Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 8

Lwela Ukuba Nokuthula Nabanye Ngokulwa Nomona

Lwela Ukuba Nokuthula Nabanye Ngokulwa Nomona

“Masiphishekele izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.”—ROMA 14:19.

INGOMA 113 Imfuyo Yethu Yokuthula

AMAZWIBELA *

1. Kwenzekani emndenini wakubo kaJosefa ngenxa yokuthi abafowabo babemdlela umona?

UJAKOBE wayewathanda wonke amadodana akhe, kodwa wayemthanda kakhulu uJosefa owayeneminyaka engu-17. Basabela kanjani abafowabo bakaJosefa? Baqala ukumdlela umona futhi lowo mona wabenza bamzonda. UJosefa akenzanga lutho olwalungenza abafowabo bamzonde. Noma kunjalo, bamdayisa ukuze ayoba isigqila, baqamba namanga kuyise bathi isilwane sasendle sibulale indodana yakhe ayithandayo. Ngenxa yokuthi babenomona, baphazamisa ukuthula emndenini futhi bamphatha kabi kakhulu uyise.—Gen. 37:3, 4, 27-34.

2. Ngokwencwadi yabaseGalathiya 5:19-21, kungani umona uyingozi kangaka?

2 EmiBhalweni, umona * ubalwa phakathi ‘kwemisebenzi yenyama’ ebulalayo, engavimbela umuntu ukuba azuze uMbuso kaNkulunkulu. (Funda eyabaseGalathiya 5:19-21.) Umona uvame ukwenza abantu babe nobuntu obungathandeki obunjengenzondo, ukulwa nesifuthefuthe sentukuthelo.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Isibonelo sabafowabo bakaJosefa sibonisa indlela umona ongalimaza ngayo ubudlelwane futhi uphazamise ukuthula emndenini. Nakuba singeke sakwenza lokho okwenziwa abafowabo bakaJosefa, sonke sinenhliziyo enesono nekhohlisayo. (Jer. 17:9) Yingakho ngezinye izikhathi singaba nomona ngabanye abantu. Ake sihlole ezinye izibonelo eziyizixwayiso eziseBhayibhelini ezingasisiza sibone ukuthi kungani umona ungase ukhule ezinhliziyweni zethu. Sizobe sesixoxa ngokuthi yini esingayenza ukuze silwe nomona futhi sibangele ukuba kube khona ukuthula.

YINI ENGABANGELA UMONA?

4. Kungani amaFilisti ayenomona ngo-Isaka?

4 Ukuceba. U-Isaka wayeyindoda ecebile futhi amaFilisti abanomona ngoba wayenempahla eningi. (Gen. 26:12-14) Aze ngisho avala umthombo u-Isaka ayethembele kuwo ukuze aphuzise imfuyo yakhe. (Gen. 26:15, 16, 27) NjengamaFilisti, abanye namuhla babanomona uma abanye benezinto eziningi kunabo. Abagcini ngokufuna ukuba nalezo zinto kodwa futhi bafuna nokubaphuca zona.

5. Kungani abaholi benkolo babemdlela umona uJesu?

5 Ukuthandwa abantu abaningi. Abaholi benkolo abangamaJuda babemdlela umona uJesu ngoba wayethandwa abantu abaningi. (Math. 7:28, 29) UJesu wayengummeleli kaNkulunkulu, efundisa nabantu iqiniso. Noma kunjalo, laba baholi benkolo babefafaza amanga ngaye, benyundela negama lakhe elihle. (Marku 15:10; Joh. 11:47, 48; 12:12, 13, 19) Isiphi isifundo esiyisixwayiso esingasifunda kule ndaba? Kumelwe siqikelele ukuthi asibi nomona ngalabo abathandwa abafowethu nodadewethu ebandleni ngenxa yobuntu babo obuhle. Kunalokho, kumelwe sizame ukulingisa izindlela ababonisa ngazo uthando.—1 Kor. 11:1; 3 Joh. 11.

6. UDeyotrefe wabonisa kanjani ukuthi unomona?

6 Ukuthola amalungelo ebandleni. Ngekhulu lokuqala, uDeyotrefe wayenomona ngalabo ababehola ebandleni lobuKristu. Wayefuna ‘indawo ephambili’ phakathi kwamalungu ebandla, ngakho wakhuluma izinto ezimbi ngomphostoli uJohane nabanye abazalwane ukuze amalungu ebandla angabe esabahlonipha. (3 Joh. 9, 10) Nakuba singeke sakwenza lokho okwenziwa uDeyotrefe, nathi singaqala ukuba nomona ngomKristu esikanye naye, othole isabelo ebesinethemba lokuthi sizotholwa yithi—ikakhulu uma sinomuzwa wokuthi nathi singasenza njengaye noma singenza kangcono kunaye.

Inhliziyo yethu ifana nenhlabathi, ubuntu bethu obuhle bufana nezimbali ezinhle. Kodwa umona ufana nokhula olunoshevu. Umona ungasenza singabe sisaba nothando, uzwela nomusa (Bheka isigaba 7)

7. Umona ungaba namuphi umthelela kithi?

7 Umona unjengokhula olunoshevu. Uma mbewu yomona imila ezinhliziyweni zethu, kungaba nzima ukuyisiphula. Imizwa emibi enjengomhawu ongalungile, ukuqhosha nobugovu ingenza umona ukhule. Njengokhula oluvimbela imbali ukuba ikhule, umona ungasenza singabe sisaba nothando, uzwela nomusa. Ngokushesha nje lapho sibona ukuthi umona usuqala ukuhluma, kudingeka siwusiphule ezinhliziyweni zethu. Singalwa kanjani nomona?

LWELA UKUBA OTHOBEKILE NOWANELISEKILE

Singalwa kanjani nomona ofana nokhula? Ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu, singakwazi ukusiphula umona futhi endaweni yawo sifake ukuthobeka nokwanelisekRa (Bheka izigaba 8-9)

8. Iziphi izimfanelo ezingasisiza silwe nomona?

8 Singalwa nomona ngokuzama ukuba abantu abathobekile nabanelisekile. Lapho sinezimfanelo ezinhle, ngeke sibe abantu abanomona. Ukuthobeka kuzosisiza singazicabangi singcono kunabanye. Umuntu othobekile akacabangi ukuthi ufanelwe okungcono kunabanye. (Gal. 6:3, 4) Umuntu owanelisekile ujabulela lokho anakho futhi akaziqhathanisi nabanye abantu. (1 Thim. 6:7, 8) Lapho umuntu othobekile nowanelisekile ebona abanye bethola izinto ezinhle, ujabula kanye nabo.

9. Ngokwencwadi yabaseGalathiya 5:16 neyabaseFilipi 2:3, 4, umoya ongcwele uzosisiza ukuba senzeni?

9 Sidinga umoya ongcwele kaNkulunkulu ukuze usisize singabi nomona futhi usisize silwele ukuba abantu abathobekile nabanelisekile. (Funda eyabaseGalathiya 5:16; eyabaseFilipi 2:3, 4.) Umoya ongcwele kaJehova ungasisiza sihlole imicabango yethu ejulile nezisusa zethu. Ngosizo lukaJehova, singaba nemicabango eyakhayo esikhundleni semizwa kanye nemicabango elimazayo. (IHu. 26:2; 51:10) Cabanga ngesibonelo sikaMose noPawulu, okungamadoda alwa ngokuphumelelayo nomona.

Umfana ongum-Israyeli ugijimela kuMose nakuJoshuwa ukuze ayobika ukuthi amadoda amabili asekamu aziphatha njengabaprofethi. UJoshuwa ucela uMose ukuba awakhuze, kodwa uMose uyenqaba. Kunalokho, utshela uJoshuwa ukuthi uyajabula ngoba uJehova unikeze la madoda amabili umoya waKhe ongcwele (Bheka isigaba 10)

10. Isiphi isimo esasingavivinya uMose? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

10 UMose wayenegunya elikhulu kubantu bakaNkulunkulu, kodwa akazange abe nomona lapho abanye bethola ilungelo elifanayo. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi, uJehova wathatha enye ingxenye yomoya ongcwele kuMose wayinika abanye abadala abangama-Israyeli ababeseduze netende lokuhlangana. Ngokushesha ngemva kwalokho, uMose wezwa ukuthi abadala ababili ababengekho etendeni lokuhlangana nabo babethole umoya ongcwele futhi baqala ukuziphatha njengabaprofethi. Yini uMose ayenza lapho uJoshuwa emcela ukuba abavimbe laba badala? UMose akazange abe nomona ngenxa yokuthi uJehova wayewanakile la madoda. Kunalokho, wathobeka futhi wawajabulela ngoba nawo ayeseprofetha. (Num. 11:24-29) Sifundani esibonelweni sikaMose?

Abadala abangamaKristu bangakulingisa kanjani ukuthobeka kukaMose? (Bheka izigaba 11-12) *

11. Abadala bangamlingisa kanjani uMose?

11 Uma ungumdala, wake wacelwa yini ukuba uqeqeshe othile ukuze enze isabelo osithanda kakhulu ebandleni? Ngokwesibonelo, ungase usithande isabelo sokuqhuba iSifundo se-Nqabayokulinda isonto ngalinye. Kodwa uma uthobeke njengoMose, ngeke uzizwe ungasabalulekile uma ucelwa ukuba uqeqeshe omunye umzalwane ukuze ngokuhamba kwesikhathi kube nguye owenza leso sabelo. Kunalokho, uzokujabulela ukusiza lowo mzalwane.

12. AmaKristu amaningi namuhla akubonisa kanjani ukuthobeka nokwaneliseka?

12 Cabanga nangesinye isimo abazalwane abaningi asebekhulile ababhekana naso. Sekuphele iminyaka eminingi bengabaxhumanisi bezindikimba zabadala. Kodwa lapho sebeneminyaka engu-80, ngokuzithandela bayasiyeka leso sabelo. Lapho beba neminyaka engu-70, ababonisi bezigodi ngokuthobeka bayaliyeka lelo lungelo futhi bamukele izabelo ezintsha. Kanti eminyakeni edlule, amalungu omndeni waseBethel emhlabeni wonke aye aqala izabelo ezintsha ensimini. Labo bafowethu nodadewethu abathembekile ababacasukeli labo manje asebefeza izabelo ababezenza.

13. Kungani uPawulu ayengase alingeke ukuba abe nomona ngabaphostoli abangu-12?

13 Umphostoli uPawulu ungesinye isibonelo esihle somuntu owalwela ukuba othobekile nowanelisekile. Akazange awuvumele umona ukhule. Wasebenza kanzima enkonzweni, kodwa ngokuthobeka wathi: “Ngingomncane kunabo bonke abaphostoli, futhi angifaneleki ukubizwa ngomphostoli.” (1 Kor. 15:9, 10) Abaphostoli abangu-12 bahamba noJesu phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, kodwa uPawulu wayengakabi umKristu kwaze kwaba ngemva kokufa nokuvuswa kukaJesu. Nakuba ngokuhamba kwesikhathi amiswa waba “umphostoli ezizweni,” akazange abe ingxenye yabaphostoli abangu-12. (Roma 11:13; IzE. 1:21-26) Kunokuba abe nomona ngala madoda nendlela ayesondelene ngayo noJesu, waqhubeka enelisekile ngalokho ayenakho.

14. Yini esiyoyenza uma sanelisekile futhi sithobekile?

14 Uma sanelisekile futhi sithobekile, sizoba njengoPawulu futhi sibonise inhlonipho ngegunya uJehova alinikeze abanye. (IzE. 21:20-26) UJehova uye wakhetha abadala ukuba bahole ebandleni lobuKristu. Ngisho noma benesono, uJehova ubabheka ‘njengezipho ezingabantu.’ (Efe. 4:8, 11) Lapho siwahlonipha la madoda amisiwe futhi silandela isiqondiso sawo ngokuthobeka, sizohlale siseduze noJehova, sijabulele nokuthula namanye amaKristu.

‘PHISHEKELA IZINTO EZIBANGELA UKUTHULA’

15. Yini okudingeka siyenze?

15 Uma sinomona ngabanye noma abanye benomona ngathi, ngeke kube khona ukuthula phakathi kwethu. Sidinga ukusiphula ukhula olungumona ezinhliziyweni zethu futhi sigweme ukutshala umona kwabanye. Kumelwe sithathe lezi zinyathelo ezibalulekile uma sifuna ukulalela umyalo kaJehova othi ‘siphishekele izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.’ (Roma 14:19) Iziphi izinto ezingokoqobo esingazenza ukuze sisize abanye balwe nomona futhi singakulwela kanjani ukuba nokuthula nabanye?

16. Singabasiza kanjani abanye ukuba balwe nomona?

16 Indlela esicabanga nesenza ngayo ingaba nomthelela omkhulu kwabanye. Izwe lifuna ‘sigabise’ ngezinto esinazo. (1 Joh. 2:16) Kodwa leyo ndlela yokucabanga ikhuthaza umona. Singagwema ukwenza abanye babe nomona ngokuthi singaxoxi njalo ngezinto esinazo noma esihlela ukuzithenga. Enye indlela esingagwema ngayo ukubangela umona kwabanye iwukuba sithobeke lapho sinamalungelo ebandleni. Uma sihlale sikhuluma ngamalungelo esinawo, sisuke sivundisa kwabanye inhlabathi okuzokhula kuyo umona. Ngokuphambene nalokho, lapho sibonisa abanye ukuthi sinendaba nabo futhi siqaphela izinto ezinhle abazenzayo, sisuke sibasiza ukuba bazizwe benelisekile futhi sisuke senza ukuba kube nokuthula nobunye ebandleni.

17. Yini abafowabo bakaJosefa abakwazi ukuyenza, futhi kungani?

17 Singayinqoba impi yokulwa nomona! Cabanga futhi ngesibonelo sabafowabo bakaJosefa. Ngemva kweminyaka bamphatha kabi uJosefa, bahlangana naye eGibhithe. Ngaphambi kokuba aziveze kubo ukuthi ungubani, wabavivinya kuqala ukuze ahlole ukuthi sebeshintshile yini. Wahlela ukuba badle naye futhi lapho, wayelokhu enikeza umfowabo omncane uBhenjamini ukudla okuningi kunalokho ayekunika abanye. (Gen. 43:33, 34) Kodwa abafowabo abazange babe nomona ngoBhenjamini. Kunalokho, babonisa ukuthi bamkhathalela ngempela umfowabo noyise uJakobe. (Gen. 44:30-34) Ngenxa yokuthi abafowabo bakaJosefa base beyekile ukuba nomona, bakwazi ukubuyisela ukuthula emndenini. (Gen. 45:4, 15) Ngendlela efanayo, uma sisiphula noma imiphi imizwa yokuba nomona, siyoba nesandla ekusizeni imindeni yethu nebandla esikulo ukuba kube nokuthula.

18. Ngokwencwadi kaJakobe 3:17, 18, yini ezokwenzeka uma siba nesandla ekudaleni izimo ezinokuthula?

18 UJehova ufuna silwe nomona futhi silwele ukuthula. Kumelwe sizikhandle ukuze sizenze zombili lezi zinto. Njengoba sibonile kulesi sihloko, siye sibe nenkinga yokuba nomona. (Jak. 4:5) Sizungezwe nangabantu abagqugquzela umona. Kodwa uma sizama ukuba abantu abathobekile, abanelisekile nababongayo, ngeke sibe nomona. Kunalokho, sizoba nengxenye ekubangeleni ukuthula ukuze kukhule izithelo zokulunga.—Funda uJakobe 3:17, 18.

INGOMA 130 Yiba Othethelelayo

^ par. 5 Inhlangano kaJehova inokuthula. Kodwa uma siba nomona singakuphazamisa lokhu kuthula. Kulesi sihloko, sizofunda ukuthi yini ebangela umona. Sizophinde sixoxe ngokuthi singalwa kanjani nawo, sixoxe nangalokho esingakwenza ukuze silwele ukuthula.

^ par. 2 INCAZELO YEGAMA: Njengoba kuchaziwe eBhayibhelini, umona ungenza umuntu angagcini nje ngokufuna ukuba nezinto abanye abantu abanazo kodwa futhi ufuna nokukuthatha lokho abanye abanakho.

^ par. 61 INCAZELO YEZITHOMBE: Phakathi nomhlangano wendikimba yabadala, umzalwane osekhulile oqhuba iSifundo se-Nqabayokulinda ebandleni ucelwa ukuba aqeqeshe umzalwane osemusha ukuba afeze lesi sabelo. Nakuba umzalwane osekhulile esithanda isabelo sakhe, usisekela ngenhliziyo yonke isinqumo sabadala ngokuthi anikeze umzalwane osemusha amacebiso azomsiza nangokuthi amncome ngokusuka enhliziyweni.