Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 47

Izifundo Esingazifunda Encwadini KaLevitikusi

Izifundo Esingazifunda Encwadini KaLevitikusi

“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.”—2 THIM. 3:16.

INGOMA 98 ImiBhalo—Iphefumulelwe UNkulunkulu

AMAZWIBELA *

1-2. Kungani amaKristu namuhla kudingeka afunde incwadi kaLevitikusi?

UMPHOSTOLI uPawulu wakhumbuza umngane wakhe osemusha uThimothewu ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” (2 Thim. 3:16) Le miBhalo ihlanganisa nencwadi kaLevitikusi. Uyibheka kanjani wena le ncwadi? Abanye bangase bathi igcwele imithetho eminingi engasasebenzi kithi namuhla, kodwa amaKristu eqiniso anombono ohlukile.

2 Incwadi kaLevitikusi yabhalwa eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, kodwa uJehova wenza ukuba igcinwe ukuze “kufundiswe thina.” (Roma 15:4) Le ncwadi isisiza siqonde indlela uJehova acabanga ngayo, ngakho kubalulekile ngathi ukuba siyifunde. Empeleni kunezifundo eziningana esingazifunda kuyo. Ake sixoxe ngezine.

INDLELA YOKUTHOLA ISIBUSISO SIKAJEHOVA

3. Kungani kwakunikelwa imihlatshelo ngoSuku Lokuhlawulelwa lwaminyaka yonke?

3 Isifundo sokuqala: Sidinga isibusiso sikaJehova ukuze ayamukele imihlatshelo yethu. NgoSuku Lokuhlawulelwa lwaminyaka yonke, isizwe sakwa-Israyeli sasihlangana sinikele ngemihlatshelo yezilwane. Leyo mihlatshelo yayikhumbuza ama-Israyeli ukuthi ayedinga ukuhlanzwa esonweni! Kodwa ngaphambi kokuba umpristi ophakeme alethe igazi lomhlatshelo eNgcwelengcwele ngalolo suku, kwakufanele enze esinye isabelo esasibaluleke ukwedlula ukuthethelelwa kwezono zabantu.

(Bheka isigaba 4) *

4. Njengoba kubonisiwe kuLevitikusi 16:12, 13, yini umpristi ophakeme ayeyenza lapho engena okokuqala eNgcwelengcwele ngoSuku Lokuhlawulelwa? (Bheka isithombe esisesembozweni.)

4 Funda uLevitikusi 16:12, 13. Ake ukubone ngeso lengqondo okwakwenzeka ngoSuku Lokuhlawulelwa: Umpristi ophakeme ungena etabernakele. Njengoba engena okokuqala, zintathu izikhathi okumelwe angene ngazo eNgcwelengcwele ngalolo suku. Esandleni uphethe isitsha esinempepho enamakha, kwesinye uphethe umcengezi womlilo ogcwele amalahle avuthayo. Uyema kancane phambi kwesihenqo seNgcwelengcwele. Ngenhlonipho ejulile, ungena eNgcwelengcwele abese ema phambi komphongolo wesivumelwano. Ngendlela engokomfanekiso, umi phambi kukaJehova uNkulunkulu! Umpristi ube esethela ngokucophelela impepho engcwele emalahleni avuthayo bese kuba nephunga elimnandi eNgcwelengcwele. * Kamuva, uphinde angene eNgcwelengcwele negazi lemihlatshelo yesono. Phawula ukuthi wayeqale ashise impepho ngaphambi kokunikela ngegazi lemihlatshelo yesono.

5. Yini esingayifunda endleleni okwakusetshenziswa ngayo impepho ngoSuku Lokuhlawulelwa?

5 Yini esingayifunda endleleni okwakusetshenziswa ngayo impepho ngoSuku Lokuhlawulelwa? IBhayibheli lithi imithandazo uJehova ayamukelayo yezikhonzi zakhe ezithembekile ifana nempepho. (IHu. 141:2; IsAm. 5:8) Khumbula ukuthi umpristi ophakeme wayeyiletha ngenhlonipho ejulile impepho phambi kukaJehova. Ngendlela efanayo, lapho sithandaza kuJehova, sithandaza ngenhlonipho ejulile. Sikwazisa ngempela ukuthi uMdali wezinto zonke usivumela ukuba sikhulume naye futhi sisondelane naye, njengoba kwenza ingane kuyise. (Jak. 4:8) Uyasamukela njengabangane bakhe! (IHu. 25:14) Siyalazisa leli lungelo kangangokuba asifuni ukumdumaza.

6. Yini esingayifunda ngokuqondene nokuthi umpristi ophakeme wayeshisa impepho ngaphambi kokuba anikele imihlatshelo?

6 Khumbula nokuthi umpristi ophakeme kwakudingeka ashise impepho ngaphambi kokuba anikele imihlatshelo. Ngale ndlela, wayeqikelela ukuthi uthola isibusiso sikaNkulunkulu lapho esenikela imihlatshelo. Sifundani kulokhu? Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu kwadingeka enze okuthile okubalulekile—okubaluleke ngaphezu kokusindiswa kwabantu—ngaphambi kokuba anikele ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo. Kwakuyini lokho? Kwadingeka alungiselele indlela yokuba uJehova awamukele umhlatshelo wakhe ngokuba abe qotho futhi athembeke. Ngaleyo ndlela, uJesu wayeyobonisa ukuthi ukwenza izinto ngendlela kaJehova kuyindlela efanele yokuphila. Wayeyobe elwela ubukhosi bukaYise, ebonisa ukuthi indlela yakhe yokubusa inobulungisa.

7. Kungani ukuphila kukaJesu emhlabeni kwamjabulisa uYise?

7 Phakathi nokuphila kwakhe emhlabeni, uJesu wamlalela ngokuphelele uJehova. Asikho isilingo noma ubunzima obaqeda isifiso sakhe sokulwela indlela kaJehova yokubusa. Ukwazi ukuthi wayezobulawa kabuhlungu nakho akuzange kumenze ayeke. (Fil. 2:8) Lapho ebhekene novivinyo, uJesu wathandaza “ngokukhala okukhulu nangezinyembezi.” (Heb. 5:7) Imithandazo yakhe eqotho nesuka enhliziyweni yasiqinisa isifiso sakhe sokuhlala ethembekile. KuJehova, imithandazo kaJesu yayifana nephunga elimnandi lempepho. Ukuphila kukaJesu kwamjabulisa kakhulu uYise, kwalwela nobukhosi bakhe.

8. Singamlingisa kanjani uJesu?

8 Singamlingisa uJesu ngokwenza konke esingakwenza ukuze sibe qotho futhi sithembeke kuJehova. Lapho sibhekene novivinyo, sithandaza ngobuqotho sicele usizo kuJehova ngoba sifuna ukumjabulisa. Ngokwenza kanjalo, sibonisa ukuthi siyayisekela indlela kaJehova yokubusa. Siyaqaphela ukuthi ngeke ayamukele imithandazo yethu uma siziphatha ngendlela angayifuni. Nokho, uma senza izinto azithandayo, singaqiniseka ngokuthi imithandazo yethu esuka enhliziyweni izofana nempepho enuka kamnandi kuJehova. Singaqiniseka nangokuthi uma siqotho futhi simlalela uBaba wethu osezulwini, uzojabula.—IzAga 27:11.

SIKHONZA UJEHOVA NGOBA SINOKWAZISA FUTHI SIYAMTHANDA

(Bheka isigaba 9) *

9. Kungani kwakunikelwa imihlatshelo yenhlanganyelo?

9 Isifundo sesibili: Sikhonza uJehova ngoba siyakwazisa lokho asenzela kona. Ukuze sikubone kahle lokhu, ake sixoxe ngemihlatshelo yenhlanganyelo, elinye ilungiselelo elibalulekile lokukhulekela kweqiniso elalikhona kwa-Israyeli. * Encwadini kaLevitikusi, sifunda ukuthi umIsrayeli wayenganikela umhlatshelo wenhlanganyelo “njengesibonakaliso sokubonga.” (Lev. 7:11-13, 16-18) Wayenganikeli nje ngoba kumelwe anikele kodwa wayenikela ngoba efuna ukunikela. Ngakho umuntu wayenikela ngoba emthanda uJehova uNkulunkulu. Umuntu owayenikela, umndeni wakhe nabapristi babedla inyama yesilwane okwenziwe ngaso umhlatshelo. Kodwa izingxenye ezithile zomhlatshelo zazinikelwa kuJehova. Iziphi lezo zingxenye?

(Bheka isigaba 10) *

10. Imihlatshelo yenhlanganyelo okukhulunywa ngayo kuLevitikusi 3:6, 12, 14-16 isifundisani ngokuzimisela kukaJesu ukwenza intando kaYise?

10 Isifundo sesithathu: Sinikeza uJehova okungcono ngoba siyamthanda. UJehova wayebheka amanoni njengengxenye engcono kakhulu esilwaneni. Waphinde wathi izitho ezibalulekile njengezinso zazikhethekile. (Funda uLevitikusi 3:6, 12, 14-16.) Ngakho uJehova wayejabula lapho umIsrayeli enikela ngokuzithandela ngamanoni nangalezo zingxenye zesilwane. UmIsrayeli owayenza umnikelo onjalo wayebonisa ukuthi unesifiso esijulile sokunikeza uNkulunkulu okungcono kakhulu. Ngendlela efanayo, uJesu ngokuzithandela wanikeza uJehova okungcono kakhulu ngokumkhonza ngomphefumulo wonke. (Joh. 14:31) Wayekujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu; wayewuthanda kakhulu umthetho kaNkulunkulu. (IHu. 40:8) Kumelwe ukuba kwakumjabulisa uJehova ukubona uJesu emkhonza ngokuzithandela!

Sinikeza uJehova okungcono kakhulu ngoba siyamthanda (Bheka izigaba 11-12) *

11. Inkonzo yethu ifana kanjani nemihlatshelo yenhlanganyelo, futhi kusiduduza kanjani lokhu?

11 Njengaleyo mihlatshelo yenhlanganyelo, inkonzo yethu iyindlela esibonisa ngayo ukuthi simthanda kangakanani uJehova. Sinika uJehova okungcono kakhulu futhi sikwenza lokho ngoba simthanda ngokusuka enhliziyweni. Kumelwe ukuba kuyamjabulisa uJehova ukubona izigidi zabakhulekeli bakhe zimkhonza ngoba zimthanda ngokujulile! Kuyasiduduza ukukhumbula ukuthi uJehova akagcini nje ngokubona nokujatshuliswa izenzo kodwa futhi ubona nezisusa zethu. Ngokwesibonelo, uma usukhulile futhi ungasakwazi ukwenza lokho ofisa ukukwenza, qiniseka ngokuthi uJehova uyasiqonda isimo. Ungase ube nomuzwa wokuthi kuncane ongamenzela kona, kodwa uJehova uyalubona uthando olusenhliziyweni yakho olukwenza ufise ukwenza lokho okwaziyo ukukwenza. Uyakujabulela ukwamukela lokho onamandla okukwenza.

12. Indlela uJehova ayezizwa ngayo ngemihlatshelo yenhlanganyelo isenza siqiniseke ngani?

12 Yini esiyifundayo ngemihlatshelo yenhlanganyelo? Lapho umlilo ushisa izingxenye ezingcono kunazo zonke zesilwane, intuthu yayinyukela phezulu futhi uJehova wayejabula. Ngakho qiniseka ukuthi inkonzo yakho yomphefumulo wonke iyamjabulisa uJehova. (Kol. 3:23) Cabanga indlela ajabula ngayo ngawe. Ozama ukukwenza enkonzweni yakhe kuyigugu, kungakhathaliseki ukuthi kuncane noma kukhulu, futhi uzohlale ekukhumbula lokho okwenzayo, ekwazisa phakade.—Math. 6:20; Heb. 6:10.

UJEHOVA UYAYIBUSISA INHLANGANO YAKHE

13. NgokukaLevitikusi 9:23, 24, uJehova wabonisa kanjani ukuthi uyabamukela abapristi?

13 Isifundo sesine: UJehova uyayibusisa ingxenye esemhlabeni yenhlangano yakhe. Cabanga ngalokho okwenzeka ngo-1512 B.C.E. lapho kumiswa itabernakele eduze neNtaba iSinayi. (Eks. 40:17) UMose nguye owamisa u-Aroni namadodana akhe ukuba babe abapristi. Isizwe sakwa-Israyeli sahlangana sizobona abapristi benikela imihlatshelo yabo yokuqala yezilwane. (Lev. 9:1-5) UJehova wabonisa kanjani ukuthi uyabamukela labo bapristi ababesanda kumiswa? Lapho u-Aroni noMose bebusisa abantu, uJehova wabangela ukuba umlilo ovela ezulwini udle ingxenye yomhlatshelo eyayisele e-altare.—Funda uLevitikusi 9:23, 24.

14. Ukwamukela kukaJehova u-Aroni namadodana akhe njengabapristi kubaluleke ngani kithi namuhla?

14 Ukwehla komlilo ovela ezulwini owadla ingxenye yomhlatshelo eyayisele kwakubonisani? UJehova wayebonisa ukuthi uyakusekela ukumiswa kuka-Aroni namadodana akhe njengabapristi. Lapho ama-Israyeli ebona lobu bufakazi obucacile bokuthi uJehova uyabamukela abapristi ababesanda kumiswa, nawo aba nesizathu esihle sokubasekela. Kukhona esikufundayo thina kulokhu? Impela! Abapristi kwa-Israyeli babemane nje beyisithunzi sobupristi obubaluleke nakakhulu. UKristu, umPristi Ophakeme, unesizwe sabapristi abangu-144 000 abazokhonza naye ezulwini.—Heb. 4:14; 8:3-5; 10:1.

UJehova uyayibusisa inhlangano yakhe futhi uyayiqondisa. Thina siyisekela ngenhliziyo yonke (Bheka izigaba 15-17) *

15-16. UJehova ubonise kanjani ukuthi uyayamukela “inceku ethembekileyo neqondayo”?

15 Ngo-1919, uJesu wamisa iqembu elincane labazalwane abagcotshiwe baba “inceku ethembekileyo neqondayo.” Le nceku iyahola emsebenzini wokushumayela futhi inikeza abalandeli bakaKristu ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’ (Math. 24:45) Ingabe siyabubona ubufakazi bokuthi uNkulunkulu uyayamukela inceku ethembekile neqondayo?

16 USathane nezwe lakhe uzame ngazo zonke izindlela ukuze awenze ube nzima umsebenzi wenceku ethembekile, kodwa uJehova uye wawusekela. Naphezu kwezimpi zezwe ezimbili, ushushiso olunonya, izinkinga zomnotho emhlabeni nokuphathwa kabi, inceku ethembekile neqondayo iye yaqhubeka inikeza abalandeli bakaKristu emhlabeni ukudla okungokomoya. Cabanga ngenala yokudla okungokomoya esikuthola mahhala namuhla, ngezilimi ezingaphezu kuka-900! Lokhu kuwubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uNkulunkulu uyayisekela inceku ethembekile neqondayo. Obunye ubufakazi bokuthi uJehova uyayibusisa le nceku umsebenzi wokushumayela. Ngempela izindaba ezinhle zishunyayelwa “emhlabeni wonke owakhiwe.” (Math. 24:14) Asingabazi ukuthi uJehova uyayiqondisa futhi uyibusisa ngokucebile inhlangano yakhe namuhla.

17. Singabonisa kanjani ukuthi siyayisekela inhlangano kaJehova?

17 Kungakuhle sizibuze, ‘Ingabe ngiyakwazisa ukuba phakathi kwengxenye esemhlabeni yenhlangano kaJehova?’ UJehova usinikeze ubufakazi obuqinisekisayo njengalowaya mlilo owehla uvela ezulwini ezinsukwini zikaMose no-Aroni. Sinezizathu eziningi zokumbonga. (1 Thes. 5:18, 19) Singabonisa kanjani ukuthi siyayisekela inhlangano kaJehova? Ngokulandela isiqondiso esisekelwe eBhayibhelini esisithola ezincwadini zethu nasemihlanganweni yebandla, yesigodi neyesifunda. Ngaphezu kwalokho, singabonisa ukuthi siyayisekela ngokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela nokufundisa.—1 Kor. 15:58.

18. Yini ozimisele ukuyenza?

18 Masizimisele ukusebenzisa izifundo esizithole encwadini kaLevitikusi. Masicele isibusiso sikaJehova ukuze ayamukele imihlatshelo yethu. Masikhonze uJehova ngoba sikwazisa lokho asenzela kona. Masiqhubeke sinikeza uJehova okungcono kakhulu ngoba simthanda ngayo yonke inhliziyo yethu. Masisekele inhlangano yakhe ngomphefumulo wonke. Ngokwenza konke lokhu, siyobe sibonisa uJehova ukuthi siyalazisa ilungelo lokumkhonza njengoFakazi bakhe!

INGOMA 96 INcwadi KaNkulunkulu—IGugu

^ par. 5 Incwadi kaLevitikusi inemithetho uJehova ayinikeza ama-Israyeli endulo. NjengamaKristu, asisaphili ngaleyo mithetho, kodwa singazuza kuyo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezifundo ezibalulekile esingazifunda encwadini kaLevitikusi.

^ par. 4 Impepho eyayishiswa etabernakele yayibhekwa njengengcwele futhi kwa-Israyeli wasendulo yayisetshenziselwa ukukhonza uJehova kuphela. (Eks. 30:34-38) Akukho lapho kushiwo khona ukuthi amaKristu angekhulu lokuqala ayeshisa impepho lapho ekhonza uJehova.

^ par. 9 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngemihlatshelo yenhlanganyelo, bheka i-Insight on the Scriptures, uMqulu 2, k. 526.

^ par. 54 INCAZELO YEZITHOMBE: NgoSuku Lokuhlawulelwa, umpristi ophakeme ongumIsrayeli wayengena eNgcwelengcwele ephethe impepho namalahle avuthayo ukuze ashunqise impepho bese kuba nephunga elimnandi. Kamuva, wayephinde angene eNgcwelengcwele ephethe igazi lemihlatshelo yesono

^ par. 56 INCAZELO YEZITHOMBE: UmIsrayeli unikeza umpristi imvu njengomhlatshelo wenhlanganyelo ukuze abonise indlela umndeni wakhe omazisa ngayo uJehova.

^ par. 58 INCAZELO YEZITHOMBE: Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wabonisa uthando olujulile ngoJehova ngokugcina imiyalo yakhe nangokusiza abalandeli bakhe ukuba benze okufanayo.

^ par. 60 INCAZELO YEZITHOMBE: Udade osekhulile, nakuba kunezinto angasakwazi ukuzenza, unikeza uJehova okungcono kakhulu ngokufakaza ngokubhala izincwadi.

^ par. 62 INCAZELO YEZITHOMBE: NgoFebhuwari 2019, uMfoweth’ uGerrit Lösch weNdikimba Ebusayo wakhulula INguqulo Yezwe Elisha ebuyekeziwe ngesiJalimane phambi kwezilaleli ezazijabule. Namuhla, abamemezeli eJalimane, njengalab’ odade ababili, bayakujabulela ukusebenzisa iBhayibheli elisanda kukhululwa ensimini.