Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 48

Qedela Lokho Okuqalile

Qedela Lokho Okuqalile

“Qedelani.”—2 KOR. 8:11.

INGOMA 35 “Niqiniseke Ngezinto Ezibaluleke Kakhulu”

AMAZWIBELA *

1. UJehova usivumela ukuba senzeni?

UJEHOVA uyasivumela ukuba sizikhethele ukuthi sizophila kanjani. Usifundisa indlela yokwenza izinqumo ezinhle futhi uyasisiza siphumelele lapho senza izinqumo ezimjabulisayo. (IHu. 119:173) Lapho sisebenzisa ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu, sikwazi kangcono ukwenza izinqumo ezinhle.—Heb. 5:14.

2. Iyiphi inkinga esingase sibhekane nayo lapho sesisenzile isinqumo?

2 Ngisho nalapho sesisenzile isinqumo esihlakaniphile, singase sibe nenkinga yokuqedela lokho esikuqalile. Nazi izibonelo: Umzalwane osemusha unquma ukulifunda lonke iBhayibheli. Wenza kahle amaviki ambalwa kodwa aphinde ayeke ngasizathu simbe. Udade unquma ukukhonza njengephayona elivamile kodwa ulokhu eluhlehlisa usuku azoqala ngalo. Indikimba yabadala ivumelana ngesinqumo sokwenza ukuhambela kokwalusa ebandleni kodwa kuphela izinyanga ingakwenzi. Lezi zimo azifani kodwa kunokuthile okufanayo ngazo. Izinqumo ezenziwe akwenziwanga lutho ngazo. AmaKristu angekhulu lokuqala eKorinte abhekana nenkinga efanayo. Ake sixoxe ngalokho esingakufunda kuwo.

3. Isiphi isinqumo abaseKorinte abasenza, kodwa kwenzekani?

3 Cishe ngo-55 C.E., abaseKorinte benza isinqumo esibalulekile. Bezwa ukuthi abafowabo eJerusalema naseJudiya babebhekene nobunzima futhi bempofu nokuthi amabandla athile ayeqongelela imali ukuze abasize. Beshukunyiswa umusa nomoya wokupha, abaseKorinte nabo banquma ukunikelela abafowabo, babuza umphostoli uPawulu ukuthi bangasiza kanjani. Wathumela iziqondiso ebandleni futhi wamisa uThithu ukuba aqoqe umnikelo. (1 Kor. 16:1; 2 Kor. 8:6) Ngemva kwezinyangana, uPawulu wathola ukuthi abaseKorinte babengazange banikele. Ngenxa yalokho, umnikelo wabo wawungeke uhlanganiswe ngesikhathi ukuze uthunyelwe eJerusalema kanye neminikelo yakwamanye amabandla.—2 Kor. 9:4, 5.

4. Njengoba kuboniswe kweyesi-2 Korinte 8:7, 10, 11, uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba enzeni?

4 AbaseKorinte benza isinqumo esihle futhi uPawulu wabancoma ngokholo lwabo oluqinile nesifiso sabo esiqotho sokupha. Kodwa kwadingeka abakhuthaze ukuba baqedele lokho ababekuqalile. (Funda eyesi-2 Korinte 8:7, 10, 11.) Okwenzeka kubo kusifundisa ukuthi ngisho namaKristu athembekile angase akuthole kunzima ukwenza okuhle akunqumile.

5. Yimiphi imibuzo esizoyiphendula?

5 NjengamaKristu aseKorinte, singakuthola kunzima ukwenza lokho esikunqumile. Kungani? Kungenxa yokuthi sinesono, ngakho kungaba lula ukukuhlehlisa. Izenzakalo ezingalindelekile zingabangela ukuba singakwazi ukwenza lokho esinqume ukuthi sizokwenza. (UmSh. 9:11; Roma 7:18) Yini esingayenza ukuze sihlole isinqumo sethu futhi sibone ukuthi kufanele yini sisishintshe? Yini esingayenza ukuze siqikelele ukuthi siyakuqedela lokho esikuqalile?

NGAPHAMBI KOKUBA WENZE ISINQUMO

6. Kunini lapho kungase kudingeke khona ukushintsha isinqumo?

6 Kunezinqumo ezibalulekile esingeke sizishintshe. Ngokwesibonelo, siyanamathela esinqumweni sethu sokukhonza uJehova futhi sizimisele ukwethembeka kumuntu esishade naye. (Math. 16:24; 19:6) Nokho, ezinye izinqumo kungase kudingeke sizishintshe. Kungani? Ngoba izimo ziyashintsha. Yiziphi izinyathelo ezingasisiza senze izinqumo ezingcono kakhulu?

7. Yini okufanele siyithandazele, futhi kungani?

7 Thandazela ukuhlakanipha. UJakobe wabhala: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile.” (Jak. 1:5) Kwezinye izimo, sonke ‘sintula ukuhlakanipha.’ Ngakho thembela kuJehova lapho wenza isinqumo nalapho ususishintsha leso sinqumo. UJehova uyokusiza unqume ngokuhlakanipha.

8. Yikuphi ukucwaninga okufanele sikwenze ngaphambi kokwenza isinqumo?

8 Cwaninga ngokucophelela. Funda iZwi likaNkulunkulu, ufunde izincwadi zenhlangano kaJehova futhi uxoxe nabantu obethembayo. (IzAga 20:18) Kubalulekile ukucwaninga ngale ndlela ngaphambi kokuba wenze isinqumo sokushintsha umsebenzi, sokuthutha noma sokukhetha imfundo ekahle eyokusiza ukwazi ukuziphilisa futhi uqhubeke ukhonza uJehova.

9. Sizuza kanjani uma sithembekile kithi ngokwethu?

9 Hlola izisusa zakho. UJehova unendaba nezisusa zalokho esikwenzayo. (IzAga 16:2) Ufuna sithembeke kuzo zonke izinto. Ngakho lapho senza izinqumo, nathi sifuna ukuthembeka kithi ngokwethu nakwabanye ngokuqondene nezisusa zethu. Uma singathembekile, kuyoba nzima ukwenza lokho esikunqumile. Ngokwesibonelo, umzalwane osemusha angase anqume ukuba yiphayona elivamile. Ngemva kwesikhathi esithile, uyehluleka ukugcwalisa umgomo wamahora ayimfuneko futhi uphelelwa injabulo enkonzweni yakhe. Kungenzeka wayenomuzwa wokuthi ufuna ukuphayona ngoba efisa ukujabulisa uJehova. Nokho, kusengenzeka nokuthi wayefuna ukujabulisa abazali bakhe noma umuntu othile.

10. Yini edingekayo ukuze senze izinguquko?

10 Cabanga ngomuntu ofundelwayo onquma ukuyeka ukubhema. Ekuqaleni angase akwazi ukuhlala isonto elilodwa noma amabili engabhemi, bese eyaphinda abheme. Nokho, ugcina ekwazile ukugqashula ngokuphelele! Ukuthanda uJehova nokufuna ukumjabulisa kuye kwamsiza wanqoba lo mkhuba.—Kol. 1:10; 3:23.

11. Kungani kumelwe uzibekele imigomo?

11 Zibekele imigomo. Uma unemigomo oyibekile, kuyoba lula ukuba uqedele lokho okuqalile. Ngokwesibonelo, kungenzeka unqume ukufunda iBhayibheli njalo. Nokho, uma ungenayo ishejuli yokufunda, ungase wehluleke ukwenza lokho okunqumile. * Noma abadala ebandleni bangase banqume ukwelusa amalungu ebandla kaningana, kodwa ngemva kwesikhathi bathole ukuthi abakwenzanga lokho abakunqumile. Ukuze baphumelele, bangazibuza le mibuzo: “Bakhona yini abafowethu nodadewethu abangazuza ngokukhethekile ekuhambeleni kokwalusa? Sisibekile yini isikhathi esizobavakashela ngaso?”

12. Yini okungase kudingeke siyenze, futhi kungani?

12 Bheka izinto njengoba zinjalo. Akekho kithi onesikhathi, izinto noma amandla okwenza yonke into athanda ukuyenza. Ngakho, bheka izinto njengoba zinjalo. Ngezinye izikhathi kungase kudingeke ushintshe okunqumile ngoba ungeke ukwazi ukukwenza. (UmSh. 3:6) Nokho, yini ongayenza uma ngemva kokuba ususihlolile isinqumo, wasishintsha uma kudingeka, bese uba nomuzwa wokuthi usungakwenza okunqumile? Nazi izinyathelo ezinhlanu ezingakusiza uqedele lokho okuqalile.

IZINYATHELO ZOKWENZA OKUNQUMILE

13. Ungawathola kanjani amandla owadingayo okwenza lokho okunqumile?

13 Thandaza ucele amandla okukwenza. UNkulunkulu angakunika amandla okuba ‘wenze’ lokho okunqumile. (Fil. 2:13) Ngakho cela umoya ongcwele kuJehova ukuba ukunikeze amandla owadingayo. Qhubeka uthandaza ngisho nalapho unomuzwa wokuthi akawuphenduli umthandazo wakho. UJesu wathi: “Qhubekani nicela [umoya ongcwele], niyophiwa.”—Luka 11:9, 13.

14. Isimiso esisencwadini yezAga 21:5 singakusiza kanjani ukuba wenze lokho okunqumile?

14 Hlela indlela ozokwenza ngayo. (Funda izAga 21:5.) Ukuze uqede noma imuphi umsebenzi owuqalayo, kudingeka uhlele ukuthi uzowenza kanjani. Kudingeka usebenze ngokuvumelana nalolo hlelo. Ngendlela efanayo, lapho wenza isinqumo, bhala izinyathelo eziyokusiza wenze lokho okunqumile. Hlukanisa umsebenzi okufanele uwenze ngezingxenyana ezincane ukuze ukwazi ukubona ukuthi kungakanani osukufezile. UPawulu wakhuthaza abaseKorinte ukuba babekele eceleni okuthile “ngosuku lokuqala lwesonto” kunokuba balinde kuze kube yilapho efika, bese kuba yima beqoqa iminikelo. (1 Kor. 16:2) Ukuhlukanisa umsebenzi ube izingxenyana ezincane kwenza nokuba ungabonakali umkhulu kakhulu ukuba ungawuqeda.

15. Kufanele wenzeni lapho usukuhlelile ozokwenza?

15 Ukubhala phansi lokho okuhlelile kungakusiza ukuba ukwenze lokho okunqumile. (1 Kor. 14:40) Ngokwesibonelo, indikimba yabadala itshelwa ukuba yabele umdala othile ukuba abhale izinqumo ezenziwa indikimba yabadala, abhale ukuthi ubani owabelwe ukwenza lokho okunqunyiwe, abhale nosuku okufanele kuqedwe ngawo lowo msebenzi. Abadala abakwenzayo lokhu bayaphumelela ekwenzeni lokho abakunqumile. (1 Kor. 9:26) Nawe ungazama ukwenza okufanayo ekuphileni kwakho. Ngokwesibonelo, ungabhala izinto ofuna ukuzenza bese uzilandelanisa ngendlela ofuna ukuzenza ngayo. Lokhu kungakusiza ungagcini nje ngokuqedela lokho okuqalayo kodwa nokuba ukwazi ukwenza okuningi ngesikhathi esifushane.

16. Yini edingekayo ukuze wenze lokho okunqumile, futhi eyabaseRoma 12:11 ikusekela kanjani lokhu?

16 Zikhandle. Kudinga umzamo ukwenza lokho okuhlelile futhi uqede lokho okuqalayo. (Funda eyabaseRoma 12:11.) UPawulu watshela uThimothewu ukuba ‘aqhubeke ezimisela’ futhi ephikelela ekubeni umfundisi ongcono. Leso seluleko siyasebenza nakweminye imigomo engokomoya.—1 Thim. 4:13, 16.

17. Eyabase-Efesu 5:15, 16 ingasisiza kanjani ekwenzeni lokho esikunqumile?

17 Sisebenzise kahle isikhathi sakho. (Funda eyabase-Efesu 5:15, 16.) Khetha isikhathi sokwenza lokho okunqumile futhi ungasishintshi. Gwema ukuthi ulinde isikhathi esikahle; isikhathi esikahle singase singafiki. (UmSh. 11:4) Ungavumeli izinto ezingathi shu zidle isikhathi sakho namandla ongawasebenzisela ukwenza izinto ezibalulekile. (Fil. 1:10) Uma kungenzeka, bekela eceleni isikhathi esingenaziphazamiso. Cela nabanye ukuba bangakuphazamisi phakathi naleso sikhathi. Kungakuhle uwucishe umakhalekhukhwini wakho, ubheke imilayezo yakho noma ungene ezinkundleni zokuxhumana uma usuqedile. *

18-19. Yini engakusiza ukuba ungaphonsi ithawula ekwenzeni okunqumile lapho ubhekana nezinkinga?

18 Gxila emphumeleni. Umphumela wokwenza lokho okunqumile ufana nokufika endaweni oya kuyo. Uma ufuna ngempela ukufika lapho uya khona, uzoqhubeka uhamba ngisho noma kungadingeka uhambe ngenye indlela ukuze ufike. Ngendlela efanayo, uma sigxila emphumeleni wezinqumo esizenzayo, ngeke siphonse ithawula kalula lapho sibhekana nezinkinga.—Gal. 6:9.

19 Ukwenza izinqumo ezinhle akulula futhi ukwenza lokho okunqumile kungaba inselele. Kodwa ngosizo lukaJehova, ungathola ukuhlakanipha namandla owadingayo ukuze uqedele lokho okuqalile.

INGOMA 65 Qhubekela Phambili!

^ par. 5 Ingabe uyazisola ngezinye zezinqumo oke wazenza? Noma ingabe ngezinye izikhathi kuba nzima ukunquma kahle nokwenza lokho osukunqumile? Lesi sihloko sizokusiza ubhekane nalezo zinselele futhi uqedele lokho okuqalile.

^ par. 11 Ukuze uhlele ukufunda iBhayibheli, ungasebenzisa “Isimiso Sokufunda IBhayibheli” esiku-jw.org/zu.

^ par. 17 Ukuze uthole okunye ukusikisela kwendlela yokuhlela isikhathi sakho, bheka isihloko esithi “Izindlela Ezingu-20 Zokuzenzela Isikhathi Esithe Xaxa” ku-Phaphama! ka-Ephreli 2010.