Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 9

Vumela UJehova Akusize Ube Nokuthula

Vumela UJehova Akusize Ube Nokuthula

“Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, induduzo yakho yaqala ukuwotawota umphefumulo wami.”—IHU. 94:19.

INGOMA 44 Umthandazo Womuntu Ophansi

AMAZWIBELA *

1. Yini engasenza sikhathazeke, futhi lokho kungasithinta kanjani?

INGABE wake wahlushwa ukukhathazeka? * Mhlawumbe uzizwa ukhathazekile ngenxa yokuthi ulinyazwe yilokho abanye abakushilo noma abakwenzile. Noma kungenzeka ukhathazeke ngento wena oyishilo noma oyenzile. Ngokwesibonelo, kungenzeka uye wenza isono futhi ukhathazeke ngokuthi uJehova akasoze akuthethelela. Okubi nakakhulu, ungase ucabange ukuthi njengoba ukukhathazeka kukuqeda amandla, lokho kusho ukuthi awunalo ukholo noma ungumuntu omubi. Kodwa kuyiqiniso yini lokho?

2. Iziphi izibonelo eziseBhayibhelini ezibonisa ukuthi ukukhathazeka akusho ukungabi nalo ukholo?

2 Cabanga ngalezi zibonelo eziseBhayibhelini. UHana, owaba unina womprofethi uSamuweli, wayenokholo olukhulu. Kodwa wacindezeleka kakhulu lapho elinye ilungu lomndeni wakhe limphatha kabi. (1 Sam. 1:7) Umphostoli uPawulu wayenokholo oluqinile, kodwa ‘wayekhathazeke kakhulu ngawo wonke amabandla.’ (2 Kor. 11:28) INkosi uDavide yayinokholo oluqinile kangangokuba uJehova wayithanda kakhulu. (IzE. 13:22) Noma kunjalo, uDavide wenza izono ezamenza wacindezeleka kakhulu. (IHu. 38:4) UJehova waziduduza zonke lezi zinceku zakhe futhi wazisiza zaba nokuthula. Ake sihlole ukuthi yini esingayifunda ezibonelweni zabo.

LOKHO ESIKUFUNDA KUHANA OWAYETHEMBEKILE

3. Okushiwo abanye kungasenza kanjani sizizwe sikhathazekile?

3 Lapho abanye bekhuluma kabi noma benza izinto ezingabonisi umusa, singase sizizwe sikhathazekile. Lokho kuyiqiniso nakakhulu uma lowo muntu osizwisa ubuhlungu kungumngane oseduze noma isihlobo. Singase sikhathazwe ukuthi ubudlelwane bethu nalowo muntu sebulimele. Ngezinye izikhathi, umuntu osizwisa ubuhlungu angase akhulume engacabanganga futhi lokho akushoyo kungasilimaza kakhulu! (IzAga 12:18) Omunye angase akhethe ukusho into azi kahle ukuthi izosilimaza. Into enjalo yake yenzeka komunye udade osemusha. Uthi: “Eminyakeni embalwa edlule, othile engangizitshela ukuthi ungumngane wami waqala ukusakaza amanga ngami ezinkundleni zokuxhumana. Lokho kwangizwisa ubuhlungu futhi kwangikhathaza. Ngangingaqondi ukuthi kungani umuntu engimethembayo engizwisa ubuhlungu kanje.” Uma uye walinyazwa umngane oseduze noma isihlobo, ungafunda okuningi kuHana.

4. Yibuphi ubunzima uHana okwadingeka abhekane nabo?

4 UHana kwadingeka abhekane nezinkinga ezinzima. Kwaphela iminyaka eminingi engakwazi ukuthola abantwana. (1 Sam. 1:2) Kwa-Israyeli, abantu abaningi babekholelwa ukuthi owesifazane ongabatholi abantwana wayeqalekisiwe. Lokhu kwamhlambalaza uHana. (Gen. 30:1, 2) Okwaba nzima nakakhulu kuHana ukuthi umyeni wakhe wayenomunye unkosikazi, uPhenina, yena owayebathola abantwana. UPhenina wayenomona ngoHana futhi “wayemkhathaza kakhulu ukuze amenze azizwe ekhungathekile.” (1 Sam. 1:6) Ekuqaleni, uHana wayehluleka ukubhekana nalesi simo esicindezelayo. Waphatheka kabi kangangokuba “wayekhala angadli.” ‘Wabamunyu’ enhliziyweni. (1 Sam. 1:7, 10) UHana wayithola kanjani induduzo?

5. Umthandazo wamsiza kanjani uHana?

5 UHana wathandaza kuJehova wamtshela indlela ayezizwa ngayo. Ngemva kokuthandaza, wachazela uMpristi Ophakeme u-Eli ngenkinga yakhe. U-Eli wabe esethi kuye: “Hamba ngokuthula, kwangathi uNkulunkulu ka-Israyeli angakunika lokho okucelile kuye.” Waba yini umphumela? UHana “wahamba wadla, futhi akabange esakhathazeka.” (1 Sam. 1:17, 18) Umthandazo wamsiza uHana waba nokuthula.

NjengoHana, singakuthola kanjani futhi sikulondoloze ukuthula kwangaphakathi? (Bheka izigaba 6-10)

6. Iziphi izifundo esingazifunda kuHana nasencwadini yabaseFilipi 4:6, 7 ngokuphathelene nomthandazo?

6 Singaba nokuthula uma siphikelela emthandazweni. UHana wachitha isikhathi eside ekhuluma noBaba wakhe osezulwini. (1 Sam. 1:12) Nathi singakhuluma noJehova isikhathi eside simtshele izinto ezisikhathazayo, esizisabayo kanye nezinto esihlulekayo ukuzenza. Imithandazo yethu akudingeki ize ibe ngendlela ehleleke kakhulu. Ngezinye izikhathi singase size sikhale lapho sitshela uJehova indlela esicindezeleke ngayo. Noma kunjalo, uJehova uzohlale ezimisele ukusilalela. Ngaphezu kokuthandaza ngezinkinga zethu, kudingeka sikhumbule iseluleko esisencwadini yabaseFilipi 4:6, 7. (Funda.) UPawulu wasitshela ukuthi kudingeka simbonge uJehova lapho sithandaza. Sinezizathu eziningi zokumbonga uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, singambonga ngokuphila asinikeze kona, izinto eziningi ezinhle azenzile, uthando lwakhe oluqotho nethemba elijabulisayo asinike lona. Yini enye esingayifunda kuHana?

7. Yini uHana nomyeni wakhe ababevame ukuyenza?

7 Naphezu kwezinkinga, uHana nomyeni wakhe babevame ukuya endaweni yokukhonza uJehova eShilo. (1 Sam. 1:1-5) Ngesikhathi esetabernakele, uHana wakhuthazwa uMpristi Ophakeme u-Eli lapho ethi kwangathi uJehova angawuphendula umthandazo wakhe.—1 Sam. 1:9, 17.

8. Imihlangano ingasisiza kanjani? Chaza.

8 Singaba nokuthula uma siqhubeka siba khona emihlanganweni yebandla. Umthandazo wokuvula emihlanganweni yethu uvame ukuhlanganisa ukucela umoya kaNkulunkulu ukuba ube nathi. Ukuthula kuphakathi kwezithelo zomoya. (Gal. 5:22) Lapho siba khona njalo emihlanganweni yethu, ngisho nalapho sikhathazekile, sinikeza uJehova nabafowethu nodadewethu ithuba lokuba basikhuthaze futhi basisize sithole ukuthula kwengqondo. Umthandazo nemihlangano kuyindlela eyinhloko uJehova ayisebenzisayo ukuze asenze sibe nokuthula. (Heb. 10:24, 25) Ake sixoxe ngesinye isifundo esingasifunda kulokho uHana abhekana nakho.

9. Yini engazange ishintshe esimweni sikaHana, kodwa yini eyamsiza?

9 Izinkinga zikaHana azizange ziphele ngokushesha. Lapho uHana ebuya ukuyokhonza etabernakele, kwakusadingeka ahlale endlini eyodwa noPhenina. IBhayibheli alibonisi ukuthi uPhenina waziyeka izinto ayezenza. Ngakho kungenzeka ukuthi uHana kwadingeka aqhubeke ekhuthazelela amazwi kaPhenina abuhlungu. Kodwa uHana akabange esaphatheka kabi. Uzokhumbula ukuthi ngemva kokushiyela le ndaba kuJehova, akabange esakhathazeka. Wavumela uJehova ukuba amduduze. Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wawuphendula umthandazo kaHana futhi wakwazi ukuba nezakhe izingane!—1 Sam. 1:19, 20; 2:21.

10. Yini esiyifunda esibonelweni sikaHana?

10 Singaba nokuthula ngisho noma izinkinga zethu zingakapheli. Ngisho noma sithandaza ngokujulile futhi siba khona njalo emihlanganweni, ezinye izinkinga zingase zingapheli. Esibonelweni sikaHana sifunda ukuthi ayikho into engamvimba uJehova ukuba asisize sibe nokuthula. UJehova akasoze asikhohlwa futhi maduze uzosivuza ngokwethembeka kwethu.—Heb. 11:6.

LOKHO ESIKUFUNDA KUMPHOSTOLI UPAWULU

11. UPawulu wayenaziphi izizathu ezamenza wakhathazeka?

11 Ziningi izinto ezazikhathaza uPawulu. Ngokwesibonelo, ngenxa yokuthi wayebathanda abafowabo nodadewabo, izinkinga ababebhekene nazo zazimenza akhathazeke kakhulu. (2 Kor. 2:4; 11:28) Esabelweni sakhe njengomphostoli, uPawulu kwadingeka abhekane nabaphikisi ababemshaya futhi bemphonsa ejele. Kwadingeka aphinde akhuthazelele ubunzima ‘bokuphelelwa ukudla.’ (Fil. 4:12) Ngenxa yokuthi waphukelwa umkhumbi okungenani kathathu, kungenzeka ukuthi wayekhathazeka lapho ezohamba ngomkhumbi. (2 Kor. 11:23-27) UPawulu wabhekana kanjani nokukhathazeka?

12. Yini eyasiza uPawulu ukuba engakhathazeki kakhulu?

12 UPawulu wayekhathazekile ngezinkinga abafowabo nodadewabo ababebhekene nazo, kodwa akazange azame ukulungisa zonke izinkinga zabo eyedwa. UPawulu wayazi ukuthi wayengeke akwazi ukwenza zonke izinto. Wacela abanye ukuba basize ekunakekeleni ibandla. Ngokwesibonelo, wanikeza amadoda anokwethenjelwa anjengoThimothewu noThithu imisebenzi eminingi. Lokho abafowethu abakwenza ngokuqinisekile kwamsiza uPawulu wanciphisa ukukhathazeka.—Fil. 2:19, 20; Thithu 1:1, 4, 5.

NjengoPawulu, yini esingayenza ukuze sigweme ukucindezelwa kakhulu izinkathazo? (Bheka izigaba 13-15)

13. Abadala bangamlingisa kanjani uPawulu?

13 Cela abanye bakusize. NjengoPawulu, abadala abanothando bayakhathazeka ngalabo abasebandleni ababhekene nezinkinga. Kodwa umdala angase angakwazi ukubasiza bonke ebandleni. Ukuthobeka kungamsiza acele amanye amadoda afanelekayo ukuba amsize futhi aqeqeshe namadoda asemasha ukuba asize ekunakekeleni umhlambi kaNkulunkulu.—2 Thim. 2:2.

14. Yini uPawulu angazange akhathazeke ngayo, futhi singafundani esibonelweni sakhe?

14 Vuma ukuthi uyakudinga ukududuzwa. UPawulu wayethobekile, ngakho wayazi ukuthi uyasidinga isikhuthazo esivela kubangane bakhe. Wayengakhathazekile ngokuthi abantu babezocabanga ukuthi untekenteke uma ekhuthazwa abangane bakhe. Lapho ebhalela uFilemoni, uPawulu wathi: “Ngathola injabulo nenduduzo enkulu ngenxa yothando lwakho.” (Filem. 7) UPawulu wabala nezinye izisebenzi ezikanye naye ezamkhuthaza kakhulu ngesikhathi ecindezelekile. (Kol. 4:7-11) Lapho sivuma ngokuthobeka ukuthi siyasidinga isikhuthazo, abafowethu nodadewethu bayokujabulela kakhulu ukusisekela.

15. Yini uPawulu ayenza lapho esesimweni esicindezela kakhulu?

15 Thembela eZwini likaNkulunkulu. UPawulu wayazi ukuthi imiBhalo yayizomduduza. (Roma 15:4) Yayiyomnikeza nokuhlakanipha ukuze akwazi ukubhekana nanoma yiluphi uvivinyo. (2 Thim. 3:15, 16) Lapho uPawulu eboshwe eRoma okwesibili, wayenomuzwa wokuthi kwase kuseduze ukuba afe. Yini ayenza kulesi simo esicindezelayo? Wacela uThimothewu ukuba eze kuye ngokushesha futhi amphathele ‘imiqulu.’ (2 Thim. 4:6, 7, 9, 13) Kungani? Kungenxa yokuthi leyo miqulu kungenzeka yayinezingxenye zemiBhalo yesiHebheru uPawulu ayengayisebenzisa lapho etadisha imiBhalo. Lapho silingisa uPawulu ngokulitadisha njalo iZwi likaNkulunkulu, uJehova uzosebenzisa iBhayibheli ukuze asenze sizole ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu.

LOKHO ESIKUFUNDA ENKOSINI UDAVIDE

NjengeNkosi uDavide, yini engasisiza uma senze isono esikhulu? (Bheka izigaba 16-19)

16. Iziphi izinkinga uDavide azilethelela zona ezamenza wakhathazeka?

16 UDavide wayekhathazwa ukuba nonembeza onecala. Waphinga noBhati-sheba, wahlela ukubulawa komyeni wakhe futhi wazama ukufihla lokho ayekwenzile. (2 Sam. 12:9) Ekuqaleni, uDavide wawuziba unembeza wakhe. Kodwa lokho kwalimaza ubungane bakhe noJehova futhi kwamenza wacindezeleka kakhulu waze wagula. (IHu. 32:3, 4) Yini eyasiza uDavide wakwazi ukubhekana nokukhathazeka ayezilethele kona futhi yini engasisiza uma nathi senze isono esikhulu?

17. Incwadi yeHubo 51:1-4 isibonisa kanjani ukuthi uDavide wazisola ngempela ngezono ayezenzile?

17 Thandaza ucele intethelelo. Ekugcineni, uDavide wathandaza kuJehova. Wazisola kakhulu futhi wamtshela uJehova zonke izono ayezenzile. (Funda iHubo 51:1-4.) Lokhu kwamzisa waba nokuthula futhi waphinde wajabula! (IHu. 32:1, 2, 4, 5) Uma wenze isono esibi, ungazami ukusifihla. Kunalokho, thandaza kuJehova umtshele ngesono osenzile. Uyoqala ukuba nokuthula, ungabe usaba nonembeza onecala. Kodwa uma ufuna ukulungisa ubuhlobo bakho noJehova, kudingeka wenze okungaphezu kokuthandaza.

18. UDavide wasabela kanjani lapho eyalwa?

18 Yamukela isiyalo. Lapho uJehova ethuma uNathani ukuba ayokhuluma noDavide ngesono sakhe, uDavide akazange abeke izaba noma azame ukunciphisa ububi ayebenzile. Ngokushesha, wavuma ukuthi akonanga nje kuphela umyeni kaBhati-sheba, kodwa okukhulu nakakhulu wona kuJehova. UDavide wasamukela isiyalo esivela kuJehova futhi uJehova wamthethelela. (2 Sam. 12:10-14) Uma senze isono esibi, kudingeka sikhulume nalabo uJehova abamise ukuba baseluse. (Jak. 5:14, 15) Kudingeka sigweme nokubeka izaba ngesono esisenzile. Uma sishesha ukwamukela nokusebenzisa noma yisiphi iseluleko esisitholayo, siyoshesha ukuthola injabulo nokuthula.

19. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

19 Zimisele ukuba ungasiphindi isono esifanayo. INkosi uDavide yayazi ukuthi uma izogwema ukuphinda isono esifanayo, yayizodinga usizo lukaJehova. (IHu. 51:7, 10, 12) Ngemva kokuba uJehova emthethelele, uDavide wazimisela ukungacabangi imicabango engalungile. Ngenxa yalokho, wakuthola ukuthula kwangaphakathi.

20. Singabonisa kanjani ukuthi siyambonga uJehova ngokusithethelela?

20 Lapho sithandaza, samukela isiyalo futhi silwa kanzima ukuze sigweme ukwenza isono esifanayo, sisuke sibonisa ukuthi siyambonga uJehova ngokusithethelela. Sizothola ukuthula kwangaphakathi lapho sithatha lezi zinyathelo. UJames, umzalwane owenza isono esibi, wabona ukuthi lokhu kuyiqiniso. Uthi: “Lapho ngivuma isono sami kubadala ngezwa sengathi kwakusuke umthwalo osindayo emahlombe ami. Ngaqala ukuba nokuthula kwengqondo.” Kuyakhuthaza ngempela ukwazi ukuthi “uJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile”!—IHu. 34:18.

21. Singamvumela kanjani uJehova asisize sibe nokuthula?

21 Njengoba lezi zinsuku zokugcina ziya ngasekupheleni, cishe ziyokwanda izinto eziyosenza sikhathazeke. Uma unemicabango ekukhathazayo, unganqikazi ukucela usizo kuJehova. Tadisha iBhayibheli ngenkuthalo. Funda esibonelweni esabekwa uHana, uPawulu noDavide. Cela uBaba wakho osezulwini akusize uqonde ukuthi kungani uzizwa ukhathazekile. (IHu. 139:23) Mvumele akusize ezinkingeni obhekene nazo, ikakhulukazi lezo ongakwazi kwenza lutho ngazo. Uma wenza kanjalo ungaba njengomhubi owahlabelela kuJehova: “Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, induduzo yakho yaqala ukuwotawota umphefumulo wami.”—IHu. 94:19.

INGOMA 4 “UJehova UnguMalusi Wami”

^ par. 5 Ngezinye izikhathi, sonke siyakhathazeka ngenxa yezinkinga esibhekana nazo. Lesi sihloko sizoxoxa ngezibonelo zezinceku ezintathu zikaJehova okukhulunywa ngazo eBhayibheli ezabhekana nokukhathazeka. Sizoxoxa nangendlela uJehova aziduduza ngayo futhi wazisiza zaba nokuthula.

^ par. 1 INCAZELO YEGAMA: Ukukhathazeka yilapho uzizwa wethukile noma ucindezelekile. Lokhu kungabangelwa izinkinga zemali, ukugula, izinkinga zomndeni noma obunye ubunzima. Singase sizizwe sikhathazeke ngamaphutha esawenza esikhathini esedlule noma izinkinga esingase sibe nazo esikhathini esizayo.