Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Thembela KuJehova Lapho Othile Ekuxhaphaza

Thembela KuJehova Lapho Othile Ekuxhaphaza

Iziqhwaga zingasilimaza ngokoqobo noma zisenze sicindezeleke. Zingaze ngisho ziphazamise nobuhlobo bethu noJehova uma sizesaba lapho ziphikisa izinkolelo zethu. Ungazivikela kanjani lapho ubhekene nesiqhwaga?

Izikhonzi zikaJehova eziningi ziye zabhekana ngokuphumelelayo neziqhwaga lapho zithembela kuJehova. (Hu 18:17) Ngokwesibonelo, u-Esteri wakhuluma ukuze adalule amaqhinga esiqhwaga esikhohlakele esinguHamani. (Est 7:1-6) Ngaphambi kokuba enze kanjalo, wabonisa ukuthi uthembele kuJehova ngokuzila ukudla. (Est 4:14-16) Ngenxa yalezo zenzo, uJehova wambusisa, wamvikela futhi wavikela nabantu baKhe.

Basha, uma othile ekuxhaphaza, cela uJehova akusize futhi ukhulume nomuntu omdala ngale nkinga, njengomzali wakho. Ungaqiniseka ukuthi uJehova angakusiza njengoba asiza u-Esteri. Yini enye ongayenza ukuze ubhekane nokuxhashazwa?

BUKELANI IVIDIYO ETHI UBUSHA BAMI—NGINGABHEKANA KANJANI NOKUXHASHAZWA? BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Abasebasha bangafundani esibonelweni sikaCharlie noFerin?

  • Abazali bangafundani kulokhu okushiwo uCharlie noFerin ngendlela abangazisiza ngayo izingane zabo zibhekane nokuxhashazwa?