Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 6

UJehova UBaba Wethu Usithanda Kakhulu

UJehova UBaba Wethu Usithanda Kakhulu

“Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini.’”—MATH. 6:9.

INGOMA 135 UJehova Uyanxusa: “Hlakanipha, Ndodana”

AMAZWIBELA *

1. Yini umuntu okwakumelwe ayenze lapho efuna ukukhuluma nenkosi yasePheresiya?

AKE uzicabange uphila ePheresiya eminyakeni engaba ngu-2 500 edlule. Ufuna ukukhuluma nenkosi ngodaba oluthile, ngakho uya eShushani, idolobha lapho kuhlala khona inkosi. Kodwa ngaphambi kokuba ukhulume nayo, kufanele uqale uthole imvume. Uma ungazama ukukhuluma nayo ungayitholile imvume, ungabulawa ngisho nokubulawa!—Est. 4:11.

2. UJehova ufuna sizizwe kanjani ngokukhuluma naye?

2 Ave sijabula ngokuthi uJehova akafani naleyo nkosi yasePheresiya! UJehova unamandla amakhulu ukwedlula noma yimuphi umbusi ongumuntu, nokho ufuna sikhulume naye nganoma yisiphi isikhathi. Ufuna sizizwe sikhululekile ukukhuluma naye. Ngokwesibonelo, nakuba uJehova ebizwa ngokuthi uMdali Omkhulu, uMninimandla Onke neNkosi yendawo yonke, ufuna sikhulume naye sisebenzisa igama elibonisa ukuthi uyasithanda, elithi “Baba.” (Math. 6:9) Kusijabulisa ngempela ukuthi uJehova ufuna sisondelane naye ngale ndlela!

3. Kungani singabiza uJehova ngokuthi “Baba,” futhi lesi sihloko sizoxoxa ngani?

3 Singambiza kufanele uJehova ngokuthi “Baba” ngenxa yokuthi unguMthombo wokuphila kwethu. (IHu. 36:9) Ngenxa yokuthi unguBaba wethu, sinomthwalo wokumlalela. Lapho senza lokho akucelayo, sizothola izibusiso ezimangalisayo. (Heb. 12:9) Lezo zibusiso zihlanganisa ukuphila okuphakade, ezulwini noma emhlabeni. Kunezinye izibusiso esizijabulelayo kwamanje. Lesi sihloko sizoxoxa ngokuthi yini uJehova ayenzayo ukuze abonise ukuthi unguBaba onothando, sizokhuluma nangokuthi kungani singaqiniseka ngokuthi akasoze asilahla esikhathini esizayo. Kodwa, ake siqale sixoxe ngokuthi kungani singaqiniseka ngokuthi uBaba wethu wasezulwini usithanda kakhulu futhi uyasikhathalela.

UJEHOVA UNGUBABA ONOTHANDO NOKHATHALELAYO

UJehova ufuna ukusondelana nathi, njengoba nje ubaba onothando efuna ukusondelana nezingane zakhe (Bheka isigaba 4)

4. Kungani kunzima ngabanye ukubheka uJehova njengoBaba?

4 Ingabe ukuthola kunzima ukubheka uNkulunkulu njengoBaba wakho? Abanye bangase bazibone bebancane futhi bengabalulekile uma beqhathaniswa noJehova. Bayakungabaza ukuthi uNkulunkulu uMninimandla Onke unendaba nabo. Nokho, uBaba wethu onothando akafuni sizizwe ngaleyo ndlela. Usinike ukuphila futhi ufuna sibe nobungane obuseduze naye. Ngemva kokuveza leli qiniso, umphostoli uPawulu wachazela labo ababemlalele e-Athene ukuthi uJehova ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzE. 17:24-29) UNkulunkulu ufuna ngamunye wethu akhulume naye njengoba nje ingane ikhuluma nabazali bayo abanothando nabakhathalelayo.

5. Yini esiyifunda kulokho okwenzeka komunye udade ongumKristu?

5 Abanye bangase bakuthole kunzima ukubheka uJehova njengoBaba ngenxa yokuthi obaba babo babengababonisi ukuthi bayabathanda nokuthi bayabakhathalela. Cabanga ngalokho okushiwo omunye udade ongumKristu. Uthi, “ubaba wami wayengihlukumeza. Ngesikhathi ngiqala ukufunda iBhayibheli, kwakunzima ukuba ngisondelane noBaba wasezulwini. Kodwa konke lokho kwashintsha ngemva kokuba sengimazi kahle uJehova.” Ingabe nawe uzizwa ngendlela efanayo? Uma kunjalo, qiniseka ngokuthi nawe ungambheka uJehova njengoBaba ongcono kunabo bonke.

6. NgokukaMathewu 11:27, iyiphi enye indlela uJehova aye asisiza ngayo ukuba simbheke njengoBaba onothando?

6 UJehova uye wasisiza ukuba simbheke njengoBaba onothando ngokwenza ukuba kubhalwe amazwi kaJesu eBhayibhelini kanye nalokho akwenza. (Funda uMathewu 11:27.) UJesu wabulingisa ngokuphelele ubuntu bukaYise kangangokuba wathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Joh. 14:9) Lapho uJesu ekhuluma ngoJehova wayevame ukubhekisela kuye njengoBaba. EmaVangelini amane, uJesu wasebenzisa igama elithi “Baba” izikhathi ezingaba ngu-165 lapho ekhuluma ngoJehova. Kungani uJesu akhuluma ngoJehova izikhathi eziningi kangaka? Esinye isizathu siwukuthi wayefuna ukuqinisekisa abanye ngokuthi uJehova unguBaba onothando.—Joh. 17:25, 26.

7. Yini esiyifunda ngoJehova endleleni aphatha ngayo iNdodana yakhe?

7 Cabanga ngalokho esikufunda ngoJehova endleleni aphatha ngayo iNdodana yakhe, uJesu. UJehova wayehlale eyilalela imithandazo kaJesu. Akagcinanga nje ngokuyilalela kodwa futhi wayiphendula. (Joh. 11:41, 42) Kungakhathaliseki ukuthi uJesu wayebhekana naziphi izinkinga, wayebona ukuthi uJehova uyamthanda futhi uyamsekela.—Luka 22:42, 43.

8. UJehova wayemnakekela ngaziphi izindlela uJesu?

8 UJesu wavuma ukuthi uYise wayenguMthombo noMlondolozi wokuphila kwakhe lapho ethi: “Ngiphila ngenxa kaBaba.” (Joh. 6:57) Wathembela ngokuphelele kuYise futhi uJehova wamnika lokho ayekudinga ukuze aphile. Okubaluleke nakakhulu, uJehova wamsiza ukuba ahlale ethembekile kuye.—Math. 4:4.

9. UJehova wabonisa kanjani ukuthi unguBaba onothando nokhathalelayo kuJesu?

9 NjengoBaba onothando, uJehova wamqinisekisa uJesu ukuthi uyamsekela. (Math. 26:53; Joh. 8:16) Nakuba uJehova engamvikelanga ezintweni ezazingamzwisa ubuhlungu, wamsiza wakwazi ukuzikhuthazelela. UJesu wayeqiniseka ngokuthi noma yini eyayimzwisa ubuhlungu yayingeyesikhashana. (Heb. 12:2) UJehova wabonisa ukuthi uyamthanda uJesu ngokumlalela, ngokumnakekela, ngokumqeqesha nangokumsekela. (Joh. 5:20; 8:28) Ake sibone ukuthi uBaba wethu wasezulwini usisiza kanjani nathi ngezindlela ezifanayo.

INDLELA UBABA WETHU ONOTHANDO ASIKHATHALELA NGAYO

Ubaba onothando (1) uyazilalela, (2) azinakekele, (3) aziqeqeshe, futhi (4) azivikele izingane zakhe. UBaba wethu osezulwini onothando usikhathalela ngendlela efanayo nathi (Bheka izigaba 10-15) *

10. NgokweHubo 66:19, 20, uJehova ubonisa kanjani ukuthi uyasithanda?

10 UJehova uyayilalela imithandazo yethu. (Funda iHubo 66:19, 20.) Akafuni sibale ukuthi sithandaza kangaki, sibale izinto esizithandazelayo nokuthi iba mide kangakanani imithandazo yethu, kunalokho usinxusa ukuba sithandaze njalo. (1 Thes. 5:17) Singathandaza noma nini kuNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi sikuphi. Uhlale enaso isikhathi sokusilalelisisa lapho sithandaza kuye. Lapho siqaphela ukuthi uJehova uyayilalela imithandazo yethu, simthanda nakakhulu. Umhubi wathi, ‘ngiyamthanda uJehova, ngoba uyalizwa izwi lami.’—IHu. 116:1.

11. UJehova uyiphendula kanjani imithandazo yethu?

11 UBaba wethu akagcini ngokuyilalela imithandazo yethu kodwa futhi uyayiphendula. Umphostoli uJohane uyasiqinisekisa: “Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando [kaNkulunkulu], uyasizwa.” (1 Joh. 5:14, 15) UJehova angase angayiphenduli imithandazo yethu ngendlela esilindele ngayo. Usazi kangcono, ngakho ngezinye izikhathi angase angasiniki lokho esikucelayo noma angase afise silinde.—2 Kor. 12:7-9.

12-13. Iziphi izindlela uBaba wethu osezulwini asinakekela ngazo?

12 UJehova uyasinakekela. Uyakwenza lokho alindele ukuba bonke obaba bakwenze. (1 Thim. 5:8) Uyazinakekela izidingo zezingane zakhe. Akafuni sikhathazeke ngokudla, okokugqoka nangendawo yokuhlala. (Math. 6:32, 33; 7:11) Njengomzali onothando, uJehova uye waqinisekisa ukuthi sizobe sinakho konke esikudingayo esikhathini esizayo.

13 Okukhulu nakakhulu, uJehova usinika konke esikudingayo ukuze sisondelane naye. EZwini lakhe, uye wasitshela iqiniso ngaye, lokho ayekuhlosile ngendalo, ukuthi kungani asidala nokuthi yini ezokwenzeka esikhathini esizayo. Lapho siqala ukufunda iqiniso, wabonisa ukuthi unendaba nathi ngokusebenzisa abazali bethu noma omunye umuntu owayesifundela ukuze basisize simazi. Saqhubeka sithola usizo nakubadala bebandla abanothando nakubafowethu nodadewethu abavuthiwe. Ngaphezu kwalokho, uJehova uyasifundisa sikanye nabafowethu nodadewethu esebenzisa imihlangano yebandla. Ngalezi zindlela nezinye, uJehova uyabonisa ukuthi unendaba nathi sonke.—IHu. 32:8.

14. Kungani uJehova esiqeqesha, futhi lokho ukwenza kanjani?

14 UJehova uyasiqeqesha. Ngokungafani noJesu, thina sinesono. Ngakho ukuze asiqeqeshe, uBaba wethu onothando uyasiyala lapho kudingeka. IZwi lakhe liyasikhumbuza: “UJehova uyamyala lowo amthandayo.” (Heb. 12:6, 7) UJehova usiyala ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, singase sifunde okuthile eBhayibhelini noma sizwe okuthile emihlanganweni bese siqaphela ukuthi kudingeka sishintshe indlela esicabanga ngayo noma esenza ngayo. Noma singase sithole usizo oluvela kubadala. Kungakhathaliseki ukuthi uJehova usebenzisa ziphi izindlela lapho esiyala, uhlale esiyala ngenxa yokuthi uyasithanda.—Jer. 30:11.

15. Iziphi izindlela uJehova asivikela ngazo?

15 UJehova uyasisekela lapho sibhekene novivinyo. Njengoba ubaba onothando ezisekela izingane zakhe lapho zibhekene nobunzima, uBaba wethu osezulwini uyasisekela nathi lapho sibhekene novivinyo. Usebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze asivikele, singalimazi ubungane bethu naye. (Luka 11:13) UJehova uyasisiza nalapho sidikibele. Ngokwesibonelo, usinika ithemba elimangalisayo. Lelo themba lesikhathi esizayo liyasisiza sikwazi ukukhuthazelela ubunzima. Cabanga ngalokhu: Kungakhathaliseki ukuthi kwenzeka izinto ezimbi kangakanani kithi, uBaba wethu onothando uzoqeda noma yibuphi ubuhlungu esibuzwayo. Noma ibuphi ubunzima esibhekene nabo bungobesikhashana, kodwa izibusiso ezivela kuJehova zizohlala kuze kube phakade.—2 Kor. 4:16-18.

UBABA WETHU AKASOZE ASILAHLA

16. Yini eyenzeka lapho u-Adamu engamlaleli uBaba wakhe onothando?

16 Sibona ubufakazi bokuthi uJehova uyasithanda endleleni asingatha ngayo izinkinga ezavela emndenini wokuqala. Ngesikhathi u-Adamu engamlaleli uBaba wakhe wasezulwini, yena nenzalo yakhe abazange besaba ingxenye yomndeni kaJehova. (Roma 5:12; 7:14) Nokho, uJehova wenza okuthile ukuze asize inzalo ka-Adamu.

17. Yini uJehova ayenza ngokushesha ngemva kokuvukela kuka-Adamu?

17 UJehova wamjezisa u-Adamu, kodwa akayishiyanga inzalo yakhe ingenathemba. Ngokushesha, wathembisa ukuthi abantu abalalelayo wayeyophinde abamukele babe ingxenye yomndeni wakhe. (Gen. 3:15; Roma 8:20, 21) UJehova wakwenza lokhu esebenzisa umhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe ayithandayo, uJesu. Ngokunikela ngeNdodana yakhe ngenxa yethu, uJehova wabonisa ukuthi usithanda kakhulu.—Joh. 3:16.

Uma siye samshiya uNkulunkulu kodwa bese siyaphenduka, uBaba wethu onothando ukulungele futhi uzimisele ukusamukela (Bheka isigaba 18)

18. Kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova ufuna sibe izingane zakhe ngisho noma siye samshiya?

18 Nakuba sinesono, uJehova ufuna sibe ingxenye yomndeni wakhe futhi akasibheki njengomthwalo. Singase simdumaze noma simshiye okwesikhashana, kodwa uhlale enethemba lokuthi siyobuyela kuye. UJesu wabonisa indlela uJehova azithanda ngayo izingane zakhe ngesikhathi exoxa ngendaba yendodana yolahleko. (Luka 15:11-32) UBaba okulowo mfanekiso akalilahlanga ithemba lokuthi indodana yakhe yayizobuya. Ngesikhathi indodana ibuya ekhaya, ubaba wayamukela ngemfudumalo. Uma siye samshiya uJehova kodwa bese siyaphenduka, singaqiniseka ngokuthi uBaba wethu onothando ukulungele futhi uzimisele ukusamukela.

19. UJehova uzowulungisa kanjani umonakalo obangelwe u-Adamu?

19 UBaba wethu uzowulungisa wonke umonakalo obangelwe u-Adamu. Ngemva kokuhlubuka kuka-Adamu, uJehova wakhetha abantu abangu-144 000 ukuba babe amakhosi nabapristi ezulwini kanye neNdodana yakhe. UJesu nalabo azobusa nabo bazoqeda isono kubantu abalalelayo ezweni elisha. Ngemva kokuba benqobe uvivinyo lokugcina, uNkulunkulu uzobanika ukuphila okuphakade. UBaba wethu uyobe esejabulela ukubona umhlaba ugcwele amadodana namadodakazi akhe angenasono. Kuyoba isikhathi esimangalisa ngempela leso!

20. Iziphi izindlela uJehova aye abonisa ngazo ukuthi usithanda kakhulu, futhi isihloko esilandelayo sizoxoxa ngani?

20 UJehova uye wabonisa ukuthi usithanda ngempela. UnguBaba omuhle kunabo bonke. Ulalela imithandazo yethu futhi uyasinakekela ukuze sithole izinto esizidingayo nezinto ezizosisondeza kuye. Uyasiqeqesha futhi asisekele. Usibekele nezibusiso ezijabulisayo esikhathini esizayo. Kuyasijabulisa ukwazi ukuthi uBaba wethu uyasithanda futhi uyasikhathalela! Esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngezindlela thina, njengezingane zakhe, esingabonisa ngazo ukuthi siyamthanda.

INGOMA 108 Uthando LukaNkulunkulu Oluqotho

^ par. 5 Lapho sicabanga ngoJehova sivame ukubhekisela kuye njengoMdali wethu noMbusi wendawo yonke. Kodwa sinezizathu ezinhle zokumbheka njengoBaba onothando nokhathalelayo. Lesi sihloko sizoxoxa ngalezo zizathu. Sizofunda nangokuthi kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova akasoze asilahla.

^ par. 59 INCAZELO YEZITHOMBE: Isithombe ngasinye sibonisa ubaba nengane yakhe: ubaba uyayilalelisisa indodana yakhe, ubaba unakekela izidingo zendodakazi yakhe, ubaba uqeqesha indodana yakhe futhi ubaba ududuza indodana yakhe. Isandla sikaJehova esidwetshwe ngemva kwalezi zithombe sisikhumbuza ukuthi uJehova nathi usikhathalela ngendlela efanayo.