Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini Engakusiza Ube Nekusasa Elilondekile?

Yini Engakusiza Ube Nekusasa Elilondekile?

Njengoba kuchaziwe ezihlokweni ezidlule, abantu baye bazama ukuba nekusasa elihle ngokukholelwe enkolelweni yokudalelwa, ngokuthembela emfundweni, engcebweni nangokuba umuntu onenhliziyo enhle. Nokho ukuzama ukuthola ikusasa elihle usebenzisa ezinye zalezi ndlela, kufana nokuya endaweni ongayazi usebenzisa ibalazwe elinenkinga. Ingabe lokhu kusho ukuthi akukho okungasisiza sithole ikusasa elihle? Cha!

ISIQONDISO ESIVELA EMTHONJENI OPHAKEME

Ngokuvamile lapho senza izinqumo, siye sibuze umuntu omdala nohlakaniphile kunathi. Ngendlela efanayo, singathola isiqondiso esingasethemba mayelana nekusasa kuMuntu omdala nohlakaniphe kakhulu kunathi. Singafunda ngeseluleko saKhe emiBhalweni Engcwele eyaqala ukubhalwa eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule. Le miBhalo engcwele ibizwa ngokuthi iBhayibheli.

Kungani ungalethemba iBhayibheli? Ngenxa yokuthi uMlobi walo mdala kakhulu futhi unguMuntu ohlakaniphe kunawo wonke umuntu ezulwini nasemhlabeni. Uchazwe ngokuthi “oMdala Wezinsuku” obelokhu ekhona “kusukela phakade kuze kube phakade.” (Daniyeli 7:9; IHubo 90:2) Uyena “uMdali wamazulu, uNkulunkulu weqiniso, uMbumbi womhlaba.” (Isaya 45:18) Usitshela ukuthi igama lakhe uJehova.​—IHubo 83:18.

Ngenxa yokuthi iBhayibheli livela kuMdali wesintu, akakhethi uhlanga noma amasiko njengangcono kunamanye. Iseluleko salo asiphelelwa isikhathi futhi siye sazuzisa abantu kuwo wonke amazwe. Litholakala ngezilimi eziningi futhi liye lasakazwa ngaphezu kwanoma iyiphi enye incwadi. a Lokhu kusho ukuthi abantu abaningi bangaliqonda kalula futhi baqondiswe yilo. La maqiniso asekela lokho okushiwo yiBhayibheli:

“UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo nowenza okulungile uyamukeleka kuye.”​—IZENZO 10:34, 35.

Njengomzali onothando nosekela abantwana bakhe, uJehova uNkulunkulu unguBaba onothando. Uyasisiza esebenzisa iZwi lakhe, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16) Ungalethemba iZwi lakhe ngoba nguye owasidala futhi uyakwazi okungasenza sijabule.

Yini okudingeka uyenze ukuze uthole ikusasa elinje? Funda isihloko esilandelayo.

a Ukuze uthole ulwazi mayelana nokuhunyushwa nokusakazwa kweBhayibheli, ngena ku-www.pr418.com ngaphansi kwesihloko esithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IBHAYIBHELI NOMLANDO.

b Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isahluko 9 sencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.