Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 47

Uzimisele Yini Ukuqhubeka Ulungiswa?

Uzimisele Yini Ukuqhubeka Ulungiswa?

“Okokugcina bazalwane, qhubekani nijabula, nilungiswa.” —2 KOR. 13:11.

INGOMA 54 “Nansi Indlela”

AMAZWIBELA *

1. Ngokwencwadi kaMathewu 7:13, 14, sisohambweni ngamuphi umqondo?

SONKE sisohambweni. Silibangise ezweni elisha, lapho esiyobuswa khona uJehova ngothando, yilowo umgomo wethu. Usuku ngalunye, sizama ukuhamba endleleni eya ekuphileni. Kodwa njengoba uJesu asho, leyo ndlela inyinyekile futhi ngezinye izikhathi kunzima ukuhamba kuyo. (Funda uMathewu 7:13, 14.) Ngenxa yokuthi sinesono, kulula ukuchezuka kule ndlela.—Gal. 6:1.

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko? (Bheka nebhokisi elithi “ Ukuthobeka Kusisiza Silungise Indlela Esihamba Ngayo.”)

2 Uma sifuna ukuqhubeka sihamba endleleni enyinyekile eya ekuphileni, kumelwe sizimisele ukulungisa indlela esicabanga ngayo, esibheka ngayo izinto nesenza ngayo. Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ayehlala eKorinte ukuba aqhubeke ‘elungiswa.’ (2 Kor. 13:11) Leso seluleko sisasebenza nakithi. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela iBhayibheli elingasisiza ngayo senze izinguquko ezidingekayo nendlela amaKristu ayizibonelo ezinhle angasisiza ngayo sihlale endleleni eya ekuphileni. Sizoxoxa nangokuthi kunini lapho kungase kube inselele khona ukulandela isiqondiso esisithola ngenhlangano kaJehova. Sizobona ukuthi ukuthobeka kungasisiza kanjani senze izinguquko sibe siqhubeka sijabula njengoba sikhonza uJehova.

VUMELA IZWI LIKANKULUNKULU LIKULUNGISE

3. IZwi likaNkulunkulu lingakusiza kanjani?

3 Kungase kube yinselele ukuhlola imicabango yethu nemizwa yethu. Inhliziyo yethu iyakhohlisa futhi lokho kungenza kube nzima ukwazi ukuthi izosiholelaphi. (Jer. 17:9) Kulula ukuzikhohlisa “ngokucabanga okungamanga.” (Jak. 1:22) Ngakho kumelwe sisebenzise iZwi likaNkulunkulu ukuze sizihlole. IZwi likaNkulunkulu lembula lokho esiyikho ngaphakathi, “imicabango nezinhloso” zenhliziyo yethu. (Heb. 4:12, 13) IZwi likaNkulunkulu lingafaniswa nomshini we-X-ray, osenza sikwazi ukubona lokho okungaphakathi emzimbeni. Kodwa kumelwe sithobeke ukuze sizuze eselulekweni esisithola eBhayibhelini nasezincekwini zikaNkulunkulu.

4. Yini ebonisa ukuthi iNkosi uSawule yaqhosha?

4 Isibonelo seNkosi uSawule sisibonisa lokho okungase kwenzeke uma singathobekile. USawule wayeqhosha kangangokuba wahluleka ukuvuma ukuthi kwakudingeka ashintshe indlela ayecabanga nayenza ngayo. (IHu. 36:1, 2; Hab. 2:4) Lokhu kwaba sobala ngesikhathi uJehova enikeza uSawule iziqondiso ezicacile mayelana nalokho okwakufanele akwenze ngemva kokunqoba ama-Amaleki. Kodwa uSawule akazange amlalele uJehova. Ngesikhathi umprofethi uSamuweli ekhuluma naye ngalolu daba, uSawule akazange alivume iphutha lakhe. Kunalokho, wazama ukuzithethelela ngokwenza sengathi lokhu ayekwenzile kwakungekubi kangako, wasola nabanye ngephutha lakhe. (1 Sam. 15:13-24) Ngaphambilini, uSawule wenza into ethi ayifane. (1 Sam. 13:10-14) Ngokudabukisayo, wavumela inhliziyo yakhe ukuba iqhoshe. Akayilungisanga indlela acabanga ngayo, ngakho uJehova wamsola futhi wamlahla.

5. Yini esingayifunda esibonelweni sikaSawule?

5 Ukuze sifunde esibonelweni sikaSawule, kudingeka sizibuze le mibuzo: ‘Lapho ngifunda iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu, ingabe ngibeka izaba zokungasisebenzisi? Ingabe ngiyabunciphisa ububi engibenzayo? Ingabe ngisola abanye ngamaphutha ami?’ Uma kukhona umbuzo esiwuphendule ngoyebo, kumelwe sishintshe indlela esicabanga ngayo nesibheka ngayo izinto. Uma singenzi kanjalo, inhliziyo yethu ingase iqhoshe bese uJehova esilahla singabe sisaba abangane bakhe.—Jak. 4:6.

6. Chaza umehluko phakathi kweNkosi uSawule neNkosi uDavide.

6 Phawula umehluko okhona phakathi kweNkosi uSawule nenkosi eyabusa emva kwakhe, iNkosi uDavide, umuntu owayethanda ‘umthetho kaJehova.’ (IHu. 1:1-3) UDavide wayazi ukuthi uJehova uyabasindisa abathobekile, kodwa umelene nabaziphakamisayo. (2 Sam. 22:28) Ngakho uDavide wavumela umthetho kaNkulunkulu ukuba ulungise indlela ayecabanga ngayo. Wabhala: “Ngizomdumisa uJehova, onginike iseluleko. Ngisho naphakathi nobusuku, imicabango yami ejulile iyangiqondisa.”—IHu. 16:7.

IZWI LIKANKULUNKULU

IZwi likaNkulunkulu liyasixwayisa lapho kwenzeka siphambuka endleleni. Uma sithobekile, sizovumela iZwi likaNkulunkulu lilungise indlela esicabanga ngayo (Bheka isigaba 7)

7. Yini esiyoyenza uma sithobekile?

7 Uma sithobekile, siyovumela iZwi likaNkulunkulu lilungise indlela engalungile esicabanga ngayo ngaphambi kokuba ize isenzise izinto ezimbi. IZwi likaNkulunkulu liyofana nezwi elithi kithi: “Nansi indlela. Hambani ngayo.” Liyosixwayisa uma siphambuka endleleni, siqala ukwenza okungafanele. (Isaya 30:21) Ukulalela uJehova kuyosizuzisa ngezindlela eziningi. (Isaya 48:17) Ngokwesibonelo, siyogwema ukuphoxeka ngenxa yokuthi othile sekufanele asilungise. Siyosondela nakakhulu kuJehova ngoba siyaqaphela ukuthi usiphatha njengezingane zakhe azithandayo.—Heb. 12:7.

8. Ngokwencwadi kaJakobe 1:22-25, iZwi likaNkulunkulu singalisebenzisa kanjani njengesibuko?

8 IZwi likaNkulunkulu lingafana nesibuko kithi. (Funda uJakobe 1:22-25.) Iningi lethu lizibuka esibukweni njalo ekuseni ngaphambi kokuthi lihambe. Ngaleyo ndlela, siyakwazi ukubona uma kukhona okudingeka sikulungise ngaphambi kokuthi size sibonwe abanye abantu. Ngendlela efanayo, lapho sifunda iBhayibheli nsuku zonke, sizobona izindlela esingalungisa ngazo indlela esicabanga ngayo nesibheka ngayo izinto. Abaningi bakuthola kuwusizo ukufunda umbhalo wosuku njalo ekuseni ngaphambi kokuba bahambe. Bavumela abakufundayo kuthonye abakucabangayo. Phakathi nalo lonke usuku, bacinga izindlela abangasebenzisa ngazo iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, kumelwe sitadishe iZwi likaNkulunkulu futhi sizindle ngalo nsuku zonke. Kungezwakala kuyinto elula ukwenza kanjalo, kodwa empeleni kungenye yezinto ezibaluleke kakhulu esingazenza ezosisiza sihlale endleleni enyinyekile eya ekuphileni.

LALELA AMAKRISTU AYIZIBONELO EZINHLE

AMAKRISTU AYIZIBONELO EZINHLE

UmKristu oyisibonelo esihle angase aseluleke ngomusa. Siyajabula yini ngokuthi uqunge isibindi wakhuluma nathi? (Bheka isigaba 9)

9. Kunini lapho omunye umKristu kungase kudingeke akulungise khona?

9 Wake wayenza yini into eyayikuqhelisa kuJehova? (IHu. 73:2, 3) Uma ekhona umKristu oyisibonelo esihle owaba nesibindi sokukulungisa, wamlalela yini futhi wasisebenzisa iseluleko sakhe? Uma wenza kanjalo, wenza into enhle futhi akungabazeki ukuthi uyabonga ngokuthi lowo mKristu wakuxwayisa.—IzAga 1:5.

10. Kufanele usabele kanjani uma omunye umKristu ekulungisa?

10 IZwi likaNkulunkulu liyasikhumbuza: “Amanxeba abangelwa umngane athembekile.” (IzAga 27:6) La mazwi ayiqiniso ngayiphi indlela? Cabanga ngalesi sibonelo: Ake uzicabange usemgwaqweni ophithizelayo ulinde ukweqa umgwaqo, bese uphazanyiswa umakhalekhukhwini wakho. Ungena emgwaqweni ungasaqalazanga. Kuthi kusenjalo, umngane wakho akubambe ngengalo akudonsele eceleni komgwaqo. Ngenxa yokuthi ukubambe wakuqinisa, ingalo yakho iba buhlungu, kodwa ukukudonsa kwakhe ngokushesha kukusindisa ekushayisweni yimoto. Ngisho noma kungathiwa ingalo yakho iba buhlungu izinsuku ezithile, ubungaphatheka kabi yini ngokuthi ukubambe wakuqinisa? Lutho neze! Ubuyojabula ngokuthi ukusizile. Ngokufanayo, uma umKristu othile ekuxwayisa ngokuthi izinto ozikhulumayo nozenzayo azihambisani nemithetho kaNkulunkulu elungile, ungase uphatheke kabi ekuqaleni. Kodwa ungasithukutheleli iseluleko sakhe noma ucasuke. Kungaba ubuphukuphuku ukwenza kanjalo. (UmSh. 7:9) Kunalokho, bonga ngokuthi lowo muntu ube nesibindi sokukhuluma nawe.

11. Yini engenza umuntu enqabe iseluleko esihle asinikwa omunye umKristu?

11 Yini engenza umuntu enqabe iseluleko esihle asinikwa umKristu onothando? Ukuqhosha. Abantu abaqhoshayo bayathanda ‘ukukitazwa izindlebe. Bayayeka ukulalela iqiniso.’ (2 Thim. 4:3, 4) Bacabanga ukuthi abasidingi iseluleko ngoba bazitshela ukuthi bahlakaniphile futhi bangcono kunabanye abantu. Nokho, umphostoli uPawulu wabhala: “Uma umuntu ecabanga ukuthi uwutho ebe engelutho, uyazikhohlisa.” (Gal. 6:3) INkosi uSolomoni yalichaza kahle leli phuzu. Yabhala: “Ingcono ingane eswele kodwa ehlakaniphile kunenkosi endala kodwa eyisiphukuphuku, engasahlakaniphile ngokwanele ukuba ilalele isixwayiso.”—UmSh. 4:13.

12. Sifundani esibonelweni esabekwa umphostoli uPetru esisencwadini yabaseGalathiya 2:11-14?

12 Phawula isibonelo esabekwa umphostoli uPetru ngesikhathi elungiswa umphostoli uPawulu phambi kwabantu. (Funda eyabaseGalathiya 2:11-14.) UPetru wayengase akucasukele lokho okwakushiwo uPawulu, agxile endleleni akusho ngayo nasekutheni ukusho kukhona nabanye abantu. Kodwa uPetru wayehlakaniphile. Wasamukela iseluleko, wangambambela igqubu uPawulu. Kunalokho, kamuva lapho ekhuluma ngoPawulu wathi ‘ungumfowethu othandekayo.’—2 Pet. 3:15.

13. Yiziphi izinto okumelwe sicabange ngazo lapho seluleka othile?

13 Uma kwenzeka uba nomuzwa wokuthi kudingeka weluleke omunye umKristu, yiziphi izinto okufanele ucabange ngazo? Ngaphambi kokukhuluma naye, zibuze, ‘Ingabe ngizibona ‘ngihlakaniphe ngokweqile’?’ (UmSh. 7:16) Umuntu ozibona elunge ngokweqile uyabahlulela abanye, hhayi ngokuvumelana nemithetho kaJehova, kodwa ngokuvumelana nemithetho yakhe, futhi akavamile ukuba nesihe. Uma ngemva kokuzihlola ubona ukuthi kusadingeka uyokhuluma nalowo mKristu, mtshele ngokucacile ukuthi iyini inkinga futhi usebenzise imibuzo ukuze umsize abone iphutha lakhe. Qiniseka ukuthi okushoyo kusekelwe emiBhalweni, ukhumbule ukuthi lowo muntu kumelwe alandise kuJehova, hhayi kuwe. (Roma 14:10) Ncika ekuhlakanipheni okutholakala eZwini likaNkulunkulu futhi lapho weluleka othile yiba nozwela njengoJesu. (IzAga 3:5; Math. 12:20) Kungani? Kungenxa yokuthi uJehova uyosiphatha ngendlela nathi esiphatha ngayo abanye.—Jak. 2:13.

LANDELA ISIQONDISO ESISITHOLA NGENHLANGANO KANKULUNKULU

INHLANGANO KANKULUNKULU

Inhlangano kaNkulunkulu isilungiselela izincwadi, amavidiyo nemihlangano, okusisiza sisebenzise iseluleko esisithola eZwini likaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi, iNdikimba Ebusayo yenza izinguquko endleleni umsebenzi owenziwa ngayo (Bheka isigaba 14)

14. Yiziphi izinto inhlangano kaNkulunkulu esilungiselela zona?

14 UJehova usiqondisa endleleni eya ekuphileni esebenzisa inhlangano yakhe esemhlabeni, okuyiyo esilungiselela amavidiyo, izincwadi nemihlangano, okusisiza sonke ukuba sisebenzise iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu. Konke esilungiselela kona kusekelwe emiBhalweni. INdikimba Ebusayo incika emoyeni ongcwele lapho inquma ukuthi umsebenzi wokushumayela ungenziwa kanjani ngendlela engcono. Noma kunjalo, iNdikimba Ebusayo iyaqhubeka ihlola izinqumo ezenzile mayelana nendlela lo msebenzi owenziwa ngayo. Kungani? Kungenxa yokuthi “isimo saleli zwe siyashintsha,” futhi inhlangano kaNkulunkulu kumelwe ihambisane nezimo ezintsha.—1 Kor. 7:31.

15. Iyiphi inselele abanye abamemezeli abaye babhekana nayo?

15 Akungabazeki ukuthi sisilandela ngaphandle kokunqikaza isiqondiso esisekelwe eBhayibhelini mayelana nezindaba ezithinta izimfundiso zethu nendlela esiziphatha ngayo. Kodwa sisabela kanjani lapho inhlangano kaNkulunkulu yenza ushintsho oluthinta ukuphila kwethu? Ngokwesibonelo, kule minyaka yamuva zinyuke ngendlela ethusayo izindleko zokwakha nokulungisa izindawo esizisebenzisela ukukhonza uJehova. Ngakho iNdikimba Ebusayo ikhiphe isiqondiso esithi iHholo LoMbuso kufanele lisetshenziswe amabandla amaningana. Ngenxa yalolo shintsho, amabandla ahlanganisiwe, amanye amaHholo OMbuso adayiswa. Imali etholakele ngokwenza lokho isetshenziselwa ukusiza kwakhiwe amahholo ezindaweni eziwadinga kakhulu. Uma uhlala endaweni lapho amahholo edayiswa khona nalapho amabandla ehlanganiswa khona, ungase ukuthole kunzima ukuzivumelanisa nalolo shintsho. Abanye abamemezeli sekudingeka bahambe ibanga elide lapho beya emihlanganweni. Abanye ababesebenza kanzima ngesikhathi kwakhiwa noma kulungiswa iHholo LoMbuso bangase bazibuze ukuthi manje selidayiselwani ngempela ihholo. Bangase babe nomuzwa wokuthi badlala ngesikhathi sabo nangamandla abo. Naphezu kwakho konke lokho, bayalamukela leli lungiselelo elisha futhi kufanele banconywe ngokwenza kanjalo.

16. Ukusebenzisa iseluleko esisencwadini yabaseKolose 3:23, 24 kuzosisiza kanjani silondoloze injabulo yethu?

16 Sizokwazi ukulondoloza injabulo yethu uma sikhumbula ukuthi sisebenzela uJehova futhi nguye oqondisa inhlangano yakhe. (Funda eyabaseKolose 3:23, 24.) INkosi uDavide yasibekela isibonelo esihle ngesikhathi inikela ngemali yokwakha ithempeli. Yathi: “Ngingubani mina futhi bangobani abantu bami ukuba sikwazi ukwenza iminikelo yokuzithandela ngale ndlela? Ngoba konke kuvela kuwe, esikunike kona sikuthathe esandleni sakho.” (1 IziKr. 29:14) Lapho sinikela, nathi sisuke sinika uJehova lokho asiphe kona. Noma kunjalo, uJehova uyajabula ngesikhathi sethu, amandla nemali esinikela ngayo ukuze sisekele umsebenzi wakhe.—2 Kor. 9:7.

QHUBEKA UHAMBA ENDLELENI ENYINYEKILE

17. Kungani kungafanele udikibale uma kunoshintsho okudingeka ulwenze?

17 Ukuze siqhubeke sihamba endleleni enyinyekile eya ekuphileni, sonke kumelwe silandele isibonelo sikaJesu. (1 Pet. 2:21) Uma ubona ukuthi kudingeka ulungise indlela ohamba ngayo, ungapheli amandla. Empeleni lokho kungabonisa ukuthi uyafuna ukulandela isiqondiso sikaJehova. Khumbula ukuthi uJehova akalindele ukuthi—njengoba sisenesono—silingise isibonelo sikaJesu ncamashi.

18. Yini okumelwe siyenze ukuze sifinyelele umgomo wethu?

18 Kwangathi sonke singagxila esikhathini esizayo, sizimisele ukulungisa indlela esicabanga ngayo, esibheka ngayo izinto nesenza ngayo. (IzAga 4:25; Luka 9:62) Masiqhubeke sithobekile, ‘siqhubeke sijabula, silungiswa.’ (2 Kor. 13:11) Uma senza kanjalo, “uNkulunkulu wothando nokuthula uyoba [nathi].” Ngeke sigcine ngokufika ezweni elisha, kodwa siyolujabulela nohambo oluya khona.

INGOMA 34 Ukuhamba Ngobuqotho

^ par. 5 Abanye kithi bangase bakuthole kunzima ukushintsha indlela abacabanga ngayo, ababheka ngayo izinto nabenza ngayo. Lesi sihloko sizochaza ukuthi kungani sonke sidinga ukwenza izinguquko nokuthi singayilondoloza kanjani injabulo lapho sizenza.

^ par. 76 INCAZELO YESITHOMBE: Njengoba umzalwane osemusha elandisa lokho okwenzeke kuye ngemva kokwenza isinqumo esingahlakaniphile, umzalwane omdala kunaye (ongakwesokudla) umlalela ngesineke ukuze abone ukuthi kuyadingeka yini ameluleke.