Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Khetha Ukusekela UMbuso KaNkulunkulu Manje!

Khetha Ukusekela UMbuso KaNkulunkulu Manje!

Ake sithi kusondela isiphepho esikhulu endaweni yakini. Izisebenzi zikahulumeni zikhipha izixwayiso eziphuthumayo: “PHUMANI! HAMBANI NIYE ENDAWENI EPHEPHILE MANJE!” Yini ewukuhlakanipha obungayenza? Ngokuqinisekile ubungaya endaweni ephephile.

Ngokufanayo, sonke siphila esikhathini lapho kusondela khona “isiphepho” esikhulu, uJesu asibiza ngokuthi “usizi olukhulu.” (Mathewu 24:21) Asikwazi ukusibalekela kalula lesi siphepho. Kodwa singenza okuthile ukuze sizivikele. Singenzani?

ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu Kristu wanika lo myalo: “Qhubekani nifuna kuqala umbuso [kaNkulunkulu] nokulunga kwakhe.” (Mathewu 6:33) Singakwenza kanjani lokho?

Funa kuqala uMbuso kaNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi kufanele sibheke uMbuso kaNkulunkulu njengobaluleke kakhulu kunanoma yini enye. (Mathewu 6:25, 32, 33) Kungani kufanele siwubheke kanjalo? Kungenxa yokuthi abantu abasoze bakwazi ukuxazulula izinkinga zesintu. UMbuso kaNkulunkulu kuphela ongakwazi ukufeza lo msebenzi onzima.

Funa ukulunga kwakhe. Kufanele silwele ukuphila ngokuvumelana nemithetho kanye nezimiso zikaNkulunkulu zokulunga. Kungani? Kungenxa yokuthi uma sizinqumela thina ukuthi yini elungile nokuthi yini engalungile, imiphumela iyoba mibi. (IzAga 16:25) Ngakolunye uhlangothi, uma siphila ngemithetho kaNkulunkulu, asijabulisi nje kuphela uNkulunkulu kodwa nathi siyazuza.​—Isaya 48:17, 18.

Qhubeka ufuna kuqala uMbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe. UJesu waxwayisa ngokuthi abanye bangase baphazamiseke bacabange ukuthi bangathola ukulondeka ngokugaya imali. Abanye bangase bavumele izinkathazo zokuphila zibacindezele kakhulu kangangokuba bangabe besakwazi ukuba nesikhathi sokufuna uMbuso kaNkulunkulu.​—Mathewu 6:19-21, 25-32.

Nokho, uJesu wathembisa ukuthi labo abasekela uMbuso kaNkulunkulu bazokuthola abakudingayo manje futhi bajabulele izibusiso ezingapheli esikhathini esizayo.​—Mathewu 6:33.

Nakuba abafundi bakaJesu bangekhulu lokuqala bafuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala nokulunga kwakhe, abazange bakubone ukuphela kwabo bonke ubuhlungu nokuhlupheka ngesikhathi sabo. Kodwa babevikelekile. Kanjani?

Babephila ngemithetho kaNkulunkulu yokulunga, futhi lokho kwabavikela ezimweni ezinzima ababebhekana nazo labo ababekushaya indiva lokho okwakushiwo uNkulunkulu. Ukholo lwabo oluqinile lokuthi uMbuso wawuyofika lwabasiza bakwazi ukubhekana ngisho nezinkinga ezinzima kakhulu. UNkulunkulu wabanika “amandla angaphezu kwavamile” ukuze bakwazi ukubhekana nezinkinga.​—2 Korinte 4:7-9.

INGABE UZOWUFUNA KUQALA UMBUSO?

AmaKristu angekhulu lokuqala awulalela umyalo kaJesu wokufuna kuqala uMbuso. Ashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuyo yonke ingxenye yomhlaba ayekuyo. (Kolose 1:23) Bakhona yini abenza lo msebenzi namuhla?

Yebo! OFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu uzoqeda lesi simiso sezinto. Ngakho benza konke abangakwenza ukuze baphile ngokuvumelana namazwi kaJesu: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”​—Mathewu 24:14.

Uzosabela kanjani kulezi zindaba ezinhle? Sikunxusa ukuba ulingise abantu bangekhulu lokuqala basedolobheni laseMakedoniya, eBhereya. Lapho bezwa izindaba ezinhle zoMbuso kumphostoli uPawulu, umyalezo wakhe bawamukela “ngengqondo enokulangazela okukhulu.” Ngemva kwalokho ‘bahlola ngokucophelela imiBhalo’ ukuze baziqinisekise ngalokho ababekuzwile futhi bakwenza lokho ababekufunda.​—IzEnzo 17:11, 12.

Nawe ungenza okufanayo. Ngokufuna kuqala uMbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, uzothola isiphephelo nesivikelo manje futhi ujabulele ukuthula okuhlala njalo nokulondeka esikhathini esizayo.