Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 40

Hlala Umatasa Engxenyeni Yokugcina ‘Yezinsuku Zokugcina’

Hlala Umatasa Engxenyeni Yokugcina ‘Yezinsuku Zokugcina’

“Yibani ngabagxilile, abangenakunyakaziswa, ngaso sonke isikhathi ninokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.” —1 KOR. 15:58.

INGOMA 58 Ukucinga Abangane Bokuthula

AMAZWIBELA *

1. Yini esenza siqiniseke ukuthi siphila ‘ezinsukwini zokugcina’?

INGABE wazalwa ngemva kuka-1914? Uma kunjalo, ukuphila kwakho konke ukuphile ‘ezinsukwini zokugcina’ zaleli zwe likaSathane. (2 Thim. 3:1) Sonke siye sezwa ngezenzakalo uJesu abikezela ukuthi zaziyokwenzeka ezinsukwini zokugcina. Lezo zenzakalo zihlanganisa izimpi, ukusweleka kokudla, ukuzamazama komhlaba, izifo eziwumshayabhuqe, ukwanda kokungabi namthetho kanye nokushushiswa kwabantu bakaJehova. (Math. 24:3, 7-9, 12; Luka 21:10-12) Siye sabona nabantu beziphatha ngendlela eyabikezelwa umphostoli uPawulu. (Bheka ibhokisi elithi “ Lokho Abantu Abayikho Manje.”) Njengabakhulekeli bakaJehova, siyaqiniseka ngokuthi siphila “engxenyeni yokugcina yezinsuku.”—Mika 4:1.

2. Yimiphi imibuzo okudingeka siyiphendule?

2 Ngenxa yokuthi sekudlule isikhathi eside kusukela ngo-1914, kumelwe ukuba manje siphila engxenyeni yokugcina ‘yezinsuku zokugcina.’ Njengoba ukuphela sekusondele, kudingeka sazi izimpendulo zeminye yemibuzo ebaluleke kakhulu: Yiziphi izenzakalo ezizokwenzeka ekugcineni ‘kwezinsuku zokugcina’? Yini uJehova alindele ukuba siyenze njengoba silinde lezo zenzakalo?

YINI EZOKWENZEKA EKUGCINENI ‘KWEZINSUKU ZOKUGCINA’?

3. Ngokwesiprofetho esikweyoku-1 Thesalonika 5:1-3, yisiphi isimemezelo esizokwenziwa yizizwe?

3 Funda eyoku-1 Thesalonika 5:1-3. UPawulu ukhuluma “ngosuku lukaJehova.” Kulo mBhalo, lolu suku lubhekisela enkathini eqala ngokuhlaselwa ‘kweBhabhiloni Elikhulu,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga, iphele ngempi ye-Armagedoni. (IsAm. 16:14, 16; 17:5) Ngaphambi nje kokuba lolo “suku” luqale, izizwe ziyokhipha isimemezelo esithi “Ukuthula nokulondeka!” (Ezinye izinguqulo zithi: “Ukuthula nokuvikeleka.”) Ngezinye izikhathi, ababusi bezwe basebenzisa inkulumo efanayo lapho bekhuluma ngokuthuthukisa ubudlelwane phakathi kwezizwe. * Nokho, isimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka” okukhulunywa ngaso eBhayibhelini siyobe sihlukile. Kungani? Lapho sikhishwa, abantu bayocabanga ukuthi ababusi bezwe sebephumelele ekwenzeni umhlaba ube indawo ephephile nelondekile. Kodwa empeleni kuyolandela “imbubhiso engazelelwe” njengoba kuyobe kuqala “usizi olukhulu.”—Math. 24:21.

Ungakhohliswa isimemezelo esingamanga sababusi bezwe esithi “ukuthula nokulondeka” (Bheka izigaba 3-6) *

4. (a) Yini esingayazi ngokuqondene nesimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka”? (b) Yini esesiyazi kakade ngaso?

4 Zikhona izinto esizaziyo ngesimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka.” Nokho, kunezinto esingazazi. Asazi ukuthi yini eyobangela ababusi bakhiphe lesi simemezelo noma ukuthi siyokhishwa kanjani. Asazi nokuthi kuyokhishwa isimemezelo esisodwa yini noma izimemezelo eziningi. Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, nakhu esikwaziyo: Akufanele sikhohliseke sicabange ukuthi ababusi bezwe bangakuletha ngempela ukuthula emhlabeni. Kunalokho, sitshelwa ukuba sikulindele ukukhishwa kwaleso simemezelo ngoba siyoba uphawu lokuthi “usuku lukaJehova” seluzoqala!

5. Eyoku-1 Thesalonika 5:4-6 isisiza kanjani ukuba silulungele “usuku lukaJehova”?

5 Funda eyoku-1 Thesalonika 5:4-6. Kula mavesi, uPawulu uyasitshela ukuthi yini okumelwe siyenze ukuze silungele “usuku lukaJehova.” Akufanele ‘silale njengoba kwenza bonke abanye.’ Kunalokho, kumelwe “sihlale siphapheme” futhi siqaphile. Ngokwesibonelo, kudingeka siqaphe ingozi yokuthatha uhlangothi ezindabeni zepolitiki zaleli zwe. Uma sithatha uhlangothi, kuyosho ukuthi ‘siyingxenye yezwe.’ (Joh. 15:19) Siyazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela oyoletha ukuthula emhlabeni.

6. Yini esifuna ukusiza abanye bayenze, futhi kungani?

6 Ngaphandle kokuba thina sihlale siphapheme, sifuna ukusiza nabanye bakwazi lokho iBhayibheli elithi kuzokwenzeka emhlabeni. Masikhumbule ukuthi lapho usizi olukhulu luqala, kuyobe sekwephuzile ngabantu ukuba baqale ukukhonza uJehova. Yingakho umsebenzi wethu wokushumayela uphuthuma kangaka! *

HLALA UMATASA USHUMAYELA

Lapho sishumayela, sibonisa ukuthi nguMbuso kaNkulunkulu kuphela ongaletha ukuthula nokulondeka kwangempela emhlabeni (Bheka izigaba 7-9)

7. UJehova ulindele ukuba senzeni manje?

7 Kulesi sikhathi esisele ngaphambi kokuba kufike “usuku” lwakhe, uJehova ulindele ukuba sihlale simatasa emsebenzini wokushumayela. Kudingeka siqiniseke ukuthi ‘sinokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Kor. 15:58) UJesu wakubikezela lokhu esikwenzayo. Lapho ekhuluma ngazo zonke izinto ezaziyokwenzeka ezinsukwini zokugcina, wathi: “Futhi, izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.” (Marku 13:4, 8, 10; Math. 24:14) Awucabange nje: Njalo lapho uyoshumayela, uba nengxenye ekugcwalisekeni kwaleso siprofetho seBhayibheli!

8. Sazi kanjani ukuthi umsebenzi wokushumayela uyaqhubeka wenziwa?

8 Yini esingayisho ngokwanda komsebenzi wokushumayela ngoMbuso? Unyaka nonyaka, lo msebenzi uyaqhubeka wanda. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela eliye landa ngayo inani labamemezeli boMbuso emhlabeni wonke kulezi zinsuku zokugcina. Ngo-1914, kwakunabamemezeli abangu-5 155 emazweni angu-43. Manje, kunabamemezeli abangaba izigidi ezingu-8,5 emazweni angu-240! Noma kunjalo, umsebenzi wethu awukapheli. Kumelwe siqhubeke sitshela abantu ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwekhambi lazo zonke izinkinga zabantu.—IHu. 145:11-13.

9. Kungani kumelwe siqhubeke sishumayela ngoMbuso?

9 Umsebenzi wethu wokushumayela ngoMbuso ngeke uphele kuze kube yilapho uJehova ethi sekwanele. Singakanani isikhathi esisele sokuba abantu bazi ngoJehova uNkulunkulu nangoJesu Kristu? (Joh. 17:3) Asazi. Esikwaziyo ukuthi ngaphambi kokuba kuqale usizi olukhulu, noma ubani ‘othambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’ angazamukela izindaba ezinhle. (IzE. 13:48) Singabasiza kanjani labo bantu ngaphambi kokuba kwephuze?

10. UJehova usisiza kanjani sifundise abantu iqiniso?

10 Esebenzisa inhlangano yakhe, uJehova usinikeza konke esikudingayo ukuze sifundise abantu iqiniso. Ngokwesibonelo, maviki onke siyaqeqeshwa emhlanganweni waphakathi nesonto. Lo mhlangano uyasisiza sazi ukuthi yini okufanele siyisho lapho siqala ukuxoxa nabantu okokuqala nalapho sibuyela kubo. Usifundisa nangendlela eziqhutshwa ngayo izifundo zeBhayibheli. Inhlangano kaJehova isinikeze neBhokisi Lamathuluzi Okufundisa. Kuleli bhokisi kunezinto zokufundisa ezisisiza . . .

  • siqale izingxoxo nabantu,

  • sikhulise uthando ngoNkulunkulu kubantu,

  • sisize abantu bafunde okwengeziwe ngeBhayibheli,

  • ifundise iqiniso lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli, futhi

  • sikhuthaze abantu abathanda uNkulunkulu ukuba bangene kuwebusayithi yethu futhi baye emaHholo OMbuso.

Kuyiqiniso ukuthi akwanele ukuba nalawa mathuluzi. Kumelwe siwasebenzise. * Ngokwesibonelo, uma unikeza umuntu othanda ukulalela ipheshana noma umagazini ngemva kokuxoxa naye, uyokwazi ukuqhubeka ezifundela uze ubuye kuye. Kuwumthwalo wethu ukuhlale simatasa inyanga nenyanga emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.

11. Kungani kwenziwe ama-Online Bible Study Lessons?

11 Enye indlela uJehova asiza ngayo abantu bafunde iqiniso ama-Online Bible Study Lessons aku-jw.org®. (Iya kwesithi BIBLE TEACHINGS > ONLINE LESSONS.) Kungani kuye kwenziwa ama-Online Bible Study Lessons? Inyanga ngayinye abantu abaningi emhlabeni wonke bangena kuyi-inthanethi ukuze bafunde iBhayibheli. Lezi zifundo ezikuwebusayithi yethu zisiza abantu bafunde iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu. Abanye abantu esixoxa nabo bangase bangakuthandisisi ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Uma kunjalo, babonise lezi zifundo ezikuwebusayithi noma ubathumelele ilinki yazo. Uma kungenzeka, bakhombise lezi zifundo ngolimi abaluqondayo. *

12. Yini umuntu angayifunda kuma-Online Bible Study Lessons?

12 Ama-Online Bible Study Lessons analezi zihloko: “The Bible and Its Author,” “The Bible’s Main Characters,” nesithi “The Bible’s Message of Hope.” Lezi zihloko zifundisa ukuthi:

  • IBhayibheli lingamsiza kanjani umuntu

  • Ungubani uJehova, uJesu nezingelosi

  • Kungani uNkulunkulu adala abantu

  • Kungani sihlupheka futhi kwenzeka izinto ezimbi

Lezi zifundo zixoxa ngendlela uJehova . . . 

  • azokuqeda ngayo ukuhlupheka nokufa,

  • azovusa ngayo abantu abafile, nangendlela

  • ayobaqeda ngayo ohulumeni babantu esebenzisa uMbuso waKhe.

13. Ingabe ukufunda izifundo ezikuwebusayithi kusho ukuthi umuntu akusadingeki aqhutshelwe isifundo seBhayibheli? Chaza.

13 Ukufunda izifundo ezikuwebusayithi akusho ukuthi umuntu akusadingeki aqhutshelwe isifundo seBhayibheli. UJesu usinikeze ilungelo lokwenza abafundi. Sithemba ukuthi abantu abathanda uJehova bazozivula izifundo ezikuwebusayithi, bakuthande abazokufunda kuzo bese befuna ukufunda okwengeziwe. Uma kuba njalo, mhlawumbe bangase bavume ukufundelwa iBhayibheli. Ekupheleni kwesifundo ngasinye, umfundi ukhuthazwa ukuba athumele isicelo sokuthola umuntu azotadisha naye iBhayibheli. Usuku nosuku, kuba nabantu abangaphezu kuka-230 emhlabeni wonke abacela izifundo zeBhayibheli kuwebusayithi yethu! Kubalulekile ukuba abantu bathole uFakazi ozobaqhubela isifundo!

QHUBEKA UZAMA UKWENZA ABAFUNDI

14. Ngokomyalo kaJesu okuMathewu 28:19, 20, yini esizimisele ukuyenza, futhi kungani?

14 Funda uMathewu 28:19, 20. Lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli, kumelwe sizimisele ‘ukwenza abafundi, sibafundise ukugcina konke [uJesu] asiyale ngakho.’ Kudingeka sisize abantu baqonde indlela okubaluleke ngayo ukuba bakhonze, uJehova basekele noMbuso wakhe. Lokhu kusho ukuzama ukubakhuthaza benze iqiniso libe elabo ngokusebenzisa lokho abakufundayo, bazinikezele kuJehova futhi babhapathizwe. Uma benza kanjalo bayosinda ngosuku lukaJehova.—1 Pet. 3:21.

15. Yini esingenayo isikhathi sayo, futhi kungani?

15 Njengoba kubonisiwe ekuqaleni kwalesi sihloko, sesisincane isikhathi esisele ngaphambi kokuba leli zwe liphele. Ngenxa yalesi sizathu, asinaso isikhathi sokulokhu sifunda iBhayibheli nabantu abangazimisele ukuba abafundi bakaKristu. (1 Kor. 9:26) Umsebenzi wethu uyaphuthuma! Baningi abantu abasadinga ukuzwa ngoMbuso kungakephuzi.

PHUMA UPHELE ENKOLWENI YAMANGA

16. NgokwesAmbulo 18:2, 4, 5, 8, yini sonke okumelwe siyenze? (Bheka nombhalo waphansi.)

16 Funda isAmbulo 18:2, 4, 5, 8La mavesi abonisa okunye uJehova akulindele ezikhonzini zakhe. Wonke amaKristu eqiniso kumelwe aphume ngokuphelele eBhabhiloni Elikhulu. Ngaphambi kokuba afunde iqiniso, kungenzeka umfundi wayesonta. Mhlawumbe wayeya ezinkonzweni futhi eba neqhaza ezintweni ezenziwa kulelo sonto. Kungenzeka futhi wayenikela ngemali esontweni. Ngaphambi kokuba umfundi weBhayibheli abe ummemezeli ongabhapathiziwe, kumelwe ayishiye ngokuphelele inkolo yamanga. Kufanele athumele incwadi yokwesula esontweni noma ashiye ngokuphelele isonto abekulo nanoma iyiphi inhlangano eyingxenye yeBhabhiloni Elikhulu. *

17. Imiphi imisebenzi yokuziphilisa umKristu okumelwe ayigweme, futhi kungani?

17 UmKristu weqiniso kumelwe aqikelele ukuthi umsebenzi wakhe wokuziphilisa awumhlanganisi neBhabhiloni Elikhulu. (2 Kor. 6:14-17) Ngokwesibonelo, ngeke asebenzele isonto. Ngaphezu kwalokho, umKristu oqashwe inkampane ethile ngeke avume ukusebenza esakhiweni esiyisonto. Uma enebhizinisi lakhe, ngeke neze ayofuna noma amukele umsebenzi ozomhlanganisa neBhabhiloni Elikhulu. Kungani kungamelwe sikwenze lokhu? Yingoba asifuni ukuhlanganyela ezenzweni nasezonweni zezinhlangano zenkolo uNkulunkulu azibheka njengezingcolile.—Isaya 52:11. *

18. Omunye umzalwane wanamathela kanjani ezimisweni zeBhayibheli ngokuqondene nomsebenzi wakhe wokuziphilisa?

18 Eminyakeni ethile edlule, umdala owayenebhizinisi lakhe wacelwa ukuba enze umsebenzi omncane esontweni elisedolobheni ayehlala kulo. Umuntu owayemnika lo msebenzi wayazi ukuthi umzalwane wayehlale esho ukuthi ngeke asebenze esontweni. Kodwa kulokhu lo muntu wayengabatholi abantu abangenza lo msebenzi. Noma kunjalo, lo mzalwane wanamathela ezimisweni zeBhayibheli futhi wawenqaba. Ngeviki elilandelayo, iphephandaba lendawo lalinesithombe sendoda eyayifaka isiphambano kulelo sonto. Ukube lo mzalwane wavuma ukwenza lo msebenzi, nguye owayeyovela esithombeni. Cabanga nje ukuthi lokho kwakuyolilimaza kanjani idumela lakhe! Cabanga nangendlela uJehova ayeyozizwa ngayo.

YINI ESIYIFUNDILE?

19-20. (a) Yini esiyifundile? (b) Yini okusadingeka sifunde ngayo?

19 IBhayibheli lithi isiprofetho esibalulekile esizogcwaliseka maduze yisimemezelo sababusi bezwe esithi “ukuthula nokulondeka.” Ngenxa yalokho uJehova asifundisa kona, siyazi ukuthi izizwe azisoze zakwazi ukuletha ukuthula kwangempela nokuhlala njalo. Yini okufanele siyenze ngaphambi kokuba lokho kwenzeke nangaphambi kokuba kufike imbubhiso? UJehova ulindele ukuba sibe matasa emsebenzini wokushumayela ngoMbuso futhi siqhubeke sizama ukwenza abafundi abengeziwe. Ngesikhathi esifanayo, kudingeka sizihlukanise ngokuphelele nenkolo yamanga. Lokho kuhlanganisa ukwesula emasontweni nokugwema ukusebenzela iBhabhiloni Elikhulu.

20 Zikhona ezinye izenzakalo ezisazolandela phakathi nengxenye yokugcina ‘yezinsuku zokugcina.’ Zikhona nezinye izinto uJehova alindele ukuba sizenze. Ziyini futhi singakulungela kanjani konke okusazokwenzeka maduze? Sizoxoxa ngalokhu esihlokweni esilandelayo.

INGOMA 71 Siyibutho LikaJehova!

^ par. 5 Maduze silindele ukuzwa izizwe zithi sekukhona “ukuthula nokulondeka!” Lolo kuyoba uphawu lokuthi usizi olukhulu seluzoqala. Yini uJehova alindele ukuba siyenze njengoba sisalindile? Lesi sihloko sizosisiza sithole impendulo.

^ par. 3 Ngokwesibonelo, iwebusayithi yeNhlangano Yezizwe Ezihlangene ithi “ithuthukisa ukuthula nokulondeka emhlabeni wonke.”

^ par. 10 Ukuze uthole ukuthi ungakusebenzisa kanjani okuseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa, bheka isihloko esithi “Ukufundisa Iqiniso” kuyi-Nqabayokulinda ka-Okthoba 2018.

^ par. 11 Okwamanje lezi zifundo zitholakala ngesiNgisi nangesiPutukezi, ezinye izilimi zizolandela kamuva.

^ par. 16 Kudingeka sigweme nezinhlangano eziqhuba izinkonzo zabasha noma izikhungo zokuzijabulisa ezihlobene nenkolo yamanga njenge-YMCA (Young Men’s Christian Association) ne-YWCA (Young Women’s Christian Association). Nakuba izinhlangano ze-YMCA ne-YWCA zithi imisebenzi yazo ayihlobene nenkolo, lezi zinhlangano zithuthukisa imibono nemigomo yenkolo.

^ par. 17 Ukuze uthole okwengeziwe ngombono weBhayibheli ngokusebenzela izinhlangano zenkolo, bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-Ephreli 15, 1999.

^ par. 83 INCAZELO YESITHOMBE: Amakhasimende esitolo sekhofi abukele “Ezihamba Phambili” kuthelevishini ezimayelana nesimemezelo esithi “ukuthula nokulondeka.” Indoda nomkayo abangoFakazi, abazoziphuzela ikhofi ngemva kwensimu, abakhohliswa yilesi simemezelo.