Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iqiniso NgoMbuso KaNkulunkulu

Iqiniso NgoMbuso KaNkulunkulu

UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuthandaza: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Uyini uMbuso kaNkulunkulu? Yini oyenzayo? Kungani kufanele siwuthandazele?

UJesu uyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu.

Luka 1:31-33: “Kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu. Iyoba umuntu omkhulu ibizwe ngokuthi yiNdodana YoPhezukonke; uJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, futhi iyobusa njengenkosi phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wayo ngeke uphele.”

UMbuso wawuyisihloko sentshumayelo kaJesu.

Mathewu 9:35: “UJesu wathatha uhambo oluya kuyo yonke imizi nemizana, efundisa emasinagogeni abo eshumayela izindaba ezinhle zombuso futhi elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.”

UJesu wanika abafundi bakhe isibonakaliso esasizobasiza bazi uma uMbuso ususondele.

Mathewu 24:7: “Ngoba isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.”

Manje abafundi bakaJesu bashumayela ngoMbuso emhlabeni wonke.

Mathewu 24:14: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”