Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 23

“Malingcweliswe Igama Lakho”

“Malingcweliswe Igama Lakho”

“O Jehova, igama lakho lihlala kuze kube nini nanini.”​—IHU. 135:13.

INGOMA 10 Dumisani UJehova UNkulunkulu Wethu!

AMAZWIBELA *

1-2. Yiziphi izihloko ezibaluleke kakhulu koFakazi BakaJehova?

IZINTO ezibaluleke kakhulu ezisithintayo namuhla​—ubukhosi bukaJehova nokungcweliswa kwegama lakhe. NjengoFakazi BakaJehova, siyakuthanda ukuxoxa ngalezo zihloko ezithakazelisayo. Nokho, akukhona ukuthi siqhathanisa ubukhosi bukaNkulunkulu nokungcweliswa kwegama lakhe​—njengokungathi yizinto ezimbili ezingafani.

2 Sonke sesiyabona ukuthi igama likaNkulunkulu kumelwe lingcweliswe. Sibonile nokuthi ubukhosi bukaJehova, noma indlela yakhe yokubusa, kumelwe bubonakaliswe bulungile. Zombili lezi zinto zibalulekile.

3. Lihlanganisani igama elithi Jehova?

3 Empeleni, igama elithi Jehova lihlanganisa yonke into ngoNkulunkulu wethu, kuhlanganise nendlela yakhe yokubusa. Ngakho uma sithi ukuhlanza igama likaJehova kuso sonke isihlamba kuyindaba ebaluleke kunazo zonke, sisuke sithi indlela kaJehova yokubusa kumelwe ibonakaliswe ilungile. Igama likaJehova lisondelene kakhulu nendlela abusa ngayo njengoMbusi OnguMninimandla Onke.​—Bheka ibhokisi elithi “ Yini Ehilelekile Empikiswaneni Enkulu.”

4. IHubo 135:13 lilichaza kanjani igama likaNkulunkulu, futhi yimiphi imibuzo esizoyiphendula kulesi sihloko?

4 Igama elithi Jehova likhetheke kakhulu. (Funda iHubo 135:13.) Yini eyenza igama likaNkulunkulu libaluleke kangaka? Lanyundelwa kanjani ekuqaleni? UNkulunkulu ulingcwelisa kanjani? Thina singasiza kanjani ekuvikeleni igama lakhe? Ake sixoxe ngaleyo mibuzo.

UKUBALULEKA KWEGAMA

5. Yini esingase sizibuze yona lapho sicabanga ngokungcweliswa kwegama likaNkulunkulu?

5 “Malingcweliswe igama lakho.” (Math. 6:9) Yilokho uJesu athi kufanele kube yinto ebaluleke kakhulu lapho sithandaza. Kodwa asho ukuthini amazwi kaJesu? Ukungcwelisa into kusho ukuyenza ibe ngcwele, ihlanzeke, noma ibe msulwa. Nokho, abanye bangase bazibuze, ‘Akukhona yini kakade ukuthi igama likaNkulunkulu lingcwele, lihlanzekile futhi limsulwa?’ Ukuze siphendule lowo mbuzo, kudingeka sicabange ngokuthi igama lihlanganisani.

6. Yini eyenza igama libaluleke?

6 Igama aligcini nje ngokuba yizinhlamvu ezibhalwe phansi noma eziphinyiselwayo. Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo: “Yigama okumelwe likhethwe kunengcebo echichimayo.” (IzAga 22:1; UmSh. 7:1) Kungani igama libaluleke kangaka? Kungenxa yokuthi lihlanganisa idumela lomuntu, lokho abanye abakucabangayo ngomnikazi walelo gama. Ngakho indlela igama elibukeka ngayo lapho libhaliwe noma indlela eliphinyiselwa ngayo, akuyona into ebaluleke kangako, okubaluleke ngempela ukuthi igama elikabani nokuthi yini eliyimelelayo ezingqondweni nasezinhliziyweni zabanye.

7. Abantu baye balihlasela kanjani igama likaNkulunkulu?

7 Lapho abantu bekhuluma amanga ngoJehova, basuke behlasela idumela lakhe. Lapho behlasela idumela lakhe, basuke bezama ukuhlambalaza igama lakhe. Ukuhlaselwa kwegama likaNkulunkulu nedumela lakhe kwaqala ensimini yase-Edene. Ake ucabange ngalokho esikufundayo kulokho kuhlasela.

INDLELA IGAMA LIKANKULUNKULU ELANYUNDELWA NGAYO OKOKUQALA

8. Yini u-Adamu no-Eva ababeyazi, futhi lokho kuphakamisa miphi imibuzo?

8 U-Adamu no-Eva babazi ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, babewazi namaqiniso abalulekile ngaye. Babazi ukuthi nguYe onguMdali, obanikeze ukuphila, ikhaya labo elihle eliyiPharadesi, kanye nomngane womshado ophelele. (Gen. 1:26-28; 2:18) Kodwa babeyoqhubeka yini becabanga ngakho konke uJehova ayebenzele khona? Babeyoqhubeka yini bakha uthando lwabo futhi bebonisa ukuthi bayambonga uJehova? Izimpendulo zaba sobala lapho isitha sikaNkulunkulu sibavivinya.

9. NgokukaGenesise 2:16, 17 nesahluko 3:1-5, yini uJehova ayitshela u-Adamu no-Eva, futhi uSathane walisonta kanjani iqiniso?

9 Funda uGenesise 2:16, 17 nesahluko 3:1-5. Enza sengathi kukhuluma inyoka, uSathane wabuza u-Eva lo mbuzo: “Ingabe uNkulunkulu ushilo ngempela ukuthi akumelwe nidle kuyo yonke imithi yensimu?” Kulowo mbuzo kwakunamanga acashile anjengoshevu ocashile. Empeleni uNkulunkulu wayethe bangadla kunoma yisiphi isihlahla ngaphandle kwesisodwa. Kumelwe ukuba zaziziningi izihlahla ababengadla kuzo. (Gen. 2:9) UJehova uyaphana ngempela. Nokho, kwakunesihlahla esisodwa uNkulunkulu ayenqabele u-Adamu no-Eva ukuba badle kuso. Ngakho umbuzo kaSathane walisonta iqiniso. USathane wenza sengathi uNkulunkulu uyancishana. Kungenzeka u-Eva wazibuza, ‘Ingabe uNkulunkulu ungigodlela okuthile okuhle?’

10. USathane walinyundela kanjani igama likaNkulunkulu ngokuqondile, futhi kwaba namuphi umphumela?

10 Ngesikhathi uSathane ebuza lo mbuzo, u-Eva wayesamlalela uJehova. Waphendula uSathane ngokucaphuna isiqondiso sikaNkulunkulu esicacile. Wanezela wathi kwakungafanele basithinte ngisho nokusithinta isihlahla. Wayesazi isixwayiso sikaNkulunkulu sokuthi uma bengalaleli babezofa. Kodwa uSathane waphendula wathi: “Ngokuqinisekile ngeke nife.” (Gen. 3:2-4) USathane wayengasasikiseli nje ukuthi uJehova wayeqambe amanga. Manje wayeselinyundela ngokuqondile igama likaNkulunkulu, empeleni wayetshela u-Eva ukuthi uJehova ungumqambimanga. Ngaleyo ndlela uSathane waba udeveli, noma umnyundeli. U-Eva wakhohliswa ngokuphelele, wamkholwa uSathane. (1 Thim. 2:14) Wathemba yena ukudlula uJehova. Lokho kwenza kwaba lula ngo-Eva ukwenza isinqumo esiwubuwula ukuzedlula zonke. Wanquma ukungamlaleli uJehova. Waqala ukudla isithelo uJehova ayemnqabele ukuba asidle. Kamuva, wasinika u-Adamu.​—Gen. 3:6.

11. Yini okwakufanele yenziwe abazali bethu bokuqala, kodwa yini abahluleka ukuyenza?

11 Ake uthi ukucabanga ngalokho u-Eva okwakufanele akusho kuSathane. Awumcabange esho into enjengale: “Angikwazi wena, kodwa ngiyamazi uBaba wami, uJehova, ngiyamthanda futhi ngiyamethemba. Usinikeze konke esinakho sino-Adamu. Ungayisho kanjani into enjalo ngoBaba wami? Hamba la!” Cabanga indlela uJehova ayeyojabula ngayo lapho ezwa lawo mazwi aqotho evela endodakazini yakhe emthandayo! (IzAga 27:11) Kodwa u-Eva wayengenalo uthando oluqotho ngoJehova; no-Adamu naye wayengenayo leyo mfanelo. Ngenxa yokuntula uthando olunjalo ngoBaba wabo, u-Adamu no-Eva bahluleka ukuvikela igama lakhe kulowo mnyundeli.

12. USathane wakutshala kanjani ukungabaza engqondweni ka-Eva, futhi yini u-Adamu no-Eva abahluleka ukuyenza?

12 Njengoba sibonile, uSathane waqala ngokutshala ukungabaza engqondweni ka-Eva. Wenza u-Eva wangabaza ukuthi uJehova unguBaba olungile. Ngenxa yalokho, u-Adamu no-Eva bahluleka ukuvikela igama likaJehova nedumela lakhe. Lokho kwenza kwaba lula ukuba balalele uSathane futhi badlubulunde kuYise. USathane usebenzisa amaqhinga afanayo nanamuhla. Uhlasela igama likaJehova ngokulinyundela. Abantu abakholwa amanga kaSathane, kulula ukuba benqabe ukubusa kukaJehova okulungile.

UJEHOVA UNGCWELISA IGAMA LAKHE

13. UHezekeli 36:23 uwuqhakambisa kanjani umyalezo weBhayibheli oyinhloko?

13 Ingabe uJehova uyakwamukela lokho kunyundela angazivikeli? Cha, akakwamukeli! IBhayibheli lilonke lisitshela ngalokho uJehova akwenzile ukuze afakazele ukuthi izinto ezimbi ezashiwo ngaye ensimini yase-Edene azilona iqiniso. (Gen. 3:15) Eqinisweni, umyalezo weBhayibheli oyinhloko singawufingqa ngale ndlela: uJehova ungcwelisa igama lakhe ngoMbuso ophethwe yiNdodana yakhe, abuyisele ukulunga nokuthula emhlabeni. IBhayibheli linemininingwane esisiza siqonde indlela uJehova alingcwelisa ngayo igama lakhe.​—Funda uHezekeli 36:23.

14. Indlela uJehova asabela ngayo ekuvukeleni kwase-Edene yalingcwelisa kanjani igama lakhe?

14 USathane wenze konke angakwenza ukuze avimbe uJehova ekufezeni injongo yaKhe. Kodwa uSathane uhluleke wancama. Ukulandisa kweBhayibheli kuveza indlela uJehova asabele ngayo, futhi kufakazela ukuthi akekho ofana noJehova uNkulunkulu. Yiqiniso, ukuvukela kukaSathane nabo bonke abasohlangothini lwakhe, kumzwise ubuhlungu obukhulu uJehova. (IHu. 78:40) Nokho, uye wabonisa ukuhlakanipha, isineke, nobulungisa endleleni abhekane ngayo nale nselele. Amandla akhe amakhulu uwabonise ngezindlela eziningi. Ngaphezu kwakho konke, uthando lwakhe lubonakala kukho konke akwenzayo. (1 Joh. 4:8) UJehova akakaze ayeke ukulwela ukuthi igama lakhe lingcweliswe.

USathane waqamba amanga ku-Eva ngoJehova, sekuphele amakhulu eminyaka uDeveli eqhubeka enyundela uNkulunkulu (Bheka izigaba 9-10, 15) *

15. USathane ulinyundela kanjani igama likaNkulunkulu namuhla, futhi kuba namuphi umphumela?

15 USathane usalinyundela nanamuhla igama likaNkulunkulu. Ukhohlisa abantu abenze bangabaze ukuthi uNkulunkulu unamandla, ubulungisa, ukuhlakanipha nothando. Ngokwesibonelo, uSathane uzama ukwenza abantu bakholelwe ukuthi uJehova akayena uMdali. Uma abantu bekwamukela ukuthi uNkulunkulu ukhona, uSathane uzama ukubenza bakholelwe ukuthi uNkulunkulu uyacindezela futhi akanabulungisa, kanjalo nemithetho yakhe. Uze afundise abantu nokuthi uJehova unguNkulunkulu ononya nokhohlakele, oshisa abantu esihogweni somlilo. Lapho bekukholelwa lokho kunyundela, kuba lula ukuba benqabe ukubusa kukaJehova okulungile. Uma nje uSathane engakanqotshwa ngokuphelele, usazoqhubeka nomkhankaso wakhe wokunyundela futhi uzozama ukukwenza ufulathele uJehova. Ingabe uzophumelela?

INDIMA YAKHO EMPIKISWANENI ENKULU

16. Yini ongayenza u-Adamu no-Eva abahluleka ukuyenza?

16 UJehova uvumela abantu abanesono ukuba babe nengxenye ekungcwelisweni kwegama lakhe. Ngakho ungakwazi ukwenza lokho u-Adamu no-Eva abahluleka ukukwenza. Ngisho noma uphila ezweni eligcwele abantu abanyundelayo nabahlambalaza igama likaJehova, unethuba lokukhuluma iqiniso, ulimelele, utshele abantu ukuthi uJehova ungcwele, ulungile, muhle futhi unothando. (Isaya 29:23) Ungakusekela ukubusa kwakhe. Ungasiza abantu baqonde ukuthi ukubusa kukaJehova kuphela okulunge ngokuphelele nokuthi yikho kuphela okuyoletha ukuthula nenjabulo kuyo yonke indalo.​—IHu. 37:9, 37; 146:5, 6, 10.

17. UJesu walenza kanjani laziwa igama likaYise?

17 Lapho sivikela igama likaJehova sisuke silandela isibonelo sikaJesu Kristu. (Joh. 17:26) UJesu wenza igama likaYise laziwa hhayi nje kuphela ngokusebenzisa lelo gama, kodwa nangokuvikela idumela likaJehova. Ngokwesibonelo, wabaphikisa abaFarisi ababenza uJehova abukeke njengomuntu onokhahlo, olukhuni, oqhelelene nabantu, nongenaso isihe. UJesu wasiza abantu babona ukuthi uYise uyacabangela, unesineke, unothando futhi uyathethelela. Waphinde wasiza abantu bamazi uJehova ngendlela ayezilingisa ngayo ngokuphelele izimfanelo zikaYise ekuphileni kwakhe kwansuku zonke.​—Joh. 14:9.

18. Yini esingayenza ukuze sibonise ukuthi izinto ezimbi abaphikisi abazishilo ngoJehova azilona iqiniso?

18 NjengoJesu, singatshela abantu ngalokho esikwaziyo ngoJehova, sibafundise ukuthi unguNkulunkulu onothando nonomusa. Njengoba senza kanjalo, sibonisa ukuthi izinto ezimbi ezishiwo ngoJehova azilona iqiniso. Singcwelisa igama likaJehova, silenze libe ngcwele ezingqondweni nasezinhliziyweni zabantu. Nathi singamlingisa uJehova. Lokho kungenzeka ngisho noma sinesono. (Efe. 5:1, 2) Lapho esikushoyo nesikwenzayo kubonisa abantu ukuthi uJehova unjani ngempela, sisuke sisiza ekungcweliseni igama lakhe. Silwela lelo gama ngokusiza abantu bazi iqiniso ngoNkulunkulu. * Sifakazela nokuthi abantu abanesono bangakwazi ukuba qotho kuNkulunkulu.​—Jobe 27:5.

Sifuna ukusiza abantu esibafundisa iBhayibheli baqonde izimfanelo zikaNkulunkulu eziwumusa nothando (Bheka izigaba 18-19) *

19. U-Isaya 63:7 usisiza kanjani sibone ukuthi yini okufanele ibe umgomo wethu oyinhloko lapho sifundisa?

19 Cabanga ngesinye isifundo esibalulekile esingasisebenzisa. Lapho sifundisa abanye amaqiniso aseBhayibhelini, sivame ukugcizelela ukulwelwa kobukhosi bukaNkulunkulu, ukuthi uJehova unelungelo lokubusa indawo yonke futhi lokhu kuyiqiniso elingenakuphikwa. Nokho, nakuba kubalulekile ukugxila emthethweni kaNkulunkulu, umgomo wethu oyinhloko uwukusiza abantu bathande uJehova, uBaba wethu, futhi babe qotho kuye. Ngakho kudingeka siqhakambise izimfanelo zikaJehova ezikhangayo, siveze uhlobo lomuntu omelelwa yileli gama elithi Jehova. (Funda u-Isaya 63:7.) Njengoba sifundisa ngaleyo ndlela, sizosiza abanye ukuba bathande uJehova futhi bamlalele ngoba befuna ukuba qotho kuye.

20. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

20 Singaqiniseka kanjani ukuthi indlela esiziphatha ngayo nesifundisa ngayo ilimelela kahle igama likaJehova futhi yenza abanye basondelane naye? Isihloko esilandelayo sizophendula lowo mbuzo.

INGOMA 2 NguJehova Igama Lakho

^ par. 5 Iyiphi inkinga enkulu abantu nezingelosi ababhekene nayo? Kungani ibalulekile, futhi thina sithinteka kanjani? Ukuthola izimpendulo zaleyo mibuzo neminye ehlobene nayo kuyosisiza siqinise ubuhlobo bethu noJehova.

^ par. 18 Ngezinye izikhathi izincwadi zethu bezifundisa ukuthi igama likaNkulunkulu alidingi ukulwelwa ngenxa yokuthi akekho owake wathi uNkulunkulu akanalo ilungelo lokuba nalelo gama. Nokho sathola ukuqonda okusha emhlanganweni waminyaka yonke wango-2017. Usihlalo wathi: “Kalula nje, akusilo iphutha ukuthi sithandazela ukuba igama likaJehova lilwelwe ngoba idumela lakhe lidinga ukukhululwa esihlambeni.”​—Bheka uhlelo lukaJanuwari 2018 kuyi-jw.org. Bheka ngaphansi kwesithi LIBRARY > JW BROADCASTING®.

^ par. 62 INCAZELO YESITHOMBE: UDeveli wanyundela uNkulunkulu, watshela u-Eva ukuthi uNkulunkulu ungumqambimanga. Sekuphele amakhulu eminyaka uSathane egqugquzela amanga anjengemfundiso ethi uNkulunkulu unonya futhi akabadalanga abantu.

^ par. 64 INCAZELO YESITHOMBE: Njengoba efundisa umuntu iBhayibheli, umzalwane uqhakambisa ubuntu bukaNkulunkulu.