Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 22

Siza Obafundelayo Babe Abafundi Ababhapathiziwe

Siza Obafundelayo Babe Abafundi Ababhapathiziwe

‘Yilowo nalowo kini makabhapathizwe.’​—IZE. 2:38.

INGOMA 72 Ukwenza Iqiniso LoMbuso Laziwe

AMAZWIBELA *

1. Yini isixuku esikhulu sangekhulu lokuqala esatshelwa ukuba siyenze?

ISIXUKU esikhulu sabesilisa nabesifazane abavela emazweni amaningi nabakhuluma izilimi eziningi sihlangene ndawonye. Kunento eyisimanga eyenzeka ngalolo suku. KunamaJuda ayesekwazi ukukhuluma izilimi zomdabu zezifiki! Nakuba lokho kwabamangaza abantu, okwashiwo yilawo maJuda kubo nalokho okwashiwo umphostoli uPetru kubo bonke kwakumangalisa nakakhulu. Kwakuwumyalezo othi bangasindiswa uma bebonisa ukholo kuJesu Kristu. Lowo myalezo wasithinta kakhulu isixuku. Abantu bathinteka kakhulu, baze babuza: “Yini okufanele siyenze?” UPetru waphendula wathi: ‘Yilowo nalowo kini makabhapathizwe.’​—IzE. 2:37, 38.

Umzalwane, ekanye nomkakhe, uqhubela insizwa isifundo seBhayibheli esebenzisa incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! (Bheka isigaba 2)

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

2 Kwakuseza esinye isimanga esidlula lesi. Kwabhapathizwa abantu abangaba ngu-3 000 ngalelo langa, baba abafundi bakaKristu. Lesi kwakuyisiqalo somsebenzi omkhulu wokwenza abafundi, uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bawenze. Lowo msebenzi usaqhubeka namanje. Thina ngeke sikwazi ukufundisa umuntu aze abhapathizwe ngamahora ambalwa nje. Umfundi angase adinge izinyanga, unyaka noma iminyaka ukuze afinyelele lowo mgomo. Ukwenza abafundi kuwumsebenzi onzima, njengoba wazi nawe uma kukhona ofunda naye iBhayibheli. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngalokho ongakwenza ukuze usize omfundela iBhayibheli abhapathizwe.

SIZA OMFUNDELA IBHAYIBHELI ASEBENZISE AKUFUNDAYO

3. NgokukaMathewu 28:19, 20, yini umfundi okumelwe ayenze ukuze athuthuke aze abhapathizwe?

3 Ngaphambi kokuba umfundi abhapathizwe, kumelwe asebenzise okufundiswa iBhayibheli. (Funda uMathewu 28:19, 20.) Lapho umfundi esebenzisa akufundayo, uba “njengomuntu ohlakaniphile” okukhulunywa ngaye emfanekisweni kaJesu, owamba wajula ukuze akhe indlu yakhe edwaleni. (Math. 7:24, 25; Luka 6:47, 48) Singamsiza kanjani umfundi asebenzise akufundayo? Ake sixoxe ngamacebiso amathathu.

4. Singamsiza kanjani ofundelwayo afanelekele ukubhapathizwa? (Bheka nebhokisi elithi “ Siza Omfundelayo Azibekele Imigomo Futhi Ayifinyelele.”)

4 Siza omfundelayo azibekele imigomo. Kungani kufanele wenze kanjalo? Cabanga ngalo mfanekiso: Uma uzothatha uhambo olude emgwaqweni, ungase uhlele ukuma ezindaweni ezinhle endleleni. Uma wenza kanjalo, ibanga ozolihamba ngeke libonakale lilide kakhulu. Ngokufanayo, lapho umfundi weBhayibheli ezibekela imigomo emincane futhi eyifinyelela, kuyoba lula ukuthi afinyelele umgomo wakhe omkhulu wokubhapathizwa. Sebenzisa ingxenye ethi “Umgomo” encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade! ukuze usize umfundi athuthuke. Ekupheleni kwesifundo ngasinye, xoxani ngokuthi lowo mgomo uzomsiza kanjani umfundi asebenzise asanda kukufunda. Uma kunomunye umgomo ongathanda umfundi awufinyelele, wubhale esikhaleni esithi “Omunye umgomo.” Yisebenzise njalo le ngxenye yesifundo ukuze uxoxe nomfundi ngemigomo yakhe emincane nemikhulu.

5. KuMarku 10:17-22, yini uJesu ayitshela indoda ecebile, futhi kungani?

5 Siza omfundelayo enze izinguquko ekuphileni kwakhe. (Funda uMarku 10:17-22.) UJesu wayazi ukuthi kwakuyoba nzima ukuba isicebi sidayise zonke izinto zaso. (Marku 10:23) Noma kunjalo, uJesu watshela le ndoda ukuthi ayenze lolu shintsho olukhulu ekuphileni kwayo. Kungani? Ngoba uJesu wayeyithanda. Ngezinye izikhathi, singase sibe manqikanqika ekukhuthazeni esimfundelayo ukuba asebenzise akufundayo ngenxa yokuthi sicabanga ukuthi akakakulungeli ukwenza ushintsho oludingekayo. Kungase kubathathe isikhathi abantu ukuthi bahlubule ubuntu obudala bagqoke ubuntu obusha. (Kol. 3:9, 10) Kodwa uma ushesha ukuxoxa ngaleyo ndaba, nomfundi uzoshesha ukwenza izinguquko. Ngokuxoxa naye ngale ndaba, ubonisa ukuthi uyamkhathalela.​—IHu. 141:5; IzAga 27:17.

6. Kungani kufanele sisebenzise imibuzo edinga umuntu aveze umbono wakhe?

6 Sebenzisa imibuzo edinga umuntu aveze umbono wakhe noma lokho akucabangayo ngaleso sihloko. Leyo mibuzo isebenzisele ukuhlola ukuqonda komfundi nalokho akukholelwayo. Uma ukwenza njalo lokhu, kuzoba lula ukuthi uxoxe nomfundi ngezindaba ezibucayi esikhathini esizayo. Incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! inemibuzo eminingi edinga umuntu aveze imibono yakhe. Ngokwesibonelo, isifundo 04 sinombuzo othi: “Ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho usebenzisa igama lakhe?” Isifundo 09 sinombuzo othi: “Yiziphi ezinye izinto ongathanda ukuzithandazela?” Ekuqaleni, omfundelayo angase adinge isikhathi sokucabanga ukuthi angayiphendula kanjani leyo mibuzo. Ungamsiza ngokumqeqesha ukuba axoxe ngemiBhalo ekhonjiwe nangezithombe.

7. Singazisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo izibonelo zabanye?

7 Uma umfundi eseqonda ukuthi yini okudingeka ayenze, mkhuthaze ngezibonelo zabanye ukuba akwenze lokho. Ngokwesibonelo, uma umfundi engezi njalo emihlanganweni, ungambonisa ividiyo ethi UJehova Uyangikhathalela engxenyeni ethi “Hlola Okwengeziwe” esifundweni 14. Ezifundweni eziningi zencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! uzothola izibonelo ezinjengalezi engxenyeni ethi “Funda Okwengeziwe” noma kwethi “Hlola Okwengeziwe.” * Gwema ukuqhathanisa omfundelayo nomunye umuntu, ngokuthi kuye, “Uma ekwazile ukukwenza, nawe ungakwazi.” Umfundi akazifinyelelele yena kuleso siphetho. Wena qokomisa amaphuzu ayinhloko asize umuntu ovela kuvidiyo wasebenzisa izimfundiso zeBhayibheli. Mhlawumbe ungase ukhulume ngomBhalo oyinhloko noma okuthile okungokoqobo okwenziwe. Uma kungenzeka, gcizelela ukuthi uJehova umsize kanjani lowo muntu.

8. Singabasiza kanjani esibafundelayo bathande uJehova?

8 Siza omfundelayo athande uJehova. Kanjani? Funa amathuba okuxoxa ngezimfanelo zikaJehova. Siza omfundelayo abheke uJehova njengoNkulunkulu ojabulayo, obasizayo abantu abamthandayo. (1 Thim. 1:11; Heb. 11:6) Mbonise ukuthi ukusebenzisa enikufundayo kuzomzuzisa, umchazele nokuthi lena indlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uyamthanda. (Isaya 48:17, 18) Omfundelayo uzofisa nakakhulu ukwenza izinguquko ezidingekayo njengoba nendlela athanda ngayo uJehova ijula.​—1 Joh. 5:3.

YETHULA OMFUNDELAYO KWABANYE OFAKAZI

9. Ngokuvumelana noMarku 10:29, 30, yini engasiza umuntu adele ezinye izinto ukuze abe umfundi obhapathiziwe?

9 Ukuze athuthuke aze abhapathizwe, ofundelwa iBhayibheli kuzodingeka azidele. Njengesicebi okukhulunywe ngaso ekuqaleni, abanye abafundelwayo kungase kudingeke badele izinto zabo. Uma umsebenzi wabo wokuziphilisa ungavumelani nezimiso zeBhayibheli, kungase kudingeke bawushintshe. Abanye kungase kudingeke bashiye abangane abangamthandi uJehova. Kungenzeka abanye balahlwe amalungu omndeni angabathandi oFakazi BakaJehova. UJesu wayazi ukuthi kungase kube nzima ngabanye abantu ukwenza kanjalo. Kodwa wathi labo abamlandelayo ngeke badumazeke. Bayobusiswa ngokucebile ngokuba nomndeni ongokomoya obathandayo. (Funda uMarku 10:29, 30.) Ungamsiza kanjani omfundelayo azuze kulesi sipho esihle?

10. Ufundani kokwenzeka kuManuel?

10 Yakha ubungane nomfundelayo. Kubalulekile ukubonisa omfundelayo ukuthi uyamkhathalela. Kungani? Phawula okwashiwo uManuel ohlala eMexico. Ekhumbula isikhathi lapho esafundelwa, uthi: “Isikhathi ngasinye ngaphambi kokuba sifunde, uthisha wami wayengibuza ukuthi izinto zihamba kanjani. Wayengisiza ngikhululeke futhi ngimxoxele nangezinye izinto. Ngabona ukuthi ungikhathalela ngempela.”

11. Esibafundelayo bangazuza kanjani lapho bechitha isikhathi nathi?

11 Chitha isikhathi nabantu obafundelayo njengoba noJesu achitha isikhathi nabafundi bakhe. (Joh. 3:22) Uma kungenzeka, mema isifundo sakho esithuthukayo, uphuze naso itiye ekhaya, nidle ndawonye noma nibukele uhlelo lwanyanga zonke lwe-JW Broadcasting. Cishe omfundelayo uyosijabulela kakhulu leso simemo ngezikhathi zamaholide okungenzeka uyobe enesizungu ngazo. UKazibwe ohlala e-Uganda uthi, “Ngicabanga ukuthi ngafunda okuningi ngoJehova lapho ngichitha isikhathi nothisha wami njengoba nje ngangizuza ekutadisheni kwethu. Ngabona ukuthi uJehova ubakhathalela kangakanani abantu bakhe futhi bayajabula. Yilokho engangikufuna ekuphileni kwami.”

Lapho ufika nabamemezeli abahlukahlukene esifundweni seBhayibheli, kuyoba lula ngomfundi ukuba eze emihlanganweni (Bheka isigaba 12) *

12. Kungani kumelwe sihambe nabamemezeli abahlukahlukene esifundweni seBhayibheli?

12 Mema abamemezeli abahlukahlukene esifundweni seBhayibheli. Ngezinye izikhathi, singase sibone kungcono ukuthi sihambe sodwa noma sihambe nommemezeli ofanayo njalo. Nakuba kungaba lula ukwenza kanjalo, esimfundelayo angazuza nakakhulu uma ngezinye izikhathi sihamba nabamemezeli abahlukahlukene. UDmitrii ohlala eMoldova uthi: “Ummemezeli ngamunye owayeba khona lapho ngifundelwa wayechaza izinto ngendlela ehlukile. Lokho kwakwenza ngibone ezinye izindlela zokusebenzisa engangikufunda. Ayesenciphile namahloni lapho ngiqala ukuya emhlanganweni njengoba ngase ngibazi abanye abazalwane nodade.”

13. Kungani kumelwe sisize esimfundelayo eze emihlanganweni?

13 Siza omfundelayo eze emihlanganweni yebandla. Kungani? Yingoba uJehova uyala abakhulekeli bakhe ukuba bahlangane ndawonye, kuyingxenye yokukhulekela kwethu. (Heb. 10:24, 25) Ngaphezu kwalokho, abafowethu nodadewethu bawumndeni wethu ongokomoya. Lapho sisemihlanganweni nabo, kuba sengathi sidla ukudla okumnandi ndawonye ekhaya. Lapho usiza omfundela iBhayibheli ukuba eze emihlanganweni, usuke umsiza ukuba athathe isinyathelo sokuqala esibalulekile esiholela obhapathizweni. Kodwa kungase kube nzima ukuba athathe leso sinyathelo. Incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! ingamsiza kanjani omfundelayo akwazi ukunqoba noma iziphi izinselele angase abhekane nazo?

14. Singamkhuthaza kanjani esimfundelayo ukuba eze emihlanganweni?

14 Sebenzisa isifundo 10 sencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! ukuze ukhuthaze omfundelayo. Abamemezeli abangomakad’ ebona abacelwa ukuba basebenzise lesi sifundo ngaphambi kokuba ikhululwe incwadi, bakwazi ukusiza ababafundelayo ukuba beze emihlanganweni. Nokho, ungalindi nize nifike esifundweni 10 ukuze ummemele emihlanganweni yethu. Mmeme ngokushesha futhi ummeme njalo. Abantu abafundelwayo banezinkinga ezingafani. Ngakho zinake izidingo zomfundelayo, futhi uzame ukumsiza ngokoqobo. Ungadikibali uma kuthatha isikhathi ukuba eze emihlanganweni. Yiba nesineke kodwa uphikelele.

SIZA OMFUNDELAYO ANQOBE UKWESABA

15. Yikuphi ukwesaba omfundelayo angase abe nakho?

15 Uyakhumbula uzizwa wesaba ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova? Mhlawumbe wawucabanga ukuthi awusoze wakwazi ukushumayela obala. Noma wawesaba ukuthi umndeni wakho noma abangane bangase bakuphikise. Uma kunjalo, ungayiqonda indlela omfundelayo azizwa ngayo. UJesu washo ukuthi abanye bangase besabe. Noma kunjalo, wanxusa abalandeli bakhe ukuba bangavumeli ukwesaba kubavimbe ekukhonzeni uJehova. (Math. 10:16, 17, 27, 28) UJesu wabasiza kanjani abalandeli bakhe ukuba banqobe ukwesaba? Ungasilandela kanjani isibonelo sakhe?

16. Singamqeqesha kanjani esimfundelayo ukuba axoxe ngokholo lwakhe?

16 Qhubeka uqeqesha omfundelayo ukuba axoxe ngokholo lwakhe. Kungenzeka abafundi bakaJesu bazizwa besaba lapho ebathuma ukuba bayoshumayela. Kodwa uJesu wabasiza ngokubatshela ukuthi bashumayele kuphi nokuthi bashumayele bathini. (Math. 10:5-7) Ungamlingisa kanjani uJesu? Siza omfundelayo abone ukuthi angashumayela kuphi. Ngokwesibonelo, mbuze ukuthi ukhona yini umuntu amaziyo ongazuza ngokufunda iqiniso elithile eBhayibhelini. Msize alungiselele lokho azokusho ngokumbonisa indlela elula angaxoxa ngayo ngezinkolelo zakhe. Ungase uprakthize naye usebenzisa ingxenye ethi “Abanye Abantu Bathi” kanye nethi “Omunye Angase Akubuze,” esencwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade! Lapho wenza lokhu, gxila ekuqeqesheni omfundelayo akwazi ukusebenzisa iBhayibheli ukuze anikeze izimpendulo ezilula nezizuzisayo.

17. Singawusebenzisa kanjani uMathewu 10:19, 20, 29-31 njengoba sisiza esimfundelayo ukuba athembele kuJehova?

17 Siza omfundelayo athembele kuJehova. UJesu waqinisekisa abafundi bakhe ukuthi uJehova uzobasiza ngoba uyabathanda. (Funda uMathewu 10:19, 20, 29-31.) Khumbuza omfundelayo ukuthi uJehova uzomsiza naye. Ungamsiza athembele kuJehova ngokuthandaza naye ngemigomo yakhe. UFranciszek ohlala ePoland uthi: “Uthisha wami wayekhuluma ngemigomo yami kaningi emithandazweni yakhe. Lapho ngibona indlela uJehova ayiphendula ngayo imithandazo yakhe, ngokushesha nami ngaqala ukuthandaza. Ngalubona usizo lukaJehova ngesikhathi ngidinga ukuthatha izinsuku emsebenzini wami omusha ukuze ngiye emihlanganweni yebandla nasemihlanganweni emikhulu.”

18. UJehova uzizwa kanjani ngomsebenzi owenziwa othisha abangamaKristu?

18 UJehova ubakhathalela ngokujulile esibafundela iBhayibheli. Uyayazisa indlela othisha abangamaKristu abazikhandla ngayo ukuze basize abantu basondele kuyena, futhi uyabathanda ngenxa yalokho. (Isaya 52:7) Uma engekho omfundela iBhayibheli okwamanje, ungakwazi ukusiza abafundelwayo bathuthuke baze babhapathizwe ngokuhamba nabanye abamemezeli lapho beya ezifundweni zabo.

INGOMA 60 Kusho Ukuphila Kwabo

^ par. 5 Kulesi sihloko sizohlola indlela uJesu asiza ngayo abantu ukuba babe abafundi bakhe nokuthi singamlingisa kanjani. Sizoxoxa nangendlela esingasebenzisa ngayo incwadi entsha ethi Phila Kuze Kube Phakade! Yenzelwe ukusiza abafundi bethu beBhayibheli bathuthuke baze babhapathizwe.

^ par. 7 Ungathola ezinye izibonelo (1) eNcwadini Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova ngaphansi kwesihloko esithi “IBhayibheli,” bese ungena kwesithi “Liyazuzisa,” nesithi “‘IBhayibheli Lishintsha Ukuphila’ (Uchungechunge lwe-Nqabayokulinda)” noma (2) kuyi-JW Library® ngaphansi kwesithi “Media” engxenyeni ethi “Izingxoxo Nokulandisa Kwabathile.”

^ par. 62 INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane uhamba nomkakhe, bafunda nensizwa. Ngezinye izikhathi, abazalwane abahlukahlukene baba khona esifundweni.