Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 48

‘Bheka Phambili’ Esikhathini Esizayo

‘Bheka Phambili’ Esikhathini Esizayo

“Amehlo akho kufanele abheke phambili, amehlo akho awathi njo phambi kwakho.”—IZAGA 4:25.

INGOMA 77 Ukukhanya Ezweni Elimnyama

AMAZWIBELA *

1-2. Singasilandela kanjani iseluleko esisencwadini yezAga 4:25? Nikeza isibonelo.

CABANGA ngalezi zibonelo ezilandelayo. Udade osekhulile ucabanga ngezikhathi ezimnandi ayezijabulela ngesikhathi esemusha. Nakuba ukuphila kwakhe sekunezinselele eziningi manje, wenzela uJehova konke okusemandleni akhe. (1 Kor. 15:58) Nsuku zonke, ucabanga ngaye nabantu abathandayo sebehleli ndawonye ePharadesi. Omunye udade ukhumbula ngesikhathi omunye umKristu emzwisa ubuhlungu, kodwa ukhetha ukungalibambi igqubu. (Kol. 3:13) Omunye umzalwane uwakhumbula kahle amaphutha awenza esikhathini esidlule, kodwa ukhetha ukugxila ekwenzeni konke angakwenza ukuze athembeke kuJehova kusukela manje kuye phambili.—IHu. 51:10.

2 Yini afana ngayo la maKristu amathathu? Womathathu ayakukhumbula okwenzeka esikhathini esidlule, kodwa awalokhu ecabanga ngakho njalo. Kunalokho, “abheke phambili” esikhathini esizayo.—Funda izAga 4:25.

3. Kungani kudingeka ‘sibheke phambili’ esikhathini esizayo?

3 Kungani kubalulekile ‘ukubheka phambili’ esikhathini esizayo? Njengoba nje umuntu engeke akwazi ukuhamba aqonde uma elokhu ebheka emuva, ngeke sikwazi ukuqhubeka sikhonza uJehova uma silokhu sicabanga ngezinto ezazenzeka esikhathini esidlule.—Luka 9:62.

4. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

4 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinto ezintathu eziyisiphazamiso ezingasenza silokhu sibambelele ezintweni zakudala. * Lezo zinto: (1) isifiso sokubuyela emuva, (2) ukubamba igqubu, (3) nomuzwa wecala owedlulele. Njengoba sizobe sixoxa ngazo, sizobona ukuthi izimiso zeBhayibheli zingasisiza kanjani singagxili ‘ezintweni ezingemuva,’ kodwa sigxile “ezintweni ezingaphambili.”—Fil. 3:13.

ISIFISO SOKUBUYELA EMUVA

Yini engasiphazamisa isenze siyeke ukubheka phambili esikhathini esizayo? (Bheka izigaba 5, 9, 13) *

5. Yini engasiphazamisa esixwayiswa ngayo encwadini yomShumayeli 7:10?

5 Funda umShumayeli 7:10. Phawula ukuthi leli vesi alisho ukuthi kubi ukubuza ukuthi: “Kungani izinsuku zangaphambili zazizinhle?” Izinkumbulo ezimnandi ziyisipho esivela kuJehova. Kunalokho, leli vesi lithi: “Ungasho ukuthi, ‘Kungani izinsuku zangaphambili zazingcono kunalezi?’” Ngamanye amazwi, into engasiphazamisa ukuqhathanisa okwakwenzeka esikhathini esidlule nokwenzeka manje, bese siphetha ngokuthi konke okwenzeka manje kubi. Enye inguqulo yeBhayibheli ilibeka kanje leli vesi: “Ungalokothi uthi, ‘Kodwa kungani izinto zazingcono kangaka kudala?’ Akuhlakaniphile ukubuza lowo mbuzo.”

Yiliphi iphutha elenziwa ama-Israyeli ngemva kokuhamba eGibhithe? (Bheka isigaba 6)

6. Kungani kungahlakaniphile ukulokhu sicabanga ukuthi ukuphila kwethu kwakungcono ekuqaleni? Nikeza isibonelo.

6 Kungani kungahlakaniphile ukulokhu sicabanga ukuthi ukuphila kwethu kwakungcono ekuqaleni? Ukufisa ukubuyela emuva kungasenza sikhumbule izinto ezinhle kuphela ezintweni ezazenzeka esikhathini esidlule. Noma kungasenza sibunciphise ubunzima esasibhekana nabo. Cabanga ngesibonelo sama-Israyeli asendulo. Ngemva kokuhamba eGibhithe, asheshe akhohlwa ukuthi ayephila kanzima kanjani khona. Kunalokho, agxila ekudleni okumnandi ayekudla eGibhithe. Athi: “Yeka ukuthi sizikhumbula kanjani izinhlanzi esasizidla eGibhithe mahhala, okhukhamba, amakhabe, amalikhi, u-anyanisi nogalikhi!” (Num. 11:5) Kodwa ingabe ayekudla “mahhala” ngempela loko kudla? Cha. Ama-Israyeli akhokha kanzima; ngaleso sikhathi, ayecindezelwa ngonya, eyizigqila zaseGibhithe. (Eks. 1:13, 14; 3:6-9) Yize kunjalo, kamuva abukhohlwa ubunzima abhekana nabo, afisa ukubuyela emuva. Akhetha ukugxila “ezikhathini ezimnandi zakudala” kunokuba agxile ezintweni ezinhle uJehova ayewenzele zona. Indlela ayecabanga ngayo ayimjabulisanga uJehova.—Num. 11:10.

7. Yini eyasiza omunye udade ukuba agweme isifiso sokubuyela emuva?

7 Singasigwema kanjani isifiso sokubuyela emuva? Cabanga ngesibonelo sikadade owaqala ukukhonza eBethel yaseBrooklyn ngo-1945. Ngemva kweminyaka ethile, washada nomzalwane owayekhonza eBethel, bakhonza khona iminyaka eminingi. Nokho, ngo-1976, umyeni wakhe wagula. Lo dade wathi lapho umyeni wakhe ebona ukuthi usezoshona, wamnika iseluleko esihle esasizomsiza abhekane nokushonelwa. Umyeni wakhe wathi kuye: “Besihleli ngokujabula emshadweni wethu. Abantu abaningi abayitholi neze le njabulo.” Kodwa wabe esemnxusa: “Ungahlali ucabangana nezinto esezadlula—nakuba zona izinkumbulo ziyohlala zikhona. Ngokuhamba kwesikhathi uzolulama. Ungathukutheli uzidabukele. Jabula ngokuthi uzijabulele lezi zibusiso. . . . Inkumbulo iyisipho esivela kuNkulunkulu.” Awuvumi yini ukuthi lesi kwakuyiseluleko esihle ngempela?

8. Udadewethu wazuza kanjani eselulekweni somyeni wakhe sokungabambeleli ezintweni zakudala?

8 Udadewethu wasisebenzisa iseluleko somyeni wakhe. Wakhonza uJehova ngokwethembeka kwaze kwaba yilapho eshona eseneminyaka engu-92. Eminyakeni embalwa ngaphambi kokuba ashone, wathi: “Uma ngicabanga ngeminyaka engu-63 ngisenkonzweni kaJehova yesikhathi esigcwele, ngingasho ngithi ukuphila kwami kuye kwaba okwanelisayo.” Kungani? Wachaza: “Okwenza ukuphila kwanelise ngempela ubuzalwane bethu obuhle nethemba lokuphila nabazalwane nodade epharadesi emhlabeni, sikhonza phakade uMdali wethu Omkhulu, ongukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova.” * Kuningi kakhulu esingakufunda kulo dadewethu owabheka phambili esikhathini esizayo!

UKUBAMBA IGQUBU

9. Njengoba kuboniswe encwadini kaLevitikusi 19:18, kunini lapho esingase sikuthole kunzima khona ukuthethelela umuntu osiphathe kabi?

9 Funda uLevitikusi 19:18. Ngokuvamile sikuthola kunzima ukuthethelela umuntu osiphathe kabi uma lowo muntu kuwumuntu esikholwa naye, umngane oseduze noma isihlobo. Ngokwesibonelo, udade wasolwa omunye udade ngokuthi untshontshe imali yakhe. Kamuva lowo dade owayemsolile waxolisa, kodwa udade owayemangalelwe ngamanga wahluleka ukudlulisa okwakwenzekile. Wake wazizwa ngendlela efanayo? Ngisho noma singakaze sibhekane nesimo esifanayo, iningi lethu lake lakuthola kunzima ukuxolela othile, lazitshela ukuthi ngeke likwazi ukudlulisa okwakwenzekile.

10. Yini engasisiza siyeke ukubamba igqubu?

10 Yini engasisiza siyeke ukubamba igqubu? Kumelwe sikhumbule ukuthi uJehova ubona konke. Uyakubona konke esibhekana nakho, ngisho nalapho singaphathwa ngobulungisa. (Heb. 4:13) Uphatheka kabi lapho sizwa ubuhlungu. (Isaya 63:9) Uthembisa ukuthi ekugcineni uzobuqeda bonke ubuhlungu esibuzwe ngenxa yokungaphathwa ngobulungisa.—IsAm. 21:3, 4.

11. Kusizuzisa ngani ukungabambi igqubu?

11 Sifuna ukukhumbula ukuthi ukungabambi igqubu kuzuzisa thina. Yilokho akufunda udadewethu owamangalelwa ngamanga kwathiwa untshontshe imali. Ngokuhamba kwesikhathi wakwazi ukuthethelela. Waqaphela ukuthi lapho sithethelela abanye noJehova uyasithethelela. (Math. 6:14) Wayazi ukuthi lokhu okwakwenziwe omunye udade kwakukubi, kodwa wakhetha ukukudlulisa. Ngenxa yalokho, udadewethu wajabula nakakhulu futhi wakwazi ukugxila ekukhonzeni uJehova.

UMUZWA WECALA OWEDLULELE

12. Yini esiyifundayo kweyoku-1 Johane 3:19, 20?

12 Funda eyoku-1 Johane 3:19, 20. Sonke kuyenzeka sibe nomuzwa wecala ngezinye izikhathi. Ngokwesibonelo, abanye baba nomuzwa wecala lapho becabanga ngezinto ababezenza ngaphambi kokuba bafunde iqiniso. Abanye baba nomuzwa wecala ngenxa yamaphutha abawenza ngemva kokuba sebebhapathiziwe. Akuyona ngempela into engavamile ukuzizwa ngaleyo ndlela. (Roma 3:23) Kuyiqiniso ukuthi sifuna ukwenza okulungile. Kodwa, “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jak. 3:2; Roma 7:21-23) Nakuba singakujabuleli ukuzizwa sinecala, kungaba yinto enhle. Kanjani? Ngomqondo wokuthi umuzwa wecala ungasenza silungise lapho okudingeka silungise khona futhi silwele ukungaphindi amaphutha afanayo.—Heb. 12:12, 13.

13. Kungani kudingeka sigade singabi nomuzwa wecala owedlulele?

13 Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka sibe nomuzwa wecala owedlulele—okusho ukuqhubeka sizizwa sinecala ngisho noma sesiphendukile futhi uJehova esikhombisile ukuthi usesithethelele. Lowo muzwa wecala ungaba yingozi. (IHu. 31:10; 38:3, 4) Kanjani? Cabanga ngesibonelo sidade owayehlushwa umuzwa wecala owedlulele ngenxa yezono azenza esikhathini esidlule. Wathi: “Ngazitshela ukuthi kungcono ngivele ngingazihluphi ngokwenza okuningi enkonzweni kaJehova ngoba vele ngeke ngisinde.” Iningi lethu lingase lizizwe ngaleyo ndlela. Ngakho kubalulekile ukuba sigade singabi nomuzwa wecala owedlulele. Cabanga nje ukuthi bekuyomjabulisa kanjani uSathane ukusibona siphonsa ithawula—ekubeni uJehova esasithanda!—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 2:5-7, 11.

14. Singaqiniseka kanjani ngokuthi uJehova uyafuna ukusithethelela?

14 Singase sizibuze, ‘Ngingaqiniseka kanjani ukuthi uJehova uyafuna ukungithethelela?’ Ukubuza lowo mbuzo kubonisa ukuthi uJehova angakwazi ukukuthethelela. Eminyakeni eminingi edlule, INqabayokulinda yathi: “[Singase] sizithole siphindaphinda amaphutha afanayo. Kungenzeka yingoba asikakabunqobi ubuthaka esasinabo ngaphambi kokuba sikhonze uNkulunkulu. . . . Ungapheli amandla. Ungaphethi ngokuthi wenze isono esingenakuthethelelwa. USathane ufuna ucabange kanjalo. Kona kanye ukuthi uzwa ubuhlungu futhi uphatheke kabi ngephutha olenzile kuwubufakazi bokuthi kusengalungiseka. Hlala uthobekile futhi uthandaze ngobuqotho kuJehova, umcele akuthethelele futhi akusize ube nonembenza ohlanzekile, uyeke nokwenza iphutha elifanayo. Iya kuJehova njengengane eya kuyise lapho isenkingeni, kungakhathaliseki ukuthi isiye kaningi kangakanani kuye ngenkinga efanayo, uJehova uzokusiza ngoba unomusa omkhulu.” *

15-16. Bazizwe kanjani abanye lapho bethola ukuthi uJehova usabathanda?

15 Abantu bakaJehova abaningi baye baduduzeka lapho bethola ukuthi uJehova usabathanda. Ngokwesibonelo, eminyakeni ethile edlule, omunye umzalwane wathintwa indaba yomunye udade eyayinyatheliswe ochungechungeni oluthi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila.” Kuleyo ndaba, udade wavuma ukuthi ngenxa yamaphutha awenza esikhathini esidlule kwakunzima ukukholelwa ukuthi uJehova angathanda umuntu onjengaye. Wayehlushwa yileyo mizwa ngisho nangemva kweminyaka eminingi ebhapathiziwe. Nokho, njengoba ayezindla ngesihlengo, waqala ukubona izinto ngenye indlela. *

16 Indaba yalo dade yamthinta kanjani lo mzalwane? Nakhu akusho: “Ngesikhathi ngisemusha, ngangilwa nomkhuba wokubuka izithombe namavidiyo ocansi. Muva nje, ngiphinde ngakubuka. Ngicele usizo kubadala bebandla futhi ngiyathuthuka ekunqobeni le nkinga yami. Abadala bangiqinisekisile ukuthi uJehova uyangithanda futhi uyafuna ukungisiza. Nokho, ngezinye izikhathi ngizizwa ngingeyinto yalutho, njengokungathi akunakwenzeka ukuba uJehova angithande. Ukufunda ngendaba yalo dade kungisize kakhulu. Manje sengiyabona ukuthi uma ngithi akunakwenzeka ukuba uJehova angithethelele, empeleni ngisuke ngithi umhlatshelo wendodana yakhe awanele ukuba uthethelele izono zami. Ngisike isihloko sendaba yalo dade kumagazini ukuze ngiyifunde futhi ngizindle ngayo noma nini lapho ngifikelwa imizwa yokuthi uJehova akangithandi.”

17. Umphostoli uPawulu wakugwema kanjani ukuba nomuzwa wecala owedlulele?

17 Izibonelo ezifana nalezi esesixoxe ngazo zisikhumbuza umphostoli uPawulu. Ngaphambi kokuba abe umKristu, wenza izono eziningi ezinkulu. UPawulu wayekukhumbula akwenza, kodwa akazange elokhu ecabanga ngakho. (1 Thim. 1:12-15) Wayebheka isihlengo njengesipho sakhe esivela kuNkulunkulu. (Gal. 2:20) Ngenxa yalokho, uPawulu wakugwema ukuba nomuzwa wecala owedlulele, wagxila ekunikeni uJehova okungcono kakhulu kusukela ngaleso sikhathi kuye phambili.

BHEKA PHAMBILI EZWENI ELISHA!

Masizimisele ukubheka phambili esikhathini esizayo (Bheka izigaba 18-19) *

18. Yini esiyifundile kulesi sihloko?

18 Yini esiyifundile ngokuhlola iziphazamiso ezintathu esixoxe ngazo kulesi sihloko? (1) Izinkumbulo ezimnandi ziyisibusiso esivela kuJehova; kodwa kungakhathaliseki ukuthi ukuphila kwethu kwakumnandi kanjani esikhathini esidlule, ukuphila ezweni elisha kuyoba ngcono nakakhulu. (2) Abanye bangase basiphathe kabi, kodwa lapho sikhetha ukubathethelela siyokwazi ukuqhubeka sikhonza uJehova. (3) Umuzwa wecala owedlulele ungasivimbela ukuba sikhonze uJehova ngenjabulo. Ngakho, njengoPawulu, kudingeka sikukholelwe ukuthi uJehova usesithethelele.

19. Sazi kanjani ukuthi ezweni elisha ngeke sihlushwe izinkumbulo ezibuhlungu zezinto ezenzeka esikhathini esidlule?

19 Sinethemba lokuphila phakade. Ezweni elisha likaNkulunkulu ngeke sihlushwe izinkumbulo ezibuhlungu zezinto ezenzeka esikhathini esidlule. Ngokuphathelene naleso sikhathi, iBhayibheli lithi: “Izinto zesikhathi esidlule ngeke zikhunjulwe.” (Isaya 65:17) Cabanga nje: Abanye bethu sebekhonze uJehova baze baba ogogo nomkhulu, kodwa ezweni elisha, bayophinde babe basha. (Jobe 33:25) Ngakho, masizimisele ukungalokhu sibambelele ezintweni zakudala. Kunalokho, masibheke phambili ezweni elisha, senze konke esingakwenza ukuze siphile kulo!

INGOMA 142 Ukubambelela Ngokuqinile Ethembeni Lethu

^ par. 5 Kungaba yinto enhle ukucabanga ngezinto ezazenzeka kudala. Kodwa asifuni ukugxila kakhulu kuzo size siyeke ukusebenzisa kahle isikhathi sethu njengamanje noma sikhohlwe yilokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo. Lesi sihloko sizoxoxa ngezinto ezintathu eziyisiphazamiso, ezingasenza silokhu sibambelele ezintweni zakudala. Sizoxoxa ngezimiso zeBhayibheli nangezibonelo zanamuhla zabafowethu nodadewethu ezingasisiza sigweme zonke lezo ziphazamiso.

^ par. 4 IZINCAZELO ZAMAGAMA: Kulesi sihloko, “ukubambelela ezintweni zakudala” kusho ukucabanga ngazo njalo—ukukhuluma ngazo njalo, ukungafuni ukususa ingqondo kuzo, noma ukucabanga ukuthi kwakungcono ukuphila ngaleso sikhathi.

^ par. 14 Bheka INqabayokulinda yesiNgisi kaFebhuwari 15, 1954, k. 123.

^ par. 59 INCAZELO YESITHOMBE: Isifiso sokubuyela emuva, ukubamba igqubu kanye nomuzwa wecala owedlulele kuyimithwalo esindayo esizithwesa yona esivimbela ukuba siqhubeke sihamba endleleni eya ekuphileni.

^ par. 66 INCAZELO YESITHOMBE: Lapho sesiyinqobile le mizwa egqilazayo, siyakhululeka futhi sijabule, sithole namandla. Ngaleyo ndlela siyokwazi ukuhamba sibheke phambili.