Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 2

Ungaba “Usizo Oluqinisayo” Kwabanye

Ungaba “Usizo Oluqinisayo” Kwabanye

“Laba . . . bayizisebenzi ezikanye nami ngenxa yombuso kaNkulunkulu, futhi . . . babe usizo oluqinisayo kimi.”—KOL. 4:11.

INGOMA 90 Khuthazanani

AMAZWIBELA *

1. Iziphi izimo ezicindezelayo abantu bakaJehova abaningi ababhekana nazo?

EMHLABENI wonke, abantu bakaJehova babhekana nezimo ezicindezelayo ezibazwisa ubuhlungu. Usuke wakubona lokhu ebandleni okulo? Amanye amaKristu anezifo ezimbi kakhulu, amanye ashonelwa abantu ababathandayo. Amanye akhuthazelela ubuhlungu bokubona ilungu lomndeni noma umngane eyeka ukukhonza uJehova. Amanye abhekene nemiphumela yezinhlekelele zemvelo. Bonke laba bafowethu nodadewethu badinga ukuqiniswa. Singabasiza kanjani?

2. Kungani umphostoli uPawulu ayedinga ukuqiniswa ngezinye izikhathi?

2 Umphostoli uPawulu wabhekana nezimo ezisongela ukuphila izikhathi eziningi. (2 Kor. 11:23-28) Kwadingeka akhuthazelele ‘neva enyameni,’ okungenzeka laliyisifo esithile. (2 Kor. 12:7) Kwadingeka futhi abhekane nokudumazeka ngesikhathi uDema, esinye sezisebenzi ezazikanye naye, emshiya “ngoba ethanda isimiso . . . sezinto” sangaleso sikhathi. (2 Thim. 4:10) UPawulu wayengumKristu ogcotshiwe onesibindi owayesiza abanye ngokungazigodli, kodwa ngezinye izikhathi naye wayezizwa edikibele.—Roma 9:1, 2.

3. UPawulu wakuthola kubani ukududuzwa nokuqiniswa?

3 UPawulu wakuthola ukududuzwa nokuqiniswa ayekudinga. Kanjani? UJehova wasebenzisa umoya waKhe ongcwele ukuze amqinise. (2 Kor. 4:7; Fil. 4:13) UJehova waphinde wamqinisa esebenzisa amaKristu ayekanye naye. UPawulu wathi ezinye izisebenzi ayekanye nazo zaba “usizo oluqinisayo” kuye. (Kol. 4:11) Abanye ababiza ngamagama kwakungu-Aristaku, uThikhiku noMarku. Bamqinisa uPawulu, bamsiza wakhuthazela. Yiziphi izimfanelo ezasiza la maKristu amathathu akwazi ukumqinisa? Singasilingisa kanjani isibonelo sawo esihle lapho sizama ukuqinisana nokukhuthazana?

YIBA QOTHO NJENGO-ARISTAKU

Njengo-Aristaku, singaba abangane abaqotho ngokunamathela kubafowethu nodadewethu ‘esikhathini sosizi’ (Bheka izigaba 4-5) *

4. U-Aristaku waba kanjani umngane oqotho kuPawulu?

4 U-Aristaku, umKristu waseThesalonika eyayiseMakedoniya, wayengumngane oqotho kaPawulu. Siqala ukufunda ngo-Aristaku lapho uPawulu evakashela e-Efesu ohambweni lwakhe lwesithathu njengesithunywa sevangeli. Ngesikhathi ehamba noPawulu, u-Aristaku wabanjwa isixuku sabantu samuka naye. (IzE. 19:29) Lapho ededelwa, akazange akhathazeke ngokuphepha kwakhe kodwa waba qotho kuPawulu, waqhubeka ehlezi naye. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, lapho eseGrisi, u-Aristaku wayelokhu enoPawulu ngisho noma abaphikisi babesaqhubeka bezama ukubulala uPawulu. (IzE. 20:2-4) Cishe ngo-58 C.E. lapho uPawulu ethunyelwa eRoma eyisiboshwa, u-Aristaku wahamba naye kulolo hambo olude futhi babendawonye ngesikhathi uPawulu ephukelwa umkhumbi. (IzE. 27:1, 2, 41) Lapho befika eRoma, kungenzeka wachitha isikhathi esithile esejele noPawulu. (Kol. 4:10) Shono nje uPawulu azizwa eqinisiwe futhi ekhuthazwe umngane wakhe oqotho!

5. Ngokwencwadi yezAga 17:17, singaba kanjani abangane abaqotho?

5 Njengo-Aristaku, singaba abangane abaqotho ngokunamathela kubafowethu nodadewethu, hhayi nje ngezikhathi ezimnandi kuphela, kodwa ‘nasesikhathini sosizi.’ (Funda izAga 17:17.) Ngisho nalapho lolo sizi seludlulile, umfowethu noma udadewethu angase akudinge ukuqiniswa. UFrances, * owashonelwa abazali bakhe ababenomdlavuza phakathi nezinyanga ezintathu, uthi: “Ngicabanga ukuthi izinkinga ezinkulu zisizwisa ubuhlungu isikhathi eside. Ngiyabonga ngokuba nabangane abaqotho abaziyo ukuthi ngisabuzwa ubuhlungu, ngisho noma sekudlule isikhathi eside ngashonelwa abazali.”

6. Yini esiyoyenza uma siqotho?

6 Abangane abaqotho bayazidela ukuze baqinise abafowabo nodadewabo. Ngokwesibonelo, umfoweth’ uPeter wayenesifo esibi kakhulu esasingambulala. Umkakhe, uKathryn, uthi: “Umzalwane othile nomkakhe ebandleni bahamba nathi lapho siya kwadokotela ngesikhathi sithola ukuthi uPeter unalesi sifo. Banquma ngaso leso sikhathi ukuthi ngeke basiyeke sibhekane nalesi simo sisodwa futhi bebelokhu benathi noma nini lapho sibadinga.” Kuyakhuthaza ngempela ukuba nabangane beqiniso, abangasisiza sikhuthazelele izinkinga zethu!

THEMBEKA NJENGOTHIKHIKU

NjengoThikhiku, singaba abangane abathembekile lapho abanye behlushwa izinkinga (Bheka izigaba 7-9) *

7-8. NgokweyabaseKolose 4:7-9, uThikhiku wabonisa kanjani ukuthi uthembekile?

7 UThikhiku, umKristu wasesifundazweni sase-Asiya, wayengumngane kaPawulu othembekile. (IzE. 20:4) Cishe ngo-55 C.E., uPawulu wahlela ukuqoqwa kwezimali zokusiza amaKristu aseJudiya futhi kungenzeka wacela uThikhiku ukuba kube nguye owenza lesi sabelo esibalulekile. (2 Kor. 8:18-20) Kamuva, lapho uPawulu eboshwa okokuqala eRoma, uThikhiku wasebenza njengesithunywa sakhe. Wayehambisa izincwadi nemilayezo ekhuthazayo kaPawulu emabandleni ase-Asiya.—Kol. 4:7-9.

8 UThikhiku waqhubeka engumngane kaPawulu othembekile. (Thithu 3:12) Akuwona wonke amaKristu ngaleso sikhathi ayethembeke njengoThikhiku. Ngawo-65 C.E., ngesikhathi uPawulu eboshwe okwesibili, wabhala ukuthi amaKristu amaningi esifundeni sase-Asiya ayengafuni ukuzihlanganisa naye, cishe ngenxa yokuthi ayesaba abaphikisi. (2 Thim. 1:15) Kodwa uPawulu wayengathembela kuThikhiku futhi waphinde wamnikeza esinye isabelo. (2 Thim. 4:12) Ngempela, uPawulu wayekwazisa ukuba nomngane omuhle njengoThikhiku.

9. Singamlingisa kanjani uThikhiku?

9 Singamlingisa uThikhiku ngokuba abangane abathembekile. Ngokwesibonelo, asigcini nje ngokubathembisa ukuthi sizobasiza abafowethu nodadewethu abadinga usizo, kodwa senza okuthile ukuze sibasize. (Math. 5:37; Luka 16:10) Lapho labo abadinga usizo bebona ukuthi bangathembela kithi, bayaduduzeka baqine. Omunye udade uyachaza ukuthi kungani. Uthi, “Akudingeki ukhathazeke ngokuthi kazi umuntu othembise ukukusiza uzobe ekhona yini ngesikhathi ozobe umdinga ngaso ukuze akusize njengoba ethembisile.”

10. Njengoba kushiwo encwadini yezAga 18:24, labo ababhekene nobunzima noma ukudumazeka bangakutholaphi ukuqiniswa?

10 Labo ababhekene nobunzima nokudumazeka bavame ukududuzeka lapho bethululela isifuba kumngane abamethembayo. (Funda izAga 18:24.) Ngemva kokudunyazwa ukususwa kwendodana yakhe ekuhlanganyeleni, uBijay wathi, “Ngangifuna ukuxoxa nomuntu engimethembayo ngendlela engangizizwa ngayo.” UCarlos walahlekelwa ilungelo ayelithanda ebandleni ngenxa yephutha alenza. Uthi, “Ngangidinga umuntu engimethembayo engangingamtshela indlela engangizizwa ngayo ngaphandle kokuba angibheke kabi.” Abadala baba yilokho kanye uCarlos ayekudinga, bamsiza wanqoba inkinga ayenayo. Kwamqinisa nokwazi ukuthi abadala babeyokugcina kuyimfihlo lokho ayebatshele kona.

11. Singaba kanjani abangane abathembekile?

11 Ukuze sibe abangane abathembekile, kudingeka sibe nesineke. Lapho uZhanna eshiywa umyeni wakhe, kwamqinisa ukuxoxela abangane bakhe indlela ayezizwa ngayo. Uthi, “Bangilalela ngesineke nakuba ngangilokhu ngiphindaphinda into eyodwa.” Nawe ungaba umngane omuhle ngokuba yisilaleli esihle.

ZIMISELE UKUSIZA ABANYE NJENGOMARKU

Izenzo zomusa zikaMarku zasiza uPawulu ukuba akhuthazele, nathi singabasiza abafowethu lapho besebunzimeni (Bheka izigaba 12-14) *

12. Wayengubani uMarku, futhi wabonisa kanjani ukuthi uyakuthanda ukusiza abanye?

12 UMarku wayengumKristu ongumJuda waseJerusalema. Umzala wakhe uBarnaba wayeyisithunywa sevangeli. (Kol. 4:10) Kubonakala sengathi umndeni kaMarku wawumi kahle ngokwezimali, kodwa uMarku akazange abeke ingcebo kuqala ekuphileni kwakhe. Kukho konke ukuphila kwakhe, uMarku wabonisa ukuthi uyakuthanda ukusiza abanye. Ngokwesibonelo, ngezikhathi ezithile wayekhonza nomphostoli uPawulu kanye nomphostoli uPetru ezabelweni zabo, kungenzeka nokuthi uMarku wayebasiza ngokunakekela izidingo zabo ezingokwenyama. (IzE. 13:2-5; 1 Pet. 5:13) UPawulu wachaza uMarku njengesinye ‘sezisebenzi ezazikanye naye ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu’ ‘nanjengosizo oluqinisayo’ kuye.—Kol. 4:10, 11.

13. Eyesi-2 Thimothewu 4:11 ibonisa kanjani ukuthi uPawulu wayeyazisa inkonzo yokwethembeka kaMarku?

13 UMarku waba omunye wabangane abakhulu bakaPawulu. Ngokwesibonelo, ngesikhathi uPawulu eboshwe okokugcina eRoma, cishe ngo-65 C.E., wabhala incwadi yakhe yesibili eya kuThimothewu. Kuleyo ncwadi, uPawulu wacela uThimothewu ukuba eze eRoma noMarku. (2 Thim. 4:11) Akungabazeki ukuthi wayeyazisa inkonzo yokwethembeka kaMarku, ngakho wamcela ukuba eze kuye ngaleso sikhathi esibucayi. UMarku wasiza uPawulu ngezindlela ezingokoqobo, mhlawumbe emlungisela ukudla noma emtholela izinto ayezisebenzisa lapho ebhala. Kumelwe ukuba ukusekelwa nesikhuthazo uPawulu akuthola kwamsiza wakhuthazela phakathi nezinsuku zokugcina zokuphila kwakhe ngaphambi kokuba abulawe.

14-15. UMathewu 7:12 angasifundisani ngokusiza abanye ngezindlela ezingokoqobo?

14 Funda uMathewu 7:12. Lapho sisebunzimeni, siyajabula lapho abathile besisiza ngezindlela ezingokoqobo! URyan, owashonelwa ubaba engozini ebuhlungu uthi, “Kunezinto eziningi esizenza nsuku zonke ezibonakala zingenakwenzeka uma usebunzimeni. Ukusiza umuntu ngezindlela ezingokoqobo kufeza okukhulu, ngisho nalapho kubonakala kukuncane kakhulu ongamenzela kona.”

15 Uma sinaka futhi sibheka amathuba okusiza, singazithola izindlela ezingokoqobo esingasiza ngazo abanye. Ngokwesibonelo, omunye udade wanquma ukusiza uPeter noKathryn, okukhulunywe ngabo ekuqaleni, ngokubayisa kwadokotela njalo. Bobabili uPeter noKathryn babengasakwazi ukushayela, ngakho udade wenza ishejuli ukuze abafowethu nodade ebandleni bashintshane ngokubahambisa kwadokotela. Ingabe lokhu kwaphumelela? UKathryn uthi, “Kwaba sengathi sethulwa umthwalo emahlombe.” Ungayibukeli phansi indlela ezingabaqinisa ngayo abanye izenzo zakho zokubasiza, nakuba zingabonakala zizincane.

16. Isiphi isifundo esibalulekile ngokuqinisa abanye esisifunda esibonelweni sikaMarku?

16 Umfundi wangekhulu lokuqala uMarku wayengumKristu omatasa. Wanikezwa izabelo ezinkulu, kuhlanganise nokubhala iVangeli elibizwa ngegama lakhe. Yize kunjalo, uMarku wazipha isikhathi sokuqinisa uPawulu futhi uPawulu wazizwa ekhululekile ukucela usizo kuMarku. U-Angela, okwadingeka abhekane nokushonelwa ilungu lomndeni kabuhlungu, naye wayekwazisa lokho abanye ababekwenza ukuze bamqinise. Uthi, “Lapho abangane befuna ngempela ukukusiza, kulula ukukhuluma nabo. Ababonakali benqena noma bengazimisele ukukusiza.” Singazibuza, ‘Ingabe mina ngaziwa ngokuzimisela ukuqinisa abafowethu nodadewethu ngezindlela ezingokoqobo?’

ZIMISELE UKUDUDUZA ABANYE

17. Ukuzindla ngeyesi-2 Korinte 1:3, 4 kungasikhuthaza kanjani ukuba siduduze abanye?

17 Kulula ukuthola abafowethu nodadewethu abadinga ukududuzwa. Singaze ngisho sibakhuthaze ngamazwi afanayo nalawo abanye abasikhuthaze ngawo. UNino, udade owashonelwa ugogo wakhe, uthi: “UJehova angasebenzisa thina ukuze aduduze abanye uma simvumela ukuba asisebenzise.” (Funda eyesi-2 Korinte 1:3, 4.) UFrances, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Amazwi akweyesi-2 Korinte 1:4 ayiqiniso. Induduzo esiyitholayo singayidlulisela kwabanye.”

18. (a) Kungani singase sesabe ukududuza abanye? (b) Singabaduduza kanjani abanye ngokuphumelelayo? Nikeza isibonelo.

18 Kudingeka sibaduduze abanye ngisho noma sesaba. Ngokwesibonelo, singase sesabe ukuthi asazi sizothini noma sizomenzelani umuntu osebunzimeni. UPaul ongumdala ukhumbula lokho abanye abakwenza lapho kushona ubaba wakhe. Uthi, “Ngangibona ukuthi akulula ngabo ukungiduduza. Babengazi ukuthi bathini. Kodwa kwangijabulisa ukubona isifiso sabo sokungiduduza nokungisekela.” Ngendlela efanayo, ngemva kokuzamazama komhlaba okunamandla, umfoweth’ uTajon wathi: “Angiyikhumbuli ngempela yonke imilayezo abantu abangithumelela yona ngemva kwaleyo nhlekelele, kodwa engikukhumbulayo ukuthi babengikhathalela, yingakho bahlola ukuthi ngiphephile yini.”

19. Kungani uzimisele ukuba “usizo oluqinisayo”?

19 Njengoba sisondela ekupheleni kwaleli zwe, izimo zalo zizoshintsha futhi ukuphila kuzoba nzima nakakhulu. (2 Thim. 3:13) Izinkinga esizidalela zona ngenxa yesono esisizuze njengefa zisho ukuthi sizoqhubeka sikudinga ukuqiniswa nokududuzwa. Umphostoli uPawulu wakwazi ukukhuthazela ngokwethembeka kwaze kwaba sekugcineni ngoba, phakathi kokunye, wayithola induduzo futhi waqiniswa amanye amaKristu. Kwangathi singaba qotho njengo-Aristaku, sithembeke njengoThikhiku futhi sizimisele ukusiza abanye njengoMarku. Ngokwenza kanjalo, siyokwazi ukusiza abafowethu nodadewethu baqhubeke bekhonza uJehova ngokwethembeka.—1 Thes. 3:2, 3.

^ par. 5 Umphostoli uPawulu wabhekana nezinkinga eziningi ekuphileni kwakhe. Lapho esebunzimeni, izisebenzi ezithile ezazikanye naye zaba usizo oluqinisayo kuye. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimfanelo ezintathu ezenza lezi zisebenzi ezikanye naye zakwazi ukuba usizo oluqinisayo kwabanye. Sizoxoxa nangezindlela esingasilingisa ngayo isibonelo sabo.

^ par. 5 Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula

^ par. 56 INCAZELO YEZITHOMBE: U-Aristaku noPawulu babendawonye lapho bephukelwa umkhumbi.

^ par. 58 INCAZELO YEZITHOMBE: UThikhiku wayesiza uPawulu ngokumhambisela izincwadi emabandleni.

^ par. 60 INCAZELO YEZITHOMBE: UMarku wayesiza uPawulu ngezindlela ezingokoqobo.