Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

IzAga 24:16 zithi: “Olungile angawa kasikhombisa, kodwa uyophinde avuke.” Ingabe leli vesi libhekisela kumuntu owela esonweni ngokuphindaphindiwe kodwa bese uNkulunkulu emthethelela?

Eqinisweni, leli vesi alibhekiseli kulokho. Kunalokho, libhekisela kumuntu owa ngomqondo wokuthi ubhekana nezinkinga nobunzima ngokuphindaphindiwe futhi uvuka ngomqondo wokuthi uyaqhubeka ekhuthazela.

Cabanga ngamavesi angaphambi nangemva kwezAga 24:16: “Ungacuthi eduze komuzi wolungile unezisusa ezimbi; ungayicekeli phansi indawo yakhe yokuphumula. Ngoba olungile angawa kasikhombisa, kodwa uyophinde avuke, kodwa ababi bayokwehlelwa inhlekelele bawe unomphela. Lapho isitha sakho siwa ungajabuli, nalapho sikhubeka, ungayivumeli inhliziyo yakho ukuba ijabule.”—IzAga 24:15-17.

Abanye abantu bacabanga ukuthi ivesi 16 likhuluma ngomuntu owenza isono kodwa aphenduke futhi aphinde abe nobungane obuseduze noNkulunkulu. Abefundisi ababili baseBrithani babhala ukuthi “abefundisi, bakudala nabamanje, baye balichaza kaningi leli vesi” ngale ndlela. Laba befundisi banezela ukuthi umbono onjalo usho ukuthi “umuntu olungile angase awele . . . ezonweni ezinkulu, kodwa aqhubeke ethanda uNkulunkulu futhi amukeleke kuye ngenxa yokuthi uyaphenduka.” Lokho kungase kuthandeke kumuntu ongafuni ukulwa nesono. Angase acabange ukuthi ngisho noma angona kaningi kangakanani, uNkulunkulu uyohlale emthethelela.

Kodwa akukona lokho okushiwo ivesi 16.

Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ‘ukuwa’ nelithi ‘ukukhubeka’ emavesini 16 no-17 lingasetshenziswa ezimweni ezihlukahlukene. Lingasho ukuwa ngokoqobo—inkomo ewa endleleni, umuntu owa ophahleni, noma itshe eliwela phansi. (Dut. 22:4, 8; Amose 9:9) Leli gama lingaphinde lisebenze ngokomfanekiso, njengasesibonelweni esilandelayo: “UJehova uqondisa izinyathelo zomuntu, uma eyithanda indlela aphila ngayo. Nakuba engase akhubeke, ngeke awe phansi ngobuso, ngoba uJehova umbamba ngesandla amphakamise.”—IHu. 37:23, 24; IzAga 11:5; 17:20.

Nokho, phawula iphuzu elashiwo uProfesa Edward H. Plumptre: “Igama lesiHebheru elisho [‘ukuwa’] alikaze lisetshenziselwe ukuchaza ukuwela esonweni.” Ngakho esinye isazi sifingqa ivesi 16 ngale ndlela: “Akusizi ukuhlukumeza abantu bakaNkulunkulu ngoba bayohlale bephumelela, kodwa ababi ngeke baphumelele!”

Yiqiniso, kunokuba ibhekisele ‘ekuweni’ ngokokuziphatha, okuwukuwela esonweni, incwadi yezAga 24:16 ichaza ukubhekana nezinkinga nobunzima ngokuphindaphindiwe. Kuleli zwe elibi, umuntu olungile angase abhekane nezinkinga zempilo noma ezinye izinkinga. Angase ngisho ashushiswe ohulumeni. Kodwa angamethemba uNkulunkulu ukuthi uyomsekela, amsize akwazi ukukhuthazela futhi aphumelele. Zibuze, ‘Angikaze yini ngibone ukuthi izinto zizihambela kahle ekugcineni izinceku zikaNkulunkulu?’ Kungani? Yingoba siyaqiniseka ukuthi “uJehova usekela bonke abawayo [futhi] uvusa bonke abakhotheme.”—IHu. 41:1-3; 145:14-19.

“Olungile” akaduduzwa ukwazi ukuthi nabanye banezinkinga. Kodwa, ududuzwa ukwazi ukuthi “kuyobahambela kahle labo abesaba uNkulunkulu weqiniso, ngoba bayamesaba.”—UmSh. 8:11-13; Jobe 31:3-6; IHu. 27:5, 6.