Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 24

“Yenza Inhliziyo Yami Ibe Nobunye Ukuze Yesabe Igama Lakho”

“Yenza Inhliziyo Yami Ibe Nobunye Ukuze Yesabe Igama Lakho”

“Yenza inhliziyo yami ibe nobunye ukuze yesabe igama lakho. O Jehova Nkulunkulu wami, ngiyakudumisa ngayo yonke inhliziyo yami.”​—IHU. 86:11, 12.

INGOMA 7 UJehova Ungamandla Ethu

AMAZWIBELA *

1. Kuyini ukwesaba uNkulunkulu, futhi kungani kudingeka kulabo abathanda uJehova?

AMAKRISTU ayamthanda uNkulunkulu, futhi ayamesaba. Kwabanye, lokho kungase kubonakale kuphikisana. Nokho, asikhulumi ngohlobo lokwesaba olukwenza wethuke. Sizoxoxa ngohlobo olukhethekile lokwesaba. Abantu abanalolu hlobo lokwesaba banenhlonipho ejulile ngoNkulunkulu futhi uyamangalisa kubo. Abafuni ukudumaza uBaba wabo osezulwini, ngoba abathandi ukulimaza ubungane babo naye.​—IHu. 111:10; IzAga 8:13.

2. Ngokwamazwi eNkosi uDavide abhalwe kumaHubo 86:11, yiziphi izinto ezimbili esizoxoxa ngazo?

2 Funda iHubo 86:11. Njengoba ucabanga ngalawo mazwi, kuba sobala ukuthi inkosi ethembekile uDavide yayikuqonda ukubaluleka kokwesaba uNkulunkulu. Ake sixoxe ngendlela esingawasebenzisa ngayo amazwi kaDavide aphefumulelwe. Okokuqala, sizohlola ezinye zezizathu ezenza sibe nenhlonipho ejulile ngegama likaNkulunkulu. Okwesibili, sizoxoxa ngendlela esingabonisa ngayo ukuthi siyalihlonipha igama likaNkulunkulu ekuphileni kwethu kwansuku zonke.

KUNGANI KUFANELE SIBE NENHLONIPHO EJULILE NGEGAMA LIKAJEHOVA?

3. Yini okungenzeka yasiza uMose ukuba ahlale enenhlonipho ejulile ngegama likaNkulunkulu?

3 Cabanga ngendlela uMose azizwa ngayo lapho efakwa emgodini edwaleni futhi ebona umbono wenkazimulo kaJehova idlula. Cishe lena kwakuyinto emangalisa kunazo zonke, okungekho muntu owake wabhekana nayo ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni. UMose wezwa la mazwi alandelayo, ngokusobala ayekhulunywa ingelosi: “NguJehova, nguJehova, uNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso, olondolozela abayizinkulungwane umusa wothando, oxolela isiphambeko neseqo nesono.” (Eks. 33:17-23; 34:5-7) Kungenzeka uMose wayesikhumbula lesi senzakalo lapho esebenzisa igama likaJehova. Akumangazi ukuthi kamuva uMose waxwayisa abantu bakaNkulunkulu ama-Israyeli ukuba ‘besabe leli gama elikhazimulayo nelesabekayo.’​—Dut. 28:58.

4. Yini engasisiza simhloniphe ngisho nakakhulu uJehova?

4 Lapho sicabanga ngegama elithi Jehova, kufanele sicabange nangohlobo lomuntu uJehova ayilo. Kufanele sicabange nangezimfanelo zakhe ezifana namandla, ukuhlakanipha, ubulungisa nothando. Ukucabanga ngalezo zimfanelo kanye nezinye kungasenza simhloniphe nakakhulu uJehova.​—IHu. 77:11-15.

5-6. (a) Lisho ukuthini igama likaNkulunkulu? (b) Ngokwencwadi ka-Eksodusi 3:13, 14 no-Isaya 64:8, uJehova wenza izinto zenzeke ngaziphi izindlela?

5 Yini esiyaziyo ngencazelo yegama likaNkulunkulu? Izazi eziningi ziyavuma ukuthi igama elithi Jehova kungenzeka lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Leyo ncazelo isikhumbuza ukuthi ayikho into engavimba uJehova ukuba enze intando yakhe, futhi angenza izinto zenzeke. Kanjani?

6 UJehova wenza izinto zenzeke ngokuba yinoma yini edingekayo ukuze afeze injongo yakhe. (Funda u-Eksodusi 3:13, 14.) Sihlale sikhuthazwa ukuba sicabange ngalobu buntu bukaNkulunkulu obumangalisayo. UJehova angabangela ngisho nezikhonzi zakhe ezingabantu abanesono ukuba zibe yinoma yini edingekayo ukuze zimkhonze futhi zifeze injongo yakhe. (Funda u-Isaya 64:8.) Ngalezi zindlela, uJehova ubangela ukuba intando yakhe yenzeke. Ayikho into engamvimba ekutheni afeze izinto azihlosile.​—Isaya 46:10, 11.

7. Singayakha kanjani inhlonipho ejulile ngoBaba wethu osezulwini?

7 Inhlonipho ejulile ngoBaba wethu osezulwini singayakha ngokuthi sizindle ngezinto azenzile, nangalokho asinike amandla okuba sikwenze. Lapho sizindla ngendalo emangalisayo, sisala sibambe ongezansi ngezinto uJehova azifezile, okuyizinto abangele ukuba zibe khona. (IHu. 8:3, 4) Lapho sizindla ngalokho uJehova asenze saba yikho ukuze senze intando yakhe, siba nenhlonipho ejulile ngaye. Igama elithi Jehova limangalisa ngempela! Lihlanganisa konke uBaba wethu ayikho, konke akwenzile, nakho konke asazokwenza.​—IHu. 89:7, 8.

“NGIZOLIMEMEZELA IGAMA LIKAJEHOVA”

Indlela uMose ayefundisa ngayo yayikhuthaza. Yayigxile egameni nasebuntwini bukaJehova uNkulunkulu (Bheka isigaba 8) *

8. UDuteronomi 32:2, 3 usitshelani ngendlela uJehova alibheka ngayo igama lakhe?

8 Ngaphambi nje kokuba ama-Israyeli angene eZweni Lesithembiso, uJehova wafundisa uMose amazwi engoma. (Dut. 31:19) UMose yena, kwakufanele ayifundise abantu le ngoma. (Funda uDuteronomi 32:2, 3.) Lapho sicabanga ngamavesi 2 no-3, kuyacaca ukuthi uJehova akafuni igama lakhe lifihlwe, siliphathe njengento engcwele kakhulu esingeke sikwazi ukuyibiza. Ufuna igama lakhe laziwe yibo bonke abantu! Kwakuyilungelo ngempela ngabantu ukuzwa uMose ebafundisa ngoJehova nangegama lakhe elikhazimulayo! Lokho uMose abafundisa khona kwaluqinisa ukholo lwabo futhi kwabakhuthaza, njengoba nje imvula isiza izitshalo ukuba zikhule. Yini esingayenza ukuze siqinisekise ukuthi indlela esifundisa ngayo iba nomthelela ofanayo kwabanye?

9. Singasiza kanjani ekungcwelisweni kwegama likaJehova?

9 Lapho sishumayela endlini ngendlu noma ezindaweni zomphakathi, singasebenzisa iBhayibheli ukuze sibonise abantu igama likaNkulunkulu elithi Jehova. Singabanika izincwadi, sibabonise amavidiyo amnandi, nezinto ezikuwebusayithi yethu ezidumisa uJehova. Lapho sisemsebenzini, esikoleni, nalapho sisendleleni, singafuna amathuba okukhuluma ngoNkulunkulu wethu esimthandayo, nangokuthi unjani. Lapho sitshela abantu esihlangana nabo ngalokho uJehova akuhlosile ngomhlaba nangesintu, sisuke sibabonisa okuthile ngoJehova okungenzeka bebengakwazi nhlobo. Lapho sitshela abanye iqiniso ngoBaba wethu onothando, siyasiza ekungcwelisweni kwegama likaNkulunkulu. Sisuke siqeda amanye amanga nokunyundela okungenzeka abanye abantu bafundiswe khona ngoJehova. Sisuke sinikeza abantu imfundiso eyanelisayo nekhuthazayo, ezedlula zonke ezitholakalayo.​—Isaya 65:13, 14.

10. Lapho sifundisa abantu iBhayibheli, kungani kudingeka senze okungaphezu kokubafundisa imithetho kaJehova?

10 Lapho sifundisa abantu iBhayibheli, sifuna ukusiza esibafundisayo bazi igama likaJehova futhi balisebenzise. Ngaphezu kwalokho, sifuna ukubasiza bamazi ngokugcwele uJehova. Singakufeza yini lokho uma nje simane sifundisa abantu iziqondiso, nemithetho yokuziphatha? Umfundi olalelayo angase afunde ngemithetho kaNkulunkulu, aze ayithande. Kodwa ingabe uzobe elalela uJehova ngoba emthanda? Khumbula, u-Eva wayewazi umthetho kaNkulunkulu, kodwa yena no-Adamu babengamthandi ngempela uMniki-mthetho. (Gen. 3:1-6) Ngakho kumelwe senze okungaphezu kokufundisa abanye ngemithetho kaNkulunkulu elungile.

11. Lapho sifundisa ngemithetho kaNkulunkulu, singabasiza kanjani esibafundisayo ukuba bathande uMniki-mthetho?

11 Imithetho kaJehova iyasizuzisa ngaso sonke isikhathi. (IHu. 119:97, 111, 112) Kodwa esibafundisayo bangase bangayibheki kanjalo, ngaphandle uma bebona ukuthi uJehova ubeke leyo mithetho ngenxa yokuthi uyasithanda. Ngakho singase sibabuze: “Ucabanga ukuthi kungani uNkulunkulu efuna izinceku zakhe zenze lokhu noma zingakwenzi lokhu? Lokho kusitshelani ngaYe?” Uma sisiza esibafundisayo bacabange ngoJehova futhi bakhe uthando lweqiniso ngegama lakhe elikhazimulayo, siyoba semathubeni amaningi okuthinta izinhliziyo zabo. Esibafundisayo ngeke bagcine nje ngokuthanda imithetho, kodwa bayothanda noMniki-mthetho. (IHu. 119:68) Ukholo lwabo luyokhula, futhi lokho kuyobasiza bakhuthazelele izilingo abasazobhekana nazo.​—1 Kor. 3:12-15.

“SIYOHAMBA NGEGAMA LIKAJEHOVA”

Ngesinye isikhathi uDavide wavumela inhliziyo yakhe yahlukana phakathi (Bheka isigaba 12)

12. UDavide wahluleka kanjani ukulondoloza inhliziyo enobunye, futhi lokho kwaba namuphi umphumela?

12 Amazwi abalulekile atholakala kumaHubo 86:11 athi, “yenza inhliziyo yami ibe nobunye.” INkosi uDavide yaphefumulelwa ukuba ibhale lawo mazwi. Ekuphileni kwayo, yabona ukuthi kulula kanjani ukuvumela inhliziyo ukuba ihlukane phakathi. Ngesinye isikhathi, yayisophahleni, yabona umfazi wenye indoda egeza. Ngalowo mzuzu, ingabe inhliziyo kaDavide yayinobunye noma yayihlukene phakathi? Wayewazi umthetho kaJehova othi: “Ungafisi umfazi womunye umuntu.” (Eks. 20:17) Nokho, kusobala ukuthi waqhubeka embuka. Inhliziyo yakhe yahlukana phakathi, enye ingxenye yayifuna owesifazane, uBhati-sheba, enye ingxenye ifuna ukujabulisa uJehova. Nakuba uDavide ayesemthande isikhathi eside uJehova futhi emesaba, wavumela ukunqotshwa ubugovu. Kuleso senzakalo, uDavide wenza izinto ezimbi nakakhulu. Walingcolisa igama likaJehova. Wabangela nomonakalo omkhulu kubantu abangenacala, kuhlanganise nomndeni wakhe.​—2 Sam. 11:1-5, 14-17; 12:7-12.

13. Sazi kanjani ukuthi inhliziyo kaDavide yaphinde yaba nobunye?

13 UJehova wamyala uDavide, futhi uDavide wabulungisa ubungane bakhe noJehova. (2 Sam. 12:13; IHu. 51:2-4, 17) UDavide wazikhumbula izinkinga nosizi olwabangelwa ukuvumela inhliziyo yakhe ukuba ihlukane phakathi. Amazwi akhe abhalwe kumaHubo 86:11 angase ahunyushwe ngokuthi: “Nginike inhliziyo engahlukene phakathi.” Ingabe uJehova wamsiza uDavide ukuba enze inhliziyo yakhe iphelele, noma ingahlukani phakathi? Yebo wamsiza, ngoba iZwi likaJehova kamuva likhuluma ngoDavide njengendoda ‘enenhliziyo ephelele kuJehova uNkulunkulu wakhe.’​—1 AmaKh. 11:4; 15:3.

14. Yini okudingeka sizibuze yona, futhi kungani?

14 Isibonelo sikaDavide siyisikhuthazo siphinde sibe yisixwayiso kithi. Ukuwela kwakhe esonweni esikhulu kuyisixwayiso ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla. Kungakhathaliseki ukuthi sisanda kuqala ukukhonza uJehova noma sesimkhonze iminyaka eminingi, kudingeka sizibuze, ‘Ingabe ngiyayenqaba imizamo kaSathane yokuhlukanisa inhliziyo yami?’

USathane uzokwenza noma yini ukuze ahlukanise inhliziyo yakho. Ungamvumeli! (Bheka izigaba 15-16) *

15. Ukwesaba uNkulunkulu kungasivikela kanjani lapho sibona izithombe ezivusa inkanuko?

15 Ngokwesibonelo, wenzenjani uma ubona isithombe esingase sivuse inkanuko kuyi-TV noma kuyi-inthanethi? Kungase kube lula ukuzikhohlisa ucabange ukuthi leso sithombe noma leyo muvi akuyona eyocansi. Kodwa kungenzeka yini kube yinto uSathane ayisebenzisayo ukuze ahlukanise inhliziyo yakho phakathi? (2 Kor. 2:11) Leso sithombe singase sifane nembazo esetshenziswa umuntu ukuze ahlukanise ukhuni. Into yokuqala ayenzayo, ufaka ingxenye ekabhayo yembazo okhunini. Ngemva kwalokho, njengoba eyifaka nakakhulu imbazo, ukhuni luyahlukana. Kungenzeka yini izithombe ezivusa inkanuko zifane nengxenye ekabhayo yembazo? Into engase ibonakale incane ekuqaleni futhi ingeyona ingozi, ngokushesha ingase ibangele umuntu ukuba enze izono ezingahlukanisa inhliziyo yakhe phakathi, aphule nobuqotho bakhe. Ngakho ungavumeli lutho olungafanele lungene enhliziyweni yakho! Yigcine inobunye ukuze yesabe igama likaJehova!

16. Lapho silingelwa ukuba senze okungalungile, yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?

16 Ngaphandle kwezithombe ezivusa inkanuko, ziningi ezinye izinto uSathane azisebenzisayo ukuze asilinge. Senzenjani kulezo zimo? Kulula ukuzikhohlisa. Ngokwesibonelo, singase sicabange: ‘Akuyona into engingasuselwa yona lena, ayiyimbi kangako.’ Kuyiphutha elikhulu ukucabanga ngaleyo ndlela. Kungaba kuhle sizibuze imibuzo efana nalena: ‘Ingabe uSathane usebenzisa lesi silingo ukuze ahlukanise inhliziyo yami phakathi? Uma nginqotshwa yizifiso ezimbi, ingabe ngiyongcolisa igama likaJehova? Ingabe engizonquma ukukwenza kuzongisondeza kuNkulunkulu wami noma kuzongidedisela kude naye?’ Zindla ngaleyo mibuzo. Thandazela ukuhlakanipha ukuze uyiphendule ngobuqotho, ungazikhohlisi. (Jak. 1:5) Ukwenza kanjalo kuyisivikelo sangempela. Kungakusiza umelane nesilingo ngokuqinile, njengoba kwenza uJesu lapho ethi: “Hamba, Sathane!”​—Math. 4:10.

17. Fanekisa ukuthi kungani kungekuhle ukuthi inhliziyo yethu ihlukane phakathi.

17 Akukuhle ukuba nenhliziyo ehlukene phakathi. Ake ucabange ngeqembu lebhola elinabadlali abangazwani. Abanye bazifunela udumo, abanye abafuni ukulandela imithetho, abanye abamhloniphi umqeqeshi. Mancane kakhulu amathuba okuthi lelo qembu liwine. Ngokuphambene nalokho, iqembu elinobunye, maningi amathuba okuthi liphumelele. Inhliziyo yakho ingaba njengalelo qembu eliphumelelayo uma imicabango yakho, izifiso zakho, nemizwa yakho inobunye ekukhonzeni uJehova. Khumbula, uSathane ufuna ukuhlukanisa inhliziyo yakho. Ufuna imicabango, izifiso, nemizwa yakho kungavumelani futhi kuphikisane nemithetho kaJehova. Nokho, wena kudingeka inhliziyo yakho iphelele ukuze ukwazi ukukhonza uJehova. (Math. 22:36-38) Ungalokothi uvumele uSathane ahlukanise inhliziyo yakho!

18. Yini ozimisele ukuyenza ngokuvumelana namazwi akuMika 4:5?

18 Thandaza kuJehova njengoba kwenza uDavide, wathi: “Yenza inhliziyo yami ibe nobunye ukuze yesabe igama lakho.” Yenza konke ongakwenza ukuze usebenzise amazwi alo mthandazo ekuphileni kwakho. Usuku nosuku, lwela ukuthi izinqumo ozenzayo, ezincane nezinkulu, zibonise ukuthi igama likaJehova elingcwele ulibheka njengelimangalisa kakhulu. Ngokwenza kanjalo, njengoFakazi KaJehova, uyolimelela kahle lelo gama. (IzAga 27:11) Sonke siyokwazi ukusho amazwi ashiwo umprofethi uMika, athi: “Thina, siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.”​—Mika 4:5.

INGOMA 41 Yizwa Umkhuleko Wami

^ par. 5 Kulesi sihloko, sizogxila engxenyeni yomthandazo weNkosi uDavide obhalwe kumaHubo 86:11, 12. Kusho ukuthini ukwesaba igama likaJehova? Kungani kufanele sibe nenhlonipho ejulile ngalelo gama elikhulu? Ukwesaba uNkulunkulu kungasivikela kanjani lapho sibhekana nesilingo sokwenza okungalungile?

^ par. 53 INCAZELO YESITHOMBE: UMose wafundisa abantu bakaNkulunkulu ingoma edumisa uJehova.

^ par. 57 INCAZELO YESITHOMBE: U-Eva akazange azenqabe izifiso ezingalungile. Ngokuphambene nalokho, siyazenqaba izithombe noma imiyalezo okungase kukhuthaze izifiso ezingalungile futhi kungcolise igama likaNkulunkulu.