Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuzithiba​—Kubalulekile Ukuze UJehova Asamukele

Ukuzithiba​—Kubalulekile Ukuze UJehova Asamukele

UPaul uthi, “Lapho umzala wami engichukuluza, ngambamba ngamklinya. Ngangifuna ukumbulala.”

UMarco uthi, “Ekhaya ngangicasulwa izinto ezincane. Ngangiphahlaza ifenisha, amathoyizi, nanoma yini engiyitholayo.”

Kungenzeka thina asikho kulelo zinga. Noma kunjalo, sonke sikuthola kunzima ukuzibamba ngezinye izikhathi. Lokho kubangelwa ukuthi sazuza isono njengefa kumuntu wokuqala, u-Adamu. (Roma 5:12) Abanye, njengoPaul noMarco, bakuthola kunzima ukulawula intukuthelo yabo. Abanye bangase bakuthole kuyinselele ukulawula imicabango yabo. Bagxila ezintweni ezibathusayo futhi bavame ukukhathazwa imicabango engemihle. Kungenzeka kwabanye kube nzima ukulwa nesifiso sokuziphatha kabi ngokocansi, ukudakwa nokusebenzisa kabi izidakamizwa.

Labo abangayilawuli imicabango yabo, izifiso kanye nezenzo bangonakalisa ukuphila kwabo. Kodwa singakwazi ukukugwema lokho. Kanjani? Ngokuthi sibe nemfanelo yokuzithiba. Ukuze sikwazi ukwenza lokho, ake sixoxe ngemibuzo emithathu: (1) Kuyini ukuzithiba? (2) Kungani kubalulekile? (3) Singaba kanjani nale mfanelo ebalwa phakathi ‘kwezithelo zomoya’? (Gal. 5:22, 23) Sizobe sesixoxa ngalokho thina esingakwenza uma kwenzeka ngezinye izikhathi sikuntula ukuzithiba.

KUYINI UKUZITHIBA?

Umuntu ozithibayo akavumeli imizwa yakhe imenzise noma yini. Kunalokho, uyazibamba, angakhulumi noma enze izinto ezidumaza uNkulunkulu.

UJesu wabonisa ngokucacile ukuthi kusho ukuthini ngempela ukuzithiba

UJesu wasibonisa ukuthi kusho ukuthini ukuzithiba. IBhayibheli lithi: “Lapho ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka. Lapho ehlupheka, akasongelanga, kodwa waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga.” (1 Pet. 2:23) UJesu wakubonisa lokho kuzithiba lapho abaphikisi bemenza inhlekisa ngesikhathi elenga esigxotsheni sokuhlushwa. (Math. 27:39-44) Ngaphambilini, wabonisa ukuzibamba okumangalisayo lapho abaholi benkolo bembuza imibuzo eminingi ukuze bazame ukumenza asho izinto ezingafanele. (Math. 22:15-22) Yeka isibonelo esihle asibekela sona lapho amaJuda athile athukuthele ecosha amatshe ukuze amjikijele ngawo! Kunokuba aziphindiselele, “uJesu wacasha futhi waphuma ethempelini.”​—Joh. 8:57-59.

Singakwazi yini ukulingisa uJesu? Singakwazi ngezinga elithile. Umphostoli uPetru wabhala: ‘UKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.’ (1 Pet. 2:21) Nakuba sinesono, singakwazi ukusilandela eduze isibonelo sikaJesu sokuzithiba. Kungani kubalulekile ukwenza kanjalo?

KUNGANI UKUZITHIBA KUBALULEKILE?

Kudingeka sizithibe ukuze uJehova asamukele. Ngisho noma sesimkhonze ngokwethembeka isikhathi eside uJehova, bungasilahlekela ubungane bethu naye uma singakulawuli esikwenzayo nesikushoyo.

Cabanga ngoMose, ‘owayemnene ukubadlula kude bonke abantu ababesebusweni bomhlaba’ ngaleso sikhathi. (Num. 12:3) Ngemva kokukhuthazelela ukukhononda kwama-Israyeli amashumi eminyaka, uMose wahluleka ukuzibamba ngolunye usuku. Wathukuthela lapho ephinde ekhononda ngokushoda kwamanzi. Wakhuluma ngokhahlo nabantu, wathi: “Yizwani manje, nina zidlubulundi! Ingabe sizonikhiphela amanzi kuleli dwala?”​—Num. 20:2-11.

UMose wahluleka ukuzibamba. Udumo akalunikanga uJehova, okunguye uMthombo wesimangaliso samanzi. (IHu. 106:32, 33) Ngenxa yalokho, uJehova akamvumelanga ukuba angene eZweni Lesithembiso. (Num. 20:12) Cishe kwaze kwaba usuku uMose afa ngalo ezisola ngokuhluleka ukulawula intukuthelo yakhe.​—Dut. 3:23-27.

Sifundani kule ndaba? Ngisho noma sekuphele isikhathi eside siseqinisweni, akufanele nanini sikhulume ngendelelo nalabo abasicasulayo noma abadinga iseluleko. (Efe. 4:32; Kol. 3:12) Kuyiqiniso ukuthi njengoba sikhula, kungase kube nzima ukubonisa isineke ngezinye izikhathi. Kodwa khumbula uMose. Asifuni nangengozi ukuzonela idumela elihle lokwethembeka kuJehova osekuyisikhathi eside kakhulu sinalo ngenxa nje yokuntula ukuzithiba. Yini esingayenza ukuze sibe nale mfanelo ebalulekile?

OKUMELWE UKWENZE UKUZE UKWAZI UKUZITHIBA

Thandazela umoya ongcwele. Kungani? Yingoba ukuzithiba kubalwa phakathi kwezithelo zomoya kaNkulunkulu futhi uJehova uyabanika umoya wakhe labo abawucelayo. (Luka 11:13) Esebenzisa umoya wakhe, uJehova angasinika amandla esiwadingayo. (Fil. 4:13) Angasisiza nokuba sibe nezinye izimfanelo eziyizithelo zomoya, ezifana nothando, oluyokwenza kube lula ukuthi sikwazi ukuzithiba.​—1 Kor. 13:5.

Gwema noma yini engakwenza uhluleke ukuzithiba

Gwema noma yini engenza kube nzima ukuba uzithibe. Ngokwesibonelo, hlukana namawebusayithi nokuzijabulisa okunokuziphatha okungafanele. (Efe. 5:3, 4) Eqinisweni, kumelwe sigweme noma yini engasilingela ekwenzeni okubi. (IzAga 22:3; 1 Kor. 6:12) Ngokwesibonelo, umuntu oyengeka kalula ezintweni eziphathelene nocansi kungase kudingeke agweme izincwadi zothando kanye namamuvi othando.

Singase sikuthole kunzima ukusebenzisa lesi seluleko. Nokho, uma sizama ukusisebenzisa, uJehova uyosinika amandla esiwadingayo ukuze sikwazi ukulawula imizwa yethu. (2 Pet. 1:5-8) Uyosisiza silawule imicabango yethu, esikukhulumayo nesikwenzayo. Njengoba kusobala endabeni kaPaul noMarco, okukhulunywe ngabo ekuqaleni, ngamunye wabo wafunda ukulawula intukuthelo yakhe. Cabanga nangesibonelo somzalwane owayevame ukunqotshwa intukuthelo lapho eshayela, aze axabane nabanye. Yini ayenza ngalokho? Uthi, “Ngangithandaza ngokujulile usuku nosuku. Ngafunda izihloko ezikhuluma ngokuzithiba, ngabamba ngekhanda amavesi eBhayibheli awusizo. Nakuba sekuphele iminyaka ngilungisa le nkinga, kusangisiza ukuqala usuku ngalunye nginomgomo wokuhlala ngizolile. Uma kukhona la engizoya khona, ngisheshe ngihambe ukuze singabi bikho isidingo sokuhamba sengijahile.”

UMA KWENZEKA SEHLULEKA UKUZITHIBA

Ngezinye izikhathi, kuzosehlula ukuzithiba. Lapho lokho kwenzeka, singase sizizwe sinamahloni okusondela kuJehova ngomthandazo. Kodwa leso kusuke kuyisikhathi okudingeka siqine ngaso emthandazweni. Ngakho thandaza kuJehova ngokushesha. Mcele akuthethelele, funa usizo lwakhe futhi uzimisele ukungaliphindi iphutha elifanayo. (IHu. 51:9-11) UJehova ngeke awubukele phansi umthandazo wakho oqotho wokucela ukuboniswa isihe. (IHu. 102:17) Umphostoli uJohane usikhumbuza ukuthi igazi leNdodana kaNkulunkulu “lisihlanza kuso sonke isono.” (1 Joh. 1:7; 2:1; IHu. 86:5) Khumbula ukuthi uJehova utshela abantu abayizinceku zakhe ukuba bathethelele ngokuphindaphindiwe. Ngakho singaqiniseka ukuthi nathi uzosenzela okufanayo.​—Math. 18:21, 22; Kol. 3:13.

UJehova wadumala lapho uMose ehluleka ukuzithiba okwesikhashana. Noma kunjalo, uJehova wamthethelela. IZwi likaNkulunkulu likhuluma ngoMose njengesibonelo esivelele sokholo. (Dut. 34:10; Heb. 11:24-28) UJehova akamvumelanga uMose ukuba abeke unyawo lwakhe eZweni Lesithembiso, kodwa uyomamukela emhlabeni oyiPharadesi, amnike nethemba lokuphila phakade. Nathi singajabulela lelo themba elifanayo uma siqhubeka silwela ukuba naleyo mfanelo ebalulekile ewukuzithiba.​—1 Kor. 9:25.