Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 20

Qhubeka Uyibheka Ngendlela Efanele Inkonzo Yakho

Qhubeka Uyibheka Ngendlela Efanele Inkonzo Yakho

“Hlwanyela imbewu yakho . . . ungasivumeli isandla sakho siphumule.”—UMSH. 11:6.

INGOMA 70 Funani Abafanelekayo

AMAZWIBELA *

Ngemva kokuba uJesu enyukele ezulwini, ngentshiseko abafundi bakhe bashumayela eJerusalema nasezindaweni eziningi (Bheka isigaba 1)

1. UJesu wababekela siphi isibonelo abalandeli bakhe, futhi basabela kanjani? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

UJESU wakwazi ukuqhubeka eyibheka ngendlela efanele inkonzo yakhe emhlabeni futhi ufuna nabalandeli bakhe bahlale benombono omuhle ngenkonzo. (Joh. 4:35, 36) Ngesikhathi uJesu enabafundi bakhe, babenentshiseko ngomsebenzi wokushumayela. (Luka 10:1, 5-11, 17) Nokho, ukuboshwa nokubulawa kukaJesu, kwenza abafundi bakaJesu baphelelwa isifiso sokushumayela okwesikhashana. (Joh. 16:32) Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wabanxusa ukuba bagxile ekushumayeleni. Ngemva kokunyukela kwakhe ezulwini, bashumayela kakhulu kwaze kwakhononda izitha zabo zathi: “Bhekani! senigcwalise iJerusalema ngemfundiso yenu.”—IzE. 5:28

2. UJehova uwubusise kanjani umsebenzi wokushumayela?

2 UJesu waqondisa umsebenzi owawenziwa yilawo maKristu angekhulu lokuqala, futhi uJehova wabasiza abaningi bawamukela umyalezo wabo. Ngokwesibonelo ngePhentekoste lika-33 C.E., kwabhapathizwa cishe abangu-3 000. (IzE. 2:41) Nenani labafundi laqhubeka landa kakhulu. (IzE. 6:7) Noma kunjalo, uJesu wabikezela ukuthi umsebenzi wokushumayela uyophumelela ngisho nakakhulu ngezinsuku zokugcina.—Joh. 14:12; IzE. 1:8.

3-4. Kungani umsebenzi wokushumayela ungase ube inselele kwabanye, futhi yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

3 Sonke siyazama ukuqhubeka siyibheka ngendlela efanele inkonzo. Kwamanye amazwe, kulula ukwenza kanjalo. Kungani? Ngenxa yokuthi baningi kakhulu abafuna ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli, kangangokuba abanye baze balindiswe kuze kube yilapho kuba noFakazi ozobasiza! Kodwa kwezinye izindawo, umsebenzi wokushumayela uyinselele kubamemezeli; abantu abavamile ukutholakala emakhaya, nabatholakalayo abanaso isifiso esitheni sokufunda iBhayibheli.

4 Uma uhlala endaweni lapho umsebenzi wokushumayela uyinselele khona, amacebiso akulesi sihloko angakusiza. Sizoxoxa ngalokho okuye kwenziwa abanye ukuze bafinyelele abantu abengeziwe enkonzweni yabo. Sizophinde sihlole ukuthi kungani kufanele silondoloze umbono omuhle kungakhathaliseki ukuthi abantu basabela kanjani esigijimini sethu.

HLALE UNOMBONO OMUHLE UMA KUNZIMA UKUTHOLA ABANTU

5. Iziphi izinselele oFakazi abaningi ababhekana nazo?

5 OFakazi abaningi bakuthola kunzima ukuxhumana nabantu emakhaya abo. Abanye abamemezeli bahlala ezindaweni ezinezakhiwo ezinezokuphepha eziqinile noma ezibiyelwe. Kungase kube nonogada ovimba noma ubani ongabizwanga othile ohlala kuleso sakhiwo. Abanye abamemezeli bangase bangaphazanyiswa lutho endlini ngendlu, kodwa bathole abantu abambalwa emakhaya. Abanye abamemezeli bashumayela ezindaweni ezisemaphandleni noma eziqhelile okuhlala kuzo abantu abambalwa. Kungenzeka abamemezeli bahambe ibanga elide bezama nje ukuthola umuntu oyedwa—okungenzeka akekho ngisho nasekhaya! Uma sibhekana nalezi zinselele, akumelwe sidikibale. Yini esingayenza ukuze sinqobe lezi nselele, siphumelele enkonzweni?

6. Abashumayeli bafana kanjani nabadobi?

6 UJesu wafanisa umsebenzi wokushumayela nomsebenzi womdobi. (Marku 1:17) Abanye abadobi kungase kuphele izinsuku bengabambanga lutho. Kodwa abaliphons’ ithawula, bazivumelanisa nezimo. Bashintsha izikhathi, indawo noma indlela yokudoba. Singenza ushintsho olufanayo enkonzweni yethu. Cabanga ngala macebiso.

Lapho nishumayela ezindaweni ezingavamile ukuba nabantu emakhaya, zamani ukubathola ngezikhathi ezihlukile, kwezinye izindawo, noma ngezinye izindlela (Bheka izigaba 7-10) *

7. Ungaba yini umphumela uma sishumayela ngezikhathi ezihlukile?

7 Zama ukuya kubantu ngesikhathi esihlukile. Sizoxhumana nabantu abaningi uma sishumayela ngesikhathi abatholakala ngaso emakhaya. Ngoba bagcina bebuyile vele emakhaya! Abafowethu nodadewethu abaningi bakuthola kusebenza ukushumayela ntambama noma kusihlwa ngoba bathola abantu abengeziwe. Ngaphezu kwalokho, abantu basuke beziphumulele ngalezo zikhathi futhi bengenankinga nokuxoxa. Mhlawumbe kungakusiza ukusebenzisa icebiso likaDavid ongumdala. Uthi ngemva kokushumayela isikhathi esithile ensimini, yena nahamba naye babuyela emuva kulabo abangabatholanga ekuqaleni. Uthi, “Kuyamangaza ukuthi baningi kangakanani abantu abasemakhaya lapho sibuyela okwesibili.” *

Lapho nishumayela ezindaweni ezingavamile ukuba nabantu emakhaya, zamani ukubathola ngezikhathi ezihlukile (Bheka izigaba 7-8)

8. Singawusebenzisa kanjani umShumayeli 11:6 enkonzweni yethu?

8 Akumelwe siyeke. UmBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko usikhumbuza ngesimo sengqondo okufanele sibe naso. (Funda umShumayeli 11:6.) UDavid, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, akayekanga. Komunye umuzi, wagcina emtholile umninikhaya ngemva kokumzama kaningi engaphumeleli. Umninikhaya owayethanda ukuxoxa ngeBhayibheli wathi, “Sekuphele iminyaka engu-8 ngihlala kule ndlu, angikaze ngihlangane noFakazi KaJehova la.” UDavid uthi, “Ngithole ukuthi ekugcineni lapho umthola umuntu kwakhe, kuvamile ukuba awulalele umyalezo esiwushumayelayo.”

Lapho nishumayela ezindaweni ezingavamile ukuba nabantu emakhaya, zamani ukubathola kwezinye izindawo (Bheka isigaba 9)

9. Abanye oFakazi babathole kanjani abantu abangafinyeleleki kalula?

9 Zama indawo ehlukile. Ukuze bafinyelele abantu abangatholakali kalula, abanye abamemezeli baye bashintsha indawo abashumayela kuyo. Ngokwesibonelo, ukushumayela emigwaqweni nokusebenzisa izinqola kuye kwaba izindlela eziphumelelayo zokuthola abantu abahlala ezindaweni esingakwazi ukushumayela endlini ngendlu kuzo. Lokhu kunika oFakazi ithuba lokukhuluma ubuso nobuso nabantu abangafinyeleleki. Kanti abamemezeli abaningi bathole ukuthi kulula ukuxoxa nabantu noma ukubanika izincwadi emapaki, ezimakethe nasezindaweni zamabhizinisi. UFloiran, ongumbonisi wesigodi eBolivia, uthi: “Siya ezimakethe nasensimini yamabhizinisi phakathi kuka-1 kuya ku-3 ntambama, abathengisayo bengasekho matasa kakhulu. Sivame ukuba nezingxoxo ezimnandi size siqale nezifundo zeBhayibheli.”

Lapho nishumayela ezindaweni ezingavamile ukuba nabantu emakhaya, zamani ukubathola ngezinye izindlela (Bheka isigaba 10)

10. Iziphi izindlela ongazisebenzisa ukuze ufinyelele abantu?

10 Zama enye indlela. Ake sithi usuzame kaningi ukuxoxa nomuntu othile ngokoqobo. Usuye kaningi kuye kodwa awumtholi ekhaya. Zikhona yini ezinye izindlela ongathola ngazo umuntu onjalo? UKatarína uthi, “Ngibabhalela izincwadi abantu engingabatholi ekhaya, ngibatshele lokho ebengizobatshela kona ukube ngibatholile.” Sifundani? Enkonzweni, zama ukusebenzisa zonke izindlela ukuze ufinyelele bonke abantu abasensimini okuyo.

HLALE UNOMBONO OMUHLE LAPHO ABANTU BENGENANDABA NESIGIJIMI

11. Kungani abanye bengenandaba nesigijimi sethu?

11 Abanye abantu abanandaba nesigijimi sethu. Abasiboni isidingo sikaNkulunkulu noma seBhayibheli. Abakholelwa kuNkulunkulu ngenxa yokuhlupheka okukhulu abakubona emhlabeni. Abalifuni iBhayibheli ngoba babona ubuzenzisi babaholi benkolo abathi baphila ngalo. Abanye bagxile kakhulu emisebenzini yabo, emindenini yabo, noma ezinkingeni zabo, bahluleka nokubona ukuthi iBhayibheli lingabasiza kanjani. Singayilondoloza kanjani injabulo yethu ngisho nalapho esibashumayezayo bengakuboni ukubaluleka komyalezo wethu?

12. Kungasisiza kanjani enkonzweni ukusebenzisa amazwi asencwadini yabaseFilipi 2:4?

12 Bonisa ukuthi uyabakhathalela abanye. Abaningi ababengawunaki umyalezo wethu kamuva bazamukela izindaba ezinhle lapho bebona ukuthi ummemezeli ubakhathalela ngobuqotho. (Funda abaseFilipi 2:4.) Ngokwesibonelo, uDavid ocashunwe ekuqaleni, uthi, “Uma umuntu ebonisa ukungabi nandaba, silibeka eceleni iBhayibheli noma izincwadi zethu, bese sithi: ‘Mina ngingathanda ukwazi ukuthi kungani uzizwa ngaleyo ndlela.’” Abantu bayakwazi ukumbona umuntu obakhathalelayo. Bangase bakukhohlwe esikushilo, kodwa bayokhumbula ukuthi sabenza bazizwa kanjani. Ngisho noma abantu bengasivumeli ukuba sikhulume nabo, singakwazi ukubabonisa ukuthi siyabakhathalela ngendlela esiziphatha ngayo nangesimo sobuso.

13. Singasenza kanjani isigijimi sethu sivumelane nezidingo zomninikhaya ngamunye?

13 Sisuke sibonisa ukukhathalela lapho senza isigijimi sethu sivumelane nezidingo kanye nezinto ezithandwa umninikhaya. Ngokwesibonelo, kukhona yini esikubonayo okusitshela ukuthi kunezingane ezihlala kulelo khaya? Abazali bangase bathande ukuzwa iseluleko seBhayibheli mayelana nokukhulisa izingane noma amacebiso asebenzayo angenza umndeni ujabule nakakhulu. Ingabe sibona imishudo noma izingidi eziningi emnyango? Singase sikhulume ngobugebengu noma ukwesaba okuthe chithi saka ezweni, lokho kungase kwenze umninikhaya akujabulele ukufunda ngekhambi eliyoqeda ubugebengu unomphela. Kunoma yikuphi, zama ukusiza labo abalalelayo babone ukuthi iseluleko seBhayibheli singabasiza kanjani. UKatarína, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi, “Ngike ngizikhumbuze ukuthi iqiniso lakwenza kanjani ukuphila kwami kwaba ngcono.” Lokho kwenza uKatarína akhulume ngokuqiniseka, futhi akungabazeki ukuthi abantu bayakubona lokho.

14. NgokwezAga 27:17, abahamba ndawonye lapho beshumayela bangasizana kanjani?

14 Thola usizo kwabanye. Ngekhulu lokuqala, uPawulu wabonisa uThimothewu izindlela zakhe zokushumayela nokufundisa, wakhuthaza uThimothewu ukuba asebenzise lezo zindlela ukuze asize abanye. (1 Kor. 4:17) NjengoThimothewu, nathi singazuza komakad’ ebona ebandleni. (Funda izAga 27:17.) Cabanga ngesibonelo sikaMfoweth’ uShawn. Kwaphela isikhathi esithile ephayona emaphandleni, iningi labantu bakhona lalanelisekile ngezinkolo zalo. Wayilondoloza kanjani injabulo yakhe? Uthi, “Ngangisebenza nothile uma izimo zivuma. Lapho sisuka komunye umuzi siya komunye, sasicebisana ngezindlela esingawathuthukisa ngazo amakhono ethu okufundisa. Ngokwesibonelo, sasixoxa ngendlela esikusingathe ngayo obekushiwo umninikhaya. Bese sixoxa ngokuthi singasisingatha kanjani ngendlela ehlukile leso simo ngokuzayo.”

15. Kungani umthandazo ubalulekile enkonzweni yethu?

15 Thandazela usizo lukaJehova. Cela uJehova akuqondise njalo lapho usenkonzweni. Ngaphandle kosizo lomoya wakhe ongcwele onamandla, akekho kithi ongafeza okuthile. (IHu. 127:1; Luka 11:13) Lapho ucela usizo lukaJehova ngomthandazo, cacisa. Ngokwesibonelo, mcele akuqondise kunoma ubani onesimo esihle sengqondo futhi okulungele ukulalela. Yibe sewenza ngokuvumelana nomthandazo wakho ngokushumayela kubo bonke ohlangana nabo.

16. Kungani isifundo somuntu siqu sibalulekile enkonzweni yethu?

16 Yenza isikhathi sesifundo somuntu siqu. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nephelele.” (Roma 12:2) Lapho siqiniseka ngokuthi sazi iqiniso ngoNkulunkulu, kuyoba kukhulu nokuqiniseka kwethu lapho sikhuluma nabanye enkonzweni. UKatarína, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Muva nje, ngabona ukuthi kwakudingeka ngiqinise ukholo lwami kwezinye izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Ngakho ngatadisha ngokucophelela ngobufakazi bokuthi uMdali ukhona, ngokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu ngempela, nangokuthi namuhla uNkulunkulu unenhlangano emmelelayo.” UKatarína uthi isifundo sakhe somuntu siqu siqinise ukholo lwakhe, sandisa nenjabulo yakhe enkonzweni.

OKWENZA SIHLALE SINOMBONO OFANELE ENKONZWENI YETHU

17. Kungani uJesu aqhubeka enombono ofanele enkonzweni yakhe?

17 UJesu waqhubeka enombono omuhle, washumayela ngisho noma abanye babengasithandi isigijimi sakhe. Kungani? Wayazi ukuthi abantu balidinga kangakani iqiniso, futhi wayefuna abaningi babe nethuba lokwamukela umyalezo woMbuso. Wayazi nokuthi abanye abangawamukelanga ekuqaleni babeyogcina bewulalelile. Cabanga ngokwenzeka emndenini wakhe. Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe eyathatha iminyaka emithathu nohhafu, akekho kubafowabo owaba umfundi wakhe. (Joh. 7:5) Nokho, ngemva kokuvuswa kwakhe, baba amaKristu.—IzE. 1:14.

18. Kungani siqhubeka sishumayela?

18 Asazi ukuthi obani abayogcina bewamukele amaqiniso eBhayibheli esiwafundisayo. Abanye kubathatha isikhathi ukusabela esigijimini sethu. Ngisho nalabo abakhetha ukungasilaleli, bayakubona ukuziphatha kwethu okuhle nesimo sethu esihle sengqondo, ngemva kwesikhathi bangase baqale ‘ukukhazimulisa uNkulunkulu.’—1 Pet. 2:12.

19. Ngokweyoku-1 Korinte 3:6, 7, yini okumelwe siyibone?

19 Njengoba sitshala futhi sinisela, kumelwe siyiqaphele indima edlalwa uNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Korinte 3:6, 7.) UMfoweth’ uGetahun okhonza e-Ethiopia, uthi: “Kwaphela iminyaka engu-20 kuyimina ngedwa uFakazi ensimini eyayingavamile ukusetshenzwa. Kodwa manje sekunabamemezeli abangu-14 lapha. Abangu-13 babo babhapathizwa, okuhlanganisa umkami nezingane zami ezintathu. Ngokuvamile siba ngu-32 emihlanganweni.” Kuyamjabulisa uGetahun ukuthi waqhubeka nokushumayela kuyilapho elinde ngesineke ukuthi uJehova adonsele abanezinhliziyo eziqotho enhlanganweni yaKhe!—Joh. 6:44.

20. Sifana ngayiphi indlela nabatakuli?

20 Wonke umuntu uyigugu kuJehova. Usinika ilungelo lokusebenza neNdodana yakhe, sibuthe abantu abavela kuzo zonke izizwe ngaphambi kokuba kufike ukuphela kwaleli zwe. (Hag. 2:7) Umsebenzi wethu wokushumayela ungafaniswa nomsebenzi wokutakula. Thina sifana namalungu eqembu labatakuli anikwe umsebenzi wokutakula abantu abavaleleke emayini. Nakuba bengase babe mbalwa abatholakala bephila, umsebenzi owenziwe yibo bonke abatakuli awunakuqhathaniswa. Kunjalo nangomsebenzi esiwenzayo enkonzweni yethu. Asazi ukuthi bangaki abantu abayosinda kuleli zwe likaSathane. Kodwa uJehova angasebenzisa noma ubani kithi ukuze abasize. U-Andreas, ohlala eBolivia, uthi, “Ngibheka umuntu ngamunye ofunde amaqiniso eBhayibheli wabhapathizwa njengomphumela wokusebenza ndawonye njengeqembu.” Kwangathi singaqhubeka siyibheka ngendlela efanayo inkonzo yethu. Uma senza kanjalo, uJehova uyosibusisa futhi inkonzo yethu iyoba umthombo wenjabulo yangempela.

INGOMA 66 Memezelani Izindaba Ezinhle

^ par. 5 Singaqhubeka kanjani siyibheka ngendlela efanele inkonzo ngisho noma abaningi bengatholakali ekhaya noma bebonakala bengawufuni umyalezo wethu? Lesi sihloko sizoxoxa ngezinto ezingasisiza silondoloze injabulo yethu.

^ par. 7 Abamemezeli kufanele benze zonke izinhlobo zenkonzo okukhulunywe ngazo kulesi sihloko ngendlela ehambisana nemithetho yokuvikela imininingwane yabantu.

^ par. 60 INCAZELO YEZITHOMBE (kusukela phezulu kuye phansi): Indoda nomkayo bashumayela endaweni abantu abangatholakali kuyo kalula emakhaya. Umninikhaya wokuqala usemsebenzini, owesibili usemthola-mpilo, owesithathu usesitolo. Umninikhaya wokuqala bamthola ngokumvakashela kusihlwa ngalolo suku. Owesibili bamthola lapho beshumayela obala eduze kwasemthola-mpilo. Owesithathu bamthola ngokumfonela.