Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 15

Lokho Esikufunda Emazwini Okugcina KaJesu

Lokho Esikufunda Emazwini Okugcina KaJesu

“Le yiNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele. Yilaleleni.”—MATH. 17:5.

INGOMA 17 “Ngiyathanda”

AMAZWIBELA *

1-2. Chaza ukuthi sasinjani isimo ngesikhathi uJesu esho amazwi akhe okugcina.

KUSEMINI, ngoNisani 14, 33 C.E. Ngemva kokumangalelwa ngamanga nokubekwa icala ngento angayenzanga, uJesu kuhlekiswa ngaye, uyahlukunyezwa, abethelwe nasesigxotsheni sokuhlushwa. Babhoboza izandla nezinyawo zakhe ngezipikili. Isikhathi ngasinye lapho ephefumula, ezama ukukhuluma, uzwa ubuhlungu. Kodwa kumelwe akhulume—kunezinto ezibalulekile afuna ukuzisho.

2 Ake sixoxe ngamazwi uJesu awakhuluma ngesikhathi efa esigxotsheni sokuhlushwa nangokuthi singafundani kuwo. Ngamanye amazwi, ake ‘simlalele.’—Math. 17:5.

“BABA, BATHETHELELE”

3. Obani okungenzeka uJesu wayebhekisela kubo ngesikhathi ethi: “Baba, bathethelele”?

3 Wathini uJesu? Lapho ebethelwa esigxotsheni, uJesu wathandaza wathi: “Baba, bathethelele.” Athethelele obani? Umkhondo siwuthola emazwini alandelayo: “Abakwazi abakwenzayo.” (Luka 23:33, 34) Kubonakala sengathi uJesu wayebhekisela emasosheni amaRoma ayeshayela izipikili ezandleni nasezinyaweni zakhe. Babengazi ukuthi ungubani ngempela. Kungenzeka nokuthi wayecabanga ngabanye esixukwini ababefuna abulawe kodwa kamuva ababeyoba nokholo kuye. (IzE. 2:36-38) UJesu akasivumelanga leso simo esingenabulungisa ukuba simenze athukuthele noma abe nenzondo. (1 Pet. 2:23) Kunalokho, wacela uJehova ukuba abathethelele labo bantu abambulalayo.

4. Singafundani endleleni uJesu ayezimisele ngayo ukuthethelela abaphikisi bakhe?

4 Singafundani emazwini kaJesu? NjengoJesu, kudingeka sizimisele ukuthethelela abanye. (Kol. 3:13) Abanye, kuhlanganise nezihlobo zethu, bangase basiphikise ngoba bengaziqondi izinkolelo zethu nendlela esiphila ngayo. Bangase basiqambele amanga, basihlaze phambi kwabantu, badabule izincwadi zethu, baze ngisho basesabise ngokusilimaza. Esikhundleni sokufukamela inzondo, singacela uJehova avule amehlo alabo abasiphikisayo ukuze ngelinye ilanga balibone iqiniso. (Math. 5:44, 45) Ngezinye izikhathi, kungase kube nzima ukuthethelela, ikakhulukazi uma sihlukumezeke kakhulu. Kodwa uma sivumela intukuthelo nenzondo kwakheke ezinhliziyweni zethu, sizozizwisa ubuhlungu. Omunye udade wathi: “Ngiyaqaphela ukuthi ukuthethelela akusho ukuthi ngikhuthaza lobo bubi noma ngivumela abanye bangixhaphaze. Kumane nje kusho ukuthi ngikhetha ukungabi nayo inzondo.” (IHu. 37:8) Lapho sithethelela, sisuke sikhetha ukungavumeli izinto ezimbi zisithukuthelise.—Efe. 4:31, 32.

“UYOKUBA NAMI EPHARADESI”

5. UJesu wasithembisani esinye sezigebengu esasibethelwe eceleni kwakhe, futhi kungani enza leso sithembiso?

5 Wathini uJesu? Kwakunezigebengu ezimbili ezazibethelwe eceleni kukaJesu. Ekuqaleni, nazo zaziphakathi kwabantu abamhlambalazayo. (Math. 27:44) Kodwa kamuva, esinye sazo sashintsha umqondo. Saphetha ngokuthi uJesu “akenzanga lutho olubi.” (Luka 23:40, 41) Okubaluleke nakakhulu, amazwi aso abonisa ukholo ekutheni uJesu wayezovuswa ekufeni abe inkosi ngelinye ilanga. Sathi kuMsindisi owayesefa: “Jesu, ngikhumbule lapho ungena eMbusweni wakho.” (Luka 23:42) Yeka ukholo olwaboniswa yileyo ndoda! UJesu waphendula wathi kuyo: “Ngiyakuqinisekisa namuhla, uyokuba nami [hhayi eMbusweni, kodwa] ePharadesi.” (Luka 23:43) Phawula ukuthi uJesu wabonisa indlela naye esimthinta ngayo leso sithembiso ngokusebenzisa izinhlamvu ezithi “ngi-”, “uyo-” negama elithi “nami.” Njengoba ayazi ukuthi uYise unesihe, uJesu wakhuluma amazwi enza lesi sigebengu esesizofa saba nethemba.—IHu. 103:8.

6. Sifundani emazwini uJesu awasho kulesi sigebengu?

6 Singafundani emazwini kaJesu? UJesu ufana ncamashi noYise. (Heb. 1:3) UJehova uyakulangazelela ukusithethelela nokusibonisa isihe, uma sizisola ngempela ngezinto ezimbi esizenzile esikhathini esedlule, futhi sikholelwa ukuthi izono zethu zingathethelelwa ngegazi likaJesu Kristu elachitheka. (1 Joh. 1:7) Abanye bangase bakuthole kunzima ukukholelwa ukuthi uJehova uyoke awathethelele amaphutha abawenza esikhathini esedlule. Uma uzizwa kanjalo ngezinye izikhathi, cabanga ngalokhu: Esezofa, uJesu washo amazwi abonisa isihe kulesi sigebengu esasiqala nje ukubonisa ukholo. Cabanga-ke ngokuthi uJehova uyobonisa isihe esingakanani ezikhonzini zakhe ezithembekile, ezenza okusemandleni ukuze zilalele imiyalo yakhe!—IHu. 51:1; 1 Joh. 2:1, 2.

“BHEKA! INDODANA YAKHO! . . . BHEKA! UMAMA WAKHO!”

7. KuJohane 19:26, 27, wathini uJesu kuMariya noJohane futhi kungani akusho lokhu?

7 Wathini uJesu? (Funda uJohane 19:26, 27.) UJesu wayekhathazeke ngomama wakhe, okungenzeka wayengumfelokazi. Kungenzeka izingane zakubo zazinawo amandla okunakekela izidingo zakhe ezingokwenyama. Kodwa ubani owayezonakekela izidingo zakhe ezingokomoya? Akukho okubonisa ukuthi abafowabo base bengabafundi. Nokho, uJohane wayengumphostoli othembekile futhi engomunye wabangane abakhulu bakaJesu. UJesu wayebheka labo ababekhonza naye uJehova njengomndeni wakhe ongokomoya. (Math. 12:46-50) Ngakho, ngenxa yokuthi wayemthanda futhi emkhathalela uMariya, uJesu wanika uJohane isibopho sokumnakekela, wayazi ukuthi uzomsiza aqhubeke ekhonza uJehova. Wathi kunina: “Bheka! Indodana yakho!” KuJohane wathi: “Bheka! Umama wakho!” Kusukela ngololo suku, uJohane waba njengendodana kuMariya, wamnakekela njengomama wakhe. Yeka uthando olukhulu uJesu alubonisa lona wesifazane oyigugu owamnakekela ngothando kusukela ezalwa futhi wayeseduze kwakhe nalapho efa!

8. Singafundani emazwini kaJesu ayewabhekise kuMariya noJohane?

8 Singafundani emazwini kaJesu? Ubungane esinabo nabafowethu nodadewethu abangamaKristu bungaqina ukwedlula ubungane esinabo namalungu emindeni yethu. Izihlobo zethu zingase zisiphikise noma zisishiye, kodwa njengoba uJesu athembisa, uma sinamathela kuJehova nasenhlanganweni yaKhe, esiyokuthola kuyoba “izikhathi eziphindwe kawu-100” ukwedlula okusilahlekele. Abaningi bayofana namadodana, amadodakazi, omama, noma obaba abasithandayo. (Marku 10:29, 30) Uzizwa kanjani ngokuba ingxenye yomndeni ongokomoya onobunye ngenxa yokholo kanye nothando​—uthando ngoJehova nangabanye?—Kol. 3:14; 1 Pet. 2:17.

“NKULUNKULU WAMI, UNGISHIYELENI?”

9. Amazwi kaJesu akuMathewu 27:46 asitshelani?

9 Wathini uJesu? Esezofa, uJesu wamemeza wathi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” (Math. 27:46) IBhayibheli alisho ukuthi kungani uJesu asho la mazwi. Kodwa cabanga ngokuthi asitshelani la mazwi. Ngokusho la mazwi, uJesu wayegcwalisa isiprofetho esitholakala kumaHubo 22:1. * La mazwi enza kucace ukuthi uJehova akazange ‘ayibiyele’ iNdodana yakhe. (Jobe 1:10) UJesu wayeqonda ukuthi uYise wayemkhululele ezandleni zezitha zakhe ngokuphelele ukuze avivinywe ngokugcwele—ngendlela okungekho muntu owake wavivinywa ngayo. Ngaphezu kwalokho, la mazwi enza siqiniseke ngokuthi wayengenacala elimenza afanelwe ukufa.

10. Yiziphi izifundo esingazifunda emazwini uJesu awasho kuYise?

10 Singafundani emazwini kaJesu? Okunye esingakufunda ukuthi akumelwe silindele ukuthi uJehova uzovimba izinselele ezivivinya ukholo lwethu. Njengoba nje uJesu avivinywa kwaze kwaba sekugcineni, nathi kumelwe sikulungele ukwethembeka size sife uma kudingeka. (Math. 16:24, 25) Noma kunjalo, sinesiqinisekiso sokuthi uNkulunkulu ngeke avume ukuba silingwe ngaphezu kwalokho esingakuthwala. (1 Kor. 10:13) Okunye esikufundayo ukuthi nathi singase sihlukunyezwe kungafanele njengoJesu. (1 Pet. 2:19, 20) Labo abasiphikisayo, abasiphikisi ngoba kukhona okubi esikwenzile, kodwa ngenxa yokuthi asiyona ingxenye yezwe futhi sifakazela iqiniso. (Joh. 17:14; 1 Pet. 4:15, 16) UJesu wayeqonda ukuthi kungani uJehova amvumela ukuba ahlupheke. Nokho ngokungafani naye, ngezinye izikhathi lapho izikhonzi ezithembekile zibhekene nezilingo, zinokuzibuza ukuthi kungani uJehova evumela izinto ezithile ukuba zenzeke. (Hab. 1:3) UNkulunkulu wethu onesihe nonesineke uyaqonda ukuthi labo bantu abantuli ukholo; badinga induduzo abangayithola kuye kuphela.—2 Kor. 1:3, 4.

“NGOMILE”

11. Kungani uJesu asho amazwi atholakala kuJohane 19:28?

11 Wathini uJesu? (Funda uJohane 19:28.) Kungani uJesu athi: “Ngomile”? Washo lokho “ukuze umbhalo ugcwaliseke”—okuyisiprofetho esitholakala kumaHubo 22:15, athi: “Amandla ami aphelile, senginjengesitsha sobumba; ulimi lwami lunamathele olwangeni lwami.” Ngaphezu kwalokho, ngemva kwazo zonke izinto uJesu abhekana nazo, okuhlanganisa ubuhlungu obuyinqaba abuzwa esigxotsheni sokuhlushwa, kumel’ ukuba wayefa ukoma. Wayedinga usizo ukuze aqede ukoma.

12. Singafundani emazwini kaJesu athi “Ngomile”?

12 Singafundani emazwini kaJesu? UJesu wayengacabangi ukuthi ukuveza indlela azizwa ngayo kuwuphawu lokuba buthaka; nathi akufanele sicabange kanjalo. Kungenzeka ekuphileni kwethu besikugwema ukutshela abanye izinto esizidingayo. Kodwa uma kufika isikhathi esidinga ngaso usizo, akufanele sinqikaze ukucela usizo lwabanye. Ngokwesibonelo, uma sesibadala noma sibuthakathaka, kungase kudingeke sicele umngane asihambise esitolo noma kwadokotela. Uma sibhocobele noma sidikibele, kungase kudingeke sicele ukuxoxa nomdala noma omunye umKristu ovuthiwe, noma simcele asikhuthaze ‘ngezwi elihle.’ (IzAga 12:25) Masikhumbule ukuthi abafowethu nodadewethu bayasithanda, futhi bafuna ukusisiza “ngesikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) Kodwa abakwazi okusezingqondweni zethu. Akulula ukuba bazi ukuthi sidinga usizo uma singabatsheli.

“KUFEZIWE!”

13. Yini uJesu ayifeza ngokuhlale eqotho kuze kube yilapho efa?

13 Wathini uJesu? Cishe ngehora lesithathu ntambama ngoNisani 14, uJesu wamemeza wathi: “Kufeziwe!” (Joh. 19:30) Njengoba ukufa kwakhe kusondela, uJesu wayesekwenzile konke uJehova ayelindele ukuba akwenze. Ngokuhlale eqotho kuze kube yilapho efa, uJesu wafeza izinto eziningi. Okokuqala, waveza uSathane njengomqambimanga. UJesu wabonisa ukuthi umuntu ongenasono angabugcina ubuqotho naphezu kwazo zonke izinto uSathane angazenza. Okwesibili, uJesu wanikela ngokuphila kwakhe kwaba isihlengo. Ukufa kwakhe okwaba umhlatshelo kwavulela abantu abanesono ithuba lokuba nobuhlobo noNkulunkulu, futhi kwabanika nethemba lokuphila phakade. Okwesithathu, uJesu wasekela ukulunga kobukhosi bukaJehova futhi wasusa nesihlamba egameni likaYise.

14. Kufanele sizimisele ukuphila kanjani usuku ngalunye? Chaza.

14 Singafundani emazwini kaJesu? Kumelwe sizimisele ukuhlale siqotho ngaso sonke isikhathi. Cabanga ngalokho okwashiwo uMfoweth’ uMaxwell Friend, owayefundisa eSikoleni SaseGileyadi. Emhlanganweni wezizwe, lapho ebeka inkulumo ekhuluma ngokwethembeka uMfoweth’ uFriend wathi: “Ungalindi kuze kube kusasa ukuze wenze noma usho obungakwenza noma ukusho namhlanje. Ingabe uyaqiniseka ukuthi luzoba khona usuku lwakusasa? Phila usuku ngalunye njengokungathi ithuba lakho lokugcina lokubonisa ukuthi ufanelwe ukuphila okuphakade.” Kwangathi singaphila usuku ngalunye njengokungathi ithuba lethu lokugcina lokuhlala siqotho! Ngakho, ngisho noma singafa singakwazi ukuthi, “Jehova, ngenze konke engingakwenza ukuze ngigcine ubuqotho bami, ngiveze ukuthi uSathane ungumqambimanga, futhi ngilwele igama nobukhosi bakho!”

“UMOYA WAMI NGIWUBEKA EZANDLENI ZAKHO”

15. NgokukaLuka 23:46, yini uJesu ayeqiniseka ngayo?

15 Wathini uJesu? (Funda uLuka 23:46.) Eqiniseka ngokugcwele uJesu wathi: “Baba, umoya wami ngiwubeka ezandleni zakho.” UJesu wayazi ukuthi ikusasa lakhe lalincike kuJehova, futhi wayeqiniseka ngokuthi uBaba wakhe wayeyomkhumbula.

16. Ufundani kulokho okwenzeka kuFakazi oneminyaka engu-15?

16 Singafundani emazwini kaJesu? Zimisele ukubeka ukuphila kwakho ezandleni zikaJehova. Ukuze wenze kanjalo “thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.” (IzAga 3:5) Cabanga ngesibonelo sikaJoshua uFakazi oneminyaka engu-15 onesifo esibulalayo. Wenqaba ukwamukela izindlela zokwelashwa ezephula imithetho kaNkulunkulu. Ngaphambi nje kokuba afe wathi kunina: “Mama, ngisezandleni zikaJehova. . . . Nakhu engiqiniseka ngakho ngokugcwele, ngiyazi ukuthi nakanjani uJehova uzongivusa. Uyihlolile inhliziyo yami, futhi ngimthanda ngempela.” * Ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza, ‘Uma ngingabhekana nesimo esisongela ukuphila nesivivinya ukholo lwami, ngingakwazi yini ukubeka ukuphila kwami ezandleni zikaJehova ngibeke nethemba lami kuye lokuthi uyongikhumbula?’

17-18. Yiziphi izifundo esizifundile? (Bheka nebhokisi elithi “ Esikufundayo Emazwini Okugcina KaJesu.”)

17 Yeka izifundo ezibalulekile esingazifunda emazwini okugcina kaJesu! Asikhumbuza ngesidingo sokuthethelela abanye futhi sethembe nokuthi uJehova uyosithethelela. Sinelungelo lokuba nabafowethu nodadewethu ebandleni abakulungele ukusisiza. Kodwa lapho sidinga usizo, kumelwe sithathe isinyathelo sokulucela. Siyazi ukuthi uJehova uyosisiza sikhuthazelele noma iluphi uvivinyo esingabhekana nalo. Sibona nokubaluleka kokuphila usuku ngalunye njengokungathi olokugcina, ukuze sibonise ukuthi siqotho, siqiniseka ngokuthi ukuphila kwethu kuphephile ezandleni zikaJehova.

18 Ngempela, amazwi uJesu awasho lapho esefa esigxotsheni sokuhlushwa asifundisa izinto eziningi! Ngokusebenzisa izifundo esizifundile, sizobe silalela amazwi kaJehova awasho ngeNdodana yakhe: “Yilaleleni.”—Math. 17:5.

INGOMA 126 Lindani, Niqine, Nibe Namandla

^ par. 5 Njengoba sifunda kuMathewu 17:5, uJehova ufuna siyilalele iNdodana yakhe. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezifundo esizitholayo emazwini akhulunywa uJesu ngesikhathi efa esigxotsheni sokuhlushwa.

^ par. 9 Ukuze ufunde kabanzi ngokwenza uJesu wacaphuna iHubo 22:1, bheka “Imibuzo Evela Kubafunda” ekulo magazini.

^ par. 16 Bheka isihloko esithi “Ukholo LukaJoshua—Ukunqoba Kwamalungelo Abantwana,” kuyi-Phaphama! kaJanuwari 22, 1995.