Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 52

Indlela Ongalwa Ngayo Nokudangala

Indlela Ongalwa Ngayo Nokudangala

“Phonsa umthwalo wakho kuJehova, yena uyokusekela.”—IHU. 55:22.

INGOMA 33 Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova

AMAZWIBELA *

1. Yini engenzeka kithi lapho sidangele?

USUKU nosuku sibhekana nezinkinga futhi senza konke okusemandleni ukuze sibhekane nazo ngokuhlakanipha. Kodwa awuvumi yini ukuthi kunzima ukubhekana nezinkinga lapho sidangele? Ngakho ukudangala kumelwe sikubheke njengesela elizosintshontshela ukuzethemba, isibindi, nenjabulo. IzAga 24:10 nombhalo waphansi kuthi: “Uma udikibala ngezikhathi zosizi, amandla akho ayoba mancane.” Ngakho, ukudikibala kungasiqeda amandla okubhekana nezinkinga zokuphila.

2. Yini engasenza sidangale, futhi yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

2 Ziningi izinto ezingasenza sidangale—ezinye zibangelwa ubuthakathaka bethu, ezinye kuba yizinkinga esingenakuzigwema. Lokho kungahlanganisa amaphutha ethu, ukungakwazi ukwenza izinto ezithile, nokugula. Singase sidunyazwe nawukuthi asisitholanga isabelo ebesisilangazelela enkonzweni kaJehova, noma ukuthi abantu abasabeli kahle endaweni esishumayela kuyo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinye izinto esingazenza ukuze sikwazi ukubhekana nokudangala ngokuphumelelayo.

LAPHO SIKHATHAZWA AMAPHUTHA ETHU NOBUTHAKATHAKA BETHU

3. Yini engasisiza sibe nombono olinganiselayo ngamaphutha ethu?

3 Kungaba lula ngathi ukuba nombono ongafanele ngamaphutha ethu nangobuthakathaka bethu. Ngenxa yalokho, singase sikholelwe ukuthi uJehova akasoze asivumela ukuba siphile ezweni elisha ngenxa yokuthi kunamaphutha esiwenzayo. Ukucabanga kanjalo kungaba yingozi. Kufanele siwabheke kanjani amaphutha ethu? IBhayibheli lembula ukuthi bonke abantu “bonile,” ngaphandle kukaJesu Kristu. (Roma 3:23) Kodwa uMlobi weBhayibheli akahambi ecinga amaphutha futhi akalindele ukuba singawenzi amaphutha. Kunalokho, unguBaba onothando ofuna ukusisiza futhi unesineke. Uyayibona imizamo iningi lethu eliyenzayo yokulwisana nobuthakathaka bethu nokugwema ukweqisa endleleni esizibheka ngayo, futhi uhlale ekulungele ukusisiza.—Roma 7:18, 19.

UJehova uyakwazi okuhle esakwenza esikhathini esidlule, uyakwazi futhi nokuhle esikwenzayo manje (Bheka isigaba 5) *

4-5. Ngokuvumelana neyoku-1 Johane 3:19, 20, yini eyasiza odadewethu ababili ukuba balwe nemizwa yokudangala?

4 Cabanga ngesibonelo sikaDeborah noMaria. * Ngesikhathi eseyingane, uDeborah wayephathwa ngendlela eyayimenza azizwe engelutho. Kwakungavamile ukuba anconywe. Ngakho, wayezigxeka ngokweqile. Ngisho nalapho enza amaphutha amancane, wayezizwa njengesehluleki. UMaria wayenenkinga efanayo. Izihlobo zakhe zazimhlambalaza. Ngenxa yalokho, wayehlushwa imizwa yokuzizwa engelusizo lwalutho. Ngemva kokuba esebhapathiziwe, wayezizwa kungamfanele ukubizwa ngegama likaNkulunkulu!

5 Nokho, labo dadewethu ababili abazange bayeke ukukhonza uJehova. Kungani? Baphonsa umthwalo wabo kuJehova, bamtshela indlela abazizwa ngayo. (IHu. 55:22) Bagcina bekwamukele ukuthi uBaba wethu osezulwini onothando uyayazi indlela esithonywe ngayo izinto esabhekana nazo esikhathini esidlule nemicabango engakhi. Kodwa uyakubona nokuhle okusezinhliziyweni zethu—izimfanelo ezinhle esinazo okungenzeka thina asiziboni.—Funda eyoku-1 Johane 3:19, 20.

6. Yini engase yenziwe umuntu ophinda iphutha elifanayo?

6 Umuntu obeselwisane nokuyeka umkhuba othile isikhathi eside, angase adikibale lapho ephinda ebuyela kuwo futhi. Kungokwemvelo ukuphatheka kabi lapho senza isono. (2 Kor. 7:10) Nokho, akufanele seqise noma sizisole kakhulu, sithi: ‘Ngiyisehluleki. UJehova ngeke angithethelele.’ Imicabango enjalo ayilona iqiniso futhi ingasivimbela ukuba sikhonze uJehova. Khumbula lokho esikufunde emBhalweni wezAga 24:10—amandla ethu ayoba mancane lapho sidikibele. Kungcono ‘ulungise izindaba’ noJehova ngokuthi uthandaze kuye, umcele akubonise isihe. (Isaya 1:18) Lapho uJehova ebona ukuthi uphenduke ngempela, uzokuthethelela. Okunye ongakwenza ukuya kubadala. Ngesineke, bazokusiza ulungise ubuhlobo bakho noJehova.—Jak. 5:14, 15.

7. Kungani kungamelwe sidikibale uma sikuthola kunzima ukwenza okulungile?

7 Nakhu okushiwo uJean-Luc, umdala waseFrance, kulabo abahlushwa ubuthakathaka obuthile: “Emehlweni kaJehova, umuntu olungile akuyena umuntu ongalenzi iphutha, kodwa umuntu ozisolayo ngamaphutha awenzile nowenza konke okusemandleni ukuze angawaphindi.” (Roma 7:21-25) Ngakho, uma ulwisana nobuthakathaka obuthile, ungazisoli ngokweqile. Khumbula ukuthi akekho phakathi kwethu ongazishaya isifuba athi yena ulungile phambi kukaNkulunkulu. Sonke siyawudinga umusa omkhulu kaNkulunkulu esiwuthola ngesihlengo.—Efe. 1:7; 1 Joh. 4:10.

8. Lapho sizizwa sidangele, ubani esingacela kuye usizo?

8 Singaya kubafowethu nodadewethu—umndeni wethu esikhonza nawo uJehova—ukuze sithole isikhuthazo! Bangasilalela lapho sidinga ukukhuluma futhi basikhuthaze ngamazwi amnandi azosipha amandla. (IzAga 12:25; 1 Thes. 5:14) UJoy, udadewethu waseNigeria obehlushwa imizwa yokudangala uthi: “Bengingayini nje ngempela ngaphandle kwabafowethu nodadewethu? Isikhuthazo engisithole kubafowethu nodadewethu siwubufakazi bokuthi uJehova uyayiphendula imithandazo yami. Nami sebengifundisile ukuthi ngingabakhuthaza kanjani abanye abadangele.” Nokho, kudingeka sikhumbule ukuthi kungenzeka abafowethu nodadewethu bangazi ukuthi sidinga isikhuthazo. Ngakho, kungase kudingeke kube yithi esiya kumKristu ovuthiwe simchazele ukuthi sidinga usizo.

LAPHO SIGULA

9. Incwadi yeHubo 41:3 nesahluko 94:19 isikhuthaza kanjani?

9 Cela uJehova akusekele. Lapho singazizwa kahle, ikakhulukazi uma siphethwe isifo esingalapheki, kungaba nzima ukuba nemicabango eyakhayo. Nakuba uJehova engasilaphi ngokuyisimangaliso, uyasiduduza futhi angasipha amandla esiwadingayo ukuze sikhuthazelele isimo esibhekene naso. (Funda iHubo 41:3; 94:19.) Ngokwesibonelo, angabangela omunye umKristu ukuba asisize lapho sidinga ukusizwa ngemisebenzi yasendlini noma sidinga ukuthengelwa izinto ezithile. Angashukumisela abafowethu ukuba bazosithandazela. Angasikhumbuza namazwi aduduzayo aseZwini lakhe, njengethemba elimangalisayo lokuphila phakade singasaguli futhi singasabuzwa ubuhlungu ezweni elisha elizayo.—Roma 15:4.

10. Kungani u-Isang engazange ahlale edangele ngemva kokuthola ingozi?

10 U-Isang, ohlala eNigeria, waba sengozini eyamshiya ekhubazekile. UDokotela wakhe wamtshela ukuthi ngeke aphinde akwazi ukuhamba. U-Isang wathi: “Kwangiphatha kabi kakhulu lokho, umoya wami wavele wadangala.” Kodwa ingabe wahlale edangele? Cha! Yini eyamsiza? Uyasichazela: “Sinomkami, asizange siyeke ukuthandaza kuJehova nokutadisha iZwi lakhe. Sasizimisele nangokuthi simbonge ngezinto asibusisa ngazo, kuhlanganise nethemba lethu lokuphila ezweni elisha likaNkulunkulu.”

Ngisho nalabo abahlushwa impilo bangakwazi ukushumayela futhi bayijabulele inkonzo (Bheka izigaba 11-13)

11. UCindy wayithola kanjani injabulo ngesikhathi egula kakhulu?

11 UCindy, ohlala eMexico, udokotela wamtshela ukuthi unesifo esibulalayo. Wabhekana kanjani nalokho? Ngesikhathi elashwa, wazibekela umgomo wokuthi usuku nosuku wayezoshumayeza othile. Uyabhala: “Ukwenza kanjalo kwangisiza ukuba ngigxile kwabanye kunokugxila ekuhlinzweni kwami, ebuhlungwini engangibuzwa, nasendleleni engangizizwa kabi ngayo. Nakhu engangikwenza: Lapho ngixoxa nodokotela noma namanesi, ngangibabuza ngemindeni yabo. Ngangibe sengibabuza ukuthi kungani bakhetha umsebenzi onzima kangaka. Ngemva kwalokho, kwakuba lula ukubona ukuthi yiziphi izihloko abangazijabulela. Abaningana bangitshela ukuthi kwakungavamile ukuthi isiguli sibabuze ukuthi, ‘Unjani?’ Abaningi bangibonga ngokubakhathalela. Abanye baze banginika ngisho amakheli abo noma izinamba zocingo. Ngakho, phakathi nalesi sikhathi esinzima sokuphila kwami, uJehova ungenze ngajabula ngaphakathi, nokuyinto nami ebengingayilindele!”—IzAga 15:15.

12-13. Abanye abagulayo noma asebekhulile ngeminyaka yini abayenzile ukuze bashumayele, futhi kube namiphi imiphumela?

12 Abagulayo noma asebekhulile ngeminyaka bangase badikibale ngenxa yokuthi abakwazi ukushumayela ngendlela abafisa ngayo. Nakuba kunjalo, abaningi bakwazile ukuthola izindlela abangashumayela ngazo. E-United States, udadewethu uLaurel, kwakudingeka ahlale elele ngomhlane ngenxa yomshini ayefakwe kuwo owawumsiza ukuba aphefumule futhi lokho wakwenza iminyaka engu-37! Wakhuthazelela nesifo somdlavuza, ukuhlinzwa kaningi nezifo zesikhumba ezibucayi. Kodwa ngaphezu kwalezi zinselele ezinzima, akazange ayeke ukushumayela. Washumayeza amanesi nezinye izisebenzi zasesibhedlela ezaziza kwakhe. Waba yini umphumela? Wasiza okungenani abantu abangu-17 ukuba bafunde ngoJehova! *

13 URichard, umdala waseFrance, unokusikisela okuhle kulabo abavaleleke ezindlini noma emakhaya asebekhulile abagulayo. Uthi: “Ngisikisela ukuthi babeke izincwadi zethu lapho ezingabonwa khona abanye abantu. Lapho abantu bezibona, baba nemibuzo futhi lokho kungaholela ezingxoxweni. Lezo zingxoxo zingakhuthaza abafowethu nodadewethu abathandekayo abangasakwazi ukushumayela endlini ngendlu.” Labo abangasakwazi ukuphuma endlini bangashumayela ngokubhala izincwadi nangokushayela abanye ucingo.

LAPHO SINGASITHOLI ISABELO EBESISIFISA

14. INkosi uDavide yasibekela siphi isibonelo esihle?

14 Singase singakwazi ukuthola isabelo esithile noma ilungelo elithile ebandleni noma esigodini sethu ngenxa yeminyaka, impilo ebuthaka noma okunye. Uma sibhekene nesimo esinjalo, singafunda esibonelweni seNkosi uDavide. Lapho itshelwa ukuthi ayikhethwanga ukuba yakhele uNkulunkulu ithempeli—okuyinto eyayifisa ngempela ukuyenza—yamsekela ngawo wonke amandla ayo lowo uJehova ayemkhethe ukuba enze leso sabelo. UDavide waze wanikela ngegolide nangesiliva eliningi ukuze kwenziwe lowo msebenzi. UDavide uyisibonelo esihle ngempela!—2 Sam. 7:12, 13; 1 IziKr. 29:1, 3-5.

15. UHugues wakunqoba kanjani ukudangala?

15 Ngenxa yokuhlushwa impilo, uHugues umfowethu waseFrance, wayeka ukuba umdala, futhi wayengasakwazi nokwenza imisebenzi elula ekhaya lakhe. Uyabhala: “Ekuqaleni ngadangala kakhulu futhi ngazizwa ngingelusizo lwalutho. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ngakubona ukubaluleka kokwamukela ukuthi kunezinto engingeke ngisakwazi ukuzenza futhi kwangijabulisa ukukhonza uJehova ngokusemandleni ami. Ngizimisele ukungayeki. NjengoGideyoni namadoda angamakhulu amathathu—bonke ababekhathele—ngizoqhubeka ngizabalaza!”—AbaHl. 8:4.

16. Yini esingayifunda esibonelweni sezingelosi?

16 Izingelosi ezithembekile ziyisibonelo esihle. Phakathi nokubusa kweNkosi u-Ahabi, uJehova wacela izingelosi ukuthi ziveze imibono yazo ngokuthi yayingakhohliswa kanjani le nkosi embi. Izingelosi eziningana zasho ezikucabangayo. Kodwa uJehova wakhetha ingelosi eyodwa, wayitshela ukuthi eyayikushilo kwakuzophumelela. (1 AmaKh. 22:19-22) Ingabe lezi ezinye izingelosi zadangala, mhlawumbe zacabanga ukuthi, ‘Bengizihluphelani nje ngempela’? Ayikho into esenza sikholelwe ukuthi yilokho okwenzeka. Izingelosi zithobeke ngempela futhi zifuna lonke udumo luye kuJehova.—AbaHl. 13:16-18; IsAm. 19:10.

17. Yini okufanele siyenze uma sizizwa kabi ngokuthi asinawo amalungelo enkonzo athile?

17 Ungalokothi ukhohlwe ukuthi sinelungelo elikhethekile lokubizwa ngegama likaNkulunkulu nelokushumayela ngoMbuso wakhe. Izabelo esizitholayo ziyafika zidlule, kodwa akuzona ezisenza sibe yigugu kuNkulunkulu. Ukuba nesizotha nokuthobeka yikho okusenza sithandeke ngempela kuJehova nakubafowethu nodadewethu. Ngakho, ncenga uJehova ukuba akusize uhlale uthobekile futhi unesizotha. Cabanga ngezibonelo eziningi ezinhle eziseBhayibhelini zezinceku zikaJehova ezinesizotha nezithobekile. Sebenzisa wonke amathuba owatholayo ukuze ukhonze abafowenu ngenhliziyo evumayo.—IHu. 138:6; 1 Pet. 5:5.

LAPHO ABANTU OBASHUMAYEZAYO BENGASABELI KAHLE

18-19. Ungayijabulela kanjani inkonzo ngisho nalapho abantu obashumayezayo bengasabeli kahle?

18 Kwake kwenzeka yini wadangala ngenxa yokuthi endaweni enishumayela kuyo abantu abasabeli kahle noma bambalwa enibathola emakhaya? Uma sibhekene nesimo esinjalo, yini esingayenza ukuze silondoloze injabulo noma sijabule ngisho nakakhulu? Okunye okuwusizo esingakwenza kusebhokisini elithi “ Ongakwenza Ukuze Uyijabulele Nakakhulu Inkonzo.” Kubalulekile ukuba nombono omuhle ngenkonzo. Kusho ukuthini lokho?

19 Gxila ekutsheleni abantu ngegama likaNkulunkulu nangoMbuso wakhe. UJesu wakusho ngokucacile ukuthi bambalwa ababeyothola indlela eya ekuphileni. (Math. 7:13, 14) Lapho sisenkonzweni, sinelungelo lokusebenza noJehova, uJesu, nezingelosi. (Math. 28:19, 20; 1 Kor. 3:9; IsAm. 14:6, 7) UJehova udonsa abantu abafuna ukumkhonza. (Joh. 6:44) Ngakho uma umuntu engafuni ukulalela umyalezo wethu njengamanje, kungenzeka asilalele ngokuzayo.

20. Incwadi kaJeremiya 20:8, 9 ingasifundisani ngokulwa nokudangala?

20 Kuningi esingakufunda kumprofethi uJeremiya. Kwakunzima kakhulu ukushumayeza abantu ayabelwe ukuba abashumayeze. Labo bantu babemthuka futhi bemdelela “usuku lonke.” (Funda uJeremiya 20:8, 9.) Wadangala kangangokuba waze wafuna ukuyeka. Kodwa akazange ayeke. Kungani? “Izwi likaJehova” lalinjengomlilo ngaphakathi kuJeremiya futhi wahluleka ukuzibamba! Kwenzeka okufanayo kithi uma sigcwalisa ingqondo nenhliziyo yethu ngeZwi likaNkulunkulu. Leso esinye isizathu esenza kudingeke sitadishe iBhayibheli nsuku zonke futhi sizindle ngalo. Uma senza kanjalo siyoqhubeka sijabula nakakhulu, futhi baningi abantu abangase basilalele.—Jer. 15:16.

21. Singayinqoba kanjani impi yokulwisana nokudangala, kungakhathaliseki ukuthi kubangelwa yini?

21 UDeborah okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Ukudangala yisikhali esinamandla esisetshenziswa uSathane ukuze alwe nathi.” Kodwa uJehova uNkulunkulu unamandla kakhulu kunanoma yisiphi isikhali sikaSathane. Ngakho lapho kwenzeka uzizwa udangele, kungakhathaliseki ukuthi yini ekwenza udangale, ncenga uJehova ukuba akusekele. Uzokusiza ubhekane ngokuhlakanipha namaphutha akho nobuthakathaka bakho. Uzokusekela lapho ugula. Uzokusiza ube nombono ofanele ngamalungelo enkonzo. Uzokusiza nokuba ube nombono omuhle ngenkonzo. Ngaphezu kwalokho, thulula isifuba sakho kuBaba wakho osezulwini. Uma wenza zonke lezi zinto, uyokwazi ukunqoba impi yokulwisana nokudangala.

INGOMA 41 Yizwa Umkhuleko Wami

^ par. 5 Sonke siyadangala ngezikhathi ezithile. Kulesi sihloko sizoxoxa ngezinto ezingokoqobo esingazenza lapho sizizwa sidangele. Njengoba sizobona, ngosizo lukaJehova singayinqoba impi yokulwisana nokudangala.

^ par. 4 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 12 Funda ngendaba yokuphila kaLaurel Nisbet kuyi-Phaphama! kaJanuwari 22, 1993.

^ par. 69 INCAZELO YESITHOMBE: Udadewethu ubedangele isikhashana, kodwa ukhumbula inkonzo ayenza esikhathini esidlule futhi uthandaza kuJehova. Uyaqiniseka ngokuthi uJehova uyakukhumbula akwenza esikhathini esidlule nakwenzayo manje.