Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 17

“Nginibizé Ngokuthi Ningabangane”

“Nginibizé Ngokuthi Ningabangane”

“Nginibizé ngokuthi ningabangane, ngoba zonke izinto engizizwe kuBaba nginazisile zona.”—JOH. 15:15.

INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu

AMAZWIBELA *

1. Ubakha kanjani ubungane nomuntu?

NGOKUVAMILE, isinyathelo sokuqala sokwakha ubungane nomunye umuntu, ukuchitha isikhathi naye. Lapho nixoxa ngalokho enikucabangayo nangendlela enizizwa ngayo, niba abangane. Kodwa ngezinye izikhathi kuba nzima ukuba abangane bakaJesu. Kungani?

2. Iyiphi inkinga yokuqala esibhekana nayo?

2 Inkinga yokuqala ukuthi asikaze simbone uJesu. AmaKristu amaningi ngekhulu lokuqala abhekana nenkinga efanayo. Kodwa umphostoli uPetru wathi: “Nakuba ningakaze nimbone, niyamthanda. Nakuba ningambhekile manje, kodwa nibonisa ukholo kuye.” (1 Pet. 1:8) Ngakho, singakwazi ukuba abangane bakaJesu ngisho noma singakaze simbone.

3. Iyiphi inkinga yesibili esibhekana nayo?

3 Inkinga yesibili ukuthi asikwazi ukukhuluma noJesu. Lapho sithandaza, sikhuluma noJehova. Kuyiqiniso ukuthi sithandaza egameni likaJesu, kodwa asikhulumi naye ngokuqondile. Empeleni, uJesu akafuni sithandaze kuye. Kungani? Yingoba umthandazo uyingxenye yokukhulekela kwethu, futhi nguJehova kuphela okufanele simkhulekele. (Math. 4:10) Noma kunjalo, singabonisa ukuthi siyamthanda uJesu.

4. Iyiphi inkinga yesithathu esibhekana nayo, futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Inkinga yesithathu ukuthi uJesu uhlala ezulwini, ngakho asikwazi ukuchitha isikhathi naye. Kodwa sisengakwazi ukufunda okuningi ngaye ngisho noma singahlali naye. Sizohlola izinto ezine esingazenza ukuze siqinise ubungane bethu naye. Nokho, okokuqala, ake sihlole ukuthi kungani kubalulekile ukuba sakhe ubungane obuseduze noKristu.

KUNGANI SIDINGA UKUBA ABANGANE BAKAJESU?

5. Kungani kufanele sibe abangane bakaJesu? (Bheka nebhokisi elithi “ Ukuba Umngane NoJesu Kwenza Ube Umngane NoJehova” nelithi “ Bheka UJesu Ngendlela Efanele.”)

5 Kumelwe sibe abangane bakaJesu uma sifuna ukuba nobungane obuseduze noJehova. Kungani? Cabanga ngalezi zizathu ezimbili. Esokuqala, uJesu watshela abafundi bakhe: “UBaba ngokwakhe uyanithanda, ngoba niye nangithanda.” (Joh. 16:27) Waphinde wathi: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Joh. 14:6) Ukuzama ukuba umngane kaJehova ngaphandle kokuba umngane omkhulu kaJesu, kufana nokuzama ukungena emzini womuntu ungasebenzisi isango. UJesu wasebenzisa umfanekiso ofanayo lapho ezichaza ngokuthi ‘uyisango lezimvu.’ (Joh. 10:7) Isizathu sesibili siwukuthi uJesu wabulingisa ngokuphelele ubuntu bukaYise. Wathi kubafundi bakhe: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Joh. 14:9) Ngakho indlela ebalulekile yokwazi uJehova iwukufunda ngokuphila kukaJesu. Lapho sifunda ngoJesu, indlela esimthanda ngayo iyokhula. Uma ubungane bethu noJesu bukhula, nendlela esimthanda ngayo uYise iyokhula.

6. Isiphi esinye isizathu okufanele sisenze sibe nobungane noJesu? Chaza.

6 Kumelwe sibe abangane noJesu ukuze imithandazo yethu iphendulwe. Lokhu kusho ukuthi kufanele senze okungaphezu nje kokumane sithi “egameni likaJesu” ekuphetheni kwemithandazo yethu. Kufanele siqonde indlela uJehova asebenzisa ngayo uJesu ukuze aphendule imithandazo yethu. UJesu watshela abaphostoli bakhe: “Noma yini eniyicela egameni lami, ngiyoyenza.” (Joh. 14:13) Nakuba kunguJehova olalela futhi aphendule imithandazo yethu, unikeze uJesu igunya lokwenza lokho Yena akunqumile. (Math. 28:18) Nokho, ngaphambi kokuba uNkulunkulu ayiphendule imithandazo yethu, uyabheka ukuthi siyakwenza yini lokho uJesu asiyala ukuba sikwenze. Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “Uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uzonithethelela nani; kanti uma ningabathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo ngeke azithethelele iziphambeko zenu.” (Math. 6:14, 15) Akuve kubalulekile ukuba siphathe abanye ngendlela uJehova noJesu abasiphatha ngayo!

7. Obani abazuzayo emhlatshelweni wesihlengo sikaJesu?

7 Yilabo abanobungane obuseduze noJesu kuphela abazozuza emhlatshelweni wesihlengo. Sazi kanjani? UJesu wathi ‘wayezonikela umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.’ (Joh. 15:13) Abantu abathembekile ababephila ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni kuzodingeka bafunde ngaye futhi bamthande. Abantu abanjengo-Abrahama, uSara, uMose noRahabi bazovuswa, kodwa nazo lezi zinceku ezilungile zikaJehova kuzodingeka zakhe ubungane noJesu ukuze zithole ukuphila okuphakade.—Joh. 17:3; IzE. 24:15; Heb. 11:8-12, 24-26, 31.

8-9. Njengoba kuchazwe kuJohane 15:4, 5, yini esiyoyenza uma singabangane bakaJesu, futhi kungani lokho kubalulekile?

8 Siyakujabulela ukusebenza noJesu emsebenzini wokushumayela nokufundisa izindaba ezinhle zoMbuso. Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wayengumfundisi. Kusukela abuyela ezulwini, uJesu njengenhloko yebandla, ubelokhu eqhubeka eqondisa umsebenzi wokushumayela nokufundisa. Uyawubona futhi uyawazisa umzamo owenzayo ukuze usize abaningi bafunde ngaye nangoYise. Empeleni, lo msebenzi singakwazi ukuwufeza kuphela ngosizo lukaJehova noJesu.—Funda uJohane 15:4, 5.

9 IZwi likaNkulunkulu lisifundisa ngokucacile ukuthi kufanele sithande uJesu ukuze sijabulise uJehova. Ngakho, ake sixoxe ngezinto ezine esingazenza ukuze sibe abangane bakaJesu.

INDLELA YOKWAKHA UBUNGANE NOJESU

Ungaba umngane kaJesu (1) ngokumazi kangcono, (2) ngokulingisa indlela acabanga nenza ngayo, (3) ngokusekela abafowabo bakaKristu (4) nangokusekela amalungiselelo ebandla (Bheka izigaba 10-14) *

10. Isiphi isinyathelo sokuqala okufanele sisithathe ukuze sakhe ubungane noJesu?

10 (1) Mazi kangcono uJesu. Lokhu singakwenza ngokufunda izincwadi eziseBhayibhelini uMathewu, uMarku, uLuka noJohane. Lapho sizindla ngalokho esikufunda eBhayibhelini ngokuphila kukaJesu, siqala ukumthanda nokumhlonipha ngenxa yendlela enomusa aphatha ngayo abanye. Ngokwesibonelo, nakuba ayeyiNkosi, akazange abaphathe njengezigqila abafundi bakhe. Kunalokho, wayebatshela lokho ayekucabanga nendlela ayezizwa ngayo. (Joh. 15:15) Lapho bedangele, uJesu naye wayedangala futhi akhale kanye nabo. (Joh. 11:32-36) Ngisho nabaphikisi bavuma ukuthi wayengumngane walabo ababewamukela umyalezo wakhe. (Math. 11:19) Lapho silingisa indlela uJesu ayephatha ngayo abafundi bakhe, ubungane bethu nabanye buyothuthuka, siyojabula futhi indlela esimazisa ngayo uKristu iyokhula.

11. Isiphi isinyathelo sesibili okufanele sisithathe ukuze sibe abangane bakaJesu, futhi kungani sibalulekile?

11 (2) Lingisa indlela uJesu acabanga nenza ngayo. Uma simazi kangcono futhi silingisa indlela acabanga ngayo sizoba abangane abaseduze naye. (1 Kor. 2:16) Singamlingisa kanjani uJesu? Cabanga ngesibonelo esisodwa nje. UJesu wayecabanga kakhulu ngokusiza abanye kunokuzijabulisa yena. (Math. 20:28; Roma 15:1-3) Ngenxa yokuthi wayecabanga ngaleyo ndlela, wayezidela futhi ethethelela. Wayengasheshi ukucasulwa yilokho abanye ababekusho ngaye. (Joh. 1:46, 47) Wayengavumeli amaphutha abantu ababewenze esikhathini esidlule athonye indlela ababheka ngayo. (1 Thim. 1:12-14) UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Joh. 13:35) Kuhle uzibuze lo mbuzo, “Ingabe ngilandela isibonelo sikaJesu ngokwenza konke engingakwenza ukuze ngibe nokuthula nabafowethu nodadewethu?”

12. Isiphi isinyathelo sesithathu okufanele sisithathe ukuze sibe abangane bakaJesu, futhi singakwenza kanjani lokho?

12 (3) Sekela abafowabo bakaKristu. UJesu ubheka lokho esikwenzela abagcotshiwe njengokungathi sikwenza kuye. (Math. 25:34-40) Indlela ebaluleke kakhulu esisekela ngayo abagcotshiwe ukwenza okusemandleni ethu ukuze sishumayele futhi sifundise abanye njengoba uJesu asiyala. (Math. 28:19, 20; IzE. 10:42) Abafowabo bakaKristu bangawufeza kuphela ngosizo ‘lwezinye izimvu’ lo msebenzi omkhulu wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke. (Joh. 10:16) Uma ungowezinye izimvu, njalo lapho ushumayela usuke ubonisa ukuthi awugcini nje ngokuthanda abafowabo bakaKristu, kodwa uthanda noJesu.

13. Singasisebenzisa kanjani iseluleko esisencwadini kaLuka 16:9?

13 Siphinde sibe abangane noJehova noJesu lapho sinikela ngezimali ukuze sisekele umsebenzi abawuqondisayo. (Funda uLuka 16:9.) Ngokwesibonelo, singanikelela umsebenzi womhlaba wonke ohlanganisa ukushumayela ezindaweni eziqhelile, ukwakhiwa nokunakekelwa kwezakhiwo ezisekela ukukhulekela kweqiniso nokusiza labo abadinga usizo ngemva kwezinhlekelele zemvelo. Singasekela nebandla esikulo ngokwezimali futhi sisize nalabo esibaziyo ukuthi bayantula. (IzAga 19:17) Lezi izindlela esingasekela ngazo abafowabo bakaKristu.

14. Njengoba kuboniswe kweyabase-Efesu 4:15, 16, isiphi isinyathelo sesine okufanele sisithathe ukuze sibe abangane bakaJesu?

14 (4) Sekela amalungiselelo ebandla lobuKristu. Siba nobungane obuseduze noJesu njengenhloko yebandla lapho sibambisana nalabo abamiswe ukuba basinakekele. (Funda eyabase-Efesu 4:15, 16.) Ngokwesibonelo, sizama ukuqiniseka ukuthi wonke amaHholo oMbuso asetshenziswa ngokugcwele. Ukuze kwenzeke lokhu, amanye amabandla aye ahlanganiswa, kwandiswa nemingcele yensimu. Leli lungiselelo liye lenza ukuba inhlangano yonge imali eningi. Nokho, ngesikhathi esifanayo kuye kwadingeka ukuba abanye abamemezeli bazivumelanise nezimo ezintsha. Labo bamemezeli abathembekile kungenzeka bebesebandleni elithile iminyaka eminingi futhi basondelana kakhulu nabafowethu nodadewethu bakulelo bandla. Kodwa manje sebecelwa ukuba baye kwelinye ibandla. Kumelwe ukuba uJesu ujabula ngempela lapho ebona abafundi bakhe abaqotho belisekela leli lungiselelo!

UKUBA ABANGANE NOJESU KUZE KUBE PHAKADE

15. Buzothuthuka kanjani ubungane bethu noJesu esikhathini esizayo?

15 Labo abagcotshwe ngomoya ongcwele banethemba lokuba noJesu kuze kube phakade, babuse naye eMbusweni kaNkulunkulu. Bazoba noKristu—bambone, bakhulume naye futhi bachithe isikhathi naye. (Joh. 14:2, 3) Labo abanethemba lokuphila emhlabeni nabo uJesu uzobanaka futhi ababonise ukuthi uyabathanda. Ngisho noma bengeke bambone, bazoba abangane abasondele naye njengoba bezobe bejabulela ukuphila uJehova noJesu ababalungiselele kona.—Isaya 9:6, 7.

16. Iziphi izibusiso esizithola ngokuba abangane noJesu?

16 Lapho samukela isimemo sikaJesu sokuba abangane bakhe, sithola izibusiso eziningi. Ngokwesibonelo, siyazuza othandweni lwakhe nasekusekelweni nguye njengamanje. Sithola ithuba lokuphila phakade. Okubaluleke nakakhulu, ubungane bethu noJesu buzosenza sibe nobungane obuyigugu kunabo bonke—ubungane noYise kaJesu uJehova. Kuyilungelo ngempela ukubizwa ngokuthi singabangane bakaJesu!

INGOMA 17 “Ngiyathanda”

^ par. 5 Abaphostoli bachitha isikhathi esiningi behamba futhi bexoxa noJesu, lokho kwabenza baba abangane abakhulu. UJesu ufuna nathi sibe abangane bakhe, kodwa sibhekana nezinkinga abaphostoli ababengenazo. Lesi sihloko sizoxoxa ngezinye zalezo zinkinga futhi sizosinika amacebiso esingawasebenzisa ukuze sibe abangane bakaJesu futhi sihlale sinobungane obuqinile naye.

^ par. 55 INCAZELO YEZITHOMBE: (1) Phakathi nokukhulekela komkhaya, singafunda ngokuphila kukaJesu nenkonzo yakhe. (2) Ebandleni, singalwela ukuba nokuthula nabafowethu. (3) Ngokwenza konke okusemandleni ethu enkonzweni, singasekela abafowabo bakaKristu. (4) Lapho amabandla ehlanganiswa, singabambisana nezinqumo zabadala.