Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

“Yithi Laba! Thuma Thina”

“Yithi Laba! Thuma Thina”

INGABE ufuna ukwandisa inkonzo yakho ngokuthuthela endaweni enesidingo esikhulu, mhlawumbe endaweni okukhulunywa kuyo olunye ulimi? Uma kunjalo, ungazuza kulokho uMfowethu noDadewethu Bergame ababhekana nakho.

UJack noMarie-Line sebesenkonzweni yesikhathi esigcwele ndawonye kusukela ngo-1988. Bayakwazi ukuzivumelanisa nezimo ezihlukahlukene futhi baye bamukela izabelo eziningi eGuadeloupe naseFrench Guiana. Zombili lezi zindawo sezinakekelwa igatsha laseFrance. Ake sibuze uJack noMarie-Line imibuzo embalwa.

Kungani naqala ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele?

Marie-Line: Njengoba ngangikhula eGuadeloupe, ngangivame ukushumayela usuku lonke nomama, owayenguFakazi oshisekayo. Ngiyabathanda abantu, ngakho ngokushesha nje ngemva kokuqeda isikole ngo-1985, ngaqala ukuphayona.

Jack: Ngesikhathi ngisemusha, ngangihlale nginabantu abasenkonzweni yesikhathi esigcwele ababeyithanda inkonzo. Ngangivame ukuba yiphayona elisizayo lapho kuvalwe izikole. Ngezinye izikhathi ngezimpelasonto, sasigibela ibhasi ukuze siyoshumayela namaphayona ensimini yawo. Sasishumayela usuku lonke—bese siya ebhishi. Zazingeve zimnandi lezo zinsuku!

Ngemva nje kokushada noMarie-Line ngo-1988, ngathi engqondweni, ‛Ayikho into esibambile, kungani singenzi okuningi enkonzweni?’ Ngaqala ukuphayona noMarie-Line. Ngemva konyaka, lapho ngiqeda ukuya esikoleni samaphayona, sabelwa ukuba sibe amaphayona akhethekile. Sajabulela izabelo ezihlukahlukene eGuadeloupe ngaphambi kokucelwa ukuba sithuthele eFrench Guiana.

Kule minyaka edlule, niye nashintshwa kaningi izabelo. Yini enisize nakwazi ukuzivumelanisa nezimo ezintsha?

Marie-Line: Abafowethu eBethel yaseFrench Guiana babazi ukuthi umbhalo esiwuthandayo u-Isaya 6:8. Ngakho lapho besifonela, babevame ukuncokola nathi bathi, “Niyawukhumbula umbhalo eniwuthandayo?” Sase sazi ukuthi isabelo sethu sase sizoshintsha, ngakho sasithi, “Yithi Laba! Thuma Thina.”

Siyakugwema ukuqhathanisa isabelo sethu esisha nezindala ngoba lokho kungasenza singasijabuleli isabelo. Siphinde sizame ukuzenzela abangane nabafowethu nodadewethu esabelweni sethu esisha.

Jack: Esikhathini esidlule, abanye abangane bethu ababenezinhloso ezinhle bazama ukusidikibalisa bethi singahambi ngoba babefuna sihlale eduze nabo. Kodwa lapho sihamba eGuadeloupe, omunye umzalwane wasikhumbuza amazwi kaJesu akuMathewu 13:38: “Insimu yizwe.” Ngakho lapho sishintsha isabelo, sazikhumbuza ukuthi sisakhonza ensimini efanayo kungakhathaliseki ukuthi sikuphi. Ngaphezu kwalokho, okubaluleke nakakhulu, abantu nensimu!

Uma sifika ensimini entsha, siyabona ukuthi abanye abantu bajabule kuleyo ndawo. Ngakho, sizama ukuphila njengabantu bendawo. Ukudla kungase kuhluke, kodwa sidla abakudlayo futhi siphuze abakuphuzayo, sigade izinto ezingasigulisa. Sizama ukuthi sikhulume kahle ngazo zonke izabelo.

Marie-Line: Siphinde sifunde okuningi kubazalwane nodade bendawo. Ngikhumbula okuthile okwenzeka ngesikhathi sifika eFrench Guiana. Laliyidliva, ngakho sasicabanga ukuthi kwakufanele silinde imvula inqamuke kuqala ngaphambi kokuba siyoshumayela. Kodwa omunye udade wathi, “Sesingahamba?” Ngimangele, ngaphendula, “kanjani?” Wathi, “thatha isambulela sakho, sizohamba ngamabhayisikili.” Ngakho ngafunda ukubamba isambulela ngibe ngigibele ibhayisikili. Ukube angifundanga, ngangingeke ngikwazi ukushumayela ngaleyo nkathi yemvuIa!

Senithuthe izikhathi ezingaba ngu-15. Akhona amacebiso eninawo angasiza abanye lapho bethutha?

Marie-Line: Ukuthutha kungaba nzima. Noma kunjalo, kubalulekile ukuthola indawo ozokwazi ukuphumula kuyo lapho ubuya ensimini.

Jack: Ngijwayele ukupenda ingaphakathi lendlu yethu entsha. Uma abazalwane egatsheni bazi ukuthi ngeke sihlale isikhathi eside esabelweni, baye bancokole nami bathi, “Jack, ungazihluphi ngokupenda kulokhu!”

UMarie-Line usengumpetha ekupakisheni! Ufaka zonke izinto emabhokisini azibhale ukuthi “ezase-bathroom,” “ezasekamereni,” “ezasekhishini,” nokunye. Ngakho lapho sifika endlini yethu entsha, kuba lula kakhulu ukubeka amabhokisi emakamereni afanele. Ubhala phansi zonke izinto ezisebhokisini ngalinye ukuze kube lula ukuthola into esiyidingayo.

Marie-Line: Ngenxa yokuthi siye safunda ukuhleleka, sikwazi ukuqala ukushumayela ngokushesha.

Nisihlela kanjani isikhathi senu ukuze nikwazi ‘ukuyifeza ngokugcwele inkonzo yenu’?—2 Thim. 4:5.

Marie-Line: NgoMsombuluko, siyaphumula silungiselele imihlangano. Kusukela ngoLwesibili, siyashumayela.

Jack: Nakuba kudingeka sichithe amahora athile ensimini inyanga ngayinye, asigxili kulokho. Ukushumayela kuyinto ebaluleke kakhulu kithi. Kusukela lapho siphuma endlini kuze kube yilapho sibuya, sizama ukuxoxa nabo bonke esihlangana nabo.

Marie-Line: Ngokwesibonelo, uma siya kwi-picnic, ngihlale ngiphethe amapheshana. Abanye abantu bayeza kithi basicele izincwadi, ngisho noma singakabatsheli ukuthi singoFakazi BakaJehova. Ngenxa yalokho, siyayigada indlela esigqoka ngayo nesiziphatha ngayo. Abantu bayakuqaphela lokho.

Jack: Siphinde sifakaze ngokuba omakhelwane abahle. Ngicosha amaphepha, ngikhiphe umgqomo, ngihhale namahlamvu engadini yethu. Omakhelwane bethu bayakuphawula lokho, ngezinye izikhathi bathi, “Sicela nisiphe iBhayibheli.”

Nivame ukushumayela ezindaweni ezikude. Ingabe kukhona enakujabulela ngesikhathi nishumayela kulezo zindawo?

Jack: Indawo yaseGuiana, inamanye amasimu okunzima ukuwafinyelela. Isonto ngalinye sasivame ukuhamba amakhilomitha angaba ngu-600 emgwaqweni omubi. Isikhathi esingenakulibaleka yilapho sivakashele indawo yaseSt. Élie, esehlathini i-Amazon. Kwasithatha amahora ambalwa ukufika khona sisebenzisa imoto ekwazi ukuhamba ehlathini nesikebhe esinenjini. Abantu abaningi abahlala khona babemba igolide. Abanye banikela ngamatshe amancane egolide ukuze babonge ngezincwadi zethu! Ebusuku, sababonisa enye ividiyo yenhlangano. Abantu bendawo abaningi bafika.

Marie-Line: Muva nje, uJack wacelwa ukuba anikeze inkulumo yeSikhumbuzo eCamopi. Ukuze sifike khona, sahamba amahora amane ngesikebhe esinenjini eMfuleni I-Oyapock. Kwaba isikhathi esimnandi.

Jack: Kwakuba ingozi lapho amanzi omfula ehamba ngamandla endaweni enamatshe. Kuyamangaza ngempela ukuwabona lapho sihamba ngesikebhe. Umuntu osishayelayo kufanele ayazi ngempela into ayenzayo. Kodwa kwaba yinto emnandi ukuyibona. Nakuba kwakunoFakazi abangu-6 kuphela, babengu-50 abantu ababakhona eSikhumbuzweni, okuhlanganisa nama-Amerindians!

Marie-Line: Abasebasha bangaba nezikhathi ezimnandi njengalezi uma bemkhonza ngokugcwele uJehova. Ezimweni ezinjengalezi kudingeka uthembele kuJehova futhi ukholo lwakho luyoqina. Sivame ukumbona uJehova esisiza.

Senifunde izilimi eziningana manje. Kulula yini ukuba nifunde ezinye izilimi?

Jack: Lutho neze. Ngifunde lezi zilimi ngoba kunesidingo sokuzifunda. Kwadingeka ngiqhube iSifundo se-Nqabayokulinda ngesiSranantongo * ngaphambi kokuba nesabelo sokufunda iBhayibheli! Ngabuza omunye umzalwane ukuthi ngenze kanjani. Wathi, “Ngezinye izikhathi besingakuzwa ukuthi uthini, kodwa kuhamba kahle.” Izingane zangisiza kakhulu. Lapho ngikhuluma into engazwakali, zazingitshela, kuyilapho abantu abadala bengasho lutho. Ngifunde okuningi ezinganeni.

Marie-Line: Kwenye insimu, nganginezifundo zeBhayibheli ezikhuluma isiFulentshi, isiPutukezi nesiSranantongo. Omunye udade wasikisela ukuthi ngiqale ngokuyofundela labo abakhuluma ulimi olunzima kakhulu bese ngigcina ngalabo abakhuluma ulimi engilijwayele. Ngokushesha ngakuqonda ukuhlakanipha kwalesi seluleko.

Ngolunye usuku, ngaqhuba isifundo seBhayibheli ngesiSranantongo, ngaqhuba esilandelayo ngesiPutukezi. Lapho ngiqala ukufunda nowesibili, udade engangihamba naye wathi kimi, “Marie-Line, ngicabanga ukuthi akuhambi kahle!” Ngaqaphela ukuthi ngangikhuluma isiSranantongo nowesifazane waseBrazil okhuluma isiPutukezi!

Banithanda kakhulu abafowethu eniye nakhonza ezindaweni abahlala kuzo. Yini eniye nayenza ukuze nibe abangane nabo?

Jack: IzAga 11:25 zithi: “Umphefumulo ophanayo uyokhuluphaliswa.” Asikwenqeni ukuchitha isikhathi esiningi nabanye. Ngokuphathelene nokunakekela iHholo loMbuso, abanye baye bathi kimi: “Yekela abamemezeli balihlanze.” Kodwa ngiphendula ngithi: “Iqiniso liwukuthi nami ngingummemezeli. Ngakho uma kufanele kwenziwe umsebenzi othile, nami ngifuna ukuba khona.” Nakuba sonke sisidinga isikhathi sokuba sodwa, sihlale sizikhumbuza ukuthi asifuni leso sikhathi sisivimbele ukuba senzele abanye izinto ezinhle.

Marie-Line: Siyazikhandla ukuze sibonise ukuthi sinendaba nabafowethu nodadewethu. Ngaleyo ndlela, kuba lula ukwazi lapho bedinga umuntu ozobagadela izingane zabo noma ozozilanda esikoleni. Sibe sesihlela kabusha izinhlelo zethu ukuze sibasize. Ngaleyo ndlela, siba abangane nabanye, sizimisele ukubasiza lapho bedinga usizo.

Iziphi izibusiso eniye nazithola ngokukhonza lapho kunesidingo esikhulu khona?

Jack: Inkonzo yesikhathi esigcwele yenze ukuphila kwethu kwajabulisa kakhulu. Sivame ukuthola amathuba okujabulela indalo kaJehova. Nakuba siye saba nezinkinga, sinokuthula kwengqondo ngoba siyazi ukuthi abantu bakaNkulunkulu bayasisekela kungakhathaliseki ukuthi sikuphi.

Ngesikhathi ngisemusha, ngaboshwa eFrench Guiana ngenxa yokungathathi hlangothi. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngolunye usuku ngiyobuyela khona sengiyisithunywa sevangeli futhi ngivakashele amajele ukuze ngiyoshumayela kuwo. Ngempela uJehova ubusisana ngokucebile!

Marie-Line: Into engijabulisa kakhulu ukuzidela ngenxa yabanye. Siyakujabulela ukukhonza uJehova. Kuye kwaqinisa nesibopho sethu somshado. Ngezinye izikhathi, uJack unokungicela ukuba simeme abantu abashadile abadinga isikhuthazo. Ngokuvamile ngiye ngimphendule, “Yazi ungifunde ingqondo!” Sivame ukucabanga into efanayo.

Jack: Muva nje, ngithole ukuthi nginomdlavuza we-prostate. Nakuba uMarie-Line engathandi ukukuzwa lokhu, ngiye ngamtshela ukuthi: “Sthandwa, angikabi yikhehla kodwa uma ngingafa kusasa, ngiyofa ngazi ukuthi ngikusebenzise kahle ukuphila kwami, ekukhonzeni uJehova futhi lokho kuyangijabulisa.”—Gen. 25:8.

Marie-Line: UJehova uye wasivulela iminyango eminingi ebesingayilindele futhi wasivumela ukuba senze izinto esasingacabangi ukuthi siyozenza. Ngempela ukuphila kwethu kugcwele izinto ezinhle. Kungakhathaliseki ukuthi inhlangano kaJehova isithuma kuphi, ngenxa yokuthi sithembele kuye, siyoya lapho!

^ par. 32 ISranantongo ulimi olwaqalwa izingqila, oluhlanganisa isiNgisi, isiDutch, isiPutukezi nezilimi zase-Afrika.