Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 45

Singabasiza Kanjani Abanye Bagcine Imiyalo KaKristu?

Singabasiza Kanjani Abanye Bagcine Imiyalo KaKristu?

“Ngakho-ke hambani niyokwenza . . .  abafundi, . . .  nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” —MATH. 28:19, 20.

INGOMA 89 Lalela, Ubusiswe

AMAZWIBELA *

1. Ngokwencwadi kaMathewu 28:18-20, uJesu wabayala ukuba benzeni abafundi bakhe?

NGEMVA kokuba uJesu evusiwe, wabonakala kubafundi bakhe ababehlangene eGalile. Kunokuthile okubalulekile ayefuna ukubatshela kona. Kwakuyini lokho? Amazwi awasho atholakala kuMathewu 28:18-20.—Yifunde.

2. Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

2 Umyalo kaJesu wokwenza abafundi uyasebenza nakuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu namuhla. Ngakho, ake sixoxe ngemibuzo emithathu ehlobene nomsebenzi uJesu asinike wona. Owokuqala, ngaphandle kokufundisa abafundi abasha lokho okufunwa uNkulunkulu, yini enye okufanele siyenze? Owesibili, yini engenziwa yibo bonke abamemezeli ebandleni ukuze babe nesandla ekusizeni abafundi beBhayibheli bathuthuke? Owesithathu, singabasiza kanjani abapholile ukuba baphinde babe nengxenye emsebenzini wokwenza abafundi?

BAFUNDISE UKUGCINA IMIYALO KAKRISTU

3. Yiziphi iziqondiso ezicacile uJesu azisho ngesikhathi ekhipha umyalo wakhe?

3 Iziqondiso zikaJesu zicacile. Kumelwe sifundise abantu izinto aziyalile. Nokho, kunokuthile okubalulekile okungafanele sikukhohlwe. UJesu akashongo ukuthi: ‘Nibafundise konke enginiyale ngakho.’ Kunalokho wathi: Nibafundise “ukugcina konke enginiyale ngakho.” Ukuze silalele isiqondiso sikaJesu lapho sifunda nomuntu iBhayibheli, kumelwe singagcini nje ngokumfundisa, kodwa kumelwe simbonise nokuthi angakwenza kanjani lokho akufundayo. (IzE. 8:31) Kungani kudingeka senze kanjalo?

4. Fanekisa ukuthi kusho ukuthini ukugcina umyalo kaKristu.

4 “Ukugcina” umyalo kusho ukuwulalela. Ukuze sifanekise ukuthi singamfundisa kanjani umuntu ukugcina, noma ukulalela, izinto uJesu aziyala, cabanga ngalesi sibonelo esilandelayo. Umuntu ofundisa abanye ukushayela ubafundisa kanjani ukugcina imithetho yomgwaqo? Angase aqale ukubafundisa imithetho yomgwaqo ekilasini esebenzisa incwadi. Nokho, ukuze abafundise ukugcina leyo mithetho, kunokunye okumelwe akwenze. Kumelwe aye nabo emgwaqweni aqhubeke nokubasiza njengoba beshayela futhi bezama ukwenza lokho abakufundile. Singafundani kuleso sibonelo?

5. (a) Ngokwencwadi kaJohane 14:15 neyoku-1 Johane 2:3, kudingeka sibafundise ukuba benzeni esifunda nabo iBhayibheli? (b) Nikeza izibonelo zalokho esingakwenza ukuze sisize abafundi.

5 Lapho sifunda iBhayibheli nabanye sisuke sibafundisa lokho uNkulunkulu akufunayo kithi. Kodwa kumelwe senze okungaphezu kwalokho. Kumelwe sibafundise ukuba bakusebenzise ekuphileni kwabo kwansuku zonke lokho abakufundayo. (Funda uJohane 14:15 neyoku-1 Johane 2:3.) Ngesibonelo sethu, singababonisa ukuthi bangawasebenzisa kanjani amaqiniso abawafunda eBhayibhelini lapho besesikoleni, emsebenzini, noma lapho bekhetha izinto abazozijabulisa ngazo. Singabaxoxela ngokuthile okwenzeka kithi ukuze sibabonise indlela ukusebenzisa isiqondiso seBhayibheli okwasivikela ngayo noma okwasisiza ngayo senza isinqumo esihlakaniphile. Singathandaza kuJehova nabantu esifunda nabo, simcele abaqondise ngomoya ongcwele.—Joh. 16:13.

6. Yini enye okudingeka siyenze lapho sifundisa abanye ukugcina imiyalo kaJesu?

6 Yini enye okudingeka siyenze lapho sifundisa abanye ukugcina imiyalo kaJesu? Kudingeka sisize esifunda nabo iBhayibheli babe nesifiso esijulile sokwenza abafundi. Abanye abafundi kuyabethusa ukucabanga ngokuthi kufanele bayoshumayela. Ngakho kudingeka sibe nesineke njengoba sibasiza baqonde kangcono amaqiniso aseBhayibhelini ukuze ukholo lwabo luqine; ngaleyo ndlela izinhliziyo zabo ziyothinteka, bese befuna ukushumayela. Yini esingayenza ukuze sisize esifunda nabo iBhayibheli babe nesifiso sokushumayela izindaba ezinhle?

7. Singamsiza kanjani umfundi abe nesifiso sokushumayela izindaba ezinhle?

7 Singase sibuze umfundi imibuzo efana nale: “Ukusebenzisa lokho okufundiswa iBhayibheli kukuthuthukise kanjani ukuphila kwakho? Ucabanga ukuthi abanye bayadinga ukukuzwa lokho okufundiswa iBhayibheli? Yini ongayenza ukuze ubasize?” (IzAga 3:27; Math. 9:37, 38) Bonisa umfundi amapheshana aseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa, umcele akhethe elilodwa acabanga ukuthi lizothandwa izihlobo zakhe, abangane nasebenza nabo. Yibe usunika umfundi lawo mapheshana amaningana. Phrakthiza naye, umbonise ukuthi angalihambisa kanjani ipheshana ngobuhlakani. Kuyiqiniso ukuthi lapho umfundi esengummemezeli ongabhapathiziwe, kuyodingeka sishumayele naye ukuze simsize.—UmSh. 4:9, 10; Luka 6:40.

INDLELA IBANDLA ELISIZA NGAYO ABAFUNDI BATHUTHUKE

8. Kungani kubalulekile ukuba abafundi bamthande ngokujulile uNkulunkulu nomakhelwane? (Bheka nebhokisi elithi “ Esingakwenza Ukuze Sisize Abafundi Bamthande Ngokujulile UNkulunkulu.”)

8 Khumbula ukuthi uJesu wasiyala ukuba sifundise abanye “ukugcina konke” akuyalile. Ngokuqinisekile, lokho kuhlanganisa imiyalo emibili emikhulu—ukuthanda uNkulunkulu nomakhelwane—ehlobene kakhulu nomsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi. (Math. 22:37-39) Kuhlobene kanjani? Ngokuyinhloko, into esenza sishumayele uthando—ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane. Kuyaqondakala ukuthi abanye esifunda nabo iBhayibheli kungase kubethuse ukucabanga ngokuthi kufanele bashumayele. Kodwa singabaqinisekisa ukuthi ngosizo lukaJehova, kancane kancane bangakwazi ukunqoba ukwesaba abantu. (IHu. 18:1-3; IzAga 29:25) Ibhokisi elihambisana nalesi sihloko lichaza lokho esingakwenza ukuze sisize umfundi amthande nakakhulu uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, yini ibandla elingayenza ukuze lisize abafundi abasha babonise ukuthi uthando lwabo luyakhula?

9. Esibonelweni somuntu ofunda ukushayela, yiziphi izindlela umfundi angafunda ngazo izifundo ezibalulekile?

9 Ake uphinde ucabange ngesibonelo somuntu ofunda ukushayela. Njengoba eshayela imoto ehamba nomuntu omfundisayo, yiziphi izindlela umfundi afunda ngazo? Ufunda ngokulalela umuntu omfundisayo nangokubuka abanye abashayeli abashayela ngokucophelela. Ngokwesibonelo, umuntu ofundisayo angase akhombise umfundi umshayeli obonisa omunye umshayeli umusa ngokumngenisa ahambe phambi kwakhe. Noma angase amkhombise umshayeli odimisa amalambu akhe ukuze angaxhophi abanye abashayeli. Izibonelo ezifana nalezi zifundisa umfundi izifundo ezibalulekile angazisebenzisa lapho esenezincwadi zokushayela.

10. Yini ezosiza ofunda naye iBhayibheli athuthuke?

10 Ngendlela efanayo, ofunda naye iBhayibheli oseqale ukuhamba endleleni eya ekuphileni, akagcini ngokufunda kumfundisi wakhe, kodwa ufunda nakwezinye izinceku zikaJehova eziyizibonelo ezinhle. Ngakho, yini ezobasiza nakakhulu esifunda nabo iBhayibheli bathuthuke? Ukuya emihlanganweni yethu yobuKristu. Kungani kunjalo? Abakufunda emihlanganweni kuzobasiza bathole ulwazi olwengeziwe, kuqinise ukholo lwabo futhi kubasize bamthande nakakhulu uNkulunkulu. (IzE. 15:30-32) Ngaphezu kwalokho, emihlanganweni, umfundisi angethula umfundi kwabanye abafowethu nodadewethu abanezimo ezifana nezakhe. Yiziphi izibonelo zabafowethu nodadewethu ababonisa uthando lobuKristu umfundi angazibona ebandleni? Cabanga ngalezi zimo ezilandelayo.

11. Yiziphi izibonelo umfundi angase azibone ebandleni, futhi zingase zibe namuphi umthelela kuye?

11 Umfundi okhulisa yedwa izingane zakhe angase abone udade osesimweni esifana nesakhe. Kumthinta inhliziyo ukubona indlela lo dade azikhandla ngayo ukuze eze eHholo LoMbuso nezingane zakhe ezisencane. Umfundi onenkinga yokuyeka ukubhema ujwayelana nommemezeli owayenenkinga efana neyakhe kodwa wayinqoba. Ummemezeli utshela umfundi ukuthi ukuthanda uJehova kakhulu yikona okwamsiza walalela imiyalo yaKhe. (2 Kor. 7:1; Fil. 4:13) Ngemva kokuzwa indaba yommemezeli, umfundi uba nethemba futhi uyakhuthazeka njengoba lo mzalwane emqinisekisa ethi, “Nawe ungakwazi ukuyeka.” Owesifazane osemusha ofundelwa iBhayibheli uqaphela udade osemusha okujabulelayo ukuba uFakazi. Ukubona lo dade ejabule kangaka kwenza umfundi afune ukwazi ukuthi kungani lo dade ehlale ebukeka ejabule.

12. Kungani singathi wonke umuntu ebandleni unesandla ekusizeni abantu esifunda nabo iBhayibheli?

12 Lapho abantu esifunda nabo iBhayibheli bejwayelana nabamemezeli abahlukahlukene abathembekile, bayafunda ezibonelweni zabo ukuthi kusho ukuthini ukugcina umyalo kaKristu wokuthanda uNkulunkulu nomakhelwane. (Joh. 13:35; 1 Thim. 4:12) Ngaphezu kwalokho, njengoba kuphawuliwe ezigabeni ezidlule, umfundi angafunda kubamemezeli ababhekene nezimo ezifana nezakhe. Umfundi uyafunda ezibonelweni ezinjalo ukuthi naye angakwazi ukwenza izinguquko ezidingekayo ukuze abe umfundi kaKristu. (Dut. 30:11) Wonke umuntu ebandleni angenza okuthile ukuze asize umfundi athuthuke. (Math. 5:16) Yini wena oyenzayo ukuze ukhuthaze abantu abafundelwa iBhayibheli abafika emihlanganweni?

SIZA ABAPHOLILE BAPHINDE BASHUMAYELE

13-14. UJesu wabaphatha kanjani abaphostoli bakhe ababedikibele?

13 Sifuna ukusiza abafowethu nodadewethu abapholile ukuba baphinde balalele umyalo kaKristu wokwenza abafundi. Indlela uJesu aphatha ngayo abaphostoli bakhe ababedikibele isibonisa lokho esingakwenza nathi namuhla.

14 Ngasekupheleni kwenkonzo kaJesu ngaphambi kokuba abulawe, abaphostoli “bonke bamshiya babaleka.” (Marku 14:50; Joh. 16:32) UJesu wabaphatha kanjani abaphostoli bakhe ngesikhathi besadikibele? Ngokushesha nje ngemva kokuba evusiwe, watshela abanye abalandeli bakhe: “Ningesabi! Hambani niyobikela abafowethu [ukuthi ngivusiwe].” (Math. 28:10a) UJesu akazange abalahle abaphostoli bakhe. Nakuba bona bamshiya, waqhubeka ebabiza ngokuthi “abafowethu.” NjengoJehova, uJesu wababonisa umusa futhi wabathethelela.—2 AmaKh. 13:23.

15. Sizizwa kanjani ngalabo asebeyekile ukushumayela?

15 Ngendlela efanayo, nathi siyabakhathalela kakhulu labo asebeyekile ukushumayela. Bangabafowethu nodadewethu futhi siyabathanda! Sisayikhumbula imisebenzi yabo yokuzikhandla ababeyenza ngaphambilini—abanye cishe sekuphele iminyaka bezikhandla. (Heb. 6:10) Siyabakhumbula ngempela! (Luka 15:4-7) Singamlingisa kanjani uJesu ekuboniseni ukuthi siyabakhathalela?

16. Singabonisa kanjani ukuthi siyabakhathalela abafowethu nodadewethu abapholile?

16 Bameme emihlanganweni ngemfudumalo. Enye indlela uJesu abakhuthaza ngayo abaphostoli bakhe ababedikibele kwakuwukubamemela emhlanganweni. (Math. 28:10b; 1 Kor. 15:6) Nathi namuhla, singabakhuthaza abapholile ukuba beze emihlanganweni yebandla. Siyaqonda ukuthi kungase kudingeke sibameme izikhathi ezimbalwa ngaphambi kokuba beze. Akungabazeki ukuthi uJesu wajabula kakhulu lapho ebona ukuthi abafundi bakhe babesamukele isimemo sakhe.—Qhathanisa noMathewu 28:16 noLuka 15:6.

17. Yini okufanele siyenze lapho umuntu opholile efika emhlanganweni?

17 Bamukele ngemfudumalo. UJesu wenza abafundi bakhe bazizwa bamukelekile ngesikhathi behlangana naye, nguye owathatha isinyathelo kuqala sokuya kubo ayokhuluma nabo. (Math. 28:18) Yini esizoyenza lapho umuntu opholile efika eHholo LoMbuso? Kufanele sithathe isinyathelo kuqala simamukele ngemfudumalo. Ekuqaleni, singase sikhathazwe ukuthi azasi sizothini kuye. Kodwa ngaphandle kokumbangela amahloni, singavele simtshele ukuthi siyajabula kakhulu ukumbona.

18. Singabakhuthaza kanjani abamemezeli abapholile?

18 Bakhuthaze ngokusuka enhliziyweni. Kungenzeka abafundi bakaJesu babecabanga ukuthi ngeke bakwazi ukushumayela emhlabeni wonke. UJesu wabakhuthaza ngala mazwi abalandeli bakhe: “Nginani zonke izinsuku.” (Math. 28:20) Ingabe lokho kwabasiza? Yebo. Ngokushesha nje ngemva kwalokho, baba matasa “befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.” (IzE. 5:42) Abamemezeli abapholile nabo badinga ukukhuthazwa. Bangase besabe ukuphinde baqale ukushumayela. Singabakhuthaza ngokubatshela ukuthi akudingeki bashumayele bodwa. Lapho sebekulungele ukushumayela, singahamba nabo enkonzweni. Cishe bayokujabulela ukuthi siyabasekela njengoba bephinde beqala ukushumayela izindaba ezinhle. Lapho sibabheka futhi sibaphatha njengabafowethu nodadewethu labo abapholile, singase sibone imiphumela ejabulisayo ebandleni.

SIFUNA UKUWUQEDA UMSEBENZI ESIPHATHISWE WONA

19. Yini esiyifisa ngokusuka enhliziyweni, futhi kungani?

19 Koze kube nini senza umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi? Kuyoze kufike isiphelo sesimiso sezinto. (Math. 28:20; bheka UHlu Lwezincazelo Zamagama AseBhayibhelini, “Isiphelo sesimiso sezinto.”) Sizokwazi yini ukushumayela nokwenza abafundi kuze kube yileso sikhathi? Sizimisele ukwenza kanjalo! Siyakujabulela ukudela isikhathi sethu, amandla kanye nezinto zethu ukuze sithole ‘labo abanesimo esihle sengqondo esiyobenza bathole ukuphila okuphakade.’ (IzE. 13:48) Lapho senza kanjalo sisuke silingisa uJesu. Wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumile nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Joh. 4:34; 17:4) Yilokho nathi esikufisa ngokusuka enhliziyweni. Sifuna ukuwuqeda umsebenzi esiphathiswe wona. (Joh. 20:21) Sifuna nabanye, okuhlanganisa nabapholile, bakhuthazele kanye nathi kulo msebenzi.—Math. 24:13.

20. Ngokwencwadi yabaseFilipi 4:13, kungani singakwazi ukuwufeza umsebenzi uJesu asiyala ukuba siwenze?

20 Akulula ukwenza umsebenzi uJesu asiyala ukuba siwenze. Nokho, asiwenzi sodwa. UJesu wathembisa ukuthi wayezoba nathi. Lapho senza umsebenzi wokwenza abafundi, sisuke “siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu” futhi “sikanye noKristu.” (1 Kor. 3:9; 2 Kor. 2:17) Ngakho, singakwazi ukuwufeza. Kuyilungelo ngempela ukwenza lo msebenzi nokusiza abanye ukuba nabo bawenze!—Funda eyabaseFilipi 4:13.

INGOMA 79 Zifundiseni Ukuma Ziqine

^ par. 5 UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba benze abafundi futhi babafundise ukugcina konke abayale ngakho. Lesi sihloko sixoxa ngokuthi singayilandela kanjani imiyalo kaJesu. Okunye okuzoxoxwa ngakho kulesi sihloko kuthathwe kuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 1, 2004, kk 14-19.

^ par. 66 INCAZELO YEZITHOMBE: Udade ofunda nomfundi iBhayibheli uchaza izinto umfundi okudingeka azenze ukuze amthande nakakhulu uNkulunkulu. Kamuva, umfundi uyawasebenzisa amacebiso amathathu awathole kudade.