Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 7

Ukuqonda Indlela Ubunhloko Obusebenza Ngayo Ebandleni

Ukuqonda Indlela Ubunhloko Obusebenza Ngayo Ebandleni

‘UKristu uyinhloko yebandla, ungumsindisi walo mzimba.’—EFE. 5:23.

INGOMA 137 Abesifazane Abathembekile AbangamaKristu

AMAZWIBELA *

1. Yisiphi isizathu esenza umndeni kaJehova ube nobunye?

SIYAKUTHANDA ukuba yingxenye yomndeni kaJehova. Kungani umndeni wethu unokuthula nobunye? Esinye isizathu ukuthi sonke senza konke okusemandleni ukuze sihloniphe ilungiselelo lobunhloko elimiswe uJehova. Eqinisweni, lapho siliqonda kangcono ilungiselelo lobunhloko, siba nobunye nakakhulu.

2. Yimiphi imibuzo esizoyiphendula kulesi sihloko?

2 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela ubunhloko obusebenza ngayo ebandleni. Phakathi kwezinto esizoxoxa ngazo, sizophendula le mibuzo: Odade banayiphi indima? Ingabe kuyiqiniso ukuthi umzalwane ngamunye uyinhloko yabo bonke odade? Ingabe igunya abadala abanalo kubazalwane nodade liyafana negunya ubaba analo kumkakhe nezingane? Okokuqala, ake sixoxe ngokuthi kufanele sibabheke kanjani odade.

KUFANELE SIBABHEKE KANJANI ODADE?

3. Yini engasisiza sibazise nakakhulu odadewethu ngomsebenzi abawufezayo?

3 Siyabazisa odadewethu abasebenza kanzima ukuze banakekele imindeni yabo, bashumayele izindaba ezinhle futhi basekele ibandla. Singabazisa nakakhulu uma sicabanga ngendlela uJehova noJesu abababheka ngayo. Sizozuza futhi nangokucabanga ngendlela umphostoli uPawulu aphatha ngayo abesifazane.

4. IBhayibheli liveza kanjani ukuthi kuJehova abesifazane babaluleke ngendlela efanayo njengabesilisa?

4 IBhayibheli liveza ukuthi kuJehova abesifazane babaluleke ngendlela efanayo njengabesilisa. Ngokwesibonelo, liveza ukuthi ngekhulu lokuqala, uJehova wanika abesifazane nabesilisa umoya ongcwele ukuze benze izimangaliso, njengokukhuluma ngezilimi ezihlukahlukene. (IzE. 2:1-4, 15-18) Kubantu abagcotshwe ngomoya ongcwele abanethemba lokubusa noKristu, kukhona abesifazane nabesilisa. (Gal. 3:26-29) Abesifazane nabesilisa bazothola umvuzo wokuphila phakade emhlabeni. (IsAm. 7:9, 10, 13-15) Umsebenzi wokushumayela nokufundisa izindaba ezinhle unikezwe abesilisa nabesifazane. (Math. 28:19, 20) Empeleni, incwadi yezEnzo ikhuluma ngomsebenzi owenziwa udade okuthiwa uPrisila. Yena nomyeni wakhe, u-Akhwila, basiza ekuchazeleni u-Apholo owayefundile iqiniso ngokunembile.—IzE. 18:24-26.

5. UJesu wayebaphatha kanjani abesifazane ngokwalokho okubhalwe kuLuka 10:38, 39, 42?

5 UJesu wayebahlonipha abesifazane. Akazange alandele isiko labaFarisi, ababebabukela phansi abesifazane futhi bengabakhulumisi phambi kwabantu, ingasaphathwa ke eyokuxoxa nabo ngemiBhalo. Kunalokho, wayexoxa nabesifazane ngamaqiniso abalulekile ayewaxoxela abanye abafundi bakhe. * (Funda uLuka 10:38, 39, 42.) Wavumela nokuba abesifazane bahambe naye lapho eyoshumayela. (Luka 8:1-3) UJesu wabanika nelungelo lokuba bayotshela abaphostoli ukuthi uvusiwe.—Joh. 20:16-18.

6. Umphostoli uPawulu wabonisa kanjani ukuthi uyabahlonipha abesifazane?

6 Umphostoli uPawulu wamkhumbuza ngokuqondile uThimothewu ukuba ahloniphe abesifazane. UPawulu wamtshela ukuthi aphathe ‘abesifazane abadala njengonina’ futhi abheke ‘abesifazane abasebasha njengodadewabo.’ (1 Thim. 5:1, 2) UPawulu wenza okuningi ukuze asize uThimothewu abe umKristu ovuthiwe, kodwa waqaphela ukuthi umama kaThimothewu nogogo wakhe yibona abafundisa uThimothewu kuqala “imibhalo engcwele.” (2 Thim. 1:5; 3:14, 15) UPawulu wababiza ngamagama odade ababingelela encwadini yakhe ayibhalela abaseRoma. Akagcinanga ngokuqaphela umsebenzi ababewenza, kodwa futhi wayebabonga ngokuba izikhonzi ezingamaKristu.—Roma 16:1-4, 6, 12; Fil. 4:3.

7. Iyiphi imibuzo esizoxoxa ngayo manje?

7 Njengoba izigaba ezidlule zibonisa, ayikho imiBhalo esinika izizathu zokucabanga ukuthi odade ababalulekile kunabazalwane. Odadewethu abanothando nomusa bawusizo kakhulu, futhi abadala bathembele kubo ukuze basize kube nokuthula nobunye ebandleni. Kodwa kunemibuzo okudingeka iphendulwe. Ngokwesibonelo: Kungani uJehova efuna udade athwale ekhanda ngezinye izikhathi? Njengoba kungabazalwane kuphela abamiswa njengabadala nezinceku ezikhonzayo, ingabe lokhu kusho ukuthi umzalwane ngamunye uyinhloko yabo bonke odade ebandleni?

INGABE UMZALWANE NGAMUNYE UYINHLOKO YABO BONKE ODADE?

8. Ngokweyabase-Efesu 5:23, ingabe umzalwane ngamunye uyinhloko yabo bonke odade? Chaza.

8 Impendulo emfushane ingu-cha! Umzalwane ngamunye akayona inhloko yabo bonke odade ebandleni, kunalokho nguKristu oyinhloko. (Funda eyabase-Efesu 5:23.) Emndenini, umyeni unegunya kumkakhe. Indodana ebhapathiziwe ayiyona inhloko kamama wayo. (Efe. 6:1, 2) Ebandleni, abadala banegunya elilinganiselwe kodadewabo nakubafowabo. (1 Thes. 5:12; Heb. 13:17) Abesifazane abangashadile abangasahlali nabazali bayaqhubeka behlonipha abazali babo kanye nabadala. Kodwa njengawo wonke amadoda ebandleni, abesifazane abangashadile banenhloko eyodwa kuphela, uJesu.

Abangashadile abangasahlali nabazali bangaphansi kobunhloko bukaJesu (Bheka isigaba 8)

9. Kungani ngezinye izikhathi odade kufanele bathwalwe ekhanda?

9 Nokho, kuyiqiniso ukuthi uJehova umise amadoda ukuba ahole ekufundiseni nasekukhonzeni ibandla, kodwa akabanikezanga abesifazane igunya elifanayo. (1 Thim. 2:12) Kungani? Usebenzisa isizathu esifana naleso asisebenzisa lapho ebeka uJesu ukuba abe yinhloko yendoda—ukuze kube nokuhleleka ebandleni. Uma kwenzeka udade enza isabelo ngokuvamile esenziwa umzalwane, uJehova ufuna ukuba athwale ekhanda. * (1 Kor. 11:4-7) UJehova akabehlisi isithunzi odade ngokubacela ukuba benze lokhu, kodwa ufuna babonise inhlonipho ngelungiselelo lobunhloko alibekile. Sinala maqiniso engqondweni, manje ake siphendule umbuzo othi: Zinegunya elingakanani izinhloko zemindeni kanye nabadala?

INDIMA YEZINHLOKO ZEMINDENI KANYE NABADALA

10. Kungani ngesinye isikhathi umdala engafuna ukubekela ibandla imithetho?

10 Abadala bayamthanda uKristu, futhi bayazithanda “nezimvu” uJehova noJesu ababaphathise zona. (Joh. 21:15-17) Enezinhloso ezinhle, umdala angazicabanga enjengobaba oyinhloko ebandleni. Angase acabange ukuthi uma inhloko yomndeni inelungelo lokubeka imithetho evikela umndeni wayo, ngokufanayo nomdala angabeka imithetho acabanga ukuthi izovikela izimvu zikaNkulunkulu. Abanye abafowethu nodadewethu bangase bakhuthaze abadala ukuba babe yizinhloko zabo ezingokomoya ngokubacela ukuba babenzele izinqumo. Ingabe abadala ebandleni nezinhloko zemindeni banegunya elifanayo?

Abadala banakekela izidingo ezingokomoya nezingokomzwelo zebandla. UJehova ubanike isibopho sokugcina ibandla lihlanzekile ngokokuziphatha (Bheka izigaba 11-12)

11. Indima yezinhloko zemindeni nendima yabadala inakuphi ukufana okukhona?

11 Umphostoli uPawulu waveza ukuthi kunokufana okukhona phakathi kwendima yenhloko yomndeni neyomdala. (1 Thim. 3:4, 5) Ngokwesibonelo, uJehova ufuna amalungu omndeni ukuba alalele inhloko yomndeni. (Kol. 3:20) Ufuna ukuba nalabo abasebandleni balalele abadala. UJehova ulindele izinhloko zemindeni nabadala ukuba baqikelele ukuthi labo abangaphansi kwegunya labo bayanakekelwa ngokomoya. Banakekela nezidingo ezingokomzwelo zalabo abangaphansi kwegunya labo. Njengezinhloko zemindeni eziyisibonelo, abadala bayaqikelela ukuthi labo abangaphansi kwegunya labo bayaluthola usizo ngezikhathi zenhlekelele. (Jak. 2:15-17) Ngaphezu kwalokho, uJehova ulindele ukuba abadala nezinhloko zemindeni basize abanye balalele imithetho yakhe, akalindele ukuba beqele “ngale kwezinto ezilotshiwe” eBhayibheli.—1 Kor. 4:6.

Izinhloko zemindeni uJehova uzinike igunya lokuhola emindenini yazo. Ngaphambi kokuba yenze izinqumo, inhloko yomndeni enothando ixoxa nomkayo (Bheka isigaba 13)

12-13. Njengoba kuboniswe kweyamaRoma 7:2, ihluke kanjani indima yezinhloko zemindeni kweyabadala?

12 Noma kunjalo, kunomehluko omkhulu phakathi kwendima yomdala nendima yenhloko yomndeni. Ngokwesibonelo, uJehova wabele abadala ukuba babe njengabehluleli, ubanike nesibopho sokususa izoni ezingaphenduki ebandleni.—1 Kor. 5:11-13.

13 Ngakolunye uhlangothi, uJehova unike izinhloko zemindeni igunya elithile angalinikanga abadala. Ngokwesibonelo, ugunyaze inhloko yomndeni ukuba ibekele umndeni wayo imithetho futhi iqikelele ukuthi leyo mithetho iyagcinwa. (Funda amaRoma 7:2.) Inhloko yomndeni inelungelo lokunquma ukuthi izingane zayo zibuya ngasiphi isikhathi kusihlwa. Inanegunya lokujezisa izingane zayo uma zingayilaleli leyo mithetho. (Efe. 6:1) Yiqiniso, inhloko enothando ixoxa nomkayo ngaphambi kokuba ibeke imithetho ekhaya; ikakhulukazi njengoba bobabili “benyamanye.” *Math. 19:6.

HLONIPHA UKRISTU NJENGENHLOKO YEBANDLA

UJesu, engaphansi kobunhloko bukaJehova, unikeza ibandla lobuKristu isiqondiso (Bheka isigaba 14)

14. (a) Ngenxa yalokho okushiwo kuMarku 10:45, kungani kufaneleka ukuthi uJehova umise uJesu waba inhloko yebandla? (b) Iyini indima yeNdikimba Ebusayo? (Bheka ibhokisi elithi “ Indima YeNdikimba Ebusayo.”)

14 Ngelungiselelo lesihlengo, uJehova wathenga ukuphila komuntu ngamunye ebandleni, nokwabo bonke abanye ababonisa ukholo kuJesu. (Funda uMarku 10:45; IzE. 20:28; 1 Kor. 15:21, 22) Ngakho kuyafaneleka ukuthi wamisa uJesu, owanikela ngokuphila kwakhe kwaba isihlengo, waba inhloko yebandla. Njengenhloko yethu, uJesu unegunya lokubekela abantu, imindeni kanye nalo lonke ibandla imithetho yokuziphatha futhi aqikelele ukuthi leyo mithetho iyagcinwa. (Gal. 6:2) Kodwa uJesu wenza okungaphezu kokubeka imithetho. Uyasondla futhi asinakekele kahle.—Efe. 5:29.

15-16. Ufundani kulokho okwashiwo udadeweth’ uMarley nomfoweth’ uBenjamin?

15 Odade babonisa ukuthi bayamhlonipha uKristu ngokulandela isiqondiso samadoda awamisile ukuba abanakekele. UMarley, udade ohlala e-United States, uchaza kafushane indlela odade abaningi abazizwa ngayo. Uthi: “Ave ngiyazisa indawo yami njengenkosikazi nodade ebandleni. Ngihlale ngilwela ukuba nombono ofanele ngelungiselelo likaJehova lobunhloko. Umyeni wami nabazalwane ebandleni benze kwaba lula ukuba ngenze kanjalo ngoba bayangihlonipha futhi bayawazisa umsebenzi engiwenzayo.”

16 Abazalwane babonisa ukuthi bayaliqonda ilungiselelo lobunhloko ngokuhlonipha odade nokubabonisa udumo. UBenjamin, umzalwane ohlala eNgilandi, uthi: “Ngifunde okuningi ezimpendulweni zodade emihlanganweni nasemacebisweni abo mayelana nokutadisha nokuthi ngingaphumelela kanjani enkonzweni. Ngicabanga ukuthi benza umsebenzi obaluleke kakhulu.”

17. Kungani kufanele sihloniphe ilungiselelo lobunhloko?

17 Lapho lonke ibandla—amadoda, abesifazane, izinhloko zemindeni nabadala—beqonda futhi behlonipha ilungiselelo lobunhloko, ibandla liba nokuthula. Okubaluleke nakakhulu, sidumisa uBaba wethu osezulwini onothando, uJehova.—IHu. 150:6.

INGOMA 123 Ukuzithoba Ngobuqotho

^ par. 5 Odade banayiphi indima ebandleni? Ingabe umzalwane ngamunye uyinhloko yabo bonke odade? Ingabe abadala nezinhloko zemindeni banegunya elifanayo? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngale mibuzo sisebenzisa izibonelo ezitholakala eZwini likaNkulunkulu.

^ par. 5 Bheka isigaba 6, esihlokweni esithi “Basekele Odadewethu AbangamaKristu” kuyi-Nqabayokulinda kaSepthemba 2020.

^ par. 13 Ukuze uthole ukuthi ubani okufanele anqume ukuthi umndeni uzokhonza kuliphi ibandla, bheka izigaba 17-19 esihlokweni esithi “Hlonipha Indawo Yabanye Ebandleni LikaJehova,” esanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 2020.

^ par. 59 Ukuze ufunde kabanzi ngalesi sihloko, bheka incwadi ethi Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu,” kk. 209-212.

^ par. 64 Ukuze uthole yonke ingxoxo mayelana nendima yeNdikimba Ebusayo, bheka INqabayokulinda kaJulayi 15, 2013, kk. 20-25.