Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Esingakwenza Ukuze Sithande UNkulunkulu Nomakhelwane

Esingakwenza Ukuze Sithande UNkulunkulu Nomakhelwane

Nakuba amaKristu engabophekile ukuba ahloniphe uMthetho KaMose, imiyalo emibili emikhulu kunayo yonke yalo mthetho—eyokuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane—isakufingqa kahle lokho uJehova akufuna kithi. (Math 22:37-39) Akuzenzakaleli ukuba sibe nothando olunjalo. Kumelwe sikusebenzele ukuba nalo. Kanjani? Enye yezindlela ezibalulekile esingakwenza ngayo lokhu, ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. Lapho sifunda ngobuntu bukaJehova, njengoba buvezwe emiBhalweni, siyabubona ‘ubuhle bakhe.’ (IHu 27:4) Ngenxa yalokho, simthanda nakakhulu uNkulunkulu futhi indlela esicabanga ngayo igcina isifana neyakhe. Lokho kusenza siyilalele imiyalo kaNkulunkulu, ehlanganisa ukubonisa uthando lokuzidela olwenza senzele abanye imisebenzi ethile. (Joh 13:34, 35; 1Joh 5:3) Nanka amacebiso amathathu angakwenza ukujabulele ukufunda iBhayibheli:

  • Kubone ngeso lengqondo lokho okufundayo, usebenzise nezinzwa zakho. Zicabange ulapho. Yini oyibonayo, oyizwayo noyihogelayo? Bazizwa kanjani laba obabonayo?

  • Lifunde ngezindlela ezihlukahlukene. Nazi izindlela ongazisebenzisa: Funda ngokuzwakalayo noma ulandele njengoba ulalele ukufundwa kweBhayibheli okuqoshiwe. Funda ngomuntu othile eBhayibhelini noma ngesihloko kunokufunda izahluko zeBhayibheli ngokulandelana kwazo. Ngokwesibonelo, ukuze ufunde ngoJesu, bheka Ingxenye 4 noma Ingxenye 16 yencwajana ethi INsiza-kufunda YeZwi LikaNkulunkulu. Funda sonke isahluko okuthathelwe kuso umBhalo wosuku. Funda izincwadi zeBhayibheli ngokwendlela ezazilandelana ngayo lapho zibhalwa.

  • Kuqonde okufundayo. Kungcono kakhulu ukufunda isahluko esisodwa ngosuku usiqonde futhi uzindle ngaso, kunokufundela ukuqeda izahluko eziningi. Cabanga ngokwenzekayo. Hlaziya imininingwane. Sebenzisa amabalazwe nezikhombo eziphakathi namakhasi eBhayibheli. Cwaninga okungenani iphuzu elilodwa ongaliqondi. Uma kungenzeka, lapho uzindla, chitha isikhathi esifanayo naleso obungasichitha lapho ufunda.