Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungakusiza Kanjani Ukuthandaza?

Kungakusiza Kanjani Ukuthandaza?

Ngesikhathi uPamela egula kakhulu, wafuna usizo lodokotela. Ngaphezu kwalokho, wathandaza kuNkulunkulu wacela amandla okubhekana nalesi simo esasinzima. Ingabe ukuthandaza kwamsiza?

UPamela wathi, “Ngesikhathi ngelashelwa umdlavuza, izikhathi eziningi ngangesaba. Kodwa lapho ngithandaza kuJehova uNkulunkulu, ngazizwa nginokuthula kwangaphakathi, ngakwazi nokucabanga kahle. Khona ngisazizwa izinhlungu, kodwa umthandazo ungisiza ngibe nombono ofanele ngezinto. Lapho abantu bengibuza ukuthi nginjani, ngivele ngithi, ‘Angizizwa kahle kodwa ngijabule!’”

Kuyiqiniso ukuthi akufanele silinde size sibhekane nobunzima ngaphambi kokuba sithandaze. Sonke sibhekana nezinselele ezincane nezinkulu, kodwa izikhathi eziningi sizizwa sidinga usizo ukuze sibhekane nazo. Ungasisiza yini umthandazo?

IBhayibheli lithi: “Phonsa umthwalo wakho kuJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungile awe.” (IHubo 55:22) Kuyaduduza ngempela lokho! Ngakho umthandazo ungakusiza kanjani? Uma uthandaza kuNkulunkulu ngendlela efanele, uyokunika lokho okudingayo ukuze ubhekane nezinselele.—Bheka ibhokisi elithi “ Lokho umthandazo ongakwezela khona.”