Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 5

“Inhloko Yawo Wonke Amadoda UKristu”

“Inhloko Yawo Wonke Amadoda UKristu”

“Inhloko yawo wonke amadoda uKristu.”—1 KOR. 11:3.

INGOMA 12 Nkulunkulu Omkhulu, Jehova

AMAZWIBELA *

1. Yiziphi izinto okungenzeka zithonye umbono wendoda ngobunhloko?

LISHO ukuthini kuwe igama elithi “ubunhloko”? Amanye amadoda avumela isiko, isizinda noma indlela akhule ngayo ukuba kuthonye indlela aphatha ngayo omkawo nezingane zawo. Phawula okushiwo uYanita, udade ohlala eYurophu, “Endaweni engihlala kuyo, abantu bakholelwa kakhulu ekutheni amadoda angcono kunabesifazane nokuthi abesifazane kufanele babhekwe njengezisebenzi nje.” ULuke, umzalwane ohlala e-United States, uthi, “Abanye obaba bafundisa amadodana abo ukuthi abantu besifazane bangakhuluma kodwa akufanele kunakwe abakushoyo, umbono wabo awubalulekile.” Kodwa imibono enjalo ayiyona indlela uJehova afuna amadoda abusebenzise ngayo ubunhloko bawo. (Qhathanisa noMarku 7:13.) Ngakho, indoda ingenzani ukuze ibe yinhloko yomndeni eyisibonelo?

2. Yini inhloko yomndeni okumelwe iyazi, futhi kungani?

2 Ukuze ibe inhloko yomndeni eyisibonelo, indoda kumelwe iqale iqonde lokho uJehova akufuna kuyo. Kudingeka yazi nokuthi kungani uJehova amisa ilungiselelo lobunhloko, nokuthi ingasilingisa kanjani isibonelo esabekwa uJehova noJesu. Kubaluleke ngani ukuba indoda ikwazi lokhu? Kubaluleke ngoba uJehova unike izinhloko zemindeni igunya elilinganiselwe, futhi ulindele ukuba zilisebenzise kahle.—Luka 12:48b.

BUYINI UBUNHLOKO?

3. Sifundani ngobunhloko emazwini abhalwe kweyoku-1 Korinte 11:3?

3 Funda eyoku-1 Korinte 11:3. Leli vesi lichaza indlela uJehova awuhlele ngayo umndeni wakhe ezulwini nasemhlabeni. Ubunhloko buhilela izinto ezimbili eziwumgogodla—igunya nokulandisa. UJehova ‘uyinhloko,’ noma igunya elingenamkhawulo, futhi bonke abantwana bakhe, izingelosi nabantu, balandisa kuye. (Roma 14:10; Efe. 3:14, 15) UJehova wanika uJesu igunya ebandleni, ngakho uJesu ulandisa kuJehova ngendlela asiphatha ngayo. (1 Kor. 15:27) UJehova waphinde wanika indoda igunya phezu komkayo nabantwana bayo, ngakho indoda ilandisa kubo bobabili uJehova noJesu ngendlela ephatha ngayo umndeni wayo.—1 Pet. 3:7.

4. UJehova noJesu banaliphi igunya?

4 NjengeNhloko yomndeni osezulwini nasemhlabeni, uJehova unegunya lokubekela izingane zakhe imithetho, nelokuqikelela ukuthi ziyayilandela leyo mithetho. (Isaya 33:22) UJesu, njengenhloko yebandla lobuKristu, naye unelungelo lokubeka imithetho nokuqikelela ukuthi iyalandelwa.—Gal. 6:2; Kol. 1:18-20.

5. Yiliphi igunya inhloko yomndeni ongamaKristu enalo, futhi inamiphi imingcele?

5 Ilandela isibonelo esabekwa uJehova noJesu, inhloko yomndeni ongamaKristu inegunya lokwenzela umndeni wayo izinqumo. (Roma 7:2; Efe. 6:4) Nokho, igunya layo linemingcele. Ngokwesibonelo, imithetho eyibekayo kufanele isekelwe ezimisweni eziseZwini likaNkulunkulu. (IzAga 3:5, 6) Inhloko yomndeni ayinalo igunya lokubekela abantu abangewona amalungu omndeni wayo imithetho. (Roma 14:4) Nalapho amadodana namadodakazi ayo ekhula bese ehamba ekhaya layo, ayaqhubeka eyihlonipha, kodwa asuke engasekho ngaphansi kobunhloko bayo.—Math. 19:5.

KUNGANI UJEHOVA AMISA UBUNHLOKO?

6. Kungani uJehova amisa ubunhloko?

6 UJehova wenza ilungiselelo lobunhloko ngenxa yokuthi uyawuthanda umndeni wakhe. Liyisipho esivela kuye. Ubunhloko benza kube nokuthula nokuhleleka emndenini kaJehova. (1 Kor. 14:33, 40) Ukube akucaciswanga kahle ukuthi ubani inhloko, umndeni kaJehova ubuyoba yinhlakahlaka futhi ungajabuli. Ngokwesibonelo, akekho obezokwazi ukuthi ubani okufanele enze isinqumo sokugcina nokuthi ubani okufanele ahole lapho kwenziwa izinqumo.

7. Ngokweyabase-Efesu 5:25, 28, ingabe uJehova wayehlose ukuba amadoda abuse abesifazane?

7 Uma ilungiselelo likaNkulunkulu lobunhloko liyinto enhle, kungani abesifazane abaningi namuhla bezizwa becindezelwa futhi bebuswa abayeni babo? Lokhu kungenxa yokuthi amadoda amaningi ayishaya indiva imithetho uJehova ayibekele imindeni, esikhundleni salokho alandele amasiko endawo. Angase ahlukumeze omkawo ukuze anelise izifiso zawo zobugovu. Ngokwesibonelo, indoda ingase ilawule umkayo ukuze izizwe ibalulekile noma ibonise abanye ukuthi “iyindoda yamadoda.” Ingase icabange ukuthi ngeke imphoqe umkayo ukuba ayithande, kodwa ingakwazi ukumenza ayesabe. Ingase isebenzise lokho kwesaba ukuze imlawule. * Kusobala ukuthi ukucabanga nokuziphatha okunjalo kwenza abesifazane bangahlonishwa ngendlela ebafanele, futhi lokho akuhambisani nhlobo nalokho uJehova akufunayo.—Funda eyabase-Efesu 5:25, 28.

INDODA INGAFUNDA KANJANI UKUBA YINHLOKO YOMNDENI EYISIBONELO?

8. Indoda ingafunda kanjani ukuba yinhloko yomndeni eyisibonelo?

8 Indoda ingafunda ukuba yinhloko yomndeni eyisibonelo ngokulingisa indlela uJehova noJesu ababusebenzisa ngayo ubunhloko babo. Cabanga ngezimfanelo ezimbili ezaboniswa uJehova noJesu, uphawule nokuthi inhloko yomndeni ingazibonisa kanjani lezo zimfanelo lapho isebenzelana nomkayo nezingane.

9. UJehova ukubonisa kanjani ukuthobeka?

9 Ukuthobeka. UJehova uhlakaniphe kunabo bonke abantu; kodwa uyayilalela imibono yezinceku zakhe. (Gen. 18:23, 24, 32) Uye wavumela labo abangaphansi kwegunya lakhe ukuba baveze imibono yabo. (1 AmaKh. 22:19-22) UJehova akanasono, kodwa okwamanje, akalindele ukuthi senzise okwabantu abangenasono. Kunalokho, usiza abantu abanesono ukuba bamkhonze ngokuphumelelayo. (IHu. 113:6, 7) Empeleni, iBhayibheli lize lichaze uJehova ngokuthi “ungumsizi.” (IHu. 27:9; Heb. 13:6) INkosi uDavide yavuma ukuthi ukuthobeka kukaJehova kuphela okwayenza yafeza umsebenzi omkhulu eyayiwunikiwe.—2 Sam. 22:36.

10. UJesu wakubonisa kanjani ukuthobeka?

10 Cabanga ngesibonelo sikaJesu. Nakuba ayeyiNkosi yabafundi bakhe, wabageza izinyawo. Yini eyenza uJehova wagcina le ndaba eBhayibhelini? Wayefuna ukusiza wonke umuntu, okuhlanganisa nezinhloko zemindeni, ukuba babe nesibonelo abangasilandela. UJesu wathi: “Nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo.” (Joh. 13:12-17) Nakuba ayenegunya elikhulu, uJesu wayengalindele ukuba akhonzwe. Kunalokho, nguye owakhonza abanye.—Math. 20:28.

Inhloko yomndeni ingabonisa ukuthobeka nothando ngokwenza imisebenzi yasendlini nangokunakekela izidingo ezingokomoya zomndeni wayo (Bheka izigaba 11, 13)

11. Inhloko yomndeni ingafundani ngokuthobeka esibonelweni esabekwa uJehova noJesu?

11 Izifundo. Inhloko yomndeni ingabonisa ukuthobeka ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, ayilindele ukuba umkayo nezingane bangawenzi amaphutha. Iyayilalela imibono yamalungu omndeni wayo, ngisho noma engavumelani nayo. UMarley ohlala e-United States, uthi: “Mina nomyeni wami ngezinye izikhathi siba nemibono engafani. Kodwa ngiyazi ukuthi uyangazisa futhi uyangihlonipha ngoba uyawucela umbono wami bese ecabangisisa ngawo ngaphambi kokuba enze isinqumo.” Ngaphezu kwalokho, umyeni othobekile uzimisele ukwenza imisebenzi yasendlini, ngisho noma ibhekwa njengemisebenzi yabesifazane emphakathini. Lokho kungaba yinselele. Kungani? Udadewethu uRachel uthi, “Endaweni engiphuma kuyo, uma indoda isiza umkayo ngokuwasha izitsha nangokuhlanza indlu, omakhelwane nezihlobo bacabanga ukuthi ‘iyisiyoyoyo.’ Bacabanga ukuthi ihlulwa umfazi.” Uma kunjalo nangakini, khumbula ukuthi uJesu wazigeza izinyawo zabafundi bakhe, ngisho noma lokho kwakubhekwa njengomsebenzi wezigqila. Inhloko yomndeni eyisibonelo ayikhathazeki ngokuthi abantu bayibheka kanjani, kodwa ikhathazeka ngenjabulo yomkayo nezingane. Ngaphandle kokuthobeka, iyiphi enye imfanelo ebalulekile ezinhlokweni zemindeni eziyizibonelo?

12. Uthando lushukumisa uJehova noJesu ukuba benzeni?

12 Uthando. Yonke into uJehova ayenzayo isekelwe othandweni. (1 Joh. 4:7, 8) Uzinakekela ngothando izidingo zethu ezingokomoya ngeZwi lakhe elilotshiwe—iBhayibheli—nangenhlangano yakhe. Unakekela izidingo zethu ezingokomzwelo ngokusiqinisekisa ngokuthi siyathandwa. Kuthiwani ngezidingo zethu ezingokwenyama? UJehova unguNkulunkulu “osinika ngokucebile zonke izinto esizijabulelayo.” (1 Thim. 6:17) Lapho senza amaphutha, uyasilungisa, kodwa akayeki ukusithanda. Ngothando, uJehova wasilungiselela isihlengo. UJesu yena wasithanda kakhulu waze wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu. (Joh. 3:16; 15:13) Akukho okungaqeda uthando uJehova noJesu abanalo ngabantu abaqotho kubo.—Joh. 13:1; Roma 8:35, 38, 39.

13. Kungani kubalulekile ngenhloko yomndeni ukuba ibonise uthando ngomndeni wayo? (Bheka nebhokisi elithi “ Indoda Esanda Kushada Ingayisebenzela Kanjani Inhlonipho Yomkayo?”)

13 Izifundo. Yonke into eyenziwa yinhloko yomndeni kumelwe isekelwe othandweni. Kungani lokho kubalulekile? Umphostoli uJohane uyaphendula: “Ongamthandi umfowabo [noma umndeni] ambonile, akakwazi ukuthanda uNkulunkulu angambonanga.” (1 Joh. 4:11, 20) Ngokusobala, indoda ewuthandayo umndeni wayo nefuna ukulingisa uJehova noJesu, izozinakekela izidingo zawo ezingokomoya, ezingokomzwelo nezingokwenyama. (1 Thim. 5:8) Iyoqeqesha iphinde yeluleke abantwana bayo. Iyoqhubeka ifunda ukwenza izinqumo ezidumisa uJehova nezizuzisa umndeni wayo. Ake sixoxe ngephuzu ngalinye kulawa angenhla, sibone indlela inhloko yomndeni engamlingisa ngayo uJehova noJesu.

OKUFANELE KWENZIWE INHLOKO YOMNDENI

14. Inhloko yomndeni izinakekela kanjani izidingo ezingokomoya zomndeni wayo?

14 Inakekela izidingo ezingokomoya zomndeni wayo. Elingisa uBaba wakhe, uJesu wayekhathazeke ngokunakekela izidingo ezingokomoya zabalandeli bakhe. (Math. 5:3, 6; Marku 6:34) Ngokufanayo, inhloko yomndeni ikhathalela kuqala izidingo ezingokomoya zomndeni wayo. (Dut. 6:6-9) Iyaqikelela ukuthi yona nomndeni wayo bafunda futhi batadishe iZwi likaNkulunkulu, baye emihlanganweni, bashumayele izindaba ezinhle, bakhe futhi balondoloze ubungane noJehova.

15. Inhloko yomndeni ingazinakekela kanjani izidingo ezingokomzwelo zomndeni wayo?

15 Inakekela izidingo ezingokomzwelo zomndeni wayo. UJehova wayiveza obala indlela amthanda ngayo uJesu. (Math. 3:17) UJesu wabonisa kaningi ukuthi uyabathanda abalandeli bakhe, lokho wakubonisa ngezenzo nangamazwi. Nabo babonisa ukuthi bayamthanda. (Joh. 15:9, 12, 13; 21:16) Inhloko yomndeni ingabakhombisa ngezenzo umkayo nezingane ukuthi iyabathanda, njengokutadisha nabo iBhayibheli. Kufanele ibatshele ukuthi iyabathanda, ibatshele nokuthi bayigugu kuyo; uma kufaneleka, kufanele ibancome naphambi kwabanye abantu.—IzAga 31:28, 29.

Ukuze ijabulise uJehova, inhloko yomndeni kumelwe inakekele izidingo ezingokwenyama zomndeni wayo (Bheka isigaba 16)

16. Yini enye okumelwe yenziwe inhloko yomndeni, futhi kufanele iqaphe ini?

16 Inakekela izidingo ezingokwenyama zomndeni wayo. UJehova wazinakekela izidingo eziyisisekelo zama-Israyeli ngisho nangesikhathi ayejeziswe ngaso ngenxa yokungalaleli. (Dut. 2:7; 29:5) Uyazinakekela nezidingo zethu eziyisisekelo namuhla. (Math. 6:31-33; 7:11) UJesu naye wabondla abantu ababemlandela. (Math. 14:17-20) Wanakekela nezidingo zabo zempilo. (Math. 4:24) Ukuze ijabulise uJehova, inhloko yomndeni kumelwe inakekele izidingo ezingokwenyama zomndeni wayo. Kodwa kudingeka iqaphe, ingabanjwa ugibe. Akufanele ivumele umsebenzi wayo wokuziphilisa uyenze ihluleke ukuzinakekela kahle izidingo ezingokomoya nezingokomzwelo zomndeni wayo.

17. Yisiphi isibonelo esibekwa uJehova noJesu endleleni abasiqeqesha ngayo nabasiyala ngayo?

17 Iyaqeqesha. UJehova uyasiqeqesha futhi asiyale ngenjongo yokusisiza. (Heb. 12:7-9) NjengoYise, uJesu ubaqeqesha ngendlela enothando labo abangaphansi kwegunya lakhe. (Joh. 15:14, 15) Akagwegwesi kodwa futhi unomusa. (Math. 20:24-28) Uyaqonda ukuthi sinesono futhi sivame ukwenza amaphutha.—Math. 26:41.

18. Inhloko yomndeni eyisibonelo ikhumbula ini?

18 Inhloko yomndeni elingisa uJehova noJesu iyazi ukuthi amalungu omndeni wayo anesono. ‘Ayimthukutheleli kakhulu’ umkayo noma izingane. (Kol. 3:19) Kunalokho, isebenzisa iseluleko esibhalwe kweyabaseGalathiya 6:1, izame ukubalungisa “ngomoya omnene,” ikhumbula ukuthi nayo inesono. NjengoJesu, iyakhumbula ukuthi indlela engcono kakhulu yokufundisa, ukufundisa ngesibonelo.—1 Pet. 2:21.

19-20. Endabeni yokwenza izinqumo, inhloko yomndeni ingamlingisa kanjani uJehova noJesu?

19 Yenza izinqumo ezingenabugovu. UJehova uyabacabangela abanye lapho enza izinqumo. Ngokwesibonelo, wakhetha ukudala ukuphila, hhayi ngoba ezizuzisa yena, kodwa ukuze sikujabulele ukuphila. Akekho owayengamphoqa ukuba anikele ngeNdodana yakhe ngenxa yezono zethu. Ngokuzithandela wakhetha ukuyenza umhlatshelo ukuze kuzuze thina. UJesu naye wenza izinqumo ezazizuzisa abanye kakhulu. (Roma 15:3) Ngokwesibonelo, wadela isidingo sokuphumula ukuze afundise isixuku sabantu.—Marku 6:31-34.

20 Inhloko yomndeni eyisibonelo iyazi ukuthi enye yezinto ezinzima kakhulu okumelwe izenze, ukwenzela umndeni wayo izinqumo ezihlakaniphile, futhi ayisithathi neze kalula leso sibopho. Iyakugwema ukwenza izinqumo ngokunganaki, futhi izinqumo zayo ayizisekeli endleleni ezizwa ngayo ngaleso sikhathi. Kunalokho, ivumela uJehova ukuba ayiqeqeshe. * (IzAga 2:6, 7) Uma yenza kanjalo, iyocabanga ngokuzuzisa abanye, hhayi yona.—Fil. 2:4.

21. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

21 UJehova unike izinhloko zomndeni isabelo esinezinselele, futhi ziyolandisa kuye ngendlela ezisifeza ngayo. Kodwa uma indoda izama kanzima ukulandela isibonelo esabekwa uJehova noJesu, iyoba yinhloko yomndeni eyisibonelo. Uma nenkosikazi iyifeza indima yayo, umshado uyojabulisa. Inkosikazi kufanele ibubheke kanjani ubunhloko, futhi yiziphi izinselele ebhekana nazo? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngaleyo mibuzo.

INGOMA 16 Dumisani UJehova Ngenxa YeNdodana Yakhe

^ par. 5 Lapho indoda ishada, iba inhloko yomndeni wayo omusha. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi buyini ubunhloko, kungani uJehova abumisa, nokuthi amadoda angafundani esibonelweni esabekwa uJehova noJesu. Esihlokweni sesibili, sizoxoxa ngalokho amadoda namakhosikazi abangakufunda kuJesu nakwezinye izibonelo eziseBhayibhelini. Isihloko sesithathu sizoxoxa ngobunhloko ebandleni.

^ par. 7 Umbono wokuthi kwamukelekile ukuthi indoda ihlukumeze umkayo, ize ngisho imbeke isandla, ngezinye izikhathi utholakala kumafilimu, emidlalweni yaseshashalazini nasezincwadini zopopayi. Ngakho abantu bangase bacabange ukuthi akukubi ukuthi indoda ilawule umkayo.

^ par. 20 Ukuze uthole okwengeziwe ngokwenza izinqumo ezinhle, bheka isihloko esithi “Yenza Izinqumo Ezidumisa UNkulunkulu,” esanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda ka-Ephreli 15, 2011, kk. 13-17.