Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lokho Abantu Abakushoyo Ngokuthandaza

Lokho Abantu Abakushoyo Ngokuthandaza

“Lapho ngithandaza, ngizwa sengathi uNkulunkulu useduze kwami, ungibambe ngesandla uyangiqondisa lapho ngizizwa ngilahlekile.”—uMARÍA.

“Umkami washona ngemva kokugula iminyaka engu-13 ephethwe isifo somdlavuza. Ngiyakhumbula ngithandaza kuNkulunkulu nsuku zonke futhi ngangizwa ukuthi uyangilalela lapho ngisezinhlungwini. Ngazizwa nginokuthula.”—uRAÚL.

“Umthandazo uyisipho esihle kakhulu uNkulunkulu asinikeze abantu.”—u-ARNE.

KuMaría, uRaúl no-Arne, nakwabanye abaningi, umthandazo uyisipho esikhethekile. Banomuzwa wokuthi ngomthandazo, bangakwazi ukukhuluma noNkulunkulu, bambonge, bacele nosizo lwakhe. Bayaqiniseka ukuthi lokho okushiwo yiBhayibheli mayelana nokuthandaza kuNkulunkulu kuyiqiniso: “Yilokhu esiqiniseka ngakho ngaye, ukuthi noma yini esiyicelayo evumelana nentando yakhe, uyasizwa.”—1 Johane 5:14.

Ngakolunye uhlangothi, abantu abaningi bakuthola kunzima ukukukholelwa lokho okushiwo yiBhayibheli ngomthandazo. USteve uchaza indlela ayezizwa ngayo ngokuthandaza: “Lapho ngineminyaka engu-17, abangane bami abathathu bashona ezingozini ezahlukene oyedwa washona engozini yemonto, ababili baminza olwandle.” Wenzani uSteve? Uthi: “Ukuze ngithole ukuthi kungani lokhu kwenzeka ngathandaza kuNkulunkulu, kodwa angizange ngizithole izimpendulo. Ngazibuza ukuthi pho ngithandazelani?” Kubonakala sengathi abantu abaningi lapho imithandazo yabo ingaphendulwa, babona singekho isidingo sokuthandaza.

Kunezinye izizathu ezenza abanye babone sengathi akubasizi ukuthandaza. Abanye bathi njengoba uNkulunkulu azi zonke izinto, uyazazi kakade izidingo zethu nezinkinga zethu, ngakho asikho isidingo sokumtshela ngalezi zinto.

Abanye bakholelwa ukuthi empeleni uNkulunkulu uyenqaba ukulalela imithandazo yabo ngenxa yamaphutha abawenza esikhathini esidlule. UJenny wathi: “Inkinga yami enkulu ukuthi ngizizwa ngingelutho. Kunezinto engazenza engizisola ngazo, ngakho ngazitshela ukuthi uNkulunkulu akufanele ayilalele imithandazo yami.”

Uzizwa kanjani ngokuthandaza? Uma kuwukuthi nawe wake wazibuza ukuthi umthandazo uyasiza yini, kungakududuza ukwazi ukuthi iBhayibheli linezimpendulo ezanelisayo mayelana nomthandazo. Singakwethemba lokho iBhayibheli elishoyo mayelana nomthandazo, * lingakusiza uthole izimpendulo zale mibuzo elandelayo:

  • Ingabe uNkulunkulu uyayizwa ngempela imithandazo yethu?

  • Kungani eminye imithandazo ingaphendulwa?

  • Ungathandaza kanjani ukuze uNkulunkulu akuzwe?

  • Kungakusiza kanjani ukuthandaza?

^ par. 9 IBhayibheli linemithandazo eminingi yezinceku zikaNkulunkulu kanye nemithandazo kaJesu Kristu. ImiBhalo yesiHebheru, evame ukubizwa ngokuthi iTestamente Elidala, inemithandazo engaphezu kuka-150.