Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ikusasa Elilondekile​—⁠Isifiso Sawo Wonke Umuntu

Ikusasa Elilondekile​—⁠Isifiso Sawo Wonke Umuntu

Ufisa ukuba nekusasa elinjani? Njengabantu abaningi, akungabazeki ukuthi ufuna ukuba wena nomndeni wakho nibe nekusasa elilondekile​—elinenjabulo, elinempilo enhle, elinokuthula nelichumayo.

Nokho, abantu abaningi bayakungabaza ukuthi bayoke babe nalo ikusasa abalifisayo. Baye babona izenzakalo ezingalindelekile​—njengobhubhane i-COVID-19—​zihlasela umphakathi, zibangela umonakalo kwezomnotho, zisongela ngisho nempilo yabantu. Ngenxa yolokho, bazizwa sengathi ikusasa labo alilondekile neze.

Ngenxa yokungaqiniseki, abantu bafuna into engabasiza ukuze bathole ikusasa elingcono. Abanye abantu bacabanga ukuthi ukuphila kwabo kulawulwa amandla angabonakali. Abaningi balwela ukuba nemfundo nengcebo ngoba becabanga ukuthi lezi zinto ziyisiqinisekiso sokuthi bangathola izinto abazifunayo. Abanye banomuzwa wokuthi ukuba umuntu onenhliziyo enhle yikho kuphela abakudingayo ukuze baphile kamnandi.

Kukhona yini kulezo zinto okungakusiza ube nekusasa olifisayo? Ukuze uthole, kudingeka ucabangele le mibuzo elandelayo:

  • Yini ngempela enquma ikusasa lakho?

  • Imfundo nemali kungakwenza yini ube nokuphila okungcono?

  • Ukuba umuntu onenhliziyo enhle kungakwenza yini ube nekusasa elilondekile?

  • Ungasitholaphi iseluleko ongasethemba ukuze ube nekusasa elilondekile?

Le Nqabayokulinda ingakusiza uthole izimpendulo.