Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 17

Uyigugu KuJehova!

Uyigugu KuJehova!

“UJehova uyajabula ngabantu bakhe.”—IHU. 149:4.

INGOMA 108 Uthando LukaNkulunkulu Oluqotho

AMAZWIBELA *

UBaba wethu osezulwini “uyajabula” ngomuntu ngamunye kithi (Bheka isigaba 1)

1. Yini uJehova ayiqaphelayo ngabantu bakhe?

UJEHOVA UNKULUNKULU “uyajabula ngabantu bakhe.” (IHu. 149:4) Lokho kusijabulisa kakhulu! UJehova uyazibona izimfanelo zethu ezinhle; uyakwazi esingakwenza, futhi usidonsela kuye. Uma sihlale sithembekile kuye, naye uyosondelana nathi kuze kube phakade!—Joh. 6:44.

2. Kungani abanye bekuthola kunzima ukukholelwa ukuthi uJehova uyabathanda?

2 Abanye bangase bathi, ‘Ngiyazi ukuthi uJehova uyabathanda abantu bakhe njengeqembu, kodwa ngingaqiniseka kanjani ngokuthi uyangithanda nami?’ Yini engenza othile abuze lowo mbuzo? U-Oksana, * owakhula kanzima, uthi: “Ngangijabule kakhulu ngesikhathi ngibhapathizwa futhi ngaqala nokuphayona. Kodwa ngemva kweminyaka engu-15, ngahlushwa imicabango emibi. Ngaphetha ngokuthi uJehova ungilahlile nokuthi uthando lwakhe alungifanele.” UYua, udade oyiphayona naye owayengajabule ebuntwaneni bakhe, uthi: “Nganikezela ukuphila kwami kuJehova ngoba ngangifuna ukumjabulisa. Kodwa ngangiqiniseka ngokuthi akasoze angithanda.”

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 NjengamaKristu athembekile esiqeda kukhuluma ngawo, nawe umthanda kakhulu uJehova, kodwa kungenzeka uyangabaza ukuthi naye uyakuthanda. Kungani kufanele uqiniseke ngokuthi uyakukhathalela ngempela? Yini engakusiza lapho ukhungethwe imicabango emibi? Ake siphendule le mibuzo.

KUYINGOZI UKUNGABAZA UTHANDO LUKAJEHOVA

4. Kungani kuyingozi ukungabaza indlela uJehova asithanda ngayo?

4 Uthando lunamandla amakhulu ekukhuthazeni. Uma siqiniseka ngokuthi uJehova uyasithanda futhi uyasisiza, sizofuna ukumkhonza ngenhliziyo yonke naphezu kwezinkinga zokuphila. Ngakolunye uhlangothi, uma singabaza ukuthi uJehova uyasikhathalela, ‘amandla ethu ayoba mancane.’ (IzAga 24:10) Ngaphezu kwalokho, uma siphela amandla sicabange ukuthi uNkulunkulu akasithandi, uSathane angasihlasela kalula.—Efe. 6:16.

5. Ukungabaza uthando lukaNkulunkulu kube namuphi umthelela kwabanye?

5 Ukungabaza kuye kwanciphisa ukholo lwamanye amaKristu athembekile esikhathini sethu. UJames ongumdala uthi: “Nakuba ngikhonza eBethel futhi ngijabulela inkonzo ebandleni labakhuluma ulimi lwakwelinye izwe, ngangizibuza ukuthi uJehova uyakwamukela ngempela yini ukuzidela kwami. Ngesinye isikhathi, ngaze ngazibuza ukuthi uJehova uyayilalela yini imithandazo yami.” U-Eva, naye osenkonzweni yesikhathi esigcwele uthi: “Ngaphawula ukuthi ukungabaza uthando lukaJehova kuyingozi ngoba kukuhlehlisela emuva. Lokhu kuqeda ilukuluku lakho ngezinto ezingokomoya kunciphisa nenjabulo yakho ekukhonzeni uJehova.” UMichael, oyiphayona elivamile futhi ongumdala, uthi: “Uma ungakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyakukhathalela, uzokhukhuleka uqhele kuye.”

6. Yini okumelwe siyenze lapho siqala ukungabaza uthando lukaNkulunkulu ezingqondweni zethu?

6 Lezi zibonelo zibonisa ukuthi imicabango engemihle ingalulimaza kanjani ukholo lwethu. Kodwa yini okufanele siyenze lapho ukungabaza uthando lukaNkulunkulu kungena ezingqondweni zethu? Kumelwe sikukhiphe ngokushesha! Cela uJehova akusize ufake ‘ukuthula kukaNkulunkulu okuyoqapha inhliziyo yakho nemicabango yakho’ esikhundleni ‘semicabango ekuncisha ukuthula.’ (IHu. 139:23; mbhw.; Fil. 4:6, 7) Khumbula nokuthi awuwedwa. Abanye abafowethu nodadewethu bahlushwa imicabango engemihle. Ngisho nezinceku zikaJehova zasendulo kwadingeka zibhekane naleyo mizwa. Cabanga ngalokho esingakufunda esibonelweni somphostoli uPawulu.

ESIKUFUNDAYO KUPAWULU

7. Yiziphi izinkinga uPawulu abhekana nazo?

7 Kuke kwenzeke yini uzizwe uphelelwa amandla ngenxa yezibopho eziningi onazo, okunzima ukuzifeza zonke? Uma kunjalo, uzoyiqonda indlela uPawulu ayezizwa ngayo. Wayekhathazekile, hhayi nje ngebandla elilodwa, kodwa “ngawo wonke amabandla.” (2 Kor. 11:23-28) Ingabe izifo ezingamahlala-khona zinciphisa injabulo yakho? UPawulu wayehlushwa “iva enyameni,” okungenzeka kwakuyinkinga yempilo, futhi wayefuna ngempela ukulikhipha. (2 Kor. 12:7-10) Ingabe ukuba nesono emzimbeni kuyakudikibalisa? NoPawulu wayezizwa kanjalo ngezinye izikhathi. Wazibiza ‘ngomuntu wosizi’ ngenxa yempi engapheli ayeyilwa nesono esisemzimbeni wakhe.—Roma 7:21-24.

8. Yini eyasiza uPawulu wabhekana nezinkinga zakhe?

8 Naphezu kwezinselele ezihlukahlukene abhekana nazo nezimo ezinzima, uPawulu waqhubeka ekhonza uJehova. Wawathathaphi amandla okwenza kanjalo? Nakuba ayebazi kahle ubuthakathaka bakhe, wayenokholo olungantengantengi esihlengweni. Wayesazi isithembiso sikaJesu esithi “wonke umuntu obonisa ukholo [kuJesu] . . . [uzothola] ukuphila okuphakade.” (Joh. 3:16; Roma 6:23) Ngokuqinisekile uPawulu wayephakathi kwabantu ababonisa ukholo esihlengweni. Wayeqiniseka ngokuthi uJehova ukulungele ukuthethelela ngisho nalabo abenza izono ezinkulu uma nje bephenduka.—IHu. 86:5.

9. Yini esiyifunda emazwini kaPawulu abhalwe kweyabaseGalathiya 2:20?

9 UPawulu wayenokholo nasemandleni othando lukaNkulunkulu alubonisa ngoKristu. (Funda eyabaseGalathiya 2:20.) Phawula amazwi akhuthazayo ekuphetheni kwalelo vesi. UPawulu wathi: ‘INdodana kaNkulunkulu yangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.’ UPawulu akazange alubekele imingcele uthando lukaNkulunkulu, kube sengathi uthi, ‘Ngiyabona ukuthi yini eyenza uJehova athande abafowethu, kodwa angisiboni isizathu esingamenza athande mina.’ UPawulu wakhumbuza abaseRoma: “Ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:8) Uthando lukaNkulunkulu alunamingcele!

10. Sifundani kwabaseRoma 8:38, 39?

10 Funda abaseRoma 8:38, 39. UPawulu wayengawangabazi nakancane amandla othando lukaNkulunkulu. Wabhala ukuthi akukho lutho oluyokwazi “ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu.” UPawulu wayazi ukuthi uJehova wasebenzelana kanjani ngesineke nesizwe sakwa-Israyeli. Wayazi nokuthi uJehova wambonisa kanjani isihe. Singase siyifingqe kanje indlela uPawulu ayecabanga ngayo: ‘Uma uJehova athumela iNdodana yakhe uqobo ngenxa yami, nginaso yini isizathu sokungabaza uthando lwakhe?’—Roma 8:32.

Okubalulekile kuNkulunkulu yilokho esikwenza manje nesizokwenza esikhathini esizayo,  hhayi amaphutha esawenza esikhathini esedlule (Bheka isigaba 11) *

11. Nakuba kunezono uPawulu azenza, ezifana nalezi okukhulunywa ngazo kweyoku-1 Thimothewu 1:12-15, kungani ayeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyamthanda?

11 Funda eyoku-1 Thimothewu 1:12-15. Kumelwe ukuba kunezikhathi lapho uPawulu ayehlushwa khona yimicabango yezinto ezimbi azenza. Akumangazi ukuthi wazibiza ngesoni “esiphambili!” Engakalazi iqiniso, uPawulu wawashushisa ngonya amaKristu edolobheni ngalinye, amanye ewabopha, esekela nokubulawa kwamanye. (IzE. 26:10, 11) Ucabanga ukuthi uPawulu wayengazizwa kanjani uma ehlangana nomKristu osemusha agunyaza ukuba kubulawe abazali bakhe? UPawulu wayezisola ngamaphutha akhe, kodwa wayazi ukuthi ngeke akwazi ukushintsha osekwenzekile. Wakwamukela ukuthi uKristu wamfela, nakhu ayeqiniseka ngakho akubhala: “Ngomusa omkhulu kaNkulunkulu ngiyilokhu engiyikho.” (1 Kor. 15:3, 10) Sifundani kule ndaba? Kwamukele ukuthi uKristu wakufela futhi wakuvulela indlela yokuba nobuhlobo obuseduze noJehova. (IzE. 3:19) Okubalulekile kuNkulunkulu yilokho esikwenzayo manje nesizokwenza esikhathini esizayo, hhayi amaphutha esawenza esikhathini esedlule, kungakhathaliseki ukuthi sase singoFakazi BakaJehova noma cha.—Isaya 1:18.

12. Amazwi akweyoku-1 Johane 3:19, 20 angasisiza kanjani lapho sizizwa singelusizo lwalutho noma singathandeki?

12 Lapho ucabanga ngokuthi uJesu wafa ukuze amboze izono zakho, ungase uthi, ‘Akungifanele lokho.’ Yini engakwenza uzizwe kanjalo? Inhliziyo yethu enesono ingase isikhohlise, sizizwe singelutho futhi singathandeki. (Funda eyoku-1 Johane 3:19, 20.) Lapho siqala ukucabanga kanjalo, kufanele sikhumbule ukuthi “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu.” Uthando nentethelelo kaBaba wethu osezulwini kunamandla ukwedlula noma yimiphi imizwa engemihle okungenzeka icashe ezinhliziyweni zethu. Kudingeka sibe nokholo ukuze samukele indlela uJehova asibheka ngayo. Ukuze sikwenze lokho, kufanele sitadishe iZwi lakhe njalo, sithandaze singaphezi futhi sizihlanganise njalo nabantu bakhe abaqotho. Kungani kubalulekile ukwenza lezo zinto?

UKUTADISHA IBHAYIBHELI, UMTHANDAZO KANYE NABANGANE ABAQOTHO KUNGASIZA

13. Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kungasisiza kanjani? (Bheka nebhokisi elithi “ Indlela IZwi LikaNkulunkulu Elibasiza Ngayo.”)

13 Tadisha iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke, uzobubona ngokucacile ubuntu obuhle bukaJehova. Uzoyiqonda nakakhulu indlela akuthanda ngayo. Ukuzindla ngengxenye yeZwi likaNkulunkulu usuku ngalunye, kungakusiza ukwazi ukucabanga ngendlela efanele, ‘uqondise izinto’ engqondweni nasenhliziyweni yakho. (2 Thim. 3:16) UKevin ongumdala, owayenenkinga yokuzenyeza uthi: “Ukufunda iHubo 103 nokuzindla ngalo, kungisizile ngalungisa indlela engicabanga ngayo futhi ngabona ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngempela ngami.” U-Eva, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ekupheleni kosuku, ngisebenzisa isikhathi esithile ukuze ngizindle ngemicabango kaJehova. Kwenza ngibe nokuthula ngaphakathi futhi kwakha ukholo lwami.”

14. Umthandazo ungasisiza kanjani?

14 Thandaza njalo. (1 Thes. 5:17) Ubungane obuqinile nabanye abantu busekelwe ekuxhumaneni njalo nasekuvezeni indlela esizizwa ngayo. Kunjalo nangobungane bethu noJehova. Lapho sithandaza simtshela ngemizwa, imicabango nezinto ezisikhathazayo, sisuke sibonisa ukuthi siyamethemba nokuthi siyazi ukuthi uyasithanda. (IHu. 94:17-19; 1 Joh. 5:14, 15) UYua, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Lapho ngithandaza, ngizama ukwenza okungaphezu kokubika izinto ezenzeke phakathi nosuku. Ngithulula isifuba sami kuJehova ngimtshele indlela engizizwa ngayo ngempela. Kancane kancane, uJehova ngiye ngambheka njengoBaba obathanda ngempela abantwana bakhe, hhayi njengomphathi wenkampani.”—Bheka ibhokisi elithi “ Ingabe Usuyifundile?

15. UJehova ubonisa kanjani ukuthi unendaba nathi?

15 Zihlanganise nabangane abaqotho; bayisipho esivela kuJehova. (Jak. 1:17) UBaba wethu osezulwini ubonisa ukuthi unendaba nathi ngokusinika umndeni ongokomoya wabafowethu nodadewethu, osibonisa “uthando ngaso sonke isikhathi.” (IzAga 17:17) Encwadini ayibhalela abaseKolose, uPawulu ubala amaKristu athile amsiza, ewabiza ngokuthi “umthombo wenduduzo enkulu.” (Kol. 4:10, 11) Ngisho noKristu Jesu wayeludinga usizo lwabangane bakhe abayizingelosi nabangabantu, futhi wayelwazisa.—Luka 22:28, 43.

16. Abangane abaqotho bangasisiza kanjani sisondele kuJehova?

16 Ingabe uzuza ngokugcwele esiphweni sikaJehova sabangane abaqotho? Ukuxoxa nabantu abavuthiwe ngezinto ezisikhathazayo akulona uphawu lokuba buthaka; kungasivikela. Cabanga ngalokho okushiwo uJames ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Ukuphila kwethu kuxhomeke ebunganini obuhle namaKristu avuthiwe. Uma ngihlaselwa imicabango engemihle, laba bangane abayigugu bangilalela ngesineke futhi bangikhumbuze ukuthi bayangithanda. Bayangisiza ngibone indlela uJehova angithanda nanginakekela ngayo.” Kubaluleke kakhulu ukuba sakhe futhi silondoloze ubungane obuseduze nabafowethu nodadewethu!

HLALA OTHANDWENI LUKAJEHOVA

17-18. Ubani okumelwe simlalele, futhi kungani?

17 USathane ufuna siyeke ukulwela ukwenza okulungile. Ufuna sicabange ukuthi uJehova akasithandi, nokuthi akusifanele ukusindiswa. Kodwa njengoba sibonile, amanga aluhlaza lawo.

18 UJehova uyakuthanda. Uyigugu emehlweni akhe. Uma umlalela, ‘uyohlala othandweni lwakhe’ kuze kube phakade, njengoJesu. (Joh. 15:10) Ngakho, ungamlaleli uSathane noma inhliziyo yakho ekulahlayo. Kunalokho, lalela uJehova, obona okuhle kumuntu ngamunye kithi. Qiniseka ngokuthi “uyajabula ngabantu bakhe,” kuhlanganise nawe!

INGOMA 141 Isimangaliso Sokuphila

^ par. 5 Abanye abafowethu nodadewethu bakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi uJehova angabathanda. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi kungani kufanele siqiniseke ngokuthi uJehova uthanda ngamunye wethu. Sizophinde sihlole indlela esinganqoba ngayo noma ikuphi ukungabaza okungenzeka sinakho ngothando lwakhe ngathi.

^ par. 2 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 67 INCAZELO YEZITHOMBE: Esikhathini esedlule, uPawulu wabophisa amaKristu amaningi. Lapho amukela lokho uJesu ayemenzele khona, washintsha wayesekhuthaza abafowabo abangamaKristu, abanye babo okungenzeka babeyizihlobo zalabo abashushisa.