Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 20

Ubani “Inkosi Yasenyakatho” Namuhla?

Ubani “Inkosi Yasenyakatho” Namuhla?

“Kuyomelwe ifike ekupheleni kwayo, futhi ngeke ibe namsizi.”—DAN. 11:45.

INGOMA 95 Ukukhanya Kuba Kukhulu

AMAZWIBELA *

1-2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

SINOBUFAKAZI obuningi kunanini ngaphambili bokuthi siphila ekupheleni kwezinsuku zokugcina zaleli zwe. Maduze, uJehova noJesu Kristu bazobhubhisa bonke ohulumeni abalwisana noMbuso. Ngaphambi kokuba lokho kwenzeke, inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu bazoqhubeka belwa bodwa futhi belwa nabantu bakaNkulunkulu.

2 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngesiprofetho esisencwadini kaDaniyeli 11:40–12:1. Sizothola ukuthi ingubani inkosi yasenyakatho namuhla, bese sixoxa ngokuthi kungani singahlala sizolile, sinethemba lokuthi uJehova uzosisindisa kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.

INKOSI ENTSHA YASENYAKATHO IYAVELA

3-4. Chaza ukuthi ubani inkosi yasenyakatho namuhla?

3 Ngemva kokuba iSoviet Union iwile ngo-1991, abantu bakaNkulunkulu ezindaweni eziningi bajabulela ‘usizo oluncane’—inkathi yenkululeko. (Dan. 11:34) Ngenxa yalokho, bakwazi ukushumayela ngokukhululekile futhi ngokushesha ngemva kwalokho kwaba namakhulu ezinkulungwane zabamemezeli emazweni ayebuswa iSoviet Union. Kodwa ngemva kweminyaka ethile, iRussia nabayisekelayo yaba inkosi yasenyakatho. Njengoba sixoxile esihlokweni esidlule, ukuze uhulumeni abe inkosi yasenyakatho noma inkosi yaseningizimu, kumelwe enze izinto ezintathu: (1) ahlasele abantu bakaNkulunkulu ngokuqondile, (2) abonise ngezenzo ukuthi uyisitha sikaJehova nabantu bakhe, futhi (3) alwe nenkosi eyimbangi yawo.

4 Nazi izizathu ezenza sithi iRussia nabayisekelayo iyinkosi yasenyakatho namuhla. (1) Baye bahlasela abantu bakaNkulunkulu ngokuqondile ngokuthi bavale umsebenzi wabo wokushumayela futhi bashushise amakhulu ezinkulungwane zabafowethu nodadewethu abahlala emazweni abawabusayo. (2) Lezo zenzo ziyabonisa ukuthi bazonda uJehova nabantu bakhe. (3) Bebelokhu belwa nenkosi yaseningizimu, okuwuMbuso WamaNgisi NamaMelika. Ake sibone ukuthi yini eye yenziwa iRussia nabayisekelayo okubonisa ukuthi bayinkosi yasenyakatho.

INKOSI YASENYAKATHO NENKOSI YASENINGIZIMU BAYAQHUBEKA BELWA

5. UDaniyeli 11:40-43, ukhuluma ngasiphi isikhathi, futhi yini eyenzekayo phakathi naleso sikhathi?

5 Funda uDaniyeli 11:40-43. Le ngxenye yesiprofetho ikhuluma ngesikhathi sokuphela. Ichaza impi ephakathi kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu. UDaniyeli waprofetha ukuthi esikhathini sokuphela, inkosi yaseningizimu yayizolwa nenkosi yasenyakatho.—Dan. 11:40.

6. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi la makhosi amabili ebelokhu elwa?

6 Inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu bayaqhubeka belwela ukuthi ubani ozobusa umhlaba. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwenzeka ngemva kweMpi Yezwe II ngesikhathi iSoviet Union iqala ukubusa indawo enkulu eYurophu. Inkosi yaseningizimu yahlangana namanye amazwe bakha inhlangano okuthiwa iNorth Atlantic Treaty Organization (i-NATO) ukuze bahlanganise amabutho abo futhi balwe nenkosi yasenyakatho. Inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu bachitha izindodla zezimali ukuze babe namabutho anamandla kakhulu. Aphinde alwa wodwa ngokuthi asekele izitha zomunye ezimpini ezazise-Afrika, e-Asia naseLatin America. Eminyakeni edlule, iRussia nabayisekelayo baye baba namandla kakhulu emhlabeni wonke. Baye balwa nenkosi yaseningizimu besebenzisa ezobuchwepheshe. La makhosi aye asolana ngokuthi asebenzisa amaprogremu ekhompyutha ayingozi ukuze awise umnotho noma acekele phansi ezepolitiki. Njengoba uDaniyeli abikezela, inkosi yasenyakatho iyaqhubeka ihlasela abantu bakaNkulunkulu.—Dan. 11:41.

INKOSI YASENYAKATHO INGENA “EZWENI LOMHLOBISO”

7. Liyini ‘izwe loMhlobiso’?

7 UDaniyeli 11:41 uthi inkosi yasenyakatho izongena “ezweni loMhlobiso.” Yiliphi lelo zwe? Ngezikhathi zeBhayibheli, kwakuyizwe lakwa-Israyeli. Izwe lakwa-Israyeli lalibhekwa ‘njengeliwumhlobiso kuwo wonke amazwe.’ (Hez. 20:6) Kodwa okwenza lelo zwe labaluleka kakhulu ukuthi laliyindawo lapho abantu ababekhonza khona uJehova. Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E., ‘izwe loMhlobiso’ lalingaseyona indawo ebalulekile. Lokhu kunengqondo ngoba namuhla abantu bakaJehova bagcwele umhlaba wonke. Kunalokho, ‘izwe loMhlobiso’ namuhla liyindawo lapho abantu bakaJehova benza khona intando yakhe, ehlanganisa ukumkhulekela emhlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini.

8. Inkosi yasenyakatho iye yangena kanjani “ezweni loMhlobiso”?

8 Phakathi nezinsuku zokugcina, inkosi yasenyakatho iye yangena ngokuphindaphindiwe “ezweni loMhlobiso.” Ngokwesibonelo, lapho iJalimane lobuNazi liba inkosi yasenyakatho, ikakhulukazi phakathi nempi yezwe yesibili, leyo nkosi yangena “ezweni loMhlobiso” ngokushushisa nangokubulala abantu bakaNkulunkulu. Ngemva kweMpi Yezwe II ngesikhathi iSoviet Union iba inkosi yasenyakatho, yangena “ezweni loMhlobiso” ngokushushisa nangokudingisa abantu bakaNkulunkulu.

9. Eminyakeni edlule, iRussia nabayisekelayo baye bangena kanjani “ezweni loMhlobiso”?

9 Eminyakeni edlule, iRussia nabayisekelayo nabo baye bangena “ezweni loMhlobiso.” Kanjani? Ngo-2017, le nkosi yasenyakatho yavala umsebenzi wabantu bakaJehova futhi yavalela ejele abanye abafowethu nodadewethu. Yaphinde yavala nezincwadi zethu, okuhlanganisa ne-Nguqulo YeZwe Elisha. Ngaphezu kwalokho, yathatha nehhovisi legatsha laseRussia kanye namaHholo oMbuso namaHholo oMhlangano. Ngemva kwalezi zinto, ngo-2018 iNdikimba Ebusayo yathi iRussia nabayisekelayo bayinkosi yasenyakatho. Nokho, abantu bakaJehova ngeke bavukele noma baphikisane nanoma yimuphi uhulumeni, ngisho noma beshushiswa. Kunalokho, balandela iseluleko seBhayibheli sokuthandazela “bonke abasezikhundleni eziphakeme,” ikakhulu lapho ohulumeni benquma ukuthi sizokwazi yini ukukhonza uJehova ngokukhululekile noma cha.—1 Thim. 2:1, 2.

INGABE INKOSI YASENYAKATHO IZOYINQOBA INKOSI YASENINGIZIMU?

10. Chaza ukuthi inkosi yasenyakatho izoyinqoba yini inkosi yaseningizimu?

10 Isiprofetho esikuDaniyeli 11:40-45 sigxila kakhulu kulokho okwenziwa inkosi yasenyakatho. Ingabe lokhu kusho ukuthi izoyinqoba inkosi yaseningizimu? Cha. Inkosi yaseningizimu izobe “isekhona” lapho uJehova noJesu bebhubhisa bonke ohulumeni empini i-Armagedoni. (IsAm. 19:20) Kungani singaqiniseka ngalokho? Cabanga ngalokho okuboniswa isiprofetho sikaDaniyeli nencwadi yesAmbulo.

E-Armagedoni, uMbuso kaNkulunkulu, ofaniswa netshe, uzoqeda bonke ohulumeni abamelelwa isithombe esikhulu (Bheka isigaba 11)

11. Ubonisani uDaniyeli 2:43-45? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

11 Funda uDaniyeli 2:43-45. UDaniyeli uchaza ohulumeni abalandelanayo abaye bashushisa abantu bakaNkulunkulu. Bachazwe njengezingxenye ezihlukahlukene zesithombe esikhulu sensimbi. Uhulumeni wokugcina uvezwe njengomelelwa izinyawo zesithombe ezenziwe ngensimbi exutshwe nobumba. Izinyawo zimemela uMbuso WamaNgisi NamaMelika. Leso siprofetho sibonisa ukuthi uMbuso WamaNgisi NamaMelika uzobe usekhona lapho uMbuso kaNkulunkulu ubhubhisa labo hulumeni.

12. Limelelani ikhanda lesikhombisa lesilo, futhi kungani kubalulekile ukukwazi lokho?

12 Umphostoli uJohane naye ukhuluma ngohulumeni ababusa abantu bakaJehova. Esiprofethweni sikaJohane, labo hulumeni bamelelwa isilo sasendle esinamakhanda ayisikhombisa. Ikhanda lesikhombisa lesilo limelela uMbuso WamaNgisi NamaMelika. Lokhu kubalulekile ngoba ngemva kwaleli khanda, awasekho amanye asele. Ikhanda lesikhombisa lalesi silo lizobe lisabusa lapho uKristu nebutho lakhe lasezulwini belibhubhisa kanye naso sonke isilo. *IsAm. 13:1, 2; 17:13, 14.

IZOKWENZANI INKOSI YASENYAKATHO MADUZE?

13-14. Ubani ‘uGogi wezwe lakwaMagogi,’ futhi yini engamenza ahlasele abantu bakaNkulunkulu?

13 UHezekeli ubhala isiprofetho esisitshela lokho okungase kwenzeke ngaphambi kokuba kubhujiswe inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu. Kubonakala sengathi iziprofetho ezikuHezekeli 38:10-23; uDaniyeli 2:43-45; 11:44–12:1; nesAmbulo 16:13-16, 21 zichaza izinto ezifanayo. Uma lokho kuyiqiniso, nakhu esicabanga ukuthi kuzokwenzeka.

14 Ngemva kwesikhathi esithile kuqale usizi olukhulu, ‘amakhosi omhlaba wonke owakhiwe’ azohlangana ndawonye akhe iqembu. (IsAm. 16:13, 14; 19:19) IBhayibheli libiza lelo qembu ngokuthi ‘uGogi wezwe lakwaMagogi.’ (Hez. 38:2) Lelo qembu lezizwe lizohlasela abantu bakaNkulunkulu futhi lizame ukubaqeda nya. Yini ezobangela lokhu kuhlasela? Esiprofethweni esikhuluma ngalesi sikhathi, umphostoli uJohane wathi isichotho esikhulu sizoshaya izitha zikaNkulunkulu. Leso sichotho singamelela isahlulelo esiqinile, esihanjiswa abantu bakaJehova. Kungenzeka lo myalezo ubangele ukuba uGogi wakwaMagogi ahlasele abantu bakaNkulunkulu ngenjongo yokubaqeda bonke emhlabeni.—IsAm. 16:21.

15-16. (a) Iziphi izenzakalo okungenzeka uDaniyeli 11:44, 45 ubhekisela kuzo? (b) Yini ezokwenzeka enkosini yasenyakatho nakuGogi wakwaMagogi?

15 Ukushunyayelwa kwalo myalezo oqinile nokuhlasela kokugcina kwezitha zikaNkulunkulu kungaba izenzakalo ezifanayo nalezo okukhulunywa ngazo kuDaniyeli 11:44, 45. (Funda.) Lapho, uDaniyeli uthi ‘imibiko ezovela empumalanga nasenyakatho’ izophazamisa inkosi yasenyakatho iphume “ngokufutheka okukhulu.” Inkosi yasenyakatho ihlose ‘ukunikela abaningi ekubhujisweni.’ “Abaningi” okukhulunywa ngabo kubonakala sengathi babhekisela kubantu bakaJehova. * Lapha, uDaniyeli kungenzeka uchaza ukuhlaselwa kokugcina kwabantu bakaNkulunkulu.

16 Lapho inkosi yasenyakatho nabanye ohulumeni behlasela abantu bakhe, uJehova uzothukuthela agan’unwabu bese kuqala impi i-Armagedoni. (IsAm. 16:14, 16) Ngaleso sikhathi, inkosi yasenyakatho kanye nazo zonke ezinye izizwe eziyingxenye kaGogi wakwaMagogi, bazobhujiswa futhi ‘ngeke babe namsizi’.—Dan. 11:45.

Empini i-Armagedoni, uJesu Kristu nebutho lakhe lasezulwini bazobhubhisa izwe elibi likaSathane bese besindisa abantu bakaNkulunkulu (Bheka isigaba 17)

17. Ungubani uMikayeli “isikhulu esikhulu” okukhulunywa ngaso kuDaniyeli 12:1, futhi yini ayenzayo?

17 Ivesi elilandelayo encwadini kaDaniyeli lisinikeza imininingwane eyengeziwe mayelana nendlela inkosi yasenyakatho nabayisekelayo abazoqedwa ngayo nokuthi thina siyosindiswa kanjani. (Funda uDaniyeli 12:1.) Lisho ukuthini leli vesi? UMikayeli elinye igama leNkosi yethu ebusayo, uKristu Jesu. Ubelokhu ‘emile ngenxa’ yabantu bakaNkulunkulu kusukela ngo-1914 ngesikhathi kumiswa uMbuso wakhe ezulwini. Esikhathini esizayo, ‘uzokuma,’ noma abhubhise izitha zakhe, empini i-Armagedoni. Leyo mpi izoba isenzakalo sokugcina salokho uDaniyeli akubiza ngokuthi “isikhathi sosizi” olukhulu emlandweni. Isiprofetho sikaJohane esisencwadini yesAmbulo sibhekisela kuleso sikhathi esiholela empini ngokuthi ‘usizi olukhulu.’—IsAm. 6:2; 7:14.

IGAMA LAKHO LIZOBHALWA YINI “ENCWADINI”?

18. Kungani singahlala sizolile kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani esikhathini esizayo?

18 UDaniyeli noJohane bathi uJehova noJesu bazozisindisa izinceku zabo phakathi nosizi olukhulu. Ngakho singahlala sizolile kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. UDaniyeli uthi abazosinda kuzoba yilabo amagama abo azobe ‘elotshwe encwadini.’ (Dan. 12:1) Yini esingayenza ukuze amagama ethu abhalwe encwadini? Kumelwe sibonise ukuthi sinokholo kuJesu, iWundlu likaNkulunkulu. (Joh. 1:29) Kudingeka sinikezele ukuphila kwethu kuNkulunkulu futhi sibhapathizwe. (1 Pet. 3:21) Kumelwe sisekele noMbuso kaNkulunkulu ngokwenza konke okusemandleni ukuze sifundise abanye ngoJehova.

19. Yini okufanele siyenze manje, futhi kungani?

19 Manje, isikhathi sokuba sithembele kuJehova nasenhlanganweni yakhe enezinceku zakhe eziqotho. Manje, isikhathi sokusekela uMbuso kaNkulunkulu. Uma senza kanjalo, sizosinda lapho uMbuso kaNkulunkulu ubhubhisa inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu.

INGOMA 149 Ingoma Yokunqoba

^ par. 5 Ubani “inkosi yasenyakatho” namuhla, futhi izobhujiswa kanjani? Ukwazi izimpendulo zale mibuzo kuzoqinisa ukholo lwethu futhi kusisize silungele ushushiso esizobhekana nalo maduze.

^ par. 15 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka i-Nqabayokulinda kaMeyi 15, 2015, k. 27-28.