Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 43

UJehova Uqondisa Inhlangano Yakhe

UJehova Uqondisa Inhlangano Yakhe

“‘Ngeke kube ngebutho lempi, noma ngamandla, kodwa kuyoba ngomoya wami,’ kusho uJehova wamabutho.”—ZAK. 4:6.

INGOMA 40 Singabakabani?

AMAZWIBELA *

1. Yini amaKristu abhapathiziwe okumelwe aqhubeke eyenza?

UNGUMKRISTU obhapathiziwe? Uma kunjalo, ulubonise obala ukholo lwakho kuJehova nokuzimisela ukumkhonza kanye nenhlangano yakhe. * Yiqiniso ukuthi ukholo lwakho kuJehova kumelwe luqhubeke lukhula. Kudingeka uqhubeke uziqinisekisa ukuthi uJehova usebenzisa inhlangano yakhe namuhla.

2-3. UJehova uyiqondisa kanjani inhlangano yakhe namuhla? Nikeza izibonelo.

2 Namuhla, uJehova uqondisa inhlangano yakhe ngendlela eveza ubuntu bakhe, injongo yakhe nemithetho yakhe. Ake sixoxe ngezimfanelo zikaJehova ezintathu esizibona enhlanganweni yakhe.

3 Okokuqala, “uNkulunkulu akakhethi.” (IzE. 10:34) Uthando lwabangela ukuba uJehova anikele ngeNdodana yakhe ibe “yisihlengo sabo bonke.” (1 Thim. 2:6; Joh. 3:16) UJehova usebenzisa abantu bakhe ukuze bashumayele izindaba ezinhle kubo bonke abazozilalela, ngaleyo ndlela usiza abaningi ukuba bazuze esihlengweni. Okwesibili, uJehova unguNkulunkulu wokuthula nokuhleleka. (1 Kor. 14:33, 40) Ngakho, kufanele silindele ukuba abantu abamkhonzayo bamkhonze ngokuhleleka nangokuthula. Okwesithathu, uJehova ‘unguMfundisi Omkhulu.’ (Isaya 30:20, 21) Ngakho, inhlangano yakhe igxila ekufundiseni iZwi lakhe eliphefumulelwe, kokubili ebandleni nasenkonzweni. Lezo zimfanelo zikaJehova ezintathu zabonakala kanjani ebandleni lamaKristu angekhulu lokuqala? Zibonakala kanjani kubantu bakaJehova namuhla? Umoya ongcwele ungakusiza kanjani njengoba ukhonza uJehova nenhlangano yakhe namuhla?

UNKULUNKULU AKAKHETHI

4. Njengoba kuboniswe encwadini yezEnzo 1:8, yini uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bayenze, futhi yiluphi usizo ababeyoluthola?

4 Ngekhulu lokuqala. Umyalezo owawushunyayelwa uJesu wawunikeza bonke abantu ithemba. (Luka 4:43) Wayala abalandeli bakhe ukuba baqhubeke nomsebenzi ayewuqalile wokunikeza ubufakazi “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (Funda izEnzo 1:8.) Iqiniso liwukuthi babengeke bawenze ngamandla abo lowo msebenzi. Babezodinga umoya ongcwele—“umsizi” uJesu ayebathembise wona.—Joh. 14:26; Zak. 4:6.

5-6. Umoya ongcwele wabasiza ngaziphi izindlela abalandeli bakaJesu?

5 Abalandeli bakaJesu bamukela umoya ongcwele ngePhentekoste lika-33 C.E. Besizwa yilowo moya, ngokushesha baqala ukushumayela, futhi kungakabiphi izinkulungwane zabantu zazamukela izindaba ezinhle. (IzE. 2:41; 4:4) Lapho beshushiswa, abafundi abazange banqotshwe ukwesaba, kunalokho bacela usizo kuNkulunkulu. Bathandaza: ‘Nika izinceku zakho ukuba ziqhubeke zikhuluma izwi lakho ngaso sonke isibindi.’ Bagcwala umoya ongcwele, baqhubeka “bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.”—IzE. 4:18-20, 29, 31.

6 Abafundi bakaJesu babhekana nezinye izinselele. Ngokwesibonelo, ayembalwa amakhophi emiBhalo. Zazingekho izinsizakufunda ezifana nalezi esinazo namuhla. Abafundi kwakumelwe bashumayeze abantu abakhuluma izilimi ezihlukahlukene. Kodwa ngaphezu kwazo zonke lezo zinselele, labo bafundi abashisekayo benza umsebenzi omangalisayo—ngeminyaka engaba ngu-30 nje kuphela bashumayela izindaba ezinhle “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.”​—Kol. 1:6, 23.

7. Eminyakeni engaphezu kwengu-100 edlule, izinceku zikaJehova zakwazi kanjani lokho ayekufuna kuzo, futhi zasabela kanjani?

7 Esikhathini sethu. UJehova uyaqhubeka eqondisa abantu bakhe, ebanika namandla okwenza intando yakhe. Isiqondiso sakhe basithola ikakhulukazi ngeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe ngomoya. Kulo sifunda ngenkonzo kaJesu nangomyalo wakhe othi abalandeli bakhe abaqhubeke nomsebenzi awuqala. (Math. 28:19, 20) Umagazini wangoJulayi 1881, wawungathi: “Asibizelwanga noma sagcotshelwa ukuba samukele udumo nengcebo, kodwa ukuba sisebenzise konke esinakho ukuze sishumayele izindaba ezinhle.” Incwajana yesiNgisi ethi To Whom the Work Is Entrusted, eyanyatheliswa ngo-1919, yathi: “Umsebenzi ubonakala umkhulu ngendlela esabekayo, kodwa ungoweNkosi, futhi sizowenza ngamandla ayo.” NjengamaKristu angekhulu lokuqala, laba bafowethu bazinikela ngesibindi emsebenzini, beqiniseka ngokuthi umoya ongcwele wawuzobasiza bashumayeze bonke abantu. Nathi siyaqiniseka ngokuthi umoya ongcwele uzosisiza namuhla.

Inhlangano kaJehova isebenzise amathuluzi ahamba phambili ukuze isakaze izindaba ezinhle (Bheka izigaba 8-9)

8-9. Yiziphi izindlela inhlangano kaJehova ezisebenzisile ukuze iqhubekisele phambili umsebenzi wokushumayela?

8 Inhlangano kaJehova iye yasebenzisa amathuluzi ahamba phambili ukuze isakaze izindaba ezinhle. La mathuluzi ahlanganisa izincwadi ezinyathelisiwe, i-“Photo-Drama of Creation,” amagilamafoni, izimoto ezinemibhobho, izinhlelo zomsakazo, muva nje, nezinto ezitholakala kumakhompyutha naku-inthanethi. Inhlangano kaNkulunkulu ihumusha izinto ngezilimi eziningi kunani ngaphambili! Kungani? Ukuze bonke abantu bezwe izindaba ezinhle ngezilimi zabo. UJehova akakhethi; wabikezela ukuthi izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.” (IsAm. 14:6, 7) Ufuna bonke abantu bawuzwe umyalezo woMbuso.

9 Kuthiwani ngalabo okunzima ukubafinyelela, mhlawumbe labo abahlala ezindaweni okungelula ukungena kuzo ngenxa yokuthi kukhiyiwe noma kunonogada? Ukuze labo bantu bashunyayezwe, inhlangano kaJehova yaqala ukusebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokushumayela. Ngokwesibonelo, ngo-2001, iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukuba kuqalwe ukusetshenziswa kwezinqola namatafula eFrance, kamuva kwenziwa okufanayo nakwezinye izindawo. Imiphumela yaba mihle kakhulu. Le ndlela entsha yokushumayela yenziwa nase-United States ngo-2011, kwenye indawo ephithizela kakhulu eNew York City, ukuze kubonakale ukuthi iyaphumelela yini. Ngonyaka wokuqala, kwahanjiswa izincwadi ezingu-102 129 nomagazini abangu-68 911. Abantu abangu-4 701 bacela ukufundelwa iBhayibheli! Kusobala ukuthi umoya ongcwele wawuwusekela lo msebenzi. Ngakho iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukuba kusetshenziswe izinqola namatafula emhlabeni wonke.

10. Yini esingayenza ukuze sithuthuke enkonzweni yethu?

10 Ongakwenza. Kusebenzise ngokugcwele ukuqeqeshwa esikuthola kuJehova emihlanganweni yobuKristu. Shumayela neqembu lensimu okulo njalo. Ngaleyo ndlela uyokwazi ukuthola usizo oludingayo nesikhuthazo kwabanye abayizibonelo ezinhle. Qhubeka ushumayela naphezu kwezinselele. Njengoba umBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko usikhumbuza, intando kaNkulunkulu siyifeza ngomoya ongcwele, hhayi ngamandla ethu. (Zak. 4:6) Singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzosinika amandla esiwadingayo ngoba senza umsebenzi wakhe.

UJEHOVA UNGUNKULUNKULU WOKUHLELEKA NOKUTHULA

11. Indikimba ebusayo yangekhulu lokuqala yasebenza kanjani ngobunye ukuze ilondoloze ukuhleleka phakathi kwabantu bakaNkulunkulu?

11 Ngekhulu lokuqala. Indikimba ebusayo eJerusalema yasebenza ngobunye ukuze ilondoloze ukuhleleka nokuthula phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. (IzE. 2:42) Ngokwesibonelo, ngesikhathi kunokungaboni ngaso linye ngendaba yokusoka ngawo-49 C.E., indikimba ebusayo yaxoxa ngalolo daba iqondiswa umoya ongcwele. Ukube ibandla laqhubeka lihlukene phakathi ngale ndaba, umsebenzi wokushumayela wawuyophazamiseka. Nakuba babengamaJuda, abaphostoli namadoda amadala babengathonyiwe amasiko amaJuda noma yilabo ababefundisa lawo masiko. Kunalokho, bafuna isiqondiso eZwini likaNkulunkulu bacela nomoya ongcwele ukuba ubasize. (IzE. 15:1, 2, 5-20, 28) Waba yini umphumela? UJehova wasibusisa isinqumo sabo, kwaba nokuthula nobunye, nomsebenzi wokushumayela waqhubekela phambili.​—IzE. 15:30, 31; 16:4, 5.

12. Yini ebonisa ukuthi inhlangano kaJehova ihlelekile futhi inokuthula namuhla?

12 Esikhathini sethu. Inhlangano kaJehova isize abantu baKhe ukuba balondoloze ukuhleleka nokuthula. INqabayokulinda yesiNgisi yangoNovemba 15, 1895, yayinesihloko esithi “Ngokufanelekile Nangokuhleleka” esisekelwe kweyoku-1 Korinte 14:40. Leso sihloko sathi: “Abaphostoli babenokuningi ababengase bakusho eBandleni lokuqala ngokuqondene nokuhleleka . . . Kubalulekile ukuba siqhubeke sizinakisisa ‘izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina.’” (Roma 15:4) Nanamuhla inhlangano kaJehova isebenza kanzima ukuze ilondoloze ukuhleleka nobunye, njengoba kwakunjalo nangamaKristu angekhulu lokuqala. Ngokwesibonelo: Uma bekungadingeka uthamele iSifundo Se-Nqabayokulinda kwelinye ibandla—noma kwelinye izwe—ubuyokwazi ukuthi INqabayokulinda iqhutshwa kanjani nokuthi kufundwa siphi isihloko. Ungavele usheshe uzizwe usekhaya! Umoya kaNkulunkulu kuphela ongenza kube nalobo bunye obuyigugu!—Zef. 3:9.

13. Sinencwadi kaJakobe 3:17 engqondweni, yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?

13 Ongakwenza. UJehova ufuna abantu bakhe ‘bagcine ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.’ (Efe. 4:1-3) Ngakho zibuze: ‘Ingabe ngilwela ukuba kube nobunye nokuthula ebandleni? Ngiyabalalela yini abaholayo? Abanye bangathembela yini kimi, ikakhulukazi uma nginamalungelo athile ebandleni? Ngiyasigcina yini isikhathi, ngiwusizo yini kwabanye, futhi ngiyakujabulela yini ukubakhonza?’ (Funda uJakobe 3:17.) Uma ubona ukuthi kukhona la okufanele uthuthukise khona, thandazela umoya ongcwele. Uma uwuvumela ukuthi ulungise ubuntu bakho futhi uthonye nendlela owenza ngayo, abafowethu nodadewethu bayokuthanda futhi bakwazise nakakhulu.

UJEHOVA UYASIFUNDISA FUTHI ASINIKE ESIKUDINGAYO

14. Ngokwencwadi yabaseKolose 1:9, 10, uJehova wabafundisa kanjani abantu bakhe ngekhulu lokuqala?

14 Ngekhulu lokuqala. UJehova uyakujabulela ukufundisa abantu bakhe. (IHu. 32:8) Ufuna bamazi, bamthande futhi baphile phakade njengoba beyizingane zakhe azithandayo. Konke lokho bekungeke kwenzeke ukube akasifundisi. (Joh. 17:3) UJehova wasebenzisa ibandla lamaKristu angekhulu lokuqala ukuze afundise abantu bakhe. (Funda eyabaseKolose 1:9, 10.) Umoya ongcwele—“umsizi” uJesu awuthembisa—wadlala indima ebalulekile ekwenzeni lokho. (Joh. 14:16) Wasiza abafundi ukuba baliqonde kangcono iZwi likaNkulunkulu, wabakhumbuza izinto eziningi ezashiwo nezenziwa uJesu, njengoba kamuva zabhalwa emaVangelini. Lolo lwazi lwaqinisa ukholo lwamaKristu angekhulu lokuqala futhi lwawenza amthanda nakakhulu uNkulunkulu neNdodana yakhe, nawo athandana kakhulu.

15. Isithembiso sikaJehova esiku-Isaya 2:2, 3 usibone sigcwaliseka ngaziphi izindlela?

15 Esikhathini sethu. UJehova wabikezela ukuthi “engxenyeni yokugcina yezinsuku,” abantu bazo zonke izizwe babeyothutheleka entabeni yakhe engokomfanekiso ukuze bafundiswe izindlela zakhe. (Funda u-Isaya 2:2, 3.) Siyakubona ukugcwaliseka kwaleso siprofetho. Siyabona ukuthi ukukhonza uJehova ngeqiniso kungcono kakhulu kunanoma yikuphi ukukhulekela kwamanga. UJehova usifundisa izinto eziningi ngeBhayibheli! (Isaya 25:6) Esebenzisa “inceku ethembekileyo neqondayo,” akagcini nje ngokusifundisa izinto eziningi, kodwa usebenzisa nezindlela ezihlukahlukene ukuze asifundise, singabala izihloko ezifundwayo, izinkulumo, opopayi kanye namavidiyo. (Math. 24:45) Sizizwa njengo-Elihu umngane kaJobe, owasho la mazwi kufanele: “Ubani umfundisi onjengaye [uNkulunkulu]?”​—Jobe 36:22.

Gxilisa iqiniso enhliziyweni yakho, uphile ngalo (Bheka isigaba 16) *

16. Yini ongayenza ukuze uzuze ekufundisweni uJehova?

16 Ongakwenza. Umoya kaNkulunkulu uzokusiza usebenzise izinto ozifunda nozitadisha eZwini likaNkulunkulu. Thandaza njengomhubi owathi: “O Jehova, ngifundise ngendlela yakho. Ngizohamba eqinisweni lakho. Yenza inhliziyo yami ibe nobunye ukuze yesabe igama lakho.” (IHu. 86:11) Ngakho qhubeka wamukela imfundo evela kuJehova ayinikeza ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe. Umgomo wakho awukona ukumane uthole ulwazi. Ufuna ukugxilisa iqiniso enhliziyweni yakho, usebenzise nezinto ozifundayo ekuphileni kwakho. Umoya kaJehova ungakusiza wenze kanjalo. Ufuna nokukhuthaza abafowenu nodadewenu. (Heb. 10:24, 25) Kungani? Kungenxa yokuthi bawumndeni wakho okhonza nawo uJehova. Thandaza ucele umoya kaJehova ukusize uphendule ngokusuka enhliziyweni emihlanganweni yobuKristu nokuba wenze konke okusemandleni akho lapho ufeza ingxenye owabelwe yona. Uma wenza kanjalo ubonisa uJehova neNdodana yakhe ukuthi uyawathanda “amawundlu” abo ayigugu.​—Joh. 21:15-17.

17. Ungabonisa ngaziphi izindlela ukuthi uyisekela ngokwethembeka inhlangano kaJehova?

17 Maduzane, okuwukuphela kwenhlangano eyosala emhlabeni yileyo eholwa umoya kaNkulunkulu. Ngakho bambisana nenhlangano kaJehova futhi ukwenze ngentshiseko lokho. Bonisa ukuthi awukhethi njengoNkulunkulu ngokuthi umemezele izindaba ezinhle kubo bonke ohlangana nabo. Thanda ukuhleleka nokuthula njengoNkulunkulu ngokuthi ukhuthaze ubunye ebandleni. Lalela uMfundisi wakho Omkhulu ngokukusebenzisa ngokugcwele lokho akufundisa kona. Uma wenza kanjalo, ngeke wesabe lapho izwe likaSathane liphela. Kunalokho, ngesibindi uyoma nalabo abakhonza nenhlangano kaJehova ngobuqotho.

INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

^ par. 5 Uyaqiniseka yini ukuthi uJehova uqondisa inhlangano yakhe namuhla? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela uJehova aqondisa ngayo ibandla lamaKristu okuqala nangendlela aqhubeka eqondisa ngayo abantu bakhe namuhla.

^ par. 1 INCAZELO YEGAMA: Inhlangano kaJehova inengxenye esezulwini nengxenye esemhlabeni. Kulesi sihloko, igama elithi “inhlangano” libhekisela kweyasemhlabeni.

^ par. 52 INCAZELO YESITHOMBE: Ngemva kokubukela amavidiyo nokubona abanye abakhonza emazweni anesidingo sabamemezeli, udade oyiphayona ukhuthazeka ukuba alandele isibonelo sabo. Ugcina ewufezile umgomo wakhe wokukhonza lapho kunesidingo sabamemezeli khona.