Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uzifunde ngokucophelela izihloko zalo nyaka ze-Nqabayokulinda? Ake sibone ukuthi ungakwazi yini ukuphendula le mibuzo elandelayo:

Kufanele siwaphathe kanjani amaKristu agcotshiwe?

Siyalwazisa ukholo lwawo; nokho, asiwanaki kuze kweqe. Siyakugwema ‘ukuwadumisa.’ (Juda 16, mbhw.) Asiwabuzi imibuzo engasidingi ngethemba analo.—w20.01, k. 29.

Yini okufanele ikuqinisekise ukuthi uJehova unendaba nawe futhi ukunakile?

IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova wakunaka ungakazalwa ngisho nokuzalwa. Uyayilalela nemithandazo yakho. Uyazazi izinto ozicabangayo nalokho okusenhliziyweni yakho, futhi okwenzayo kuyamthinta. (1 IziKr. 28:9; IzAga 27:11) Uye wakudonsela kuye.—w20.02, k. 12.

Yiziphi izibonelo ezibonisa lapho okufanele sikhulume khona nalapho okufanele sithule khona?

Siyakujabulela ukukhuluma ngoJehova. Siyakhuluma lapho sibona umuntu eyozifaka enkingeni. Abadala bayakhuluma lapho kudingeka iseluleko. Asikhulumi lapho sifuna ukuthola (noma ukukhipha) imininingwane yokuthi umsebenzi wethu wenziwa kanjani emazweni lapho uvinjelwe khona. Asizikhulumi izindaba eziyimfihlo.—w20.03, kk. 20-21.

Izinkumbi okukhulunywa ngazo kuJoweli isahluko 2 zihluke kanjani kulezo okukhulunywa ngazo encwadini yesAmbulo isahluko 9?

UJoweli 2:20-29 uthi uNkulunkulu uyazixosha izinkumbi futhi uthembisa ukwenza isinxephezelo ngenxa yomonakalo eziwenzile. Ngemva kwalokho, uNkulunkulu uthulula umoya wakhe. Konke lokhu kwagcwaliseka ngesikhathi abaseBhabhiloni behlasela u-Israyeli. IsAmbulo 9:1-11 sichaza abagcotshiwe bangosuku lwethu abafana nezinkumbi njengoba bememezela izahlulelo zikaNkulunkulu kuleli zwe elibi, ngenxa yalokho benza bonke abalisekelayo bangahlaliseki.—w20.04, kk. 3-6.

Ubani inkosi yasenyakatho namuhla?

IRussia nabayisekelayo. Bahlasela abantu bakaNkulunkulu ngokuqondile, bavala umsebenzi wokushumayela futhi babonisa ukuthi bayabazonda oFakazi. Inkosi yasenyakatho ibilokhu ilwa nenkosi yaseningizimu.—w20.05, k. 13.

Ingabe izimfanelo ezingu-9 ezibalwe kweyabaseGalathiya 5:22, 23 ziwukuphela ‘kwezithelo zomoya’?

Cha. Umoya ongcwele usisiza ukuba sibe nezinye izimfanelo ezinhle, njengokulunga. (Efe. 5:8, 9)—w20.06, k. 17.

Iyiphi ingozi engaba khona lapho uphosta izithombe zakho ezinkundleni zokuxhumana?

Lokho okuphostayo kungase kwenze abanye bacabange ukuthi awuthobekile, kunalokho uyachoma.—w20.07, kk. 6-7.

Yini abashumayeli abangamaKristu abangayifunda kubadobi abanekhono?

Basebenza ezindaweni nangezikhathi izinhlanzi ezitholakala ngazo. Baqeqeshiwe ukuze basebenzise amathuluzi afanele. Basebenza ngesibindi ngisho nalapho izimo zishintsha. Nathi singenza okufanayo enkonzweni yethu.—w20.09, k. 5.

Iziphi ezinye izindlela esingasiza ngazo abafundi bamthande ngokujulile uJehova?

Singabakhuthaza ukuba bafunde iBhayibheli nsuku zonke futhi bazindle ngalokho abakufundayo. Singabafundisa nokuthandaza.—w20.11, k. 4.

Ahlanganisa obani amazwi athi: “KuKristu bonke bayokwenziwa baphile”?—1 Kor. 15:22.

Umphostoli uPawulu wayengasho ukuthi wonke umuntu uyovuswa. Wayekhuluma ngamaKristu agcotshiwe, labo abaye ‘bangcweliswa ebunyeni noKristu Jesu.’ (1 Kor. 1:2; 15:18)—w20.12, kk. 5-6.

Bayokwenzani labo abagcotshiwe ngemva ‘kokushintshwa ngokuphazima kweso, phakathi necilongo lokugcina’?—1 Kor. 15:51-53.

Bayosebenza noKristu beluse abantu ngenduku yensimbi. (IsAm. 2:26, 27)—w20.12, kk. 12-13.