Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Babengobani onogada bethempeli abangamaJuda? Wawuyini umsebenzi wabo?

Eminye yemisebenzi eyayenziwa amaLevi angebona abapristi, kwakuwukuba onogada. Lokhu ayekwenza eqondiswa ukapteni wethempeli. Umbhali ongumJuda uPhilo uyachaza ukuthi wawuyini umsebenzi walab’ onogada: “Amanye amaLevi angonogada ayema ngaseminyango engenela ethempelini, amanye ayebekwa phambi kwendlu engcwele ukuze aqiniseke ukuthi umuntu ongavumelekile ukungena khona akangeni ngisho nangephutha. Amanye ayeshintshana ngokugada ithempeli, alizungeze emini nasebusuku.”

ISanhedrini yayingabacela lab’ onogada ukuba babasize. Leli kwakuwukuphela kweqembu lamaJuda umbuso wamaRoma owawulivumela ukuba liphathe izikhali.

Ngokusho kwesazi seBhayibheli uJoachim Jeremias, “ngesikhathi onogada bezobopha uJesu, wababuza ukuthi kungani bengambophanga ngesikhathi efundisa ethempelini. (Math. 26:55) UJesu wayengeke ababuze lo mbuzo ukube babengebona onogada bethempeli.” Isazi esifanayo sicabanga ukuthi izikhonzi ezathunywa ngaphambilini ukuba zizobopha uJesu nazo zazingonogada bethempeli. (Joh. 7:32, 45, 46) Kamuva, iSanhedrini yathumela ukapteni wethempeli nabanye onogada ukuba bayolanda abaphostoli babalethe kubo, futhi kungenzeka yibo abahudulela uPawulu ngaphandle kwethempeli.—IzE. 4:1-3; 5:17-27; 21:27-30.