Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 34

Ukujabulela Isabelo Esisha

Ukujabulela Isabelo Esisha

“UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.”—HEB. 6:10.

INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla

AMAZWIBELA *

1-3. Yiziphi ezinye zezizathu ezenza kudingeke ukuba izikhonzi zesikhathi esigcwele zishintshe izabelo zazo?

“NGEMVA kweminyaka engu-21 sikhonza njengezithunywa zevangeli, abazali bethu base bebadala bedinga ukunakekelwa,” kulandisa uRobert noMary Jo. “Sasingenankinga ngokuyobanakekela. Kodwa kwakubuhlungu ukushiya indawo esase siyithanda.”

2 “Lapho sizwa ukuthi ngeke sisakwazi ukubuyela esabelweni sethu ngenxa yezinkinga zempilo, sakhala,” kulandisa uWilliam noTerrie. “Iphupho lethu lokukhonza uJehova kwelinye izwe lase liphelile.”

3 U-Aleksey uthi, “Sasazi ukuthi abantu abasishushisayo bafuna ukuvala ihhovisi legatsha engangikhonza kulo. Kodwa sashaqeka lapho lokho kwenzeka futhi kwadingeka sihambe eBethel.”

4. Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

4 Kunezinye izinkulungwane zamalungu omndeni waseBethel kanye nezikhonzi zesikhathi esigcwele eziye zathola izabelo ezintsha. * Laba bafowethu nodade abathembekile bangase bakuthole kunzima ukushiya isabelo abasithandayo. Yini engabasiza babhekane noshintsho? Wena ungabasiza kanjani? Izimpendulo zale mibuzo zingasisiza sonke sikwazi ukubhekana nezimo zokuphila ezishintshayo.

INDLELA YOKUBHEKANA NOSHINTSHO

Kungani ukushintsha isabelo kungase kube nzima ezikhonzini zesikhathi esigcwele? (Bheka isigaba 5) *

5. Ushintsho lwesabelo lungasithinta ngaziphi izindlela?

5 Kungakhathaliseki ukuthi sikhonza ensimini noma eBethel, sigcina sesibathanda kakhulu abantu kanye nendawo esikhonza kuyo. Lapho kudingeka sihambe ngenxa yanoma yisiphi isizathu, singase sizwe ubuhlungu obukhulu. Siyabakhumbula labo esibashiya ngemuva futhi siyakhathazeka ngabo, ikakhulukazi uma kudingeka sihambe ngenxa yoshushiso. (Math. 10:23; 2 Kor. 11:28, 29) Ngaphezu kwalokho, ukwamukela isabelo esisha—noma ukuphindela ekhaya—ngokuvamile kuba nzima kakhulu. URobert noMary Jo bathi, “Sase sikhohliwe ukuthi kuphilwa kanjani ekhaya, singasakujwayele ngisho nokushumayela ngolimi lwethu. Sasizizwa njengabantu bokufika ezweni esazalelwa kulo.” Abanye abathola isabelo esisha ngokungazelelwe bangazithola benezinkinga zezimali. Bangase bazizwe bedikibele. Yini engasiza?

Kusemqoka ukusondela kuJehova futhi simethembe (Bheka izigaba 6-7) *

6. Singahlala kanjani siseduze noJehova?

6 Hlala useduze noJehova. (Jak. 4:8) Singakwenza kanjani lokho? Ngokumethemba ‘njengoMuzwi womthandazo.’ (IHu. 65:2) IHubo 62:8 lithi: “Thululani inhliziyo yenu phambi kwakhe.” UJehova ‘angenza okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangelayo.’ (Efe. 3:20) UJehova akagcini nje ngokusinika lokho esikucela ngokuqondile. Angenza nezinto esingazilindele, enze okungale kwalokho esingakucabanga ukuze alungise izinkinga zethu.

7. (a) Yini ezosisiza sihlale siseduze noJehova? (b) NgokweyamaHebheru 6:10-12, uyoba yini umphumela wokuqhubeka sikhonza uJehova ngokwethembeka?

7 Ukuze uhlale useduze noJehova, funda imiBhalo nsuku zonke, uzindle ngayo. Umzalwane owayeyisithunywa sevangeli uthi: “Yiba nohlelo oluqhubekayo lokukhulekela komkhaya nolokulungiselela imihlangano ngendlela owawenza ngayo esabelweni owawukuso ngaphambili. Qhubeka uzikhandla ekushumayeleni izindaba ezinhle ebandleni elisha okulo. UJehova uyabakhumbula labo abaqhubeka bemkhonza ngokwethembeka, ngisho noma bengasakwazi ukwenza lokho ababekwenza ngaphambili.—Funda eyamaHebheru 6:10-12.

8. Amazwi atholakala kweyoku-1 Johane 2:15-17 angakusiza kanjani ukuba ugcine ukuphila kwakho kulula?

8 Gcina ukuphila kwakho kulula. Ungavumeli izinkathazo zezwe likaSathane ‘zikuminyanise,’ zikwenze uyeke ukukhonza uJehova. (Math. 13:22) Ungavumi ukucindezelwa yizwe noma abangane nezihlobo ukuba ufune imali kuleli zwe likaSathane. (Funda eyoku-1 Johane 2:15-17.) Thembela kuJehova othembisa ukukunakekela ngokomoya, ngokomzwelo nangokwenyama “ngesikhathi esifanele.”—Heb. 4:16; 13:5, 6.

9. NgokwezAga 22:3, 7, kungani kubalulekile ukugwema izikweletu ezingenasidingo futhi yini engasisiza senze izinqumo ezihlakaniphile?

9 Gwema izikweletu ezingenasidingo. (Funda izAga 22:3, 7.) Ukuthuthela kwenye indawo kungamba eqolo futhi kalula nje ungazithola unezikweletu. Ukuze unciphise izikweletu, gwema ukuthenga izinto ongazidingi ngesikweletu. Uma sicindezelekile ngokomzwelo, njengalapho sinakekela esibathandayo abagulayo, singakuthola kunzima ukunquma ukuthi yimali engakanani okufanele siyiboleke. Ezimweni ezinjalo, khumbula ukuthi ungaluthola usizo lokwenza izinqumo ezihlakaniphile lapho ‘izicelo zakho zaziwa nguNkulunkulu ngomthandazo.’ Lapho ephendula imithandazo yakho, uJehova angakunika ukuthula ‘okuyolinda inhliziyo yakho namandla akho engqondo’ ukuze ukwazi ukuhlala uzolile lapho wenza izinqumo.—Fil. 4:6, 7; 1 Pet. 5:7.

10. Singabathola kanjani abangane abasha?

10 Yiba nobuhlobo obuhle nabanye. Xoxa nabangane bakho abaseduze ngendlela ozizwa ngayo nangalokho obhekene nakho, ikakhulukazi labo abake baba sesimweni okuso. Ukwenza lokho kungakwelapha ngokomzwelo. (UmSh. 4:9, 10) Abangane owabathola esabelweni sakho esidlule bayoqhubeka bengabangane bakho. Nokho, manje njengoba ususesabelweni esisha, kudingeka uthole abangane abasha. Khumbula ukuthi ukuze uthole umngane, kumelwe ube nobungane. Ungabathola kanjani abangane abasha? Xoxa ngezinto ezimnandi ozijabulele enkonzweni yesikhathi esigcwele ukuze abanye babone indlela oyijabulela ngayo. Ngisho noma abanye ebandleni bengase bangayiqondi injabulo elethwa inkonzo yesikhathi esigcwele, abanye bangase badonswe yisibonelo sakho futhi nibe abangane abasondelene. Nokho, kumelwe uqaphele ungakhulumi kakhulu ngawe noma ngezinto ozifezile enkonzweni kaJehova futhi ungagxili emizweni engemihle okungenzeka unayo.

11. Yini ongayenza ukuze nihlale nijabule emshadweni?

11 Uma kuye kwadingeka ushiye isabelo sakho ngenxa yokugula komuntu oshade naye, ungambeki icala. Ngakolunye uhlangothi, uma kunguwe onezinkinga zempilo, ungazizwa unecala, ucabange ukuthi udumaze umuntu oshade naye. Khumbula ukuthi ‘ninyamanye’ futhi nathembisa uJehova ukuthi niyonakekelana kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. (Math. 19:5, 6) Uma uyeke isabelo sakho ngenxa yokukhulelwa okungahleliwe, qikelela ukuthi ingane yakho iyazi ukuthi ibaluleke kakhulu kuwe kunesabelo owawusenza. Yitshele njalo ingane yakho ukuthi ‘ingumvuzo’ ovela kuNkulunkulu. (IHu. 127:3-5) Yitshele nangezinto ezimnandi owazijabulela esabelweni sakho. Ukwenza lokho kungayikhuthaza ukuba ilingise isibonelo sakho, ingenele inkonzo yesikhathi esigcwele.

INDLELA ABANYE ABANGASIZA NGAYO

12. (a) Singabasiza kanjani labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele ukuba baqhubeke nezabelo zabo? (b) Yini esingayenza ukuze balwamukele kalula ushintsho?

12 Kuyancomeka ukuthi amabandla amaningi nabazalwane nodade abaningi benza lokho abakwazi ukukwenza ukuze basize labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele baqhubeke nezabelo zabo. Lokho bakwenza ngokubakhuthaza ukuba baqhubeke nomsebenzi wabo, ngokubasekela ngokwezimali nangezinye izinto abangase bazidinge noma ngokubasiza ukuba banakekele amalungu emindeni yabo ahlala kude. (Gal. 6:2) Uma labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele bethola isabelo esisha sokukhonza ebandleni lenu, ungabheki ukushintshwa kwabo njengophawu lokuthi bahlulekile noma benze okuthile okubi. * Kunalokho, basize ukuze balwamukele kalula ushintsho. Bamukele ngemfudumalo futhi ubancome ngomsebenzi abawenzile, ngisho noma impilo ingasabavumeli ukuba benze okuningi. Bazi kangcono. Funda olwazini lwabo, ekuqeqeshweni abakuthola nakulokho ababhekana nakho.

13. Singabasiza kanjani labo abasanda kuthola isabelo esisha?

13 Ekuqaleni, labo abathola isabelo esisha bangase badinge usizo lokuthola indawo yokuhlala, into yokuhamba, umsebenzi kanye nezinye izinto eziyisidingo. Bangase badinge nemininingwane emayelana nokuphila kwansuku zonke, njengokukhokha intela nokuthola umshwalense. Okubaluleke nakakhulu, abadingi ukudatshukelwa kodwa badinga ukuba uqonde izimo zabo. Kungenzeka banenkinga yempilo noma banesihlobo esigulayo. Kungenzeka basanda kushonelwa umuntu abamthandayo. * Kungenzeka izinhliziyo zabo zibuhlungu ngoba bakhumbula abangane babo ababathola esabelweni sabo esidlule. Kuthatha isikhathi ukubhekana nale mizwa ebahlukumezayo.

14. Abamemezeli basendaweni bamsiza kanjani udade othile ukuba ajwayele isabelo sakhe esisha?

14 Usizo obanika lona nesibonelo sakho kungabasiza bajwayele endaweni entsha. Udade owakhonza iminyaka eminingi kwelinye izwe uthi, “Esabelweni engiphuma kuso, bengiqhuba izifundo zeBhayibheli nsuku zonke. Kodwa manje sekunzima ngisho nokufunda ivesi elilodwa noma ukubonisa umuntu ividiyo ensimini. Kodwa abamemezeli basendaweni baye bangimema ukuba ngihambe nabo ezimpindelweni nasezifundweni zabo. Ukubona indlela abafowethu nodadewethu abaqhuba ngayo izifundo ezithuthukayo ngentshiseko nangesibindi kungiqinise idolo. Ngifunde ukuqala izingxoxo ensimini entsha. Konke lokhu kungenze ngaphinde ngajabula.”

QHUBEKA UZIKHANDLA!

Funa izindlela zokwandisa inkonzo yakho ensimini yebandla okulo (Bheka izigaba 15-16) *

15. Ungaphumelela kanjani esabelweni sakho esisha?

15 Ungaphumelela esabelweni sakho esisha. Ungabheki ushintsho njengokwehluleka noma ukungathuthuki. Bheka indlela uJehova akusiza ngayo ekuphileni, uqhubeke ushumayela. Lingisa amaKristu athembekile angekhulu lokuqala. Noma kuphi lapho ayekhona, ‘adabula izwe ememezela izindaba ezinhle zezwi.’ (IzE. 8:1, 4) Imizamo yakho yokuqhubeka ushumayela ingase ibe nemiphumela emihle. Ngokwesibonelo, amaphayona ayexoshwe kwelinye izwe athuthela ezweni elingumakhelwane elalinesidingo esikhulu sabantu abakhuluma ulimi lwawo. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, kwamiswa amaqembu ayekhula ngokushesha.

16. Ungasijabulela kanjani isabelo esisha?

16 “Injabulo kaJehova iyisiphephelo senu.” (Neh. 8:10) UJehova nguye okumelwe abe umthombo wenjabulo yethu, hhayi isabelo sethu, kungakhathaliseki ukuthi sisithanda kangakanani. Ngakho, qhubeka uhamba noJehova, unamathele kuye ukuze akunike ukuhlakanipha nesiqondiso futhi akusekele. Khumbula ukuthi isabelo sakho esidlule ugcine usithanda ngoba wawuzikhandla ukuze usize abantu lapho. Zikhandle nakulesi sabelo esisha, ubone indlela uJehova azokusiza ngayo ukuba naso usithande.—UmSh. 7:10.

17. Yini okumelwe siyikhumbule ngesabelo esisenza njengamanje?

17 Kumelwe sikhumbule ukuthi inkonzo esiyenzela uJehova ihlala phakade, kodwa isabelo esisenza njengamanje singesesikhashana. Ezweni elisha, sonke singase sishintshwe izabelo. U-Aleksey okukhulunywe ngaye ekuqaleni ukholelwa ukuthi lokho abhekana nakho manje kumlungiselela ushintsho oluseza esikhathini esizayo. Uthi, “Bengilokhu ngazi ukuthi uJehova ukhona nezwe elisha lingokoqobo, kodwa bengibuye ngikukhohlwe lokho. Manje uJehova ngimbona ephambi kwamehlo ami futhi izwe elisha lizofika ngokushesha.” (IzE. 2:25) Kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isabelo esisenzayo, masiqhubeke sihamba noJehova. Akasoze nanini asilahle, kodwa uyosisiza sikujabulele ukuzikhandla enkonzweni yakhe—senze noma yini esiyinikwayo.—Isaya 41:13.

INGOMA 90 Khuthazanani

^ par. 5 Ngezinye izikhathi, abafowethu nodadewethu enkonzweni yesikhathi esigcwele kungase kudingeke bashintshe isabelo noma bathole isabelo esisha. Lesi sihloko sixoxa ngezinselele abangase babhekane nazo nokuthi yini engabasiza balwamukele lolo shintsho. Sixoxa nangokuthi yini abanye abangayenza ukuze babasekele, sikhulume nangezimiso ezingasisiza sonke sibhekane noshintsho.

^ par. 4 Abazalwane abaningi asebekhulile, lapho befika eminyakeni ethile yobudala, baye badlulisela izabelo zabo kubazalwane abasebasha. Bheka isihloko esithi “Bazalwane Asebekhulile UJehova Uyajabula Ngobuqotho Benu,” kuyi-Nqabayokulinda kaSepthemba 2018, kanye nesithi “Yiba Nokuthula Kwangaphakathi Naphezu Kwezimo Ezishintshayo,” kuyi-Nqabayokulinda ka-Okthoba 2018.

^ par. 12 Abadala basebandleni abebekhonza kulo kufanele babhale incwadi yokubethula ngokushesha ukuze bangababambezeli ekukhonzeni njengamaphayona, abadala noma izinceku ezikhonzayo.

^ par. 13 Bheka isihloko esiwuchungechunge esithi “Usizo Kwabasosizini Lokushonelwa,” kuyi-Phaphama! ka-2018, No. 3.

^ par. 57 INCAZELO YEZITHOMBE: Indoda nomkayo abayizithunywa zevangeli kwelinye izwe bavalelisa ibandla abebekhonza kulo njengoba beshintsha isabelo.

^ par. 59 INCAZELO YEZITHOMBE: Le ndoda nomkayo sebesezweni abadabuka kulo futhi bathandaza njalo kuJehova ukuba abasize babhekane ngokuphumelelayo nezinselele.

^ par. 61 INCAZELO YEZITHOMBE: Ngosizo lukaJehova, le ndoda nomkayo baqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele. Basebenzisa izilimi abazifunda ngesikhathi beyizithunywa zevangeli ukuba bashumayeze ababaleki abasensimini yebandla abakulo.