Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Lo Mhlaba Uzophela?

Ingabe Lo Mhlaba Uzophela?

Mhlawumbe uyazi ukuthi iBhayibheli liyakhuluma ngokuphela kwezwe. (1 Johane 2:17) Ingabe lisho ukuphela kohlanga lwesintu? Ingabe imbulunga ewumhlaba izoba indawo engahlali lutho oluphilayo noma izobhujiswa phakade?

IMPENDULO YEBHAYIBHELI YAYO YOMIBILI LE MIBUZO INGU-CHA!

Yini Engeke Iphele?

ISINTU

Okushiwo YiBhayibheli: UNkulunkulu ’akawudalelanga ize [umhlaba] kodwa wawubumba ukuze kuhlalwe kuwo.’—ISAYA 45:18.

IMBULUNGA EWUMHLABA

Okushiwo YiBhayibheli: “Isizukulwane siyadlula, kufike esinye isizukulwane, kodwa umhlaba uhlala kuze kube phakade.”—UMSHUMAYELI 1:4.

LOKHO OKUKUSHOYO: NgokweBhayibheli umhlaba awusoze wabhujiswa futhi kuyohlale kukhona okuphilayo kuwo. Pho, kukhulunywa ngani uma kukhulunywa ngokuphela komhlaba?

CABANGA NGALOKHU: IBhayibheli liqhathanisa ukuphela kwezwe okuzayo nalokho okwenzeka ngezinsuku zikaNowa. Ngaleso sikhathi, umhlaba ‘wawugcwele ubudlova.’ (Genesise 6:13) Nakuba kunjalo, uNowa wayelungile. Ngakho uNkulunkulu wamsindisa uNowa nomndeni wakhe, kodwa wabhubhisa abantu ababi ngozamcolo. Libhekisela kulokho okwenzeka ngaleso sikhathi, iBhayibheli lithi: “Izwe langaleso sikhathi labhujiswa lapho limbozwa amanzi.” (2 Petru 3:6) Lokho kwakuwukuphela kwezwe. Yini ngempela eyabhujiswa? Akubhujiswanga umhlaba, kodwa abantu ababi ababesemhlabeni. Ngakho lapho iBhayibheli likhuluma ngokuphela kwezwe alibhekiseli ekubhujisweni kwembulunga ewumhlaba. Kunalokho, libhekisela ekupheleni kwabantu ababi emhlabeni nendlela abahlele ngayo izinto.

Yini Ezophela?

IZINKINGA NOBUBI

Okushiwo YiBhayibheli: “Sekusele isikhashana nje, ababi bazobe bengasekho; uyoyibheka indawo yabo, bayobe bengekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo.”—IHUBO 37:10, 11.

LOKHO OKUKUSHOYO: UZamcolo wosuku lukaNowa awubuqedanga unomphela ububi. Ngemva kukaZamcolo, abantu ababi baphinde benza ukuphila kwaba nzima kuwo wonke umuntu. Nokho, maduze uNkulunkulu uzobuqeda ububi. Njengoba umhubi asho: “Ababi bazobe bengasekho.” UNkulunkulu uzobuqeda ububi esebenzisa uMbuso wakhe—onguhulumeni womhlaba wonke ozobusa usezulwini, ubuse umphakathi wabantu abalungile.

CABANGA NGALOKHU: Labo ababusa umhlaba bayovuma yini ukubuswa uMbuso kaNkulunkulu? IBhayibheli libonisa ukuthi ngeke bavume. Ngobuwula, bayovukela uMbuso kaNkulunkulu. (IHubo 2:2) Uyoba yini umphumela? UMbuso kaNkulunkulu uzothatha isikhundla sabo bonke ohulumeni babantu, “wona wodwa ume kuze kube phakade.” (Daniyeli 2:44) Kodwa kungani ukubusa komuntu kumelwe kuphele?

KUDINGEKAYO—Ukubusa Komuntu Kumelwe Kuphele

Okushiwo YiBhayibheli: Umuntu “akalinikiwe igunya ngisho nelokuqondisa isinyathelo sakhe.”—JEREMIYA 10:23.

LOKHO OKUKUSHOYO: Abantu babengadalelwanga ukuzibusa. Abakwazi ukubusa abantu nokuxazulula izinkinga zabo ngendlela eyanelisayo.

CABANGA NGALOKHU: I-Britannica Academic ithi ohulumeni abahlukahlukene babonakala behluleka “ukunqoba izitha zomhlaba wonke: ukuhlupheka, indlala, izifo, izinhlekelele zemvelo, izimpi noma olunye udlame.” Ibe isiqhubeka: “Abanye . . . bakholelwa ukuthi nguhulumeni ongabusa umhlaba wonke kuphela ongakwazi ukuzixazulula ngokuphelele lezi zinkinga.” Noma kunjalo, ngisho bonke ohulumeni bomhlaba bengaba nobunye, umhlaba usazolokhu ubuswa abantu abanesono abangeke bakwazi ukuxazulula izinkinga ezibalwe ngenhla. UMbuso kaNkulunkulu yiwona kuphela uhulumeni onamandla okuxazulula izinkinga zomhlaba wonke ngokuphelele.

Ngakho ngokweBhayibheli, ukuphela kwezwe—ukuphela kwalesi simiso sezinto esibi samanje—akuyona into abantu abalungile okufanele bayesabe. Esikhundleni salokho, kuyinto abangayilangazelela ngoba leli zwe elidala elonakele lizothathelwa indawo izwe elisha likaNkulunkulu elihle kakhulu!

Kuyokwenzeka nini lokhu? Isihloko esilandelayo sizonikeza impendulo yalo mbuzo ngeBhayibheli.