Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Sebenzisa Ikhasi Lokuqala Le-JW.ORG Enkonzweni

Sebenzisa Ikhasi Lokuqala Le-JW.ORG Enkonzweni

Ikhasi lokuqala lewebhusayithi yethu linezihloko namavidiyo enzelwe ukukhanga abantu abangebona oFakazi BakaJehova abafuna ngempela ukwazi ngoNkulunkulu. (IzE 13:48) Livame ukukhuluma ngezihloko ezisezindabeni noma ngalokho abantu abakucabangayo nabakhuluma ngakho.

Ungalisebenzisa kanjani ikhasi lokuqala le-jw.org ensimini?

  • Yihlole njalo iwebhusayithi. Phawula ukuthi yini esanda kufakwa bese uyacabanga ukuthi ungakusebenzisa kanjani ukuze usize umuntu obonisa ukuthi uyathanda ukulalela. (Ukuze uthole okusanda kufakwa ekhasini lokuqala lewebhusayithi chofoza elithi “Vula Okunye.”) Ukukubheka njalo okwakamuva kuwebhusayithi kuyokusiza ube nezindlela ezintsha ongazisebenzisa ensimini.

  • Sebenzisa izihloko namavidiyo asekhasini lokuqala lewebhusayithi ukuze uqale ingxoxo. La mavidiyo nezihloko kungasinikeza umqondo walokho abantu abakucabangayo ensimini.

  • Bonisa abantu ikhasi lokuqala lewebhusayithi. Batshele ngezihloko ezithile, ubabonise ukuthi bangayisebenzisa kanjani iwebhusayithi.

  • Bathumelele ilinki. Abanye abantu bayangabaza ukukhuluma nathi kodwa bayakuthanda ukungena kuwebhusayithi yethu. Ngakho unganqikazi ukuthumelela ilinki labo abathanda ukufunda ebayisa ekhasini lokuqala lewebhusayithi noma esihlokweni esithile noma kuvidiyo.