Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Abelusi Abasebenzela Ukusiza Abantu BakaJehova

Abelusi Abasebenzela Ukusiza Abantu BakaJehova

Abantu abaningi ababethembi abantu abasemagunyeni. Siyaqonda ukuthi kungani. Abantu abaningi balisebenzise kabi igunya labo, balisebenzisela ukuzizuzisa bona. (Mik 7:3) Sikwazisa ngempela ukuthi abadala ebandleni baqeqeshelwe ukuba balisebenzise kahle igunya labo ukuze basize abantu bakaNkulunkulu.—Est 10:3; Mat 20:25, 26.

Ngokungafani nalaba abanengunya kuleli zwe, abadala benza umsebenzi wokuqapha ngoba bethanda uJehova nabantu bakhe. (Joh 21:16; 1Pe 5:1-3) Beqondiswa uJesu, laba belusi basiza ummemezeli ngamunye azizwe emukelekile emndenini wezikhonzi zikaJehova futhi asondelane naye. Bazisiza ngokushesha izimvu zikaJehova uma zidinga isikhuthazo, basize nalapho othile edinga usizo oluphuthumayo lokwelashwa noma lapho kugadla inhlekelele. Uma udinga usizo, kungani ungathathi isinyathelo kuqala uthinte umdala osebandleni okulo?—Jak 5:14.

BUKELANI IVIDIYO ETHI ABELUSI ABAWUKHATHALELAYO UMHLAMBI BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Wazuza kanjani uMariana lapho esizwa abadala?

  • Wazuza kanjani u-Elias lapho esizwa abadala?

  • Lezi zibonelo ziyithinta kanjani indlela obheka ngayo umsebenzi owenziwa abadala?