Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Siza Abantu Abangakholwa Bamazi UMdali Wabo

Siza Abantu Abangakholwa Bamazi UMdali Wabo

Ingabe kuke kwenzeke ukugweme ukufakaza kubantu abangakholwa ngoba ucabanga ukuthi ngeke balalele? Uma kunjalo, khumbula ukuthi abantu abangakholwa—okuhlanganisa nabantu ababethi akekho uNkulunkulu—manje sebengoFakazi BakaJehova. Ngokuvamile, ababekudinga nje usizo lokuhlola ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona.—Rom 1:20; 10:14.

BUKELANI IVIDIYO ETHI KHUMBULA—ABANTU ABANGENALO UKHOLO BANGABA NALO!—ABANTU ABANGASONTI BESE NIPHENDULA LO MBUZO OLANDELAYO:

Okwenzeka kuTommaso kukusiza kanjani ube nombono omuhle ngokufakaza kubantu abangakholwa?