Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kuzofika Nini Ukuphela? Lokho Okwashiwo UJesu

Kuzofika Nini Ukuphela? Lokho Okwashiwo UJesu

Njengoba sifundile esihlokweni esandulele, lapho iBhayibheli likhuluma ngokuphela kwezwe, alisho ukuphela kwembulunga yonke noma kwabantu. Kunalokho, lisho ukuphela kwalesi simiso sezinto esonakele nabo bonke abasisekelayo. Kodwa ingabe iBhayibheli liyasho yini ukuthi sizophela nini lesi simiso sezinto esibi?

AKE UCABANGE NGALA MAVESI AMABILI UJESU AKHULUMA NGAWO MAYELANA NESIPHELO:

“Ngakho-ke, hlalani nilindile, ngoba anilwazi usuku noma ihora.”​—MATHEWU 25:13.

“Hlalani nibhekile, nihlale niphapheme, ngoba anazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe.”​—MARKU 13:33.

Ngakho akukho noyedwa emhlabeni owazi ngokuthe ngqo ukuthi lesi simiso sezinto sizophela nini. Noma kunjalo, uNkulunkulu usesibekile “isikhathi esimisiwe”—‘usuku nehora’ eliqondile—sokufika kwesiphelo. (Mathewu 24:36) Ingabe lokho kusho ukuthi ayikho nhlobo indlela yokwazi uma isiphelo sesisondele? Lutho neze. UJesu watshela abafundi bakhe ukuba babheke izenzakalo eziningana ezaziyobonisa ukuthi ukuphela sekusondele.

UPHAWU

Lezi zenzakalo zaziyoba uphawu “lwesiphelo sesimiso sezinto.” UJesu wathi: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso futhi kuyoba khona ukusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.” (Mathewu 24:3, 7) Wabuye wathi kuyoba nezifo “eziwumshayabhuqe”—ubhubhane lwezifo. (Luka 21:11) Uyazibona yini izenzakalo uJesu aprofetha ngazo?

Namuhla abantu bayahlupheka ngenxa yezimpi, indlala, ukuzamazama komhlaba kanye nezifo ezingapheli. Ngokwesibonelo, ngo-2004 ukuzamazama okukhulu komhlaba okwahlasela i-Indian Ocean kwabangela i-tsunami eyabulala abantu abangaba ngu-225 000. Eminyakeni emithathu, ubhubhane i-⁠COVID-19 lubulale abantu abangaba amamiliyoni angu-6,9 emhlabeni wonke. UJesu wathi izenzakalo ezinjengalezi zaziyobonisa ukuthi ukuphela sekusondele.

‘IZINSUKU ZOKUGCINA’

IBhayibheli libiza isikhathi esingaphambi nje kokuphela ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Petru 3:3, 4) Eyesibili kaThimothewu 3:1-5 ithi, izinsuku zokugcina zaziyobonakala ngokwanda kwabantu abangenasimilo. (Bheka ibhokisi elithi “ Ngaphambi Nje Kokuphela Kwezwe.”) Uyababona yini namuhla abantu abanobugovu, umona, ulaka nabangenalo uthando? Nalokhu kuwubufakazi bokuthi siphila eduze kakhulu nokuphela kwezwe.

Zizothatha isikhathi eside kangakanani izinsuku zokugcina? NgokweBhayibheli zizoba ‘isikhathi esifushane’ nje. Ngemva kwalokho, uNkulunkulu uzobhubhisa “labo abacekela phansi umhlaba.”​—IsAmbulo 11:15-18; 12:12.

UMHLABA OYIPHARADESI USEDUZE!

UNkulunkulu uselimisile kakade usuku nehora azoqeda ngalo lesi simiso samanje sezinto esibi. (Mathewu 24:36) Nokho, kunezinye izindaba ezinhle—uNkulunkulu “akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa.” (2 Petru 3:9) Unika abantu ithuba lokuba bafunde ngalokho akufunayo futhi bakwenze. Kungani? Kungoba ufuna sisinde ekupheleni kwaleli zwe elibi bese siphila ezweni lakhe elisha, lapho umhlaba uzobe usuyipharadesi.

UNkulunkulu wahlela ukuba abantu bafundiswe emhlabeni wonke, ukuze bazi ukuthi bangaphila kanjani ezweni elisha ngaphansi koMbuso wakhe. UJesu wathi izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zaziyoshunyayelwa “emhlabeni wonke.” (Mathewu 24:​14) Emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova basebenza izigidigidi zamahora beshumayela futhi befundisa abantu ngomyalezo weBhayibheli wethemba. UJesu wathi lo mkhankaso wokushumayela wawuyokwenziwa emhlabeni wonke ngaphambi kokuba ukuphela kufike.

Isikhathi sokubusa komuntu sesizophela. Kodwa izindaba ezinhle ziwukuthi ungasinda ekupheleni kwezwe futhi uphile emhlabeni oyiPharadesi othenjiswe uNkulunkulu. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngokuthi ungaphila kanjani kulowo mhlaba omusha.

Isiprofetho sikaJesu esimayelana ‘nezinsuku zokugcina’ sisinikeza ithemba