Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 27

Kulungele Manje Ukubhekana Noshushiso

Kulungele Manje Ukubhekana Noshushiso

“Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.”​—2 THIM. 3:12.

INGOMA 129 Masiqhubeke Sikhuthazela

AMAZWIBELA *

1. Kungani kudingeka sikulungele manje ukubhekana noshushiso?

NGAPHAMBI kokuba iNkosi yethu uJesu ibulawe, yasho ukuthi bonke labo abakhetha ukuba abafundi bayo babeyozondwa. (Joh. 17:14) Kuze kube manje, oFakazi BakaJehova abathembekile baye bashushiswa abantu abamelene nezinceku zikaNkulunkulu. (2 Thim. 3:12) Njengoba leli zwe liya ekupheleni, silindele ukuba izitha zethu zisishushise nakakhulu.​—Math. 24:9.

2-3. (a) Yini okufanele siyazi ngokwesaba? (b) Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

2 Yini esingayenza manje ukuze sikulungele ukubhekana noshushiso? Akudingeki sicabange ngokuthi yiziphi izinto ezimbi ezingase zenzeke kithi. Uma singenza kanjalo, singakhungathwa ukwesaba nokukhathazeka. Singavumela lezo zinto esizicabangayo zisiqede amandla ngisho nangaphambi kokuba kufike uvivinyo lwangempela. (IzAga 12:25; 17:22) Ukwesaba kuyisikhali esinamandla ‘isitha sethu uDeveli’ esisisebenzisayo ukuze silwe nathi. (1 Pet. 5:8, 9) Yini esingayenza manje ukuze sibe namandla okumelana naye?

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi singabuqinisa kanjani ubuhlobo bethu noJehova nangokuthi kungani kubalulekile ukwenza lokho manje. Sizoxoxa nangokuthi yini esingayenza ukuze sibe nesibindi. Ekugcineni, sizohlola ukuthi singabhekana kanjani nenzondo evela kubaphikisi.

INDLELA YOKUQINISA UBUHLOBO BETHU NOJEHOVA

4. NgokweyamaHebheru 13:5, 6, yini okumelwe siqiniseke ngayo, futhi kungani?

4 Qiniseka ngokuthi uJehova uyakuthanda nokuthi akasoze akulahla. (Funda eyamaHebheru 13:5, 6.) Eminyakeni eminingi edlule, INqabayokulinda yathi: “Umuntu omazi kangcono uNkulunkulu uyothembela kuyena nakakhulu lapho ebhekene novivinyo.” Ayiqiniso la mazwi. Ukuze sibhekane ngokuphumelelayo noshushiso, kumelwe simthande uJehova futhi simethembe ngokuphelele, singakungabazi ukuthi uyasithanda.​—Math. 22:36-38; Jak. 5:11.

5. Yini ezokusiza ubone ukuthi uJehova uyakuthanda?

5 Funda iBhayibheli nsuku zonke unenjongo yokusondela kuJehova. (Jak. 4:8) Njengoba ufunda, gxila ezimfanelweni zikaJehova ezinhle. Zama ukuqonda indlela akuthanda ngayo kulokho akushoyo nakwenzayo. (Eks. 34:6) Abanye bangase bakuthole kunzima ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu uyabathanda ngenxa yokuthi abakaze baboniswe uthando. Uma unaleyo nkinga, zama ukubhala phansi izindlela uJehova aye wakubonisa ngazo isihe nomusa usuku ngalunye. (IHu. 78:38, 39; Roma 8:32) Njengoba ucabanga ngezinto ezenzeka ekuphileni kwakho futhi uzindla ngalokho okufunda eZwini likaNkulunkulu, cishe uzokwazi ukubhala izinto eziningi uJehova aye akwenzela zona. Uma ukwazisa lokho uJehova akwenzela kona, buyoqina ubuhlobo bakho naye.​—IHu. 116:1, 2.

6. NgokweHubo 94:17-19, umthandazo osuka enhliziyweni ungakusiza kanjani?

6 Thandaza njalo. Ake ucabange ngobaba ohaga umfana wakhe. Njengoba umfana ezizwa elondekile, uxoxela ubaba wakhe konke okwenzeke kuye ngalolo suku, okuhle nokubi. Nawe ungaba nobuhlobo obunjalo noJehova uma usondela kuye nsuku zonke ngomthandazo osuka enhliziyweni. (Funda iHubo 94:17-19.) Lapho uthandaza kuJehova, “thulula inhliziyo yakho njengamanzi” futhi utshele uBaba wakho onothando zonke izinto ezikukhathazayo nozesabayo. (IsiL. 2:19) Uyoba yini umphumela? Uyothola lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.” (Fil. 4:6, 7) Uma uqhubeka uthandaza ngale ndlela, uyosondelana nakakhulu noJehova.​—Roma 8:38, 39.

Singaba nesibindi ngokuthembela kuJehova naseMbusweni wakhe

UStanley Jones waba nesibindi ngokwazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni ongokoqobo (Bheka isigaba 7)

7. Kungani kumelwe uqiniseke ngokuthi izithembiso zoMbuso kaNkulunkulu zizogcwaliseka?

7 Qiniseka ngokuthi izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu zizofezeka. (Num. 23:19) Uma ukholo lwakho ezithembisweni zikaNkulunkulu lungaqinile, kuyoba lula ngoSathane nalabo abasohlangothini lwakhe ukuba bakwesabise. (IzAga 24:10; Heb. 2:15) Yini ongayenza manje ukuze uqinise ukholo lwakho? Ziphe isikhathi sokutadisha ngezithembiso zoMbuso kaNkulunkulu nangezizathu ezikwenza uqiniseke ngokuthi ziyogcwaliseka. Kuyokusiza kanjani ukwenza lokho? Cabanga ngesibonelo sikaStanley Jones owaboshwa iminyaka engu-7 ngenxa yokukhonza uNkulunkulu. * Yini eyamsiza wakhuthazela ngokwethembeka? Uthi: “Ukufunda ngezithembiso zoMbuso kaNkulunkulu, ukuqiniseka ngazo, ukungazingabazi nakancane, kungenze ngama ngaqina.” Uma unokholo oluqinile ezithembisweni zikaNkulunkulu, uyosondela nakakhulu kuJehova futhi ngeke unqotshwe ukwesaba.​—IzAga 3:25, 26.

8. Indlela esibheka ngayo imihlangano iyobonisani? Chaza.

8 Iya njalo emihlanganweni yobuKristu. Imihlangano iyasisiza sisondelane noJehova. Indlela esikubheka ngayo ukuya emihlanganweni iyobonisa ukuthi siyokwazi yini ukubhekana noshushiso esikhathini esizayo. (Heb. 10:24, 25) Kungani sisho njalo? Uma sivumela izinto ezingathi shu zisivimbele ukuya emihlanganweni manje, kuyokwenzekani lapho sekudingeka sibeke ukuphila kwethu engozini ukuze sihlangane nabafowethu? Ngakolunye uhlangothi, uma sizimisela ukuya emihlanganweni, ngeke siyeke lapho abaphikisi bezama ukusivimbela ukuba sihlangane nabafowethu. Manje isikhathi sokuba sikuthande ukuya emihlanganweni. Uma sikuthanda, alukho ushushiso noma ukuvinjelwa uhulumeni okuyosiyekisa ukulalela uNkulunkulu kunabantu.​—IzE. 5:29.

Ukubamba amavesi eBhayibheli nezingoma zoMbuso ngekhanda manje kungakusiza uma kufika ushushiso (Bheka isigaba 9) *

9. Kungani ukubamba ngekhanda imiBhalo kuyindlela ekahle yokulungela ushushiso?

9 Bamba ngekhanda imiBhalo oyithandayo. (Math. 13:52) Uma ungakwazi ukuyibamba ngekhanda, uJehova angasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze akusize ukhumbule leyo miBhalo. (Joh. 14:26) Phawula lokho okwashiwo omunye umzalwane owayeboshwe eMpumalanga Jalimane futhi wavalelwa yedwa: “Kwaba isibusiso ukuthi ngangikwazile ukubamba ngekhanda imiBhalo eminingana! Usuku nosuku ngangizindla ngayo.” Leyo miBhalo yamsiza umfowethu wahlala esondelene noJehova futhi wakwazi ukukhuthazela ngokwethembeka.

(Bheka isigaba 10) *

10. Kungani kufanele sizibambe ngekhanda izingoma?

10 Cula izingoma ezidumisa uJehova futhi uzibambe ngekhanda. Ngesikhathi beboshiwe eFilipi, uPawulu noSila bacula izingoma ezidumisa uJehova ababezibambe ngekhanda. (IzE. 16:25) Ngendlela efanayo, lapho abafowethu ezweni elaliyiSoviet Union bethunjelwa eSiberia, bahlala kanjani beqinile ngokomoya? Udade Mariya Fedun uyakhumbula: “Sacula zonke izingoma esasizazi ezaziseculweni lethu.” Wathi lezo zingoma zabakhuthaza bonke futhi zabasiza bazizwa besondelene noJehova. Ingabe kuyakukhuthaza ukucula izingoma zoMbuso ozithandayo? Uma kunjalo, zibambe ngekhanda manje!​—Bheka ibhokisi elithi “ Ngiphe Isibindi.”

LOKHO ONGAKWENZA UKUZE UBE NESIBINDI

11-12. (a) Ngokweyoku-1 Samuweli 17:37, 45-47, kungani uDavide ayenesibindi? (b) Yisiphi isifundo esibalulekile esisifunda esibonelweni sikaDavide?

11 Ukuze ubhekane noshushiso, kudingeka ube nesibindi. Uma unomuzwa wokuthi awunaso, yini ongayenza? Khumbula ukuthi ukuba nesibindi akusho ukuba yisidlakela noma ukuba namandla. Cabanga ngesibonelo sikaDavide osemncane ngesikhathi ebhekene noGoliyati. Uma eqhathaniswa nalowo mdondoshiya, uDavide wayemncane, engenamandla futhi engahlomile. Wayengayiphethe ngisho nenkemba. Yize kunjalo, wayenesibindi. Wagijima waqonda ngqo kulowo mdondoshiya eyokulwa nawo.

12 Yini eyenza uDavide waba nesibindi kangaka? Wayeqiniseka ukuthi uJehova wayenaye. (Funda eyoku-1 Samuweli 17:37, 45-47.) Akazange agxile ekutheni uGoliyati wayemkhulu kangakanani kunaye. Kunalokho, wagxila endleleni uGoliyati ayemncane ngayo uma eqhathaniswa noJehova. Yini esiyifunda kulokhu kulandisa? Siyokwazi ukuba nesibindi uma siqiniseka ngokuthi uJehova unathi nangokuthi labo abaphikisana nathi abalutho uma beqhathaniswa noNkulunkulu uMninimandla onke. (2 IziKr. 20:15; IHu. 16:8) Yini esingayenza ukuze sibe nesibindi manje, ngaphambi kokuba ushushiso lufike?

13. Singaba kanjani nesibindi? Chaza.

13 Singaba nesibindi manje ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kungani kunjalo? Yingoba ukushumayela kusifundisa ukuthembela kuJehova nokungabesabi abantu. (IzAga 29:25) Njengoba nje izicubu zethu ziqina lapho sizivocavoca, nathi siba nesibindi nakakhulu lapho sishumayela endlini ngendlu, ezindaweni zomphakathi, ngokwethukela nasensimini yamabhizinisi. Uma siba nesibindi sokushumayela manje, sizokulungela ukuqhubeka sishumayela ngisho nalapho umsebenzi wethu uvinjelwa.​—1 Thes. 2:1, 2.

UNancy Yuen wenqaba ukuyeka ukushumayela izindaba ezinhle (Bheka isigaba 14)

14-15. Yiziphi izifundo esingazifunda kuNancy Yuen nakuValentina Garnovskaya?

14 Singafunda okuningi esibonelweni sodade ababili abathembekile ababonisa isibindi ngendlela ephawulekayo. UNancy Yuen wayemfushane, engamamitha angaba ngu-1,5 ubude, kodwa wayenesibindi. * Wenqaba ukuyeka ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, waboshwa iminyaka engaphezu kuka-20 eChina lobuKhomanisi. Amaphoyisa ayemphenya ngemibuzo athi “ungumuntu onenkani kunabo bonke” ezweni lakubo!

UValentina Garnovskaya wayeqiniseka ngokuthi uJehova wayenaye (Bheka isigaba 15)

15 UValentina Garnovskaya yena waboshwa iminyaka engaba ngu-21 izikhathi ezintathu ezihlukene ezweni elaliyiSoviet Union. * Kungani? Wayezimisele ukuqhubeka eshumayela, amaphoyisa aze ambiza ngokuthi “iseqamthetho esiyingozi kakhulu.” Yini eyenza lab’ odade ababili baba nesibindi kangaka? Babeqiniseka ngokuthi uJehova wayenabo.

16. Yini okudingeka siyenze ukuze sibe nesibindi?

16 Njengoba sixoxile, ukuze sibe nesibindi, akumelwe sithembele ekuhlakanipheni nasemakhonweni ethu. Kunalokho, kumelwe siqiniseke ngokuthi uJehova unathi nokuthi uzosilwela. (Dut. 1:29, 30; Zak. 4:6) Uma senza kanjalo, sizoba nesibindi.

INDLELA YOKUBHEKANA NENZONDO

17-18. NgokukaJohane 15:18-21, uJesu wasixwayisa ngani? Chaza.

17 Kuyasijabulisa lapho abanye besihlonipha, kodwa akumelwe senze iphutha lokucabanga ukuthi asilutho uma abantu bengasithandi. UJesu wathi: “Niyajabula noma nini lapho abantu benizonda, nanoma nini lapho benicwasa futhi benihlambalaza belahla igama lenu ngokungathi nibabi ngenxa yeNdodana yomuntu.” (Luka 6:22) Wayesho ukuthini uJesu?

18 UJesu wayengasho ukuthi amaKristu ayokujabulela ukuzondwa. Kunalokho, wayesixwayisa ngalokho okwakuzokwenzeka kithi. Asiyona ingxenye yezwe. Siphila ngokuvumelana nezimfundiso zikaJesu futhi sishumayela umlayezo ayewushumayela. Yingakho izwe lisizonda. (Funda uJohane 15:18-21.) Sifuna ukujabulisa uJehova. Uma abantu besizonda ngoba sithanda uBaba wethu, yinkinga yabo leyo.

19. Singasilingisa kanjani isibonelo sabaphostoli?

19 Ungalokothi uvumele noma yini abantu abayishoyo noma abayenzayo ikwenze uzizwe unamahloni ngokuba uFakazi KaJehova. (Mika 4:5) Singafunda ukubhekana nokwesaba abantu ngokucabanga ngesibonelo sabaphostoli eJerusalema ngemva nje kokubulawa kukaJesu. Babeyazi indlela abaholi benkolo abangamaJuda ababebazonda ngayo. (IzE. 5:17, 18, 27, 28) Yize kunjalo, nsuku zonke baqhubeka beya ethempelini futhi beziveza obala ukuthi bangabafundi bakaJesu. (IzE. 5:42) Abazange bavumele ukwesaba kubayekise. Nathi singakunqoba ukwesaba abantu ngokuziveza obala njalo ukuthi singoFakazi BakaJehova​—esikoleni, emsebenzini nakomakhelwane.​—IzE. 4:29; Roma 1:16.

20. Kungani abaphostoli babejabula ngisho noma babezondwa?

20 Yini eyayenza abaphostoli bajabule? Babazi ukuthi kungani babezondwa futhi babekubheka njengokuyilungelo ukuphathwa kabi ngenxa yokwenza intando kaJehova. (Luka 6:23; IzE. 5:41) Umphostoli uPetru kamuva wabhala: “Ngisho noma ningahlupheka ngenxa yokulunga, niyajabula.” (1 Pet. 2:19-21; 3:14) Uma siqonda ukuthi sizondwa ngoba senza okulungile, ngeke sivumele ukuzondwa abantu kusenze sesabe.

KUYOKUZUZISA UKULUNGELA USHUSHISO

21-22. (a) Yini onqume ukuyenza ukuze ulungele ushushiso? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

21 Asazi ukuthi ushushiso noma ukuvinjelwa komsebenzi wethu kuyofika nini. Noma kunjalo, siyazi ukuthi singakulungela manje ngokuqinisa ubuhlobo bethu noJehova, ngokuba nesibindi nangokufunda ukubhekana nenzondo yabantu. Uma sikulungela manje, siyokwazi ukuma siqine esikhathini esizayo.

22 Kodwa siyokwenzenjani uma umsebenzi wethu uvinjelwa? Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngezimiso eziyosisiza siqhubeke sikhonza uJehova ngisho nalapho sivinjelwe.

INGOMA 118 “Siphe Ukholo Olwengeziwe”

^ isig. 5 Asifuni ukuzondwa. Kodwa njengoba isikhathi siqhubeka, sonke kuzodingeka sibhekane noshushiso. Lesi sihloko sizosisiza sibhekane noshushiso ngesibindi.

^ isig. 7 Bheka INqabayokulinda yesiNgisi kaDisemba 15, 1965, kk. 756-767.

^ isig. 14 Bheka INqabayokulinda yesiNgisi kaJulayi 15, 1979, kk. 4-7. Bheka nevidiyo ethi Igama LikaJehova Liyokwenziwa Laziwe ku-JW Broadcasting®. Bheka esihlokweni esithi IZINGXOXO NOKULANDISA KWABATHILE.

^ isig. 15 Bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2008, kk. 191-192.

^ isig. 67 INCAZELO YEZITHOMBE: Ekukhulekeleni komkhaya, abazali basebenzisa amakhadi ukuze basize izingane zabo zibambe amavesi eBhayibheli ngekhanda.

^ isig. 70 INCAZELO YEZITHOMBE: Umndeni uprakthiza ukucula izingoma zoMbuso emotweni njengoba uya esifundweni.