Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 23

Awuwedwa Neze, UJehova Unawe

Awuwedwa Neze, UJehova Unawe

“UJehova useduze nabo bonke abambizayo.”​—IHU. 145:18.

INGOMA 28 Ukuba Umngane NoJehova

AMAZWIBELA *

1. Kungani izikhonzi zikaJehova ngezinye izikhathi ziba nesizungu?

ABANINGI bethu ngezinye izikhathi bazizwa benesizungu. Kwabanye, le mizwa idlula ngokushesha. Kodwa kwabanye, isizungu singahlala isikhathi eside. Singaba nesizungu ngisho noma sihleli nabantu. Abanye bakuthola kunzima ukujwayela ibandla elisha. Abanye bavela emndenini owenza zonke izinto ndawonye, kodwa baba nomzwangedwa lapho bethuthela kude nezihlobo zabo. Abanye bakhumbula isikhathi ababesichitha nomuntu abamthandayo osewashona. Amanye amaKristu, ikakhulukazi lawo asanda kufunda iqiniso, azizwa enesizungu lapho eshushiswa amalungu omndeni angebona oFakazi nalabo ababengabangane babo.

2. Yimiphi imibuzo esizoyiphendula?

2 UJehova uyasiqonda futhi wazi konke ngathi. Uyabona lapho sinesizungu futhi ufuna ukusisiza sinqobe leyo mizwa. UJehova usisiza kanjani? Yini esingayenza ukuze sisizakale? Singabasiza kanjani abanye abanesizungu ebandleni? Ake sixoxe ngezimpendulo zale mibuzo.

UJEHOVA UYABONA

UJehova wathumela ingelosi ukuze iqinisekise u-Eliya ukuthi akayedwa (Bheka isigaba 3)

3. UJehova wabonisa kanjani ukuthi uyamkhathalela u-Eliya?

3 UJehova unesifiso esijulile sokwazi ngabo bonke abamkhonzayo. Useduze nomuntu ngamunye kithi futhi uyabona lapho sikhungethwe imizwa esiqeda amandla. (IHu. 145:18, 19) Cabanga ngendlela uJehova amnakisisa ngayo umprofethi wakhe u-Eliya. Leyo ndoda ethembekile yaphila ngezikhathi ezinzima emlandweni ka-Israyeli. Izikhonzi zikaJehova zazishushiswa kanzima, futhi izitha ezinamandla ezazimelene noNkulunkulu zazifuna u-Eliya ngokukhethekile. (1 AmaKh. 19:1, 2) Kungenzeka u-Eliya wayekhathazwa nawukuthi kwase kunguye kuphela umprofethi owayesele ekhonza uJehova. (1 AmaKh. 19:10) UNkulunkulu wamsiza ngokushesha u-Eliya. UJehova wathumela ingelosi ukuba iqinisekise umprofethi waKhe ukuthi wayengayedwa​—ayesemaningi ama-Israyeli asaba uNkulunkulu!​—1 AmaKh. 19:5, 18.

4. UMarku 10:29, 30 ukuveza kanjani ukuthi uJehova uyazikhathalela izinceku zakhe okungenzeka alukho usizo eziluthola kwabanye?

4 UJehova uyazi ukuthi lapho sikhetha ukumkhonza, abanye bethu kudingeka badele okuningi. Lokho kungase kuhlanganise usizo ababeluthola ezihlotsheni ezingebona oFakazi kanye nababengabangane babo. Mhlawumbe wayekhathazekile umphostoli uPetru ngesikhathi ebuza uJesu: “Sishiye zonke izinto sakulandela; khona-ke siyotholani?” (Math. 19:27) Ngomusa, uJesu wabaqinisekisa abafundi bakhe ukuthi babeyothola umndeni omkhulu ongokomoya. (Funda uMarku 10:29, 30.) UJehova, iNhloko yomndeni wethu ongokomoya, uthembisa ukuthi uzobasiza abantu abafuna ukumkhonza. (IHu. 9:10) Cabanga ngezinye izinto eziwusizo ongazenza ukuze uthole usizo lukaJehova lapho ulwa nomzwangedwa.

ONGAKWENZA UMA UNESIZUNGU

5. Kungani kukuhle ukugxila endleleni uJehova akusekela ngayo?

5 Gxila endleleni uJehova akusekela ngayo. (IHu. 55:22) Lokho kuzokusiza ubheke isimo sakho ngendlela efanele. UCarol, * udade ongashadile okunguyena kuphela uFakazi kubo, uthi: “Ukucabanga ngendlela uJehova angisize ngayo lapho ngibhekene nezilingo, kuyangisiza ngibone ukuthi angingedwa. Kuyangiqinisekisa ukuthi uJehova uyoba nami nasesikhathini esizayo.”

6. Eyoku-1 Petru 5:9, 10 ingabakhuthaza kanjani labo abahlushwa umzwangedwa?

6 Cabanga ngendlela uJehova abasiza ngayo esikholwa nabo abanomzwangedwa. (Funda eyoku-1 Petru 5:9, 10.) UHiroshi, umzalwane osekuyiminyaka eminingi kunguye yedwa uFakazi kubo, uthi: “Ebandleni, kulula ukubona ukuthi akekho ongenazo izinkinga. Ukwazi ukuthi senza konke esingakwenza ukuze sikhonze uJehova kungabakhuthaza labo phakathi kwethu abangenamuntu emndenini oseqinisweni.”

7. Umthandazo ukusiza kanjani?

7 Thandaza, ufunde iBhayibheli futhi uye njalo emihlanganweni. Kumelwe umtshele ngokukhululekile uJehova ukuthi uzizwa kanjani. (1 Pet. 5:7) UMassiel uthi, “Enye yezinto ezibaluleke kakhulu eyangisiza ngabhekana nomzwangedwa ukuthandaza kakhulu kuJehova.” Ungudade osemusha owazizwa ekhishwa inyumbazane kubo lapho emelela iqiniso. “Kimi wayenguBaba wami wangempela, ngangithandaza kuye njalo, kaningi ngosuku, ngimtshele indlela engizizwa ngayo.”

Ukulalela iBhayibheli elirekhodiwe nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kungasidambisa isizungu kulabo abangabodwa (Bheka isigaba 8) *

8. Ukufunda iZwi likaNkulunkulu nokuzindla ngalo kukusiza kanjani?

8 Funda iZwi likaNkulunkulu njalo, uzindle ngezindaba ezibonisa ukuthi uJehova uyakuthanda. UBianca, udade okudingeka akhuthazelele amazwi angemahle kubo, uyachaza: “Ukufunda nokuzindla ngezindaba eziseBhayibhelini kanye nezindaba zokuphila zezinceku zikaJehova ezabhekana nezimo ezifanayo kungisize kakhulu.” Amanye amaKristu abamba ngekhanda imiBhalo eduduzayo, njengamaHubo 27:10 no-Isaya 41:10. Abanye bathola ukuthi ukulalela izihloko ezirekhodiwe lapho belungiselela imihlangano noma befunda iBhayibheli kuyasinciphisa isizungu.

9. Kukusiza kanjani ukuya emihlanganweni?

9 Yenza konke ongakwenza ukuze ube khona njalo emihlanganweni. Uzozuza kuleyo mihlangano ekhuthazayo, izokunika nethuba lokwazi abafowenu nodadewenu. (Heb. 10:24, 25) UMassiel, ocashunwe ekuqaleni uthi: “Nakuba nganginamahloni, nganquma ukuthi ngizoya kuyo yonke imihlangano yebandla futhi ngiphendule kuyo. Lokhu kwangisiza ngazizwa ngiyingxenye yebandla.”

10. Kungani kubalulekile ukwakha ubungane namaKristu athembekile?

10 Yakha ubungane namaKristu athembekile. Funa abangane ongafunda kubo ebandleni, ngisho noma bebadala kunawe noma isizinda sabo singafani nesakho. IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi ukuhlakanipha kutholakala “kulabo asebebadala.” (Jobe 12:12) Asebekhulile nabo bangafunda lukhulu kubantu abasha abathembekile. UDavide wayemncane kakhulu kunoJonathani, kodwa lokho akubavimbanga ekubeni abangane abakhulu. (1 Sam. 18:1) UDavide noJonathani basizana ukuze bakhonze uJehova naphezu kwezinkinga ezinkulu. (1 Sam. 23:16-18) U-Irina, udade okunguye yedwa onguFakazi kubo uthi, “Ngempela abafowethu nodadewethu bangaba abazali bethu noma izingane zakithi ezingokomoya. UJehova angabasebenzisa ukuze anakekele izidingo zethu.”

11. Yini okumelwe uyenze ukuze wakhe ubungane obuqinile?

11 Kungase kungabi lula ukwenza abangane abasha, ikakhulukazi uma unamahloni. URatna, odade onamahloni owafunda iqiniso naphezu kokuphikiswa uyavuma, “Kwadingeka ngikwamukele ukuthi ngidinga usizo nokusekelwa umndeni wami ongokomoya.” Kungase kungabi lula ukutshela omunye umuntu indlela ozizwa ngayo, kodwa izingxoxo ezinjalo ziyisisekelo sokuba nomngane omkhulu. Abangane bakho bafuna ukukukhuthaza nokukusiza, nokho badinga ukuthi ubatshele ukuthi bangakwenza kanjani lokho.

12. Inkonzo ingakusiza kanjani ube nabangane abayizibonelo?

12 Enye yezindlela ezinhle kakhulu zokwenza abangane ukushumayela namanye amaKristu. UCarol, ocashunwe ekuqaleni uthi: “Ngithole abangane abaningi ngokuchitha isikhathi nodade enkonzweni nakweminye imisebenzi kaJehova. UJehova uye wangisekela iminyaka esebenzisa la bangane.” Ngeke sizisole nakancane uma sakha ubungane namaKristu athembekile. UJehova usebenzisa labo bangane ukuze akusize ulwe nemizwa ecindezelayo, njengomzwangedwa.​—IzAga 17:17.

SIZA ABANYE BAZIZWE BEYINGXENYE YOMNDENI WETHU

13. Yisiphi isibopho wonke amalungu ebandla anaso?

13 Wonke amalungu ebandla anesibopho sokufaka isandla ukuze ibandla libe nothando nokuthula, kungabi nomuntu ozizwa eshiywe dengwane. (Joh. 13:35) Esikwenzayo nesikushoyo kungawenza ngempela umehluko! Omunye udade wathi: “Ngesikhathi ngifunda iqiniso, ibandla laba umndeni wami. Ngangingeke ngibe uFakazi KaJehova ngaphandle kosizo lwalo.” Yini ongayenza ukuze usize labo ababodwa eqinisweni bazizwe beyingxenye yebandla?

14. Yini esingayenza ukuze sakhe ubungane nabasebasha eqinisweni?

14 Thatha isinyathelo sokwakha ubungane. Singaqala ngokubamukela ngemfudumalo abaqalayo ukuza ebandleni. (Roma 15:7) Kodwa, asifuni ukugcina ngokubabingelela nje kuphela. Sifuna ukwakha ubungane obuqinile. Ngakho babonise ukuthi ubakhathalela ngempela. Zama ukuqonda izinkinga ababhekene nazo, uhloniphe nezindaba zabo eziyimfihlo. Abanye bangakuthola kunzima ukuveza indlela abazizwa ngayo, ngakho ungabacindezeli ukuba bakhulume. Kunalokho, ngomusa zama ukubenza bakhulume ngokusebenzisa imibuzo ebonisa ukuqonda futhi uzilalele ngesineke izimpendulo zabo. Ngokwesibonelo, ungababuza ukuthi balithola kanjani iqiniso.

15. AmaKristu avuthiwe angabasiza kanjani abanye ebandleni?

15 Lonke ibandla liyokhula ngokomoya lapho amaKristu avuthiwe, ikakhulukazi abadala, belinaka. UMelissa, owakhuliswa umama wakhe eqinisweni, uthi: “Ngibazisa kakhulu abazalwane abangobaba bami abangokomoya njengoba iminyaka iqhubeka. Noma nini lapho ngidinga ukuxoxa, ukhona ongangilalela.” UMauricio, umzalwane osemusha, owazizwa elahliwe lapho owamfundela iBhayibheli eshiya iqiniso, uthi: “Indlela abadala ababengikhathalela ngayo yaba usizo kakhulu. Babexoxa njalo nami. Babesebenza nami enkonzweni, bangixoxele ngabakuzuze esifundweni sabo somuntu siqu futhi badlale nami imidlalo.” Bobabili uMelissa noMauricio bayizikhonzi zesikhathi esigcwele.

Ukhona yini ebandleni okulo ongambonisa umusa futhi uchithe isikhathi naye? (Bheka izigaba 16-19) *

16-17. Iziphi izindlela ezingokoqobo esingasiza ngazo abanye?

16 Siza ngezindlela ezingokoqobo. (Gal. 6:10) ULeo, okhonza njengesithunywa sevangeli endaweni ekude kakhulu nomndeni wakhe uthi: “Ngokuvamile udinga isenzo somusa esifika ngesikhathi esifanele. Ngiyakhumbula ngelinye ilanga ngaba sengozini yemoto. Ngesikhathi ngifika ekhaya, ngangicindezeleke kakhulu. Kodwa ngamenywa omunye umndeni ukuba ngizodla nawo. Angisakhumbuli ukuthi sadlani, kodwa engikukhumbulayo ukuthi bangilalelisisa lapho ngikhuluma. Ekugcineni, ngazizwa ngingcono kakhulu!”

17 Sonke siyazijabulela izenzakalo amaKristu ahlangana kuzo, njengemihlangano yesigodi neyesifunda, kulezo zenzakalo sichitha isikhathi nabanye, sixoxe ngamaphuzu omhlangano. Nokho, uCarol ocashunwe ekuqaleni uthi, “Ngiba nenkinga ikakhulukazi emihlanganweni yesigodi neyesifunda.” Kungani? Uthi, “Ngisho noma ngizungezwe amakhulu noma izinkulungwane zabafowethu nodadewethu, bonke bavame ukuba nemindeni yabo. Lapho ngibabona, umzwangedwa uba mkhulu nakakhulu.” Kuba nzima kwabanye ukuya okokuqala emihlanganweni emikhulu nemincane ngemva kokushonelwa umuntu abashade naye. Ukhona yini omaziyo obhekene nezinselele ezifana nalezi? Ungakwazi yini ukummema ukuze ajabulele umhlangano kanye nomndeni wakho?

18. Singayisebenzisa kanjani eyisi-2 Korinte 6:11-13 lapho simema abanye?

18 Chitha isikhathi nabo. Memani nabanye abafowethu nodadewethu lapho nizijabulisa, ikakhulukazi labo okungenzeka banesizungu. Sifuna ‘ukuzivula kakhulu izinhliziyo zethu,’ ikakhulu kulabo abanesizungu. (Funda eyesi-2 Korinte 6:11-13.) UMelissa ocashunwe ekuqaleni, uthi, “Kwakuhlale kumnandi ukumenywa abangane ukuba sizobavakashela nemindeni yabo noma ukuthatha nabo uhambo.” Ukhona yini ongammema ebandleni okulo?

19. Kunini lapho ukuchitha isikhathi namanye amaKristu kungasiza kakhulu?

19 Ngezinye izikhathi amanye amaKristu angase adinge ukuba sichithe isikhathi nawo. Kwabanye kungase kube nzima ukuba ndawonye nezihlobo ezingebona oFakazi ngamaholidi. Kungenzeka abanye babe nezinsuku ezibakhumbuza ubuhlungu obukhulu ababhekana nabo, njengosuku abashonelwa ngalo umuntu abamthandayo. Lapho sicela ukuchitha isikhathi nalabo bafowethu nodadewethu, sisuke sibonisa ukuthi sifuna ‘ukubanakekela ngobuqotho.’—Fil. 2:20.

20. Amazwi kaJesu akuMathewu 12:48-50 angasisiza kanjani lapho sinesizungu?

20 Kunezizathu eziningi ezingenza umKristu azizwe enesizungu ngesinye isikhathi. Noma kunjalo, masingakhohlwa ukuthi uJehova uyiqonda ngokugcwele indlela esizizwa ngayo. Usinika esikudingayo, ngokuvamile usebenzisa esikhonza nabo. (Funda uMathewu 12:48-50.) Lapho nathi senza okusemandleni ethu ukuze sisekele umndeni wethu ongokomoya, sisuke sibonisa uJehova ukuthi siyalazisa leli lungiselelo lakhe lothando. Kungakhathaliseki ukuthi sizizwa kanjani ngezinye izikhathi, asisodwa neze ngoba uJehova uhlale enathi!

INGOMA 46 Siyakubonga Jehova

^ par. 5 Kuke kwenzeke yini ube nomzwangedwa? Uma kunjalo, qiniseka ngokuthi uJehova uyayazi inkinga yakho nokuthi uzimisele ukukunika usizo oludingayo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi yini ongayenza ukuze unqobe umzwangedwa. Sizoxoxa nangendlela ongakhuthaza ngayo abafowethu nodadewethu abanesizungu.

^ par. 5 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 60 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane oshonelwe umkakhe uyazuza lapho elalela iBhayibheli elirekhodiwe kanye nezinye izinto zokutadisha.

^ par. 62 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane nendodakazi yakhe bavakashela osekhulile wasebandleni futhi bambonisa umusa.