Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

“UJehova Akazange Angikhohlwe”

“UJehova Akazange Angikhohlwe”

NGIHLALA e-Orealla, indawo esemakhaya enabantu abangaba ngu-2000 abangama-Amerindian, eGuyana, eSouth America. Le ndawo icezile, ungakwazi ukufika kuyo ngebhanoyi elincane noma ngesikebhe kuphela.

Ngazalwa ngo-1983. Iminyaka yokuqala yokuphila kwami ngangiyingane nje evamile, kodwa lapho sengineminyaka eyishumi, ngaqala ukuzwa izinhlungu ezinkulu, umzimba wami wonke wawuqaqamba. Ngemva kweminyaka engaba mibili, ngavuka ngolunye usuku ekuseni ngingasakwazi ukunyakaza. Ngazama ukunyakazisa izinyawo zami kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kusukela ngalolo suku, angiphindanga ngakwazi ukuhamba. Isifo esingiphethe sibangela nokuba ngingakhuli. Namanje ngisemncane njengengane.

Ezinyangeni ezimbalwa ngemva kokuba ngiqale ukugula futhi ngingasakwazi ukuphuma endlini, kwafika oFakazi BakaJehova ababili ekhaya. Lapho kufika izivakashi ngangivame ukucasha, kodwa ngalolo suku ngabavumela ukuba bakhulume nami laba besifazane. Njengoba babengitshela ngePharadesi, ngakhumbula engake ngakuzwa ngesikhathi ngineminyaka engaba mihlanu. Ngaleso sikhathi uJethro, esinye isithunywa sevangeli esasihlala eSuriname, wayefika endaweni esasihlala kuyo kanye ngenyanga futhi wayefunda nobaba iBhayibheli. UJethro wangiphatha ngomusa. Ngangimthanda kakhulu. Umkhulu nogogo babengithatha ngihambe nabo siye emihlanganweni yoFakazi eyayiba sendaweni. Ngakho lapho uFlorence, omunye walaba besifazane ababengivakashele ngalolo suku, engibuza ukuthi ngingathanda yini ukufunda okwengeziwe, ngathi yebo.

UFlorence wabuya nomyeni wakhe, uJustus, baqala ukufunda nami iBhayibheli. Lapho bebona ukuthi ngangingakwazi ukufunda, bangisiza bangifundisa ukufunda. Ngokuhamba kwesikhathi ngase ngikwazi ukuzifundela. Ngolunye usuku, uFlorence noJustus bangitshela ukuthi babelwe ukuyoshumayela eSuriname. Ngokudabukisayo, akekho omunye umuntu e-Orealla owayengaqhubeka nokungifundela iBhayibheli. Kodwa ngokujabulisayo, uJehova akazange angikhohlwe.

Kungekudala, kwafika iphayona okuthiwa uFloyd e-Orealla, wazithela kimi ngesikhathi beshumayela umuzi nomuzi. Lapho exoxa nami ngokungifundela iBhayibheli, ngavele ngamomotheka. Wangibuza: “Kungani umomotheka?” Ngamtshela ukuthi ngase ngiyifundile incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? futhi ngase ngiqale ukufunda incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. * Ngamchazela ukuthi kungani ngayeka ukufunda. UFloyd wafunda nami ingxenye eyayisele encwadini ethi Ulwazi, kodwa naye wabelwa ukuyokhonza kwenye indawo. Ngahlala-ke futhi, kungenamuntu ongifundelayo.

Nokho, ngo-2004, kwabelwa amaphayona akhethekile amabili ukuba azokhonza e-Orealla, uGranville noJoshua. Bangithola ngesikhathi beshumayela umuzi nomuzi. Lapho bengibuza ukuthi ngingathanda yini ukufunda iBhayibheli, ngavele ngamomotheka. Ngabacela ukuba siqale phansi sifunde incwadi ethi Ulwazi. Ngangifuna ukubona ukuthi bazongifundisa izinto ezifanayo yini nalezo engangizifundiswe yilabo ababengifundela ngaphambili. UGranville wangitshela ukuthi kwakuba nemihlangano eyayiba khona endaweni. Nakuba kwase kuphele cishe iminyaka eyishumi ngingaphumi endlini, ngangifuna ukuya. Ngakho uGranville wangilanda, wangigibelisa esihlalweni sabakhubazekile, wabe esengiphusha ngaso saya eHholo LoMbuso.

Ngokuhamba kwesikhathi, uGranville wangikhuthaza ukuba ngibhalise eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Wathi: “Ukhubazekile, kodwa uyakwazi ukukhuluma. Ngelinye ilanga, uzobeka inkulumo yeningi. Kuzokwenzeka uzobona.” Amazwi akhe akhuthazayo angiqinisa.

Ngaqala ukushumayela noGranville. Kodwa imigwaqo eminingi endaweni yayimibi kakhulu, kungahambeki kahle ngesihlalo sabakhubazekile. Ngakho ngacela uGranville ukuba angifake ebhareni bese engigquba ngalo. Lokho kwasebenza kahle kakhulu. Ngo-Ephreli 2005, ngabhapathizwa. Ngokushesha ngemva kwalokho, abazalwane bangiqeqeshela ukuba ngisebenze ezincwadini nokuba ngisebenzise umshini wokudlala umculo eHholo LoMbuso.

Ngokudabukisayo, ngo-2007 ubaba washona engozini yesikebhe. Umndeni wethu wawudumele kakhulu. UGranville wathandaza nathi, wasifundela namavesi eBhayibheli aduduzayo. Ngemva kweminyaka emibili, kwagadla olunye usizi—uGranville naye washona engozini yesikebhe.

Ibandla lethu elincane nelalisosizini lase lisele nenceku ekhonzayo eyodwa, lingasenabo abadala. Ukushona kukaGranville kwangizwisa ubuhlungu obukhulu; wayengumngane wami omkhulu. Wayehlale engisiza ukuba ngisondelane noJehova, engitholela nezinto eziningi engizidingayo ekuphileni. Emhlanganweni wokuqala owaba ngemva kokushona kwakhe, ngabelwa ukufunda izigaba ze-Nqabayokulinda. Ngemva kokufunda izigaba ezimbili zokuqala ngavele ngahluleka ukuzibamba, izinyembezi zavele zazehlela ngakhala. Kwadingeka ngisuke eplatfomu.

Ngaqala ukuba ngcono lapho abazalwane abasuka kwelinye ibandla befika bezosisiza e-Orealla. Kanti nehhovisi legatsha lathumela uKojo, iphayona elikhethekile. Okwangijabulisa nakakhulu ukuthi umama nomfowethu omncane baqala ukufunda iBhayibheli futhi babhapathizwa. NgoMashi 2015, ngamiswa njengenceku ekhonzayo. Ngokuhamba kwesikhathi, ngabeka inkulumo yeningi okokuqala ngqa. Ngalolo suku, ngamomotheka futhi ngakhala izinyembezi zenjabulo lapho ngicabanga ngamazwi uGranville angitshela wona eminyakeni edlule: “Ngelinye ilanga, uzobeka inkulumo yeningi. Kuzokwenzeka uzobona.”

Ezinhlelweni ze-JW Broadcasting®, ngiye ngafunda ngabafowethu nodadewethu abasesimweni esifana nesami. Nakuba bekhubazekile, bakwazi ukufeza izinto eziningi ekuphileni futhi bajabule. Nami kuningi engisengakwenza. Ngangifuna ukunika uJehova konke okusemandleni, ngakho ngaba iphayona elivamile. NgoSepthemba 2019 kwenzeka into engangingayilindele nhlobo! Ngaleyo nyanga ngathola ukuthi ngangimiswe njengomdala ebandleni lethu elinabamemezeli abangaba ngu-40.

Ave ngibabonga abafowethu nodadewethu abangifundela iBhayibheli nabangisiza ngakwazi ukukhonza uJehova. Ngaphezu kwakho konke, ave ngimbonga uJehova ngokuthi akazange angikhohlwe.

^ par. 8 Lezi zincwadi zazinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje azisanyatheliswa.