu ufikelwa yimicabango yezinto owazibuka? Izithombe ezingcolile zingahlala isikhathi eside engqondweni yomuntu. Ngezinye izikhathi zingadamane zibuya engqondweni. Uma lokho kwenzeka, ungase ube nesifiso sokwenza into engahlanzekile njengokushaya indlwabu. Ngakho yiqaphe imicabango enjalo engase ifike kungalindelekile futhi uzimisele ukulwa nayo.

Zimisele nakakhulu ukucabanga ngendlela evumelana nentando kaNkulunkulu. Yiba njengoPawulu, owayezimisele ‘ukuwutuba umzimba wakhe futhi awuphathe njengesigqila.’ (1 Kor. 9:27) Ungavumeli ukulawulwa yizifiso ezimbi. ‘Guquka ngokushintsha ingqondo yakho, ukuze uzitholele ngokwakho okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.’ (Roma 12:2) Khumbula: Ukucabanga nokwenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu kuyosenza saneliseke kunokuvuma ukulawulwa yizifiso zesono.

Ukucabanga nokwenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu kuyokwenza waneliseke kunokuba uvume ukulawulwa yizifiso zesono

Zama ukubamba ngekhanda amavesi eBhayibheli. Lapho ufikelwa imicabango emibi, ziphoqe ukuba ucabange ngaleyo miBhalo. ImiBhalo enjengeHubo 119:37; Isaya 52:11; Mathewu 5:28; Efesu 5:3; Kolose 3:5 neyoku-1 Thesalonika 4:4-8 iyokusiza uvumelanise ukucabanga kwakho nendlela uJehova azibheka ngayo izithombe namavidiyo angcolile nalokho akulindele kuwe.

Kuthiwani uma ngezinye izikhathi isifiso sokubukela lezi zithombe namavidiyo noma imicabango engcolile iba namandla kakhulu? Landela ngokuseduze isibonelo sikaJesu. (1 Pet. 2:21) Ngemva kokubhapathizwa kwakhe, uSathane wayelokhu emlinga. Yini uJesu ayenza? Wayelokhu enqaba. Esebenzisa imiBhalo, wenqaba ukulingwa uSathane. Wathi kuye: “Hamba, Sathane!” futhi uSathane wahamba. Njengoba uJesu engazange avume ukunqotshwa uDeveli, nathi kumelwe singavumi. (Math. 4:1-11) USathane nezwe lakhe uyoqhubeka ezama ukugxisha imicabango engcolile engqondweni yakho, kodwa ungavumi. Ungakwazi ukuyeka ukubukela izithombe namavidiyo abantu abanqunu nabenza ucansi. Ngosizo lukaJehova, ungasinqoba isitha.

THANDAZA KUJEHOVA FUTHI UMLALELE

Thandaza ngobuqotho kuJehova. UPawulu wathi: “Izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo . . . ; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Fil. 4:6, 7) Ukuthula kukaNkulunkulu kusisiza simelane nesifiso sokwenza okubi. Uma usondela kuJehova, ‘naye uyosondela kuwe.’—Jak. 4:8.

Isivikelo esingcono kakhulu kunoma yiluphi usongo ukusondela kuMbusi wendawo yonke. UJesu wathi: “Uyeza umbusi waleli zwe [uSathane], futhi akangibambanga ndawo.” (Joh. 14:30) Yini eyayenza uJesu aqiniseke kangaka? Wachaza: “Lowo ongithumileyo unami; akangishiyanga ngedwa, ngoba ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Joh. 8:29) Njengoba wenza izinto ezijabulisa uJehova, nawe ngeke neze akulahle. Uma ugwema isicupho sokubuka izithombe namavidiyo angcolile, uSathane ngeke akwazi ukukubamba.