Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 32

Hamba NoNkulunkulu Wakho Ngokuthobeka Nangesizotha

Hamba NoNkulunkulu Wakho Ngokuthobeka Nangesizotha

‘Yiba nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho.’​—MIKA 6:8

INGOMA 31 Hambani NoNkulunkulu!

AMAZWIBELA *

1. Yini eyashiwo uDavide ngokuthobeka kukaJehova?

SINGASHO yini ngempela ukuthi uJehova uthobekile? Yebo, singasho. UDavide wake wathi: “Uyonginika isihlangu sakho sensindiso, futhi ngukuthobeka kwakho okungenza ngibe mkhulu.” (2 Sam. 22:36; IHu. 18:35) Mhlawumbe uDavide wayecabanga ngosuku okwafika ngalo umprofethi uSamuweli emzini kababa wakhe ezogcoba umuntu owayezoba inkosi yakwa-Israyeli elandelayo. UDavide wayenguthumbu ebafaneni bakaJese; kodwa nguye uJehova amkhetha ukuba abe inkosi esikhundleni sikaSawule.​—1 Sam. 16:1, 10-13.

2. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

2 UDavide wayengavumelana ngempela namazwi omhubi owathi ngoJehova: “Uyazehlisa ukuze abuke ezulwini nasemhlabeni, aphakamise ophansi othulini. Uphakamisa ompofu . . . amenze ahlale kanye nezicukuthwane.” (IHu. 113:6-8) Kulesi sihloko, sizoqale sixoxe ngezifundo ezibalulekile ngokuthobeka ngokuthi sihlole izimo lapho uJehova akubonisa khona. Sizobe sesixoxa ngokuthi yini esingayifunda ngokuthobeka enkosini uSawule, kumprofethi uDaniyeli nakuJesu.

YINI ESINGAYIFUNDA ESIBONELWENI SIKAJEHOVA?

3. UJehova usebenzelana kanjani nathi, futhi lokho kufakazelani?

3 UJehova uyabonisa ukuthi uthobekile endleleni asebenzelana ngayo nezikhonzi zakhe ezinesono. Akagcini nje ngokwamukela indlela esimkhonza ngayo, kodwa usibheka nanjengabangane bakhe. (IHu. 25:14) Ukuze sikwazi ukuba abangane bakhe, uJehova wathatha isinyathelo kuqala ngokuthi anikele ngeNdodana yakhe ibe umhlatshelo wezono zethu. Asikho ngempela isihe nozwela oludlula lolu!

4. Yini uJehova asinike yona, futhi kungani?

4 Nansi enye indlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uthobekile. NjengoMdali wethu, uJehova wayengasidala ngendlela yokuba singakwazi ukuzikhethela ukuthi sifuna ukwenzani ekuphileni kwethu. Kodwa akakwenzanga lokho. Wasenza ngomfanekiso wakhe futhi wasinika inkululeko yokuzikhethela. Ufuna thina bantu abaphansi simkhonze ngokusuka enhliziyweni ngoba simthanda, sizibona nezinzuzo zokumlalela. (Dut. 10:12; Isaya 48:17, 18) Ave sijabula ngalesi senzo esibonisa ukuthobeka kukaJehova!

Kuboniswa uJesu esezulwini. Eduze kwakhe kumi abanye azobusa nabo. Bonke babuka izigidi zezingelosi. Ezinye izingelosi ziya emhlabeni ukuze ziyofeza izabelo zazo. UJehova ubaphathise igunya bonke abakulesi sithombe. (Bheka isigaba 5)

5. UJehova usifundisa kanjani ukuthobeka? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

5 UJehova usifundisa ukuthobeka ngendlela asebenzelana ngayo nathi. Akekho umuntu ohlakaniphe ukwedlula uJehova emhlabeni nasezulwini. Noma kunjalo, uyathanda ukulalela imibono yabanye. Ngokwesibonelo, uJehova wavumela iNdodana yakhe ukuba imsize ekudaleni zonke izinto. (IzAga 8:27-30; Kol. 1:15, 16) Ngisho noma uJehova engumninimandla onke, uyabanikeza nabanye igunya elithile. Ngokwesibonelo, wakhetha uJesu ukuba abe iNkosi yoMbuso wakhe, uyonika nabanye abangu-144 000 abayobe bebusa noJesu igunya elithile. (Luka 12:32) Akungabazeki ukuthi uJehova wamqeqesha uJesu ukuze abe iNkosi noMpristi Ophakeme. (Heb. 5:8, 9) Uyabaqeqesha nalabo abazobusa noJesu ukuze basifeze kahle isabelo sabo, kodwa akabalawuli noma abagade ukuthi bawenza kanjani umsebenzi wabo. Kunalokho, uyabathemba ukuthi bazokwenza intando yakhe.​—IsAm. 5:10.

Sisuke silingisa uJehova lapho siqeqesha abanye futhi sibaphathisa imisebenzi ethile (Bheka izigaba 6-7) *

6-7. Yini esingayifunda kuBaba wethu osezulwini ngokuphathisa abanye imisebenzi?

6 Uma uBaba wethu osezulwini​—ongadinge kusizwa muntu—ebaphathisa abanye imisebenzi, kangakanani-ke ngathi! Ingabe uyinhloko yomndeni noma ungumdala ebandleni? Lingisa isibonelo sikaJehova ngokuthi uphathise abanye imisebenzi ethile bese ungalokhu ulawula indlela abayenza ngayo leyo misebenzi. Lapho ulingisa uJehova, ngeke ugcine ngokuqeda umsebenzi wakho kodwa uyoqeqesha abanye futhi ubasize bazethembe. (Isaya 41:10) Yini enye abangayifunda kuJehova labo abanegunya elithile?

7 IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova uyafuna ukuzwa imibono evezwa izingelosi zakhe. (1 AmaKh. 22:19-22) Bazali, ningasilingisa kanjani isibonelo sikaJehova? Uma kulungile, celani imibono yezingane zenu lapho nenza imisebenzi ethile. Uma kufaneleka, kusebenziseni lokho ezikushilo.

8. UJehova wasebenzelana kanjani ngesineke no-Abrahama noSara?

8 Ukuthobeka kukaJehova kubonakala nasendleleni abonisa ngayo isineke. Ngokwesibonelo, uJehova unesineke lapho labo abamkhonzayo bengabaza izinqumo zakhe ngenhlonipho. Walalela lapho u-Abrahama eveza ukukhathazeka ayenakho ngesinqumo sokubhubhisa iSodoma neGomora. (Gen. 18:22-33) Khumbula nendlela uJehova asebenzelana ngayo nomka-Abrahama, uSara. UJehova akazange athukuthele ngesikhathi uSara ehleka isithembiso saKhe sokuthi uzokhulelwa esemdala. (Gen. 18:10-14) Kunalokho, wamphatha ngenhlonipho.

9. Yini abazali nabadala bebandla abangayifunda esibonelweni sikaJehova?

9 Bazali nabadala bebandla, yini eningayifunda esibonelweni sikaJehova? Cabanga ngendlela ongasabela ngayo lapho labo abangaphansi kwegunya lakho bengabaza noma bengavumelani nezinqumo zakho. Ingabe into yokuqala oyenzayo ukuzama ukubalungisa? Noma uyazama yini ukuqonda imibono yabo? Imindeni namabandla azuza ngempela lapho labo abasemagunyeni belingisa uJehova. Kuze kube manje sixoxe ngokuthi yini esingayifunda kuJehova ngokuthobeka. Manje ake sibone ukuthi yini esingayifunda ngesizotha ezibonelweni eziseZwini likaNkulunkulu.

YINI ESINGAYIFUNDA EZIBONELWENI ZABANYE?

10. UJehova uzisebenzisa kanjani izibonelo zabanye ukuze afundise thina?

10 ‘NjengoMfundisi wethu Omkhulu,’ uJehova usilungiselele izibonelo eziseZwini lakhe ukuze asifundise. (Isaya 30:20, 21) Siyafunda lapho sizindla ngezindaba eziseBhayibhelini zalabo ababonisa izimfanelo ezijabulisa uJehova, ezihlanganisa nesizotha. Siyafunda nalapho sihlola lokho okwenzeka kubantu abahluleka ukuzibonisa lezo zimfanelo.​—IHu. 37:37; 1 Kor. 10:11.

11. Yini esingayifunda esibonelweni esibi sikaSawule?

11 Cabanga ngalokho okwenzeka eNkosini uSawule. Waqala kahle ewumfanyana onesizotha. Wayeqaphela ukuthi akakwazi ukwenza yonke into futhi wayengabaza ngisho nokwamukela imithwalo eyengeziwe. (1 Sam. 9:21; 10:20-22) Kodwa, ngokuhamba kwesikhathi uSawule waqhosha. Le mfanelo embi yavela ngokushesha ngemva kokuba ebekwe waba inkosi. Ngesinye isikhathi waphelelwa isineke ngesikhathi elinde umprofethi uSamuweli. Kunokuba abe nesizotha, athembe ukuthi uJehova uzobasiza abantu bakhe, uSawule wanikela umhlatshelo wokushiswa nakuba ayengenalo igunya lokwenza kanjalo. Ngenxa yalokho, uJehova akabange esamamukela futhi wamala njengenkosi. (1 Sam. 13:8-14) Siyobe sihlakaniphile uma sifunda kulesi sibonelo esiyisixwayiso, sigweme ukwenza izinto esingenalo igunya lokuzenza.

12. UDaniyeli wabonisa kanjani ukuthi unesizotha?

12 Ngokungafani nesibonelo esibi sikaSawule, nasi isibonelo esihle somprofethi uDaniyeli. Phakathi nokuphila kwakhe konke, uDaniyeli wayeyinceku kaNkulunkulu ethobekile nenesizotha, eyayihlale ifuna isiqondiso kuJehova. Ngokwesibonelo, ngesikhathi uJehova emsebenzisa ukuze achaze amaphupho kaNebukhadinezari, uDaniyeli akazange azincome yena noma athi incazelo yamaphupho ivela kuye. Kunalokho, wabonisa isizotha wayisa lonke udumo kuJehova. (Dan. 2:26-28) Yini thina esiyifundayo? Uma abafowethu bezithanda izinkulumo esizinikezayo noma uma siphumelela kakhudlwana enkonzweni, sifuna ukukhumbula ukunika uJehova lonke udumo. Kufanele sibe nesizotha, sivume ukuthi besingeke sikwazi ukwenza zonke lezi zinto ngaphandle kosizo lukaJehova. (Fil. 4:13) Uma senza kanjalo siyobe silingisa nesibonelo esihle sikaJesu. Kanjani?

13. Yini esiyifunda ngesizotha emazwini kaJesu akuJohane 5:19, 30?

13 Nakuba ayeyiNdodana kaNkulunkulu engenasono, uJesu wancika ngokuphelele kuJehova. (Funda uJohane 5:19, 30.) Akakaze azame ukuphuca uBaba wakhe osezulwini igunya lakhe. EyabaseFilipi 2:6 isitshela ukuthi uJesu akazange ‘akucabangele ukuqhwaga, okungukuthi, ukuba alingane noNkulunkulu.’ NjengeNdodana ezithobayo, uJesu wayeqonda ukuthi kunezinto ayengeke akwazi ukuzenza futhi wayelihlonipha igunya likaYise.

UJesu wayeqonda ukuthi kunezinto ayengeke akwazi ukuzenza (Bheka isigaba 14)

14. UJesu wenzenjani lapho ecelwa ukuba enze into ayengenalo igunya lokuyenza?

14 Cabanga lokho okwenziwa uJesu ngesikhathi uJakobe noJohane nomama wabo beza kuye bezocela ukuba abanike ilungelo ayengenalo igunya lokubanika lona. UJesu akazange anqikaze ukubatshela ukuthi nguBaba wakhe osezulwini kuphela onqumayo ukuthi ubani ozohlala ngakwesokudla nangakwesobunxele sikaJesu eMbusweni. (Math. 20:20-23) UJesu wabonisa ukuthi uyayazi imingcele yakhe. Wayenesizotha. Akakaze enze lutho uJehova angamnikanga igunya lokuba alwenze. (Joh. 12:49) Singasilingisa kanjani isibonelo esihle sikaJesu?

Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu sokuba nesizotha? (Bheka izigaba 15-16) *

15-16. Singasisebenzisa kanjani iseluleko seBhayibheli esisencwadini yoku-1 Korinte 4:6?

15 Sisuke silingisa isibonelo sikaJesu sokuba nesizotha lapho sisebenzisa iseluleko esisencwadini yoku-1 Korinte 4:6. Lowo mBhalo uthi kithi: “Ungeqeli ngalé kwezinto ezilotshiwe.” Ngakho lapho abanye becela iseluleko kithi, asifuni ukubatshela lokho thina esikucabangayo noma sisho into yokuqala efika engqondweni. Kunalokho, kufanele sibakhombe eselulekweni seBhayibheli nasezincwadini zethu ezisekelwe eBhayibhelini. Ngaleyo ndlela, siyobe siqaphela ukuthi asazi yonke into. Siyobonisa isizotha, siyise udumo kuMninimandla Onke ‘onezinqumo ezilungile.’​—IsAm. 15:3, 4.

16 Ngaphandle kokudumisa uJehova, sinezinye izizathu zokubonisa isizotha. Manje sizohlola indlela ukuthobeka nesizotha okungasilethela ngayo injabulo futhi kusisize sibe nobudlelwane obuhle nabanye.

IZINZUZO ZOKUBA ABANTU ABATHOBEKILE NABANESIZOTHA

17. Kungani abantu abathobekile nabanesizotha bejabula?

17 Uma sithobekile futhi sinesizotha, maningi amathuba okuthi sijabule. Kungani? Uma siqaphela ukuthi asikwazi ukwenza yonke into, siyolujabulela usizo esiluthola kwabanye abantu. Ngokwesibonelo, cabanga ngesikhathi uJesu elapha amadoda ayishumi anochoko. Iyodwa kuphela indoda eyabuya yazobonga uJesu ngokuyilapha esifweni esibi kakhulu​—okuyinto eyayingeke ikwazi ukuyenza ngamandla ayo. Le ndoda ethobekile nenesizotha yabonga kakhulu ngosizo eyaluthola, yadumisa uNkulunkulu.​—Luka 17:11-19.

18. Ukuthobeka nokuba nesizotha kusisiza kanjani sibe nobudlelwane obuhle nabanye? (Roma 12:10)

18 Abantu abathobekile nabanesizotha bavame ukuba nobudlelwane obuhle nabanye futhi babe abangane abaseduze nabo. Kungani? Yingoba akubi nzima ukuvuma ukuthi abanye banobuntu obuhle, bayabonisa nokuthi bayabethemba abanye. Abantu abathobekile nabanesizotha bayajabula lapho abanye benza kahle ezabelweni zabo, bayashesha nokubancoma, bababonge.​—Funda eyabaseRoma 12:10.

19. Kungani kufanele sigweme ukuqhosha?

19 Abantu abaqhoshayo benza okuhlukile, bakuthola kunzima ukuncoma abanye, bathanda ukuthi kunconywe bona. Bathanda ukuziqhathanisa nabanye futhi bakhuthaza ukuncintisana. Kunokuba baqeqeshe abanye, babaphathise nemisebenzi eyengeziwe, cishe bazitshela ukuthi, “Uma ufuna into yenzeke kahle”​—nangendlela ofuna ngayo—​“kumelwe uzenzele wena.” Umuntu oqhoshayo ngokuvamile ufuna ukubaluleka kakhulu kunabanye futhi unomona. (Gal. 5:26) Abantu abanjalo abavamile ukuba nabangane abahlala isikhathi eside. Uma sibona ukuthi sinenkinga yokuqhosha, kufanele sithandaze ngobuqotho kuJehova, simcele asisize ‘sishintshe ingqondo yethu’ ukuze ukuqhosha kungabi ingxenye yobuntu bethu.​—Roma 12:2.

20. Kungani kufanele sithobeke futhi sibe nesizotha?

20 Ave sijabula ngokuba nesibonelo esinguJehova! Siyabona ukuthi uthobekile lapho sibheka indlela asebenzelana ngayo nezinceku zakhe, nathi sifuna ukumlingisa. Ngaphezu kwalokho, sifuna ukulingisa nezibonelo ezinhle eziseBhayibhelini zabantu abakhonza uJehova ngesizotha. Masinike uJehova udumo nenkazimulo okumfanele ngaso sonke isikhathi. (IsAm. 4:11) Uma senza kanjalo, nathi siyokwazi ukuhamba noBaba wethu osezulwini, obathandayo abantu abathobekile nabanesizotha.

INGOMA 123 Ukuzithoba Ngobuqotho

^ par. 5 Umuntu othobekile unesihe nozwela. Ngakho, singasho kufanele ukuthi uJehova uthobekile. Njengoba sizobona kulesi sihloko, isibonelo sikaJehova singasifundisa ukuthobeka. Sizohlola nokuthi yini esingayifunda ngokuthobeka enkosini uSawule, kumprofethi uDaniyeli nakuJesu.

^ par. 58 INCAZELO YESITHOMBE: Umdala uzipha isikhathi sokuqeqesha umzalwane osemusha ukuze akwazi ukunakekela insimu yebandla. Kamuva, umdala akamgadi lo mzalwane osemusha, kodwa uyamyeka asenze yedwa lesi sabelo.

^ par. 62 INCAZELO YESITHOMBE: Udade ubuza umdala ukuthi kulungile yini ukuthi aye emshadweni ozoba sesontweni. Umdala akamtsheli umbono wakhe noma lokho akucabangayo yena, kodwa uhlola naye ezinye izimiso zeBhayibheli.