Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ongakwenza Ukuze Uphile Emhlabeni Omusha

Ongakwenza Ukuze Uphile Emhlabeni Omusha

Izihloko ezedlule zibonisile ukuthi maduze uNkulunkulu uzoqeda umphakathi wabantu ababi nazo zonke izinkinga zawo. Singaqiniseka ukuthi lokhu kuzokwenzeka. Kungani? Ngoba iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lithembise ukuthi:

“Izwe liyadlula.”​—1 JOHANE 2:17.

Singaqiniseka ukuthi bakhona abazosinda ngoba leli vesi leBhayibheli lithembisa nokuthi:

“Lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”

Ngakho, uma sifuna ukusinda kudingeka senze intando kaNkulunkulu. Ukuze sithole ukuthi iyini intando kaNkulunkulu, kumelwe siqale ngokumazi.

SINDA ESIPHELWENI ‘NGOKWAZI’ UNKULUNKULU

UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukuba bakwazi, wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.” (Johane 17:3) Ukuze sisinde esiphelweni futhi siphile phakade, kudingeka ‘simazi’ uNkulunkulu. Lokho kusho okungaphezu nje kokwazi ukuthi uNkulunkulu ukhona noma ukwazi okuthile ngaye. Kudingeka sibe abangane bakhe. Ukuze sibe umngane omkhulu wothile, kudingeka sibe nesikhathi esengeziwe nalowo muntu. Kungokufanayo nalapho sifuna ukuba abangane abakhulu bakaNkulunkulu. Cabanga ngala maqiniso abalulekile alandelayo esiwafunda eBhayibhelini, asisiza sibe abangane bakaNkulunkulu futhi siqhubeke siyibo.

FUNDA IZWI LIKANKULUNKULU, IBHAYIBHELI, NSUKU ZONKE

Ungasinda ekupheleni kwezwe ngokuthandaza kuNkulunkulu ucele usizo bese wenza intando yakhe

Siyadla njalo ukuze siqhubeke siphila. Kodwa uJesu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.”—Mathewu 4:4.

Namuhla, sithola amazwi kaJehova eBhayibhelini. Njengoba ufunda leyo ncwadi engcwele, uzothola amaqiniso abalulekile ngendlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo nabantu esikhathini esidlule, esamanje nangesikhathi esizayo.

THANDAZA KUNKULUNKULU UCELE USIZO

Yini ongayenza uma ufuna ukulalela uNkulunkulu kodwa kunzima ukuyeka izinto athi zimbi? Uma kunjalo, ukwazi uNkulunkulu kungakusiza kakhulu.

Cabanga ngowesifazane esizombiza ngokuthi uSakura owayeziphethe kabi. Lapho eqala ukufunda iBhayibheli, wezwa ngomyalo kaNkulunkulu othi: “Balekelani ukuziphatha kabi ngokocansi.” (1 Korinte 6:18) USakura wathandaza kuNkulunkulu wacela amandla futhi wakwazi ukuwuyeka lo mkhuba omubi. Kodwa kusamelwe alwe nezilingo. Uthi: “Uma ngifikelwa imicabango engalungile, ngikhuluma noJehova ngokusuka enhliziyweni ngomthandazo, ngoba ngiyazi ukuthi ngeke ngikwazi ukulwisana nalezi zilingo ngokwami. Amandla omthandazo aye angisondeza kakhulu kuJehova.” NjengoSakura, izigidi zabantu zifunda ngoJehova ukuze zimazi. Uzinikeza amandla eziwadingayo ukuze zishintshe ukuphila kwazo futhi ziphile ngendlela emjabulisayo.—Filipi 4:13.

Njengoba uya umazi kangcono uNkulunkulu, naye uzokwazi ukuthi ungumngane wakhe oyigugu. (Galathiya 4:9; IHubo 25:14) Ngaleyo ndlela, uzokwazi ukusindela ezweni elisha likaNkulunkulu. Kodwa lizoba njani lelo zwe elisha? Isihloko esilandelayo sizosichazela.

a UJehova yigama likaNkulunkulu elembulwe eBhayibhelini.