Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 39

Basekele Odadewethu AbangamaKristu

Basekele Odadewethu AbangamaKristu

“Abesifazane abalandisa izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.”​—IHU. 68:11.

INGOMA 137 Abesifazane Abathembekile AbangamaKristu

AMAZWIBELA *

Odadewethu abamatasa nabakhuthele baba nengxenye emihlanganweni, bayasiza ekunakekeleni iHholo LoMbuso, bayawathanda namalungu ebandla (Bheka isigaba 1)

1. Odadewethu bayisekela kanjani inhlangano, kodwa yiziphi izinselele abaningi ababhekana nazo? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

SIYAJABULA kakhulu ngokuba nodadewethu abaningi abasebenza ngokuzikhandla ebandleni! Ngokwesibonelo, baba nengxenye emihlanganweni yethu nasenkonzweni. Abanye basiza ekunakekeleni iHholo LoMbuso futhi babonisa ngezenzo ukuthi bayabakhathalela abafowabo nodadewabo. Kuyiqiniso ukuthi zikhona izinselele ababhekana nazo. Abanye banakekela abazali asebekhulile. Abanye bakhuthazelela ukushushiswa amalungu omndeni. Kanti abanye abazikhulisa bodwa izingane zabo basebenza kanzima ukuze bazinakekele.

2. Kungani kudingeka sibasekele odadewethu?

2 Kungani kufanele sibasekele odadewethu abangamaKristu? Kungenxa yokuthi ngezinye izikhathi izwe alibahloniphi abesifazane. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibasekele. Ngokwesibonelo, uPawulu watshela ibandla laseRoma ukuba lamukele uFibhi futhi ‘limsize kunoma iyiphi indaba angase alidinge kuyo.’ (Roma 16:1, 2) Ngesikhathi engumFarisi, cishe uPawulu naye wayebabukela phansi abesifazane futhi engabaphathi kahle. Nokho njengoba ayesengumKristu, walingisa uJesu wabaphatha ngenhlonipho, wababonisa nomusa.​—1 Kor. 11:1.

3. UJesu wabaphatha kanjani abesifazane, futhi wayebabheka kanjani abesifazane abenza intando kaNkulunkulu?

3 UJesu wayebaphatha ngenhlonipho bonke abesifazane. (Joh. 4:27) Wayengababheki ngendlela abaholi abangamaJuda bosuku lwakhe ababebabheka ngayo. Empeleni, enye incwadi ekhuluma ngeBhayibheli ithi: “UJesu akakaze asho into edelela umuntu wesifazane.” Nokho, uJesu wayebahlonipha nakakhulu abesifazane abenza intando kaYise. Wayebabheka njengodadewabo futhi wababala kanye namadoda ayewabheka njengomndeni wakhe.​—Math. 12:50.

4. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

4 UJesu wayehlezi ekulungele ukusiza abesifazane abakhonza uNkulunkulu. Wayebabonisa ukuthi babalulekile kuye futhi ebalwela. Ake sixoxe ngendlela esingamlingisa ngayo uJesu ngokubonisa ukuthi siyabacabangela odadewethu.

BACABANGELE ODADEWETHU ABAYIGUGU

5. Kungani abanye odadewethu bengase bakuthole kunzima ukuhlangana namanye amaKristu ukuze bakhane?

5 Sonke, abafowethu nodadewethu, siyakudinga ukuhlangana ukuze sakhane. Nokho, ngezinye izikhathi odadewethu bakuthola kunzima ukwenza kanjalo. Kungani? Phawula lokho okushiwo abanye. Udadewethu uJordan * uthi, “Ngenxa yokuthi angishadile, kunzima ukuthola indawo yami ebandleni, angizizwa ngiyingxenye yebandla.” UKristen, iphayona elathuthela kwenye indawo ukuze landise inkonzo yalo uthi, “Uma usanda kufika ebandleni ungase uzizwe ungenabani.” Abanye abazalwane bangase bazizwe ngendlela efanayo. Labo abahlala namalungu omndeni angebona oFakazi BakaJehova, ngezinga elithile bangase bakuthole kunzima ukusondelana namalungu emindeni yabo, ngesikhathi esifanayo bazizwe beqhelelene nabafowabo nodadewabo basebandleni. Labo abavaleleke ezindlini ngenxa yokugula bangase bazizwe benesizungu, njengoba kungenzeka nangalabo abanakekela amalungu omndeni agulayo. U-Annette uthi, “Ngangingakwazi ukuya lapho engimenywe khona ngenxa yokuthi yimi owayenakekela umama.”

NjengoJesu, singabonisa ngezenzo ukuthi siyabathanda odadewethu abathembekile (Bheka izigaba 6-9) *

6. UJesu wamsiza kanjani uMarta noMariya, njengoba kuboniswe kuLuka 10:38-42?

6 UJesu wachitha isikhathi nodadewabo abangamaKristu, wayengumngane wabo weqiniso. Cabanga ngobungane bakhe noMariya noMarta, bobabili ababengashadile. (Funda uLuka 10:38-42.) Kusobala ukuthi ngamazwi nangezenzo, uJesu wabenza bazizwa bekhululekile. UMariya wazizwa ekhululekile ukuhlala ezinyaweni zakhe njengomfundi. * UMarta, ekhathazwe ukuthi uMariya akamsizi, wazizwa ekhululekile ukutshela uJesu lokho ayekucabanga. Kuleyo ngxoxo yabo, uJesu wakwazi ukubasiza bafunda izifundo ezibalulekile bobabili laba besifazane. Wabonisa ukuthi uyabakhathalela bona nomfowabo, uLazaru, ngokubavakashela ngezikhathi ezithile. (Joh. 12:1-3) Akumangazi ukuthi ngesikhathi uLazaru egula kakhulu, uMariya noMarta babazi ukuthi bangathembela kuJesu ukuba abasize.​—Joh. 11:3, 5.

7. Iyiphi indlela esingakhuthaza ngayo odadewethu?

7 Kwabanye odadewethu, imihlangano yethu iyona ndawo abathola kuyo ithuba lokuba nabakholwa nabo. Ngakho sifuna ukusebenzisa le mihlangano ukuze sibamukele, sikhulume nabo, sibabonise nokuthi siyabakhathalela. UJordan okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi, “Ngiyakhuthazeka kakhulu lapho abanye bengincoma ngezimpendulo zami emihlanganweni, behlela ukuyoshumayela nami, noma bengibonisa ngezinye izindlela ukuthi bayangikhathalela.” Kumelwe sibatshele odadewethu ukuthi babalulekile kithi. UKia uthi: “Uma kwenzekile ngangaba khona emhlanganweni, ngiyazi ukuthi ngizothola umyalezo obuza ukuthi ngiyaphila yini. Lokho kuyangibonisa ukuthi abafowethu nodadewethu bayangithanda.”

8. Yiziphi ezinye izindlela esingalingisa ngazo uJesu?

8 NjengoJesu, singabekela eceleni isikhathi esizosichitha nodadewethu. Mhlawumbe singabamemela ukuzodla nathi ukudla okulula noma ukuzijabulisa nabo. Lapho senza kanjalo, kumelwe siqikelele ukuthi esikuxoxa nabo kuyakha. (Roma 1:11, 12) Abadala kufanele bacabange njengoJesu. Wayazi ukuthi ukungashadi kungase kube inselele kwabanye, kodwa wakwenza kwacaca ukuthi injabulo ehlala njalo ayincikile ekushadeni noma ekubeni nezingane. (Luka 11:27, 28) Kunalokho, injabulo ehlala njalo itholakala ngokwenza inkonzo kaJehova ize kuqala ekuphileni kwethu.​—Math. 19:12.

9. Yini abadala abangayenza ukuze basize odadewethu?

9 Abadala ikakhulukazi kudingeka baphathe abesifazane abangamaKristu njengodadewabo nanjengomama. (1 Thim. 5:1, 2) Abadala benza kahle ngokuxoxa nodadewethu ngaphambi nangemva kwemihlangano. UKristen uthi: “Omunye umdala waqaphela ukuthi ngase ngimatasa kakhulu futhi wayefuna ukuqonda ukuthi kwakuhamba kanjani. Ngakujabulela ngempela ukuzihlupha kwakhe ngami.” Lapho abadala bezipha njalo isikhathi sokukhuluma nodadewabo abangamaKristu, babonisa ukuthi bayabakhathalela. * U-Annette, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uveza izinzuzo zokukhuluma nabadala njalo. Uthi: “Ngibazi kangcono, nabo bangazi kangcono. Ngakho, lapho ngibhekene nesimo esinzima, kuba lula ukuya kubo ngiyocela usizo.”

BABONGE ODADEWETHU

10. Yini engasiza odadewethu bajabule?

10 Sonke, abesilisa nabesifazane, siyajabula lapho abanye beqaphela futhi bencoma umsebenzi esiwenzayo. Ngakolunye uhlangothi, siyadikibala lapho amakhono ethu nomsebenzi esiwenzayo kubukelwa phansi. U-Abigail, iphayona elingashadile, uyavuma ukuthi ngezinye izikhathi kuba sengathi abantu abanandaba naye, uthi: “Ngibhekwa njengosisi kasibanibani noma indodakazi kasibanibani. Ngezinye izikhathi kuba sengathi akekho ongibonayo.” Nokho, phawula lokho okwashiwo udadewethu uPam. UPam wayeyisithunywa sevangeli iminyaka eminingi engashadile. Kamuva, wabuyela ekhaya ukuze ayonakekela abazali bakhe. Manje njengoba eseneminyaka engaphezu kuka-70, usaphayona. Uthi: “Okungisize kakhulu ukuzwa abanye bebonga ngomsebenzi engiwenzayo.”

11. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayewujabulela umsebenzi owawenziwa abesifazane ababehamba naye enkonzweni?

11 UJesu wayelujabulela usizo ayeluthola kwabesifazane abangamaKristu ababemkhonza “ngalokho okungokwabo.” (Luka 8:1-3) Akagcinanga nje ngokubavumela ukuba bathole lelo lungelo, kodwa wabembulela namaqiniso ajulile ngentando kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, wabatshela ukuthi wayezofa abuye avuswe. (Luka 24:5-8) Wenza laba besifazane balungela uvivinyo ababezobhekana nalo, njengoba nje ayenzile nakubaphostoli. (Marku 9:30-32; 10:32-34) Nakuba abaphostoli babaleka ngesikhathi uJesu eboshwa, abanye abesifazane ababemsekela babenaye ngesikhathi efa esigxotsheni sokuhlushwa.​—Math. 26:56; Marku 15:40, 41.

12. Yimuphi umsebenzi uJesu awunika abesifazane?

12 UJesu wanika abesifazane umsebenzi obalulekile. Ngokwesibonelo, abesifazane abesaba uNkulunkulu yibo abaqala ukumbona ngemva kokuvuswa kwakhe. Watshela labo besifazane ukuba bahambe bayotshela abaphostoli ukuthi uvusiwe. (Math. 28:5, 9, 10) NgePhentekoste lika-33 C.E., kungenzeka kwakukhona nabesifazane lapho kuthululwa umoya ongcwele. Uma kunjalo, kungenzeka labo dadewethu ababesanda kugcotshwa basithola isimangaliso sokukhuluma izilimi nokutshela abanye “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.”​—IzE. 1:14; 2:2-4, 11.

13. Benzani abesifazane abangamaKristu namuhla, futhi singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngabakwenzayo?

13 Kuyancomeka ngempela konke okwenziwa odadewethu enkonzweni kaJehova. Leyo nkonzo ihlanganisa umsebenzi wokwakha nokunakekela izakhiwo zenhlangano, ukushumayela ngezilimi zakwamanye amazwe nokukhonza eBethel. Bayasiza lapho kuvele inhlekelele, basiza nasekuhumusheni izincwadi zethu, futhi bangamaphayona nezithunywa zevangeli. Njengabazalwane, odadewethu baya esikoleni samaphayona, eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso naseSikoleni SaseGileyadi. Ngaphezu kwalokho, amakhosikazi asiza abayeni bawo ukuba bafeze izabelo zabo ebandleni nasenhlanganweni. Laba bazalwane bebengeke bakwazi ukuzifeza kahle kangaka izabelo zabo ‘njengezipho ezingabantu’ ukube bebengasekelwa amakhosikazi abo. (Efe. 4:8) Zikhona yini izindlela ozicabangayo ongasekela ngazo labo dadewethu emsebenzini abawenzayo?

14. Ngokwalokho okushiwo encwadini yamaHubo 68:11, benzani abadala abahlakaniphile?

14 Abadala abahlakaniphile bayaqaphela ukuthi odade “bayibutho elikhulu” lezisebenzi ezinenhliziyo evumayo futhi ngokuvamile bawenza kahle kakhulu umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle. (Funda iHubo 68:11.) Ngakho abadala bacinga izindlela abangazuza ngazo emakhonweni abo. U-Abigail, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyajabula lapho abafowethu bembuza ukuthi iyiphi indlela yokuqala ingxoxo nabantu ayithole iphumelela ensimini. Uthi, “Lokho kungisiza ngibone ukuthi uJehova ungibekele umsebenzi obalulekile enhlanganweni yakhe.” Ngaphezu kwalokho, abadala bayaqaphela ukuthi odadewethu abathembekile abavuthiwe bayaphumelela ekusizeni odadewethu abasebasha babhekane nezinselele zokuphila. (Thithu 2:3-5) Ngokuqinisekile, kufanele sibabonge odadewethu!

BAKHULUMELE ODADEWETHU

15. Kunini lapho odadewethu bengase badinge khona ukuba sibakhulumele?

15 Ngezinye izikhathi, odadewethu bangase badinge ozobakhulumela lapho bebhekene nezinselele ezithile. (Isaya 1:17) Ngokwesibonelo, umfelokazi noma udadewethu odivosile angase adinge umuntu ozomkhulumela nozomsiza enze ezinye izinto ebezenziwa umyeni wakhe. Udadewethu osekhulile angase adinge ukusizwa akhulume nodokotela. Noma, udadewethu oyiphayona owenza olunye uhlobo lwenkonzo, angase adinge ozomkhulumela uma kuba khona omgxekayo ngokuthi akachithi isikhathi esiningi njengamanye amaphayona emsebenzini wokushumayela. Iyiphi enye indlela esingabasiza ngayo odadewethu abangamaKristu? Ake siphinde sixoxe ngesibonelo sikaJesu.

16. UJesu wamlwela kanjani uMariya, njengoba kuboniswe kuMarku 14:3-9?

16 UJesu wayeshesha ukubakhulumela odadewabo abangamaKristu lapho kukhona ongabaqondi. Ngokwesibonelo, walwela uMariya lapho uMarta emgxeka. (Luka 10:38-42) Walwela uMariya okwesibili lapho abanye bemthukuthelela ngokwenza lokho ababecabanga ukuthi kwakuyisinqumo esibi. (Funda uMarku 14:3-9.) UJesu wayeziqonda izisusa zikaMariya futhi wamncoma wathi: “Wenze isenzo esihle kimi. . . . Wenze abengakwenza.” Waze waprofetha nokuthi isenzo sakhe somusa kwakuyokhulunywa ngaso “nomaphi lapho izindaba ezinhle zishunyayelwa khona ezweni lonke,” njengoba nje nalesi sihloko senza njengamanje. Kumangalisa ngempela ukuthi uJesu wakhuluma ngokushunyayelwa kwezindaba ezinhle emhlabeni wonke lapho ekhuluma ngesenzo esihle salona wesifazane! Kumelwe ukuba amazwi akhe amqinisa uMariya ngemva kokugxekwa ngokungafanele!

17. Nikeza isibonelo salapho okungase kudingeke simkhulumele khona udadewethu.

17 Uyabakhulumela yini odadewethu abangamaKristu uma kudingeka wenze kanjalo? Ngokwesibonelo, cabanga ngesibonelo esilandelayo. Abanye abamemezeli bayabona ukuthi udadewethu onomyeni ongeyena uFakazi uvame ukufika sekwephuzile emihlanganweni, ahambe ngokushesha lapho nje iphela. Bayaqaphela ukuthi akezi nezingane zakhe njalo. Bayazibuza ukuthi kungani engami aqine kumyeni wakhe futhi bayamgxeka. Kodwa iqiniso liwukuthi udadewethu wenza konke okusemandleni. Akakwazi ukukulawula ngokuphelele konke okwenzekayo; futhi akuyena oba nezwi lokugcina ngalokho okwenzeka ezinganeni. Yini ongayenza kulesi simo? Uma umncoma futhi utshela abanye ngezinto ezinhle azenzayo, ungase ubanqande ekukhulumeni kabi ngaye.

18. Yiziphi ezinye izindlela esingasiza ngazo odadewethu abangamaKristu?

18 Singabonisa odadewethu ukuthi siyabakhathalela ngokucela ukubenzela izinto ezithile. (1 Joh. 3:18) U-Annette, udadewethu owayenakekela umama wakhe ogulayo, uthi: “Abanye ebandleni babeza bezonakekela umama ukuze mina ngikhululeke noma basilethele ukudla. Lokho kwakungenza ngizizwe ngithandwa futhi ngiyingxenye yebandla.” UJordan naye waluthola usizo. Umzalwane wamnika amacebiso ngokuthi angayinakekela kanjani imoto yakhe. Uthi: “Kumnandi ukwazi ukuthi abafowethu nodadewethu bayangikhathalela futhi bafuna ngiphephe lapho ngishayela.”

19. Yiziphi ezinye izindlela abadala abangasiza ngazo odadewethu?

19 Abadala nabo bayazinakekela izidingo zodadewethu. Bayazi ukuthi uJehova ufuna baphathwe kahle. (Jak. 1:27) Ngakho bayacabangela njengoJesu, ababeki imithetho lapho kufanele babonise khona umusa nokuqonda. (Math. 15:22-28) Abadala abahamba phambili ekunikezeni usizo benza odadewethu bezwe ukuthi bayasekelwa. Lapho umbonisi weqembu likaKia ezwa ukuthi useyohlala kwenye indawo, ngokushesha wahlela ukuba athole usizo. UKia uthi: “Kwangethula umthwalo omkhulu. Ngenxa yokuthi bangikhuthaza futhi banginika usizo engangiludinga, abadala bangibonisa ngokucacile ukuthi ngibalulekile ebandleni futhi angingedwa lapho ngibhekene nesimo esinzima.”

BONKE ODADEWETHU ABANGAMAKRISTU BADINGA SIBASEKELE

20-21. Singabonisa kanjani ukuthi siyabathanda bonke odadewethu abangamaKristu?

20 Lapho sibheka emabandleni esikuwo namuhla, sibona odadewethu abangamaKristu abaningi abasebenza kanzima abadinga sibasekele. Njengoba sifundile esibonelweni sikaJesu, singabasiza ngokuchitha nabo isikhathi nangokubazi kangcono. Singabonisa ukuthi siyabonga ngalokho abakwenzayo enkonzweni kaNkulunkulu. Singabakhulumela nalapho kudingeka senze kanjalo.

21 Lapho ephetha incwadi yakhe eya kwabaseRoma, umphostoli uPawulu wagagula ngamagama abesifazane abangu-9 abangamaKristu. (Roma 16:1, 3, 6, 12, 13, 15) Akungabazeki ukuthi labo besifazane bakhuthazeka lapho bezwa umkhonzo wakhe futhi ebancoma. Nathi asibasekele bonke odadewethu abasemabandleni esikuwo. Uma senza kanjalo sibonisa ukuthi bayigugu kithi njengoba beyingxenye yomndeni wethu.

INGOMA 136 Umvuzo Ogcwele Ovela KuJehova

^ par. 5 Abesifazane abangamaKristu babhekana nezinselele eziningi. Lesi sihloko sizokhuluma ngendlela esingasekela ngayo odadewethu abangamaKristu ngokulingisa isibonelo sikaJesu. Singafunda endleleni uJesu achitha ngayo isikhathi nabesifazane, indlela ayebazisa ngayo, nendlela ayebalwela ngayo.

^ par. 5 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 6 Enye i-encyclopedia yeBhayibheli ithi: “Abafundi babehlala ezinyaweni zabafundisi babo. Abafundi abazimisele babelungela ukuba abafundisi—okuwumsebenzi okwakungavumelekile ukuba abesifazane bawenze. . . . Indlela uMariya ayehleli ngayo nayezimisele ngayo ukulalela okwakufundiswa uJesu . . . yayingawashaqisa amadoda amaningi angamaJuda.”

^ par. 9 Abadala bayaqapha lapho besiza odade. Ngokwesibonelo, kumelwe bagweme ukuhamba bodwa lapho beyovakashela odade.

^ par. 65 INCAZELO YESITHOMBE: Elingisa ukukhathalela kukaJesu abesifazane abathembekile, umzalwane usiza odadewethu ababili ukuba bashintshe isondo lemoto yabo, omunye uvakashela udadewethu ogulayo, owesithathu uhamba nomkakhe ukuze bajabulele ukukhulekela komkhaya nodade nendodakazi yakhe.